Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g93 7/8 k. 32
  • Inkokhelo Yentukuthelo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Inkokhelo Yentukuthelo
  • I-Phaphama!—1993
I-Phaphama!—1993
g93 7/8 k. 32

Inkokhelo Yentukuthelo

LAPHO uthukuthela, inhliziyo yakho iyacindezeleka. Ukuhlola kwamuva okwenziwa eYunivesithi yaseStanford e-United States kwathola ukuthi lapho labo abaphethwe isifo senhliziyo becelwa ukuba bakhumbule izehlakalo ezazisababangela ukuthukuthela, amandla okumpompa igazi ezinhliziyo zabo ehla ngamaphesenti ayisihlanu. Nakuba ukwehla kwalamandla kwakungekhona okuhlala njalo, kodwa odokotela bakubheka njengokubalulekile uma kucatshangelwa ubufakazi obukhulayo bokuthi abantu abathukuthelayo basethubeni elikhulu lokuba nesifo senhliziyo kunabantu abanokuthula.

“Ukwehla ngamaphesenti ayisihlanu okutholakala emandleni enhliziyo eziguli phakathi nentukuthelo kubalulekile, nakuba ehla kancane,” kusho uDkt. Gail Ironson, owayehola kulokucwaninga. “Lapho zilandisa lezehlakalo iziguli zathi cishe izinga lentukuthelo beliyingxenye yalokho elaliyikho ngesikhathi kwenzeka lesehlakalo. Kucatshangelwa ukuthi amandla okumpompa igazi angehla ngisho nakakhulu phakathi naso isenzo sokuthukuthela.”

Lokuhlola kungokokuqala okubonisa ukuthi intukuthelo ingabangela ushintsho oluqondile emandleni okusebenza kwenhliziyo. Futhi nakuba intukuthelo ingeyona kuphela imbangela yesifo senhliziyo—ukudla, ukuzilolonga, nofuzo kunendima okuyenzayo—abacwaningi bakholelwa ukuthi intukuthelo ingase ibe imbangela enkulu.

Sekuyisikhathi eside odokotela bazi ukuthi intukuthelo iyawulimaza umzimba womuntu. Ingabangela ukuphakama komfutho wegazi, izinguquko emithanjeni, inkinga yokuphefumula, izinkinga zesibindi, izinguquko ekukhiqizweni nasekukhishweni kwenyongo, futhi ingalimaza amanyaka. Intukuthelo futhi icatshangelwa ukuthi ikhulisa izinkinga ezinjengesifo sesifuba somoya, ukuphathwa amehlo, izifo zesikhumba, isifo sokuqubuka komzimba, nesifo sezilonda, kanye nezinkinga zamazinyo nezokugayeka kokudla esiswini.

Khona-ke, ngaphandle kwezinzuzo ezingokomoya nezokuba nabangane, kunezinzuzo ezingokomzimba ezitholakala ekulaleleni iseluleko seBhayibheli esithi “pheza ukuthukuthela, yeka ulaka” nesithi “ungasheshi ukuthukuthela emoyeni wakho.” Yeka ukuthi kunengqondo kangakanani ukuhlakulela ‘ukuqonda’ okwenza umuntu ‘ephuze ukuthukuthela.’ Ngempela, “inhliziyo ezolileyo ingukuphila kwenyama.”—IHubo 37:8; UmShumayeli 7:9; IzAga 14:29, 30.

Uma ungathanda ukuthola ukwaziswa okwengeziwe noma isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala ngomunye woFakazi BakaJehova, siza ubhalele i-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, noma ekhelini elifanele ekhasini 5.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela