Abahlahli Bendlela Yokunyathelisa Izincwadi
UMQULU wencwadi wawusetshenziswa ama-Israyeli kwaze kwaba yinkathi yebandla lobuKristu. Isinagoge ngalinye laligciné futhi lisebenzisa imiqulu yemiBhalo Engcwele, futhi yayifundelwa iningi njalo ngeSabatha. UJesu ngokwakhe wafunda kulolohlobo lomqulu, cishe ofana noMqulu ka-Isaya wasoLwandle Olubomvu.
Kubonakala sengathi ngokuyinhloko amaKristu ayesebenzisa uhlobo lwencwadi egoqwayo, noma umqulu, okungenani kwaze kwaba cishe sekupheleni kwekhulu lokuqala C.E. Umphostoli uJohane wabhala isAmbulo cishe ngo-96 C.E., futhi esahlukweni 22, amavesi 18 no-19 lencwadi izibiza ngokuthi iwumqulu. Kodwa uhlobo lwencwadi ewumqulu lwalungaphatheki kalula. Ngemva kokuba i-codex isuke ekubeni incwajana yaba incwadi, kwaba sobala ukuba ngcono kwe-codex kunomqulu wakudala. Ngokwesibonelo, kwakungase kudingeke umqulu omude ngamamitha angu-31,7 ukuba kubhalwe womane amaVangeli, kuyilapho i-codex eyodwa ehlangene yayingawafaka wonke. Ngaphezu kwalokho, i-codex yayonga imali kakhulu, njengoba kwakungenzeka ukuba kubhalwe kuzo zombili izinhlangothi zekhasi. Ngaphezu kwalokho, izembozo zazikuvikela kahle kakhulu okuphakathi, futhi izikhombo ezihlukahlukene zazitholakala masinyane ngaphandle kokuphenya ngezandla imiqulu okuwumsebenzi okhathazayo.
Kwakungeke kube lula, eqinisweni, cishe kwakungeke kwenzeke ukuthola izikhombo zezinkulumo ezithile masinyane emqulwini omkhulu. Izimpawu ziwukuthi amaKristu ashesha ukusebenzisa i-codex, noma incwadi enamakhasi, ngoba ayenesithakazelo ekushumayeleni izindaba ezinhle futhi ayehlola akhombe izikhombo eziningi emiBhalweni esifundweni sawo seBhayibheli nasekushumayeleni kwawo.
Ngokuphathelene neqiniso lokuthi amaKristu ayehola ekusebenziseni lencwadi enamakhasi, uma engayisungulanga, encwadini yakhe ethi Christianity Goes to Press (1940, amakhasi 75-6) uProfesa E. J. Goodspeed uthi: “Esontweni lakuqala kwakunamadoda ayeyiqaphela ngentshiseko ingxenye lencwadi eyayinayo ezweni lamaGreki namaRoma, athi ngokushisekela kwawo ukusakaza isigijimi sobuKristu kulelozwe, aqhwaga zonke izincwadi, hhayi nje lezo zakudala ezigugile, kodwa nezintsha shá kanye nezithuthukiswe kakhulu, azisebenzisa ngokugcwele emfundisweni yabo eyize yobuKristu. Ngokwenza lokhu aqalisa ukusetshenziswa ngezinga elikhulu kwencwadi enamakhasi, manje esisetshenziswa endaweni yonke. Ivangeli lawo lalingeyona imfihlakalo eyaziwa abantu abayidlanzana, futhi akwenza kwaba yindaba yawo ukusebenzisa isisho esidala sabaprofethi, esithi ‘Shumayela izindaba ezinhle.’ Yiqiniso, ukubhalwa kwevangeli ngalinye kwakuwumzukuzuku, kodwa ukuqoqwa kwawo, kanye nezincwadi zawo kube yiqoqo, kwakuyisenzo esihluke ngokuphelele, futhi kungesinye esicishe sibaluleke njengokubhalwa kwamanye awo.”
Ngokuphathelene nokunyathelisa izincwadi kwamaKristu akuqala, uProfesa Goodspeed uqhubeka athi (ikhasi 78): “Ayengeve nje ehambisana nezikhathi zawo ezindabeni ezinjalo, ayengaphambi kwazo, futhi abanyathelisi bamakhulu eminyaka eyalandela baye bawalandela.” Uqhubeka athi (ikhasi 99): “Kwakuwukunyatheliswa kweBhayibheli okwashukumisa ukuthuthukiswa kwencwadi enamakhasi ngenjongo yokufunda ngekhulu lesibili, futhi kwakuwukukhishwa kweBhayibheli okwashukumisa ukusungulwa kokunyathelisa.”
Uma, ngemva kokufunda lomagazini, unanoma imiphi imibuzo yeBhayibheli, siza uzizwe ukhululekile ukuthintana noFakazi BakaJehova eHholo LoMbuso elisendaweni yakini, noma ubhalele abashicileli balomagazini. (Bheka ikhasi 5.)