Yakunciphisa Ngokuphawulekayo Ukuziphatha Okubi Ngokobulili
Umeluleki othile waseyunivesithi yase-Oklahoma, e-U.S.A., wabika ukuthi incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo iye yenza lokhu okungenhla. Lomeluleki waseLangston University wabhala:
“Ngingeluleka noma ubani osebenzelana nabantu abasha abaneminyaka ephakathi kuka-13 no-18 ukuba asebenzise lencwadi. Ichaza ubulili ngendlela okufanele abafundi bethu babazi ngayo ukuze bakwazi ukubhekana nezinkinga zomphakathi wanamuhla oyinkimbinkimbi. Kokuhlangenwe nakho kwami siqu, ngathola ukuthi ibasiza ukuba babe nolwazi ngalokho okwenzekayo uma beziphatha kabi. Ibajwayelanisa nezifo ezinhlobonhlobo ezithathelwana ngobulili njengengculaza, isifo sokubhajwa, isifo sesikhumba sezitho zobulili, nesipatsholo.
“Uma unquma ukuhlanganyela ubuhlobo bobulili, ibonisa indlela okufanele ukhethe ngayo umngane oyedwa wokuphila kwakho konke, futhi isekela ubungcwele bomshado. Ngiye ngakujabulela ngempela ukusebenzisa lencwadi. Inomphumela othile ekuphileni kwalabo abayisebenzisayo. Ngaphawula ukuthi inani lezintokazi ezisohlelweni lwethu lokweluleka ezazikhulelwa lancipha ngokuphawulekayo ngemva kokuba iqale ukusetshenziswa.”
Uma ungathanda ukuthola ikhophi yencwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo noma ungathanda ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala, siza ubhalele i-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, noma ekhelini elifanele elisekhasini 5.