“Lena Ibukeka Njengencwadi Engingathanda Ukuzifundela Yona”
UJessica, umfundi oneminyaka engu-16 ubudala esikoleni esiphakeme eDolobheni laseNew York, wabhalela i-Phaphama!: “Nginothisha ofundisa ezomlando okungekho muntu, ngisho noyedwa, omthandayo. Wanika ikilasi umsebenzi elalizowenza njengamaqembu ophathelene ‘neziNkolo Ezinkulu.’ Iqembu engangikulo lathola owawukhuluma ngobu-Islam. Ngangingakhathazekile ngoba ngangazi ukuthi ngangiyohlonyiswa kangcono incwadi ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu. Ngalungiselela umbiko ongcono ngangokusemandleni.
“Lwafika usuku lapho iqembu lethu kwakumelwe linikeze umbiko oshiwo ngomlomo. Uthisha wayephazamisa futhi ethethisa abafundi, ngakho ngangethukile. Lapho sekuyithuba lami, ngatshela abafundi ngezici eziyingqayizivele zobu-Islam. Nganikeza abafundi incwadi ethi Ukufuna ukuba bayibuke bonke ngitshela abafundi ukuba babuke imifanekiso esemakhasini 286 no-289. Lapho uthisha ephenya amakhasi alencwadi, wangiphazamisa wathi, ‘Uxolo, ingabe eyakho lencwadi? Ngingayigcina?’ Ngaphendula, ‘Ngingakutholela eyakho ikhophi uma uthanda.’ Ubuso bakhe babonakalisa injabulo, futhi wathi: ‘Kungaba kuhle kakhulu lokho. Lena ibukeka njengencwadi engingathanda ukuzifundela yona.’ Inhliziyo yami yayishaya ngamandla ngenxa yokujabula nokumangala, kangangokuba ngaba namalimi lapho ngiqedela ukusho umbiko wami.
“Wanginika amamaki aphakeme ukwedlula wonke ekilasini (angu-95) kulowombiko. Ngibonga uJehova uNkulunkulu kanye nani bazalwane ngokusinikeza ithuluzi eliwusizo kangaka njengencwadi ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu.”
Uma ungathanda ukuthola ukwaziswa okwengeziwe nganoma isiphi isihloko esiphawulwe kulomagazini noma ufisa ukuthola isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala, siza uzizwe ukhululekile ukuba ubhalele i-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, noma ubhalele ekhelini eliseduze kwalotshwe ekhasini 5.
[Isithombe ekhasini 32]
UKUFUNA KWESINTU UNKULUNKULU