Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Amakhadi Okuthenga Ngesikweletu Ngasijabulela ngokukhethekile isihloko esithi “Imali Eyipulasitiki—Ingabe Ikufanele?” (December 8, 1993) Eminyakeni ethile edlule mina nomkami sazithola sinesikweletu esikhungathekisayo sekhadi lokuthenga ngesikweletu okwathatha isikhathi eside ukuba sisikhokhe, ngisho nangemva kokuba sesiwalahlile amakhadi ethu. Nokho, ukuze izinto zibe lula, sisanda kuthola ikhadi elisha. Izikhumbuzo zenu ezifike ngesikhathi mayelana nemali eyipulasitiki nezingozi zayo ziye zasisiza ukuba singayisebenzisi kabi kulokhu.
M. B. noD. B., United States
Izindaba Zezilwane Ngiyanibonga ngesihloko esasikhuluma ngamabhele asezindaweni ezineqhwa esithi “Izilwane Ezinkulu Ezikhangayo ZaseNyakatho Canada.” (December 8, 1993) Kwakuyisihloko esilotshwe kahle ngempela. Amaphuzu avezwa angenza ngayazisa ngempela indlela uJehova aba nothando ngayo ngokudala izilwane ukuze sizijabulele.
D. C., United States
Isihloko senu esithi “Umgankla Uthela Amabhubesi Ngehlazo” (November 22, 1993) sasihlekisa. Ngangiyibona nje ngeso lengqondo leyankunzi yomgankla ethukuthele futhi enamahloni izama ukungqubuza lomgankla wethusi onganyakazi. Nendlela owabalekisa ngayo umhlambi wamabhubesi—kwakuhlekisa ngempela! Kubonisa ukuthi uJehova uyakuthanda ukuhleka.
A. L., United States
Yangihlaba umxhwele indlela enasicubungula ngayo isihloko esithi “Ukuphenya Izimfihlo Zombokwane.” (October 22, 1993) Lezizilwane zibonisa ubuqiniso bokulandisa kweBhayibheli ngendalo futhi zichithe yonke imizamo yokubonisa inkolelo yokuziphendukela kwemvelo njengeyiqiniso.
C. S. S., Brazil
Ngineminyaka engu-11 ubudala, futhi ngayithanda ngempela ingxenye ethi “Ukukhulekela Igundane” esesihlokweni esithi “Ukubuka Okwezwe.” (November 8, 1993) Lesisihloko sachaza ukuthi kwelinye ithempeli laseNdiya abapristi bakholelwa ukuthi lapho befa, bathola insindiso ngokuphinde bazalwe kabusha njengamagundane! Bathi empeleni akuwona amagundane kodwa izithunywa ezivela kuNkulunkulu. Kuyaxaka!
E. L., United States
Amaholide Ngifuna ukunibonga kakhulu ngochungechunge oluthi “Amaholide—Isizathu Sokuba Ezinye Izingane Zingawagubhi.” (November 22, 1993) Ingxenye ethi “Asilahlekiselwa Injabulo!” yangifikisela izinyembezi. Ngokuvamile ngiye ngizizwe sengathi ngingedwa lapho ngichazela engifunda nabo ngezinkolelo zami, futhi lesisihloko sangisiza ukuba ngiqaphele ukuthi angikaze ngibe ngedwa futhi angisoze ngibe ngedwa.
B. P., United States
Uma ngikhumbula kahle, angikaze ngiwugubhe uKhisimusi. Zazikhona izikhathi lapho ngangizizwa ngifisa ukufana nezinye izingane. Futhi ngaphambi nje kokuba lesisihloko siphume, ngamenyelwa emcimbini kaKhisimusi. Ngasenqaba lesosimemo futhi ngazama ukuchaza isizathu ngokwalokho engase ngikwazi. Kodwa ngokubona ukuthi uKhisimusi, osuye waba umkhosi waminyaka yonke ngisho naseJapane, uwumkhosi wamaqaba ohlangene nobudemoni, ngizizwa ngineqholo lokuthi ngenza into elungile.
K. I., Japan
Ukuphila Okumbaxa-mbili Ngiyanibonga ngokunyathelisa isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ukuphila Ukuphila Okumbaxa-mbili—Kungani Kungafanele?” (December 22, 1993) Ngineminyaka engu-15 ubudala futhi ngakhuliswa njengomKristu. Kodwa bengingaqhubeki kahle, futhi bengihlala nginomuzwa wokuthi ngiyahlehla kancane kancane. Esinye sezizathu siwukuthi abazali bami banesandla esiqine kakhulu, futhi ngivame ukuzizwa ngifuna ukwenza okuthile abakwenqabele, ngisho noma ngazi ukuthi akulungile. Njengoba ngangifunda lesisihloko, ngaqaphela ukuthi uJehova uNkulunkulu ungithumelela usizo. Ngangazi ukuthi kwakungemina ngedwa engangenza izinto ababengazazi abazali bami. Kodwa njengoba ngangiqhubeka ngifunda, ngamangaliswa ukuthola ukuthi abanye babezizwa ngendlela efana ncamashi neyami. Ngiyazi ukuthi ngeke kube lula, kodwa nginethemba lokuyiguqula indlela yami yokuphila ngosizo lukaJehova.
K. J., United States