‘Kuyaduduza Ukwazi Ukuthi Othile Uyakhathalela’
Abanye abantu babonakala bephile kahle, kodwa bazizwa becindezelekile. Yini engabasiza? Ukukhathalela nokuqonda kubalulekile. Ngonyaka odlule umuntu onjalo wabhalela i-Watch Tower Society eBrooklyn, eNew York:
“Ngisanda kufunda nje ipheshana elithi Induduzo Ngabacindezelekile. Ngezikhathi ezithile ngibhekana nokucindezeleka okubangelwa ukushintshashintsha kwamakhemikhali emzimbeni. Lelipheshana liduduza kakhulu.
“Kuyaduduza ukwazi ukuthi kukhona ithemba ngokuphathelene nokucindezeleka nokuthi zikhona izindlela zokubhekana nakho. Futhi kuyaduduza ukwazi ukuthi othile uyabakhathalela futhi uyabaqonda abantu abafana nami ababhekana nokucindezeleka.”
Lelipheshana lisho okuningi endaweni encane. Uma ungathanda ukuthola ikhophi yalo noma ungathanda ukuthola ukwaziswa okwengeziwe, siza ubhalele i-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, noma ekhelini elifanele elisohlwini ekhasini 5.
[Isithombe ekhasini 32]
Induduzo Ngabacindezelekile