Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Usizo Ngabafayo Ngiyanibonga ngezihloko ezithi “Usizo Ngabafayo.” (October 22, 1991) Udadewethu wayeneqhubu lomdlavuza ebuchosheni futhi udokotela wasitshela ukuthi babenganweba isikhathi sokuphila kwakhe [ngezindlela ezingavamile zokwelapha] noma bayeke ukugula kumbulale ngesikhathi sakho. Kwakuyisinqumo esinzima, kodwa ekugcineni sanquma ukukhetha okwamuva. Nokho, ngemva kokushona kwakhe, ngaqala ukuba nomuzwa wokuthi sasonile. Khona-ke ngazizwa ngikhululeke kakhulu ngemva kokufunda lezihloko. Ngibonga kakhulu ngokusilungiselela induduzo nosizo ngesikhathi esifanele!
A. L. M. A., Brazil
Mikhaya Sondelanani Sifuna nje ukuzwakalisa ukwazisa kwethu ngochungechunge olubhalwe kahle lwezihloko ezithi “Mikhaya—Sondelanani Kungakephuzi Kakhulu.” (September 22, 1991) Njengoba muva nje siye saba abazali bomntwana womfana omuhle, sajabulela ukukhulumela kokukhulisa umntwana okwenziwa abazali abasemhlabeni wonke. Siyethemba futhi sithandazela ukuba nathi sikwazi ukukhulisa indodana yethu “ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.”—Efesu 6:4.
R. S. noJ. L. S., United States
Sekuyisikhathi esithile manje ngifuna ukunitshela ukuthi ngizazisa kanjani izihloko zenu. Kodwa ngemva kokuba ngifundé isihloko esikhuluma ngokuqinisa izibopho zomkhaya, kwadingeka nginibhalele nakanjani ukuze nginibonge. Ngabeletha umntwana esikhathini esingangenyanga esidlule, futhi mina nomyeni wami sizokwenza konke esingakwenza ukuze sisebenzise lokhu kusikisela.
S. D., Italy
Ukufunda Ngingosemusha futhi ngikujabulela kakhulu ukufunda. Nokho, angikuqondi ngaso sonke isikhathi lokho engikufundayo, futhi ngivame ukungawanaki amagama anzima. Isihloko esithi “Funda Ukuze Unwebe Imingcele Yakho” (July 22, 1991) sangisiza ukuba ngithuthuke kulokhu.
A. R. B., Brazil
Eminyakeni eminingi ngiye ngazama ukufunda bonke omagazini beNqabayokulinda nePhaphama! kodwa ngehluleka, ngisho nakuba ukubafunda kwakukhona esimisweni sami. Isihloko senu sangisiza ukuba ngiqaphele ukuthi inkinga yami yayiyimikhuba yokufunda engemihle. Ngiyakwazisa ukusikisela kokuthuthukisa ukufunda kwami.
A. K. F. M., Brazil
Izibhedlela Ngivumeleni ngikhulume ngochungechunge oluthi “Izibhedlela—Ungasebenzelana Kanjani Nazo?” (March 8, 1991) Ngonyaka odlule ngalaliswa kane esibhedlela. Ngazizwa ngingavikelekile futhi ngingalondekile. Uma ngibuza ngesimo sami, inqubo yokwelashwa, nemiphumela engemihle engase ibangelwe imithi, odokotela bami babethatha lokho njengokungabethembi. Babeze bathi, ‘Awuphoqiwe ukuba ube lapha uma ungathandi. Ungahamba.’
R. A., Czechoslovakia
Umqondo wamalungelo eziguli awamukelwa yonke indawo, nokho amalungelo anjalo ngokushesha athola ukuqashelwa. Amakomiti Okuxhumana Nezibhedlela axhaswa oFakazi BakaJehova kakade asethole impumelelo ethile ekuzuzeni ukubambisana kodokotela. Kodwa lapho amalungelo eziguli engakahlonishwa khona, abantu ngabanye bangase bakwazi ukuthuthukisa isimo abakuso ngokwakha ubuhlobo bokubambisana, nobokuqondana nodokotela babo ngaphambi kokuba kudingeke ukuba balaliswe esibhedlela. Kuhlakaniphe ngaso sonke isikhathi ngomKristu ukusebenzelana ngendlela enomusa nenenhlonipho nezisebenzi zezokwelapha.—ED.
Ukugwema Ukuhlukunyezwa Ngasijabulela isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ngingamenza Kanjani Angiyeke?” (May 22, 1991) Nakuba lesihloko sasikhishelwe amantombazane ngokuyinhloko, thina bafana singafunda okuthile kuso. Muva nje ngiye ngabhekana nenkinga efanayo entombazaneni eyayizama ukungilingela ukuba ngifake engozini ubungane bami noNkulunkulu! Isihloko senu safika ngaso kanye isikhathi futhi sangisiza ukuba ngibhekane nesimo.
E. K. O., Ghana
Bheka umagazini wethu kaOctober 8, 1991, ukuze uthole ukusikisela okuthe ngqó okubhekiswe kubafana ababhekene nezimo ezinjalo.—ED.