Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g93 6/22 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1993
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1993
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1992
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1994
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1994
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1993
g93 6/22 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ushevu Womthofu Ngisanda kuqeda nje ukufunda izihloko ezithi “Ushevu Womthofu—Ingabe Wena Nabantwana Bakho Nisengozini?” (November 22, 1992) futhi ngithanda ukunibonga ngezihloko zenu ezilinganiselayo, futhi ezifike ngesikhathi. Ngithemba ukuthi ngelinye ilanga niyobhala isihloko esifanayo esiphathelene nendlela i-aluminium ehlangene ngayo nesifo se-Alzheimer.

D. C., Canada

Lendaba kakade kwase kukhulunyiwe ngayo ngamafuphi esihlokweni esithi “Ukungcola—Ubani Okubangelayo?” kumagazini wethu ka-May 8, 1990.—ED.

Uthunjana Ngineminyaka engu-13 futhi nginguthunjana ezinganeni eziyisihlanu. Isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kungani Kufanele Ngibe Uthunjana?” (October 8, 1992) ngasijabulela kakhulu. Ngizizwa ngokufana ncamashí nabanye balaba abasebasha enabacaphuna, futhi ngiyethemba ukuthi lesihloko siyozuzisa wonke umkhaya wakithi. Ngiyabonga ngokusisiza thina bantu abasha.

C. M., United States

Ngingumntwana ophakathi, kodwa okuningi kwalokho okwashiwo yilesihloko kuyasebenza endleleni engizizwa ngayo. Nami futhi ngizizwa sengathi ngijeziselwa amaphutha enziwe ngumfowethu. Umthetho wewashi engiwubekelwe cishe yihora lesishiyagalolunye ngenxa yakhe. Mina nodadewethu sihlanganyela ikamelo, futhi anginaso isikhathi sokuba ngedwa. Nakuba kunjalo, ngiyajabula ngokuthi ngiyingane ephakathi, njengoba nginomfowethu omdala engingafunda kuye nodadewethu omncane engingamfundisa. Empeleni angizizwa ngingedwa. Ngakho ngiyabonga ngokuthi nibhale isihloko esinjena; nakuba ngingeyena uthunjana, kodwa ngizuzile kusona.

N. R., United States

Izandla Njengoba ngangifunda isihloko esithi “Izandla Zethu Ezimangalisayo” (August 8, 1992), ngangehluleka ukungazibuki izandla zami. Ngangingakaze ngicabange ukuthi lamathuluzi uJehova asinikeze wona amangalisa kangaka. Kwenzeka kanjani ukuba abanye bakholelwe ukuthi abantu bawumphumela wokuziphendukela kwemvelo? Ngikholelwa ukuthi abaningi bayowushintsha umqondo wabo lapho befunda lesihloko.

E. M., Brazil

Iphaphu Lensimbi Ngibhala lencwadi amehlo ami egcwele izinyembezi ngemva kokufunda indaba kaLaurel Nisbet, esihlokweni esithi “Ngisho Nephaphu Lensimbi Lalingenakukuvimbela Ukushumayela Kwakhe.” (January 22, 1993) Ukholo lwakhe luyisibonelo sethu sonke. Kwakuvusa amadlingozi ukufunda indlela akwazi ngayo ukusebenzisa isimo sakhe ukuze asize abanye abaningi ukuba bafinyelele ekwazini uJehova. Futhi wayezimisele ukungawephuli umthetho kaNkulunkulu wobungcwele begazi futhi wasebenzisa wonke amandla akhe ukuze achaze ukuma kwakhe kudokotela wakhe, ngisho nalapho eseduze nokufa. Nginibonga ngenhliziyo yami yonke ngokuthi ninyathelise okuhlangenwe nakho kwakhe.

Y. C., Italy

Abazali Abagxekayo Izihloko zochungechunge oluthi “Intsha Iyabuza . . .” ezithi “Kungani Konke Engikwenzayo Kungabi Kuhle Ngokwanele?” (November 22, 1992) nesithi “Ngingabhekana Kanjani Nokugxeka Kwabazali Bami?” (December 8, 1992) zafika ngesikhathi. Ngangizizwa ngicindezelekile ngoba ubaba njalo wayehlala ekhononda ngento ethile. Manje ngifuna ukwenza umzamo wokwamukela iseluleko ngomoya ophansi futhi ngingasenqabi ngokuthukuthela.

M. Z., Italy

Lezihloko zasebenza ngokuqondile kimina. Bengilokhu ngikholelwa ukuthi abazali bami bangigxeka ngoba ngingakwazi ukwenza lutho ngendlela efanele. Izihloko zenu zangisiza ngabona ukuthi isiyalo sabo siwumphumela wothando lwabo futhi bafuna ukuba ngiphumelele. Selokhu ngafunda lezihloko zenu, abazali baye baba nokuncane kakhulu abangakukhonondela.

S. P., United States

Umama wami akayena umKristu, futhi akukho lutho engake ngalwenza olwake lwamenelisa. Kodwa lesihloko sangisiza ukuba ngimqonde kangcono. Uye waba yini umphumela womzamo wami? Manje useyalalela futhi useqalile ukukukholelwa lokho engimtshela khona okuvela eZwini likaNkulunkulu!

M. T., Philippines

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela