Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g92 2/22 k. 32
  • Ukujabula ESoviet Union

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukujabula ESoviet Union
  • I-Phaphama!—1992
I-Phaphama!—1992
g92 2/22 k. 32

Ukujabula ESoviet Union

LENTOMBAZANYANA yaseLvov inesizathu sokujabula. Ingomunye wabantu abangu-74 252 abahlangana ngokukhululekile eSoviet Union ukuze bajabulele umhlangano omkhulu wobuKristu futhi bathole ikhophi enhle yalencwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila ngolimi lwesiRashiya. Nakuba oFakazi BakaJehova babengavunyelwe ngaphambili ukuba nemihlangano eSoviet Union, ngehlobo eledlule babeneyisikhombisa. Inani lababekhona endaweni ngayinye lisekhasini elandulela leli.

Elinye lamadolobha omhlangano kwakuyi-Alma-Ata, eKazakhstan, lapho ababeze emhlanganweni babevela ngisho nasemaripabhuliki aseRussia, iUzbekistan, iKirghizia, iTadzhikistan, neTurkmenistan. Abangaphezu kuka-6 000 eAlma-Ata bajabulela ukuthola incwadi entsha. Lapho abangaphezu kuka-4 000 ababehlangene eUsolye-Sibirskoye, eSiberia, ngamunye ethola ikhophi yakhe siqu ngesihle, umphathi wenkundla wababaza: “Lesi yisimangaliso!”

EKiev, lapho amaphoyisa amaningana nabacimi bomlilo bebona lencwadi, ngamunye wacela ikhophi, ethi: “Empeleni, nathi sinivikele; besinani emhlanganweni.” Umphathi wamaphoyisa wafuna ukwazi, “Ihlelwe kuphi? Mangaki amakhophi anyathelisiwe?”

Kuze kube manje, sekunyatheliswe amakhophi angaphezu kwezigidi ezingu-12 ngezilimi ezingaba ngu-60, kuhlanganise nalezo ezaziwa kancane njengesiBislama, isiEfịk, isi-Ewe, isi-Ga, isi-Igbo, isiRarotongan, isiPedi, isiShona, isiTsonga, isiTswana, isiTwi, nesiVenda.

Izigidi emhlabeni wonke zithola injabulo ngokufunda lencwadi entsha nenhle enamakhasi angu-448 ephathelene nokuphila nenkonzo kaJesu Kristu. Uma ungakujabulela ukuthola ukwaziswa okwengeziwe ngokuphathelene noJesu nendima yakhe ekugcwaliseni injongo kaNkulunkulu ngomhlaba, siza ubhalele iWatch Tower, Private Bag 2067, Krugersdorp, 1740, noma ekhelini elifanelekile elisekhasini-5.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela