‘Angikaze ngihlangane nomunye WoFakazi BakaJehova Engingazange Ngimthande’
INGABE wake wahlangana nomunye woFakazi BakaJehova ubuso nobuso? Ingabe wake waba nalo ithuba lokuthola ukuthi yini abayikholelwayo ngempela? Kungenzeka wake wahlangana kafushane noFakazi emgwaqweni noma ekhaya lakho. Kodwa ngokuvamile lokho akuninikezi isikhathi sokuba nengxoxo yangempela.
UGeorge Plagenz, umhleli wephephandaba lezenkolo wa-se-U.S., wabhala ngokuhlangenwe nakho kwakhe noFakazi: “Uma ngiwabeka ngenye indlela amazwi kaWill Rogers [umenzi wamahlaya waseMelika], owathi wayengakaze ahlangane nendoda angazange ayithande, angikaze ngihlangane noFakazi kaJehova engingazange ngimthande.”
Khona-ke uPlagenz wacaphuna umlobi wase-Ireland u-Alan Bestic: “Amalungu alenhlangano ehlanjalazwa kakhulu angabantu abanobungane, abeneme nabajabule. Emhlanganweni wabo wezizwe zonke eLondon [eNgilandi], ngaphathwa ngomusa obabazekayo, ubumnene nobungane beqiniso yibo bonke oFakazi engahlangana nabo.”
UPlagenz uthi izindlela ezazingezinhle zangaphambili zokushumayela endlini ngendlu zoFakazi abathile zazidala inzondo enkulu. “Kodwa okuningi kwalokho sekushintshile.” Ube esecaphuna umkhulumeli woFakazi: “Abaningi abangoFakazi namuhla bake bagaklazela isivakashi esinguFakazi isicabha.” Kungani kunokusabela okuhle ngokwengeziwe kulezinsuku? “Abantu baqala ukuqaphela . . . ukuthi alikho ikhambi lomuntu ezinkingeni ezinkulu izwe elibhekene nazo.”
OFakazi BakaJehova bakholelwa ukuthi okuwukuphela kwekhambi eliphelele lezinkinga zesintu liboniswe emthandazweni kaJesu: “Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho; mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini.” (Mathewu 6:9, 10) Ukubusa koMbuso kaNkulunkulu, okuqashelwa umkhaya wesintu olalelayo nozithobayo, kuwukuphela kwekhambi lobudlova nenzondo okukhathaza izwe njengamanje. Uma ungathanda ukwazi okwengeziwe ngeBhayibheli nezimfundiso zalo, siza uthintane noFakazi BakaJehova eHholo LoMbuso eliseduze, noma ubhalele ekhelini eliseduze eliboniswe ekhasini 5.