Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g91 12/22 k. 32
  • ‘Wazi Zonke Izimpendulo ZeBhayibheli’

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ‘Wazi Zonke Izimpendulo ZeBhayibheli’
  • I-Phaphama!—1991
I-Phaphama!—1991
g91 12/22 k. 32

‘Wazi Zonke Izimpendulo ZeBhayibheli’

Esikhathini esithile esidlule owesifazane eNew York State wathumelela owayefunda naye ekilasini elilodwa, owayengumzali, ikhophi yencwadi ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli. Ngemva kwesikhathi esithile owesifazane wathola incwadi eyayivela kuye ayebhale kuyo ngendodakazi yakhe uElizabeth:

“Uyayithanda lencwadi​—⁠iwukuphela kwencwadi afuna ngimfundele yona ebusuku. Uthola izindaba ezinhlanu ubusuku ngabunye (ngoba uneminyaka emihlanu), futhi ngesonto elidlule uthisha wakhe kaSonto-s’kole wangitshela ukuthi njalo uthembela kuElizabeth ukuthi wazi zonke izimpendulo zemibuzo yeBhayibheli. Ngakho kumelwe ukuba yabhalwa othile okuqonda ngempela lokho izingane ezikuthandayo.”

Lona wesifazane waseNew York uphawula lokhu ngomngane wakhe: “Lokhu kwakuwukusabela kwakhe okuqotho, njengoba ewumuntu ongafihli lutho futhi ubengenakuyitusa lencwadi uma ebengayithandi.”

Sinomuzwa wokuthi nawe uzoyazisa lencwadi enemifanekiso emihle, nebhalwe ngamagama amakhulu. Izindaba zayo zeBhayibheli ezingu-116 zinikeza umfundi umbono walokho elikuqukethe. Lezindaba zihlelwe ngokulandelana ngendlela izenzakalo ezenzeka ngayo emlandweni. Lokhu uyokuthola kuwusizo ngempela ekwazini isikhathi izinto ezenzeka ngaso emlandweni ekuhlobaneni nezinye izenzakalo. Zitholele lencwadi ewusizo enamakhasi angu-256 ngokugcwalisa nokuthumela lesigqebhezana.

Ngingathanda ukuba ningithumelele incwadi enoqwembe oluqinile ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli. (Ngaphandle kweR.S.A., bhalela igatsha leWatch Tower lasendaweni yakini ukuze uthole ukwaziswa. Bheka ikhasi 5.)

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela