Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g93 7/22 k. 3
  • Ubhadane Lwezingane Ezicindezelekile

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ubhadane Lwezingane Ezicindezelekile
  • I-Phaphama!—1993
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Abazali Bami Bayehlukana—Kumelwe Ngenzeni?
    I-Phaphama!—1990
  • Izimbangela Nemiphumela Yokucindezeleka
    I-Phaphama!—2005
  • Ukucindezeleka Okuzuzisayo Nokucindezeleka Okuyingozi
    I-Phaphama!—1998
  • Indlela Yokulawula Ukucindezeleka
    I-Phaphama!—2010
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1993
g93 7/22 k. 3

Ubhadane Lwezingane Ezicindezelekile

“RANDY!” kumemeza uRita, ethuswe akubone ebuqamama njengoba ayesondela ekhaya lakhe. Kwakunendodana yakhe uRandy, ilenga igamanxile efasiteleni lekamelo lokulala elisesitezi esiphezulu, amamitha ayisishiyagalombili ngaphezu kwegceke elikhonkiwe. Esendlini, uLarry wezwa ukukhala okubuhlungu komkakhe futhi wagxuma eyobona ukuthi kwenzenjani. Egijima ekhuphuka izitebhisi, wagulukudela ekamelweni lokulala wabe esebamba uRandy, wamdonsela ngaphakathi ngendlela ephephile. Abazali bakaRandy babedinga izimpendulo ezisheshayo. “Ukwenzeleni lokhu? Kungani?” bebuza ngokungakholelwa. “Ucishe walimala; ucishe wafa!” “Bengifuna ukufa,” kuphendula uRandy ngokungakhathali. URandy wayeneminyaka eyisihlanu nje kuphela.

EKUBUKEKENI kwangaphandle, uRandy wayewumfana ongenalutho, ophile saka. Akekho owayesola ukuthi ngaphakathi kuyena wayefuna ukufa. Nokho, usizo lochwepheshe bezokweluleka olwalandela lwembula ukuthi uRandy wayeyingane engaphansi kokucindezeleka okukhulu.

NjengoRandy izingane eziningi kakhulu namuhla ziyizisulu zeziyaluyalu ezinkulu. Lapho zingakwazi ukuthola izindlela eziphumelelayo zokubhekana nokucindezeleka kwazo, ezinye zizama ukucindezela ukukhathazeka kwazo kube nhlanga zimuka nomoya. Kodwa ukucindezeleka okuvalelwe ngaphakathi ngokuhamba kwesikhathi kuyaziveza. Ngabathile, ukukhathazeka okungakhulunywa ngakho kuyophumela ekuguleni okungokomzimba noma ekubeni yihlongandlebe. Ngabanye, ukucindezeleka kuyagcinwa ngaphakathi ngokwenza izenzo zokuzilimaza, imikhuba ephazamisekile yokudla, ukusetshenziswa kabi kwezidakamizwa, ngisho nangokuzibulala. I-Child in Crisis iyaphawula: “Eziningi zalezinkinga—ikakhulukazi ukuzibulala—zake zabhekwa njengeziyizinkinga zabantu abadala nentsha esikhulile. Manje zibonakala sengathi zigxila ezinganeni ezincane kakhulu.”

‘Kungenzeka kanjani lokhu?’ kubuza abantu abadala abashaqekile. ‘Kanti isikhathi sobuntwana asisiso yini isikhathi samathoyizi nokudlala, isikhathi sokuhleka nokujabula?’ Ngezingane eziningi impendulo ingucha. “Ukuthi ubuntwana buyisikhathi senjabulo engaxutshwe nalutho kuyinsumansumane eqanjwe abantu abadala,” kusho uDkt. Julius Segal. Leliqiniso elibuhlungu liqinisekiswa udokotela wezingane uJoseph Lupo: “Bengilokhu ngingudokotela iminyaka engamashumi amabili nanhlanu. Namuhla ngibona izingane eziningi ngokuphindwe kane ezicindezelekile kanye neziguli eziyintsha esanda kweva eshumini nambili.”

Yini ebangela ukucindezeleka ezinganeni ngezinga elingakaze libonwe? Yiziphi izimpawu ezixwayisayo? Izingane ezingaphansi kokucindezeleka zingasizwa kanjani? Lemibuzo kuzoxoxwa ngayo ezihlokweni ezilandelayo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela