Ingabe IBhayibheli Liyincwadi Nje?
Uma kunjalo, kungani liye lahlaselwa ngonya kangaka kuwo wonke umlando? Ungalethemba yini iBhayibheli? Ingabe izimangaliso elizibikayo zenzeka ngempela? Ingabe isayensi iye yabonisa ukuthi iBhayibheli linephutha?
Izimpendulo ezanelisayo zalemibuzo zitholakala encwadini ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? Isisebenzi esithile sasemtatsheni wezincwadi futhi esinguthisha eBudapest, eHungary, sahlabeka umxhwele kakhulu ngalencwadi. Encwadini ayibhalela ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eHungary, lomuntu wachaza:
“Enye yezincwadi ezingangena ephaketheni enizisakazayo yavusa isithakazelo sami. Inesihloko esithi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? Kuneqembu engiliholayo esikoleni engifundisa kuso futhi ngilifundisa iBhayibheli. Kodwa angizange ngiyithole ndawo lencwadi encane. Uma kungenzeka, ningangithumelela yini amakhophi angu-30 ukuze intsha eningi ngokwengeziwe iphendukele kuJesu Kristu futhi ifunde indlela eya ekuphileni kweqiniso?”
Uma ungathanda ukuthola ukwaziswa ngendlela ongayithola ngayo ikhophi yalencwadi enoqwembe oluqinile enamakhasi angu-192 noma ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala, siza ubhalele i-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5.