Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g93 3/22 k. 3-k. 4 isig. 5
  • Kungani Kunezixwayiso Zamanga Eziningi Kangaka?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Kunezixwayiso Zamanga Eziningi Kangaka?
  • I-Phaphama!—1993
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isilwane Esiyimpicabadala—Siyazondwa Futhi Siyathandwa
    I-Phaphama!—1994
  • Izibikezelo Zokuphela Kwezwe
    I-Phaphama!—1995
  • Ukufuna Izibikezelo Ezithembekile
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1993
g93 3/22 k. 3-k. 4 isig. 5

Kungani Kunezixwayiso Zamanga Eziningi Kangaka?

Ukuphela Kwezwe—Kuseduze Kangakanani?

KUNENDABA exoxwayo yomfana othile owayelusa izimvu zabantu ababakhele umuzi othile. Ukuze asuse isidumo, ngolunye usuku wamemeza, “Impisi! Impisi!” lapho kwakungenampisi. Abantu bomuzi baphuthuma ngezagila ukuze baxoshe lempisi, kodwa bathola ukuthi ayikho. Kwakumnandi kakhulu kangangoba kamuva lomfana waphinda wamemeza. Baphuma futhi abantu bomuzi bephuthuma ngezagila zabo, kodwa bathola ukuthi kwakungesinye isixwayiso samanga. Ngemva kwalokho yafika impisi, futhi umfana wamemeza exwayisa, “Impisi! Impisi!” kodwa abantu bomuzi basishaya indiva isimemezelo sakhe njengesinye isixwayiso samanga. Base bekhohliswe kakhulu.

Kuye kwaba njalo ngalabo abamemezela ukuphela kwezwe. Kuwo wonke amakhulu eminyaka kusukela osukwini lukaJesu, kuye kwenziwa izibikezelo eziningi ezingagcwalisekanga kangangokuba abaningi abasazithathi ngokungathi sína.

UGregory I, owayengupapa kusukela ngo-590 kuya ku-604 C.E., wathi encwadini eyayiya kumbusi othile waseYurophu: “Sifisa futhi ukuba oMkhulu azi, njengoba siye safunda emazwini kaNkulunkulu uMninimandla onke emiBhalweni Engcwele, ukuthi ukuphela kwalelizwe lamanje sekuseduze kakade nokuthi uMbuso ongapheli woSanta uyasondela.”

Ekhulwini le-16, uMartin Luther, umsunguli weSonto LamaLuthela, wabikezela ukuthi ukuphela kwase kusondele kakhulu. Ngokomunye umthombo, wathi: “Ngokwami ukubona, ngiyaqiniseka ukuthi usuku lokwahlulela luseduze kakhulu.”

Ngokuphathelene nelinye lamaqembu okuqala lama-Baptist, kuyabikwa: “Ama-Anabaptist asekuqaleni kweKhulu Leshumi Nesithupha ayekholelwa ukuthi iMinyaka Eyinkulungwane yayizoqala ngo-1533.”

“U-Edwin Sandys (1519-1588), uMbhishobhi Omkhulu wase-York noyiSikhulu sabaBhishobhi baseNgilandi . . . uthi, . . . ‘Masiqiniseke ukuthi lokhu kuza kweNkosi kuseduze.’”

UWilliam Miller, ngokuvamile odunyiswa ngokusungula iSonto Lama-Adventist, ucashunwa ethi: “Ngiqiniseka ngokugcwele ukuthi esikhathini esithile phakathi kuka-March 21, 1843, no-March 21, 1844, ngokwendlela yamaJuda yokubalwa kwezikhathi, uKristu uzofika.”

Ingabe ukungagcwaliseki kwezibikezelo ezinjalo kulahla labo abazenza njengabangabaprofethi bamanga, ngokwencazelo kaDuteronomi 18:20-22? Lowombhalo ufundeka kanje: “Umprofethi oyakukhuluma izwi ngokuziqhenya egameni lami engingamyalanga ukulikhuluma, noma ekhuluma egameni labanye onkulunkulu, lowomprofethi uyakufa. Uma uthi enhliziyweni yakho: Singalazi kanjani izwi uJehova angalikhulumanga na? yazi-ke ukuthi lokhu umprofethi akukhulumayo egameni likaJehova, bese-yingenzeki leyonto, ingaveli yiyo leyonto, akusiye uJehova oyikhulumile.”

Kunabanye abenza izibikezelo eziwumbukwane zokuphela kwezwe ukuze bathole ukunakwa nabalandeli, kodwa abanye baqiniseka ngobuqotho ukuthi izibikezelo zabo ziyiqiniso. Baveza amathemba asekelwe encazelweni yabo siqu yombhalo othile noma isenzakalo esingokoqobo. Abasho ukuthi izibikezelo zabo ziyizambulo eziqondile ezivela kuJehova nokuthi ngalomqondo baprofetha egameni likaJehova. Ngakho, ezimweni ezinjalo, lapho amazwi abo engagcwaliseki, akufanele babhekwe njengabaprofethi bamanga njengalabo okuxwayiswa ngabo kuDuteronomi 18:20-22. Ngokushiyeka kwabo kobuntu, baye bachaza izinto ngokungaqondile.a

Bengakhinyabeziwe ukwehluleka kwangaphambili, abanye baye babonakala beshukunyiswa ukusondela konyaka ka-2000 futhi baye benza izibikezelo ezengeziwe zokuphela kwezwe. I-Wall Street Journal ka-December 5, 1989, yakhipha isihloko esasithi “Usinga Lweminyaka Eyinkulungwane: Abaprofethi Bayanda, Ukuphela Kuseduze.” Njengoba kusondela unyaka ka-2000, abashumayeli bamavangeli ahlukahlukene babikezela ukuthi uJesu uyeza nokuthi iminyaka yawo-1990 iyoba “isikhathi sezinkathazo ezingakaze zibonwe ngaphambili.” Ngesikhathi kulotshwa lokhu, isenzakalo samuva nje sasiseRepublic of Korea, lapho i-Mission for the Coming Days yabikezela khona ukuthi ngo-October 28, 1992, phakathi kwamabili, uKristu wayezofika futhi anyusele amakholwa ezulwini. Amanye amaqembu amaningi abikezela ngosuku lwembubhiso enza ukubikezela okufanayo.

Izixwayiso eziningi zamanga aziphumeleli. Zinjengezixwayiso zokuthi impisi impisi zomfana ongumalusi—ngokushesha abantu bazishaya indiva, futhi lapho kufika isixwayiso sangempela, naso futhi abasinaki.

Kodwa kungani kuye kwaba nokuthambekela okunjalo kokumenyezelwa kwezixwayiso zamanga emakhulwini eminyaka kuze kube sosukwini lwethu, njengoba uJesu athi zaziyomenyezelwa? (Mathewu 24:23-26) UJesu, ngemva kokutshela abalandeli bakhe ngezenzakalo ezihlukahlukene ezaziyophawula ukubuya kwakhe, wathi kubo, njengoba sifunda kuMathewu 24:36-42: “Lolosuku nalelohora akakho owazi-lutho ngalo nazingelosi zasezulwini, naNdodana, nguBaba kuphela. Ngokuba njengasemihleni kaNowa, kuyakuba-njalo ukufika kweNdodana yomuntu. . . . Ngakho-ke lindani, ngokuba anazi ukuthi iNkosi yenu iyakufika ngaluphi usuku.”

Abazange batshelwe ukuba balinde nje kuphela futhi bazilungiselele kodwa futhi ukuba balinde ngokulangazelela. EyabaseRoma 8:19 ithi: “Ngokuba ukulangazela kokudaliweyo kulindele ukwambulwa kwabantwana bakaNkulunkulu.” Imvelo yomuntu ingendlela yokuthi lapho sethemba futhi sifisela okuthile ngentshiseko futhi sikulindele ngokulangazelela, kuvuka isifiso esinamandla ngaphakathi kithi sokukubona ngokushesha ngisho nalapho ubufakazi bunganele. Ngenxa yokulangazelela kwethu singase simemezele izixwayiso zamanga.

Khona-ke, yini eyohlukanisa isixwayiso seqiniso kwezamanga? Ukuze uthole impendulo, siza ubheke isihloko esilandelayo.

[Umbhalo waphansi]

a OFakazi BakaJehova, ngokulangazelela kwabo ukubuya kukaJesu, baye basikisela izinsuku ezabonakala zingaqondile. Ngenxa yalokhu, abanye baye bababiza ngokuthi bangabaprofethi bamanga. Nokho, kulezenzakalo, abazange babonise ukuthi baveza izibikezelo bezisusela ‘egameni likaJehova.’ Abazange bathi, ‘Lawa amazwi kaJehova.’ INqabayokulinda, iphephabhuku elingokomthetho loFakazi BakaJehova, lathi: “Asinaso isiphiwo sokuprofetha.” (January 1883 ngesiNgisi, ikhasi 425) “Futhi ngeke sivume ukuba izincwadi zethu zidunyiswe noma zibhekwe njengezingenaphutha.” (December 15, 1896 ngesiNgisi, ikhasi 306) INqabayokulinda iye yathi futhi iqiniso lokuthi abanye banomoya kaJehova “alisho ukuthi labo manje abakhonza njengofakazi bakaJehova baphefumlelwe. Alisho ukuthi okubhalwe kulomagazini INqabayokulinda kuphefumlelwe futhi akunaphutha.” (May 15, 1947 ngesiNgisi, ikhasi 157) “INqabayokulinda ayisho ukuthi iphefumlelwe ezinkulumweni zayo, futhi ayinalo igunya elingenakuphikiswa.” (August 15, 1950 ngesiNgisi, ikhasi 263) “Abazalwane abalungiselela lezincwadi ababona abangawenzi amaphutha. Imibhalo yabo ayiphefumlelwe njengaleyo kaPawulu nabanye abalobi beBhayibheli. (2 Thim. 3:16) Ngakho, ngezinye izikhathi kuye kwadingeka, njengoba ukuqonda kwakukhanya ngokwengeziwe, ukuqondisa imibono. (IzAga 4:18)”—February 15, 1981, ikhasi 19.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela