“Zaqeda Ukungabaza Kwami”
YILOKHO othile owevé eshumini nambili waseMexico akusho ngokuphathelene nezihloko azifunda ku-Phaphama! Wabhala: “Ngineminyaka engu-17 ubudala, futhi ngisengxenyeni yesibili yonyaka esikoleni esiphakeme sokufundela i-accountancy. Ngibathanda kakhulu omagazini benu. Sekuyiminyaka emithathu ngibafunda futhi ngiyababeka ngisho nokubabeka.
“Njengoba ngingeyena omunye woFakazi BakaJehova futhi umkhaya wakithi wonke ungamaKatolika, angilokothi ngiye emihlanganweni. Angibatholi njalo labomagazini, ngoba oFakazi abafiki njalo kithi noma lapho kwenzeka befika, ngisuke ngingekho ekhaya, futhi umkhaya wakithi awubathathi. Kungakho ngibhala ukuze nginicele ukuba ningithumelele labomagazini ngesiNgisi nangeSipanishi.
“Izihloko zenu ziye zangisiza esikoleni, kuhlanganise nalezo ezikhuluma ngokuchitheka kukawoyela (September 22, 1989, i-Phaphama! yesiNgisi), ngabantu abahlala kwamanye amaplanethi (April 8, 1990), nangezibankwakazi (February 8, 1990), nabanye abaningi. Banginikeza ukwaziswa engangikudinga, futhi baqeda ukungabaza kwami.
“Ngikujabulela kakhulu ukufunda ingxenye ye-Phaphama! ethi ‘Intsha Iyabuza . . . ,’ ngoba iyangisiza ekuphileni kwami kwansuku zonke nasekusebenzelaneni nabanye abantu abasha.”
Uma ungathanda ukuba ikhophi ye-Phaphama! ithunyelwe kini, siza ubhalele i-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, noma ekhelini elifanele kwasohlwini olusekhasini 5.