Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g94 5/22 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1994
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Ukwakha Amaphupho Akulungile?
    I-Phaphama!—1993
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1994
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1994
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1994
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1994
g94 5/22 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Umlingo Njengoba sengifunde isihloko esithi “Umbono WeBhayibheli . . . Ingabe Ikhona Ingozi Ekwenzeni Umlingo?” (September 8, 1993), sengiyabona ngempela ukuthi kungani imilingo eminingi ingalungile. Lokho umuntu angakubiza ngokuthi ukubuza emimoyeni ukuze ibikezele ngekusasa sekuye kwaba into ethandwayo esikoleni sethu. Abanye bathi kimi, ‘Ubungehlanganyele nathi?,’ futhi nakuba ngiye ngenqaba, ngiye ngazibuza ukuthi kungani kungalungile. Ngazama ukuthola impendulo kodwa angiyitholanga eyanelisayo. Lapho nje ngiyeka ukufuna, kwafika isihloko senu. Sanginika impendulo eyanelisayo. Ngiyanibonga ngokusinyathelisa.

M. K., Japan

Opopayi Ngasithanda isihloko senu esithi “Ingabe Opopayi Be-TV Abanobudlova Bayalimaza?” (December 8, 1993) Ngasijabulela ngempela ngoba izingane ezincane eziningi zithonywa izinhlelo ezinjalo ezinobudlova. Nginemnyaka engu-13 ubudala.

D. L., United States

Ukuletha Ubunye Ezweni Uchungechunge oluthi “Yini Eyoletha Ubunye Ezweni?” (December 22, 1993) lwangithinta kakhulu. Ngangizizwa ngidabukile enhliziyweni ngezindaba eziqhubeka eBosnia naseHerzegovina kanye naseSomalia—indlela abantu abaphoqeleleka ngayo ukuba baphile ngaphansi kwezimo zempi, indlala, nokufa. Nokho, loluchungechunge lwabonisa ikhambi langempela nendlela elisebenza ngayo phakathi kosizi lwalelizwe. Njengoba ngangiyisihambeli emhlanganweni wezizwe woFakazi BakaJehova ePoland ngo-1989, ngiyabona ukuthi ubuzalwane bothando, obunobunye obujatshulelwa oFakazi BakaJehova bunjengesimangaliso sanamuhla.

H. K., Japan

Ukucwiywa Kwabesifazane Ngifisa ukuzwakalisa ukubonga okuqotho kinina ngokunyathelisa isihloko esiphathelene nokusokwa kwabesifazane (“Izigidi Ziyahlupheka—Ingabe Zingasizwa?”) esikumagazini wenu ka-April 8, 1993. Kusukela ngafunda lesisihloko, ngiye ngazizwela kakhulu izisulu ezingenakuzisiza zalomkhuba. Uthuthukiswa abazali abanemibono ephambene ngesimo sobulili sabesifazane. Kodwa akulona uthando ukwenza abantwana babhekane nalomkhuba ongenangqondo ovame ukuba nemiphumela engathi sína ngokomzimba nangokwengqondo.

J. O. K., Nigeria

Ukubuka Okwezwe Bengifuna ukunibhalela nje nginitshele ngomsebenzi omuhle eniwenzayo. Ingxenye ethi “Ukubuka Okwezwe” ingisize kakhulu lapho ngifuna ukubhala imibiko emifushane yesikole.

J. W., United States

Ngineminyaka engu-14 ubudala, futhi ngiyifunda njalo i-Phaphama! Ngizijabulela ngempela zonke izihloko. Nokho, enye ingxenye ekhethekile engifuna ukunibongela yona ethi “Ukubuka Okwezwe.” Ngifunda izinto eziningi ezihlukahlukene kuyo. Ihlala ihambisana nesikhathi, futhi ngokuvamile ngithola kuyo izinto esisuke sixoxa ngazo esikoleni ngalesosikhathi. Ngiqaphela futhi iphuzu lokuthi anilokothi nifake imibono yenu kulezindaba. Lokhu kwenza kube lula kakhudlwana ukuhlanganyela lokhu kwaziswa nabanye abantu ngaphandle kwempikiswano.

T. M., United States

Ukwakha Amaphupho Ngibhalela ukuba nginibonge kakhulu ngezihloko ezigcwele ukwaziswa ezithi “Intsha Iyabuza . . .” ezikhuluma ngokwakha amaphupho. (“Ingabe Ukwakha Amaphupho Akulungile?,” July 8, 1993, nesithi “Ngingakuqeda Kanjani Ukwakha Amaphupho Kangaka?,” July 22, 1993) Ngemva kokufunda isihloko sesibili, ngabona ukuthi bengikade ngakha amaphupho kakhulu iminyaka eminingi. Ngisakhula ngangiphathwa ngokuhlukunyezwa, futhi indlela yami yokukubalekela (ukwakha amaphupho) kancane kancane yangigqilaza ngokwengqondo lapho sengimdala. Ukwakha amaphupho kwakhubaza indlela engisebenza ngayo nengishayela ngayo. Kuye kwalimaza ngisho nomshado wami. Ngosizo lwezihloko zenu, ngiye ngaqala ukuvuselela amandla ami okugxilisa ingqondo nawokucabanga ngokuzithiba okukhulu, umzamo, nomkhuleko.

L. G., United States

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela