Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Usizo Ngabafayo Ngiyabonga ngochungechunge lwezihloko ezazithi “Usizo Ngabafayo.” (October 22, 1991) Lwafika ngaso kanye isikhathi esifanele. Ngiwumhlengikazi, futhi nsuku zonke ngithintana neziguli esezembulwa zembeswa. NjengomKristu, sekuyisikhathi eside ngizibuza ukuthi kudingekile yini ukulwisana nokufa ngazo zonke izindlela ezinokwenzeka. Lezihloko zangisiza ukuba ngiqonde umbono kaNkulunkulu ngalendaba.
C. C., Italy
Umama unomdlavuza. Lapho udokotela engitshela, ‘Sekwephuze kakhulu ukuba singamsiza manje,’ ngacindezeleka kakhulu futhi ngacabanga ukuzibulala! Kodwa omunye woFakazi BakaJehova wangikhuthaza ukuba ngiqalise kabusha isifundo sami seBhayibheli. Futhi ngathola ikhophi yezihloko ezazithi “Usizo Ngabafayo.” Manje ngiwuqonda ngempela umbhalo othi, ‘akukhona ukuthi samthanda uNkulunkulu, kepha ukuthi yena wasithanda.’ (1 Johane 4:10) Manje ngiyokulwela kanzima ukuba omunye wezinceku zikaJehova.
S. M., Japan
Imfucumfucu Ngibonga kakhulu ngezihloko zenu ezinhle ezithi “Lapho Imfucumfucu Ingalawuleki.” (August 8, 1991) Phakathi neminyaka yami engu-12 ngishadile, ngiye ngashikiliswa amakhabethe apakishwe agcwala owawungeke uthole lutho olufanayo kuwo! (Nganginezizathu eziningi zokugcina izinto.) Ngemva kokufunda isihloko senu, ngakwazi ukunqwabelanisa inqwaba yamasaka agqishiwe emfucumfucu. Amakhabethe ami ahlanziwe angimoyizelela njengoba ayengavamile ukwenza kanjalo ngaphambili. Lesihloko ngiyosichoma obala ekhabetheni lami lezimpahla ukuze ngilivimbele ekubeni libe mahlikihliki futhi!
L. W., Netherlands
Mina, nomama, nodadewethu senza umkhankaso wokuqeda imfucumfucu. Salisebenza lonke ikhabethe lethu lezimpahla futhi saphisana ngezingubo eziningi. Nginibonga ngokusuka enhliziyweni ngalesihloko.
Z. M., Jamaica
Ukuqiniswa Ngiyanibonga ngesihloko esithi “Umbono WeBhayibheli . . . Ukuqiniswa—Ingabe Kuyimfuneko YobuKristu?” (August 8, 1991) Ngaqala ukutadisha imiBhalo esikhathini esifushane esidlule, kodwa ngangisenemibuzo ngobhapathizo. Nginendodakazi enezinyanga ezimbili ubudala, futhi ngosizo lwalesosihloko, ekugcineni ngiyaqonda ukuthi asikho isisekelo emiBhalweni sokubhapathiza usana.
J. M. S., Brazil
Izindlela Zokufudumeza Umoya Ake ngikhulume ngesihlokwana esasithi “Izinkinga Ngezindlela Zokufudumeza Umoya” esavela kwesithi “Ukubuka Okwezwe.” (September 22, 1991) Kuyadumaza ukuthi anizange nisho ukuthi lezizifo zidluliselwa kuphela ngezindlela zokufudumeza umoya ezisebenzisa izisefo.
S. G., Germany
Izisefo ezibamba amaminerali ziyayinciphisa ingozi yokungcolisa umoya ngezilongotshane ezincane zamaminerali, njenge“aluminum,” umthofi, noma itsheboya. Ngisho nakuba kunjalo, ochwepheshe batusa ukuthi izisefo zishintshwe njalo nokuthi umshini ngokwawo uhlanzisiswe ngokukhucululwa njalo.—ED.
Ukubuyisela Iestrogen Ngiyanibonga ngesihloko esithi “Ukwelapha Ngokubuyisela Iestrogen—Ingabe Kukulungele?” (September 22, 1991) Safika ngaso kanye isikhathi esifanele. Udokotela wami wayesanda kusikisela ukuba ngibuyiselwe iestrogen. Yeka indlela engajabula ngayo lapho ngifunda ngalendaba ngokuningiliziwe ngosuku olulandelayo.
M. R. S., United States
Eminyakeni emibili edlule, ngiye ngaba nokushisa okukhulu kwesikhumba nezinye izimpawu zokugula. Udokotela wami wanginikeza imithi, kodwa yaba nemiphumela eseceleni emibi kakhulu, njengezinhlungu zekhanda. Ngazama ukuzicwaningela ngokwami futhi ekugcineni nganquma ukunibhalela futhi ngisikisele isihloko ngalendaba. Ngalo kanye isonto elalandela, ngavula iPhaphama!, futhi kwakunencazelo ecacile neqondakalayo yokwelapha ngokubuyisela iestrogen. Ngiyaqiniseka ukuthi lesihloko siyosiza abesifazane abaningi.
B. S., United States