Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g91 12/22 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1991
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1991
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1991
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1992
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1992
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1991
g91 12/22 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ukuphathwa Kabi Esikoleni Ngajabula kakhulu ngokuthola isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ngingamenza Kanjani Angiyeke?” (May 22, 1991) Lona unyaka wami wokuqala esikoleni esiphakeme, futhi kakade sekunabafana abaningi abangicindezelela ukuba ngithandane nabo. Omunye wabo uyanginakashela. Uye wangimemela emdansweni wekilasi, esidlweni sakusihlwa, ngisho nokuba ngihambe naye ngempelasonto ngiye ezintabeni. Ukuthi “cha” akumyekisi. Kodwa lesihloko siye saqinisa ukuzimisela kwami ukuba ngimelane naye.

P. B., United States

Nakuba ngineminyaka engu-17 kuphela ubudala, kakade sengiye ngabhekana nezimo ezifana nalezo ezichazwe kulesihloko. Kodwa ngenxa yokuthi bekungijabulisa ukunakwa ebengikuthola, angizange ngizame ukukunqanda. Manje ngiyasiqonda isidingo sokukwenqaba ngokushesha ukweshelwa okunjalo.

L. A. R., Brazil

Lesihloko singisize ukuba ngibhekane nokuziphatha okubi okwandayo lapho ngisebenza khona. Sabonisa izingozi futhi sasekela amaphuzu ngezibonelo zeBhayibheli. Kuyacaca ukuthi izihloko ezinjalo azisizi intsha nje kuphela kodwa nabantu abangashadile babo bonke ubudala.

K. H., Germany

Lesihloko singisize ukuba ngiqinise ukuzimisela kwami, njengentombi yomShulamiti, ngibe “udonga.”

E. S., Philippines

Isifo SeTMJ Ngiyanibonga ngesihloko esithi “Ukugudluka Kwemihlathi​—⁠Umkhohlisi Omkhulu.” (June 22, 1991) Eminyakeni emibili ngangizwa umsindo omkhulu ezindlebeni zami obangwa izimpawu zeTMJ. Isihloko senu sangisiza ukuba nginqume ukuthi iluphi uhlobo lukadokotela engangidinga ukuya kuye. Nginomuzwa wokuthi uJehova lesihloko wasilungiselela mina nabanye abaningi abahlushwa iTMJ.

R. B., United States

“IPhaphama!” ayinikezi izeluleko zezokwelapha, kodwa siyajabula ukuba senze ukwaziswa okuwusizo kutholakalele abafundi balomagazini. Ngokungamangalisi, isihloko esasikhuluma ngeTMJ sadonsa ukusabela kwabafundi abaningi ngokungavamile emhlabeni wonke.​—⁠ED.

Ukubhema Ngemva kokufunda izihloko ezimbili ezithi “Intsha Iyabuza . . .” ezazikhuluma ngokubhema (August 8 no-22, 1991), engifuna ukukwenza nje ukuqinisekisa ukuthi okwakubhaliwe kwakuyiqiniso. Ngaqala ukubhema lapho ngineminyaka engu-13 ubudala, ngemva kokuba abangane basesikoleni benginxenxele kukho. Kodwa lapho ngiba umKristu ngesikhathi ngineminyaka engu-15 ubudala futhi ngiyeka ukubhema, ngazithola ngishiywa “abangane” bami. Kamuva, ngaphinde ngacindezelwa engangisebenza nabo ukuba ngibheme. Ngokujabulisayo, manje ngisebenzela umKristu engikanye naye, futhi manje umoya ongizungezile uhlanzekile​—⁠ngokoqobo nangokomoya.

B. S., Germany

Ukulungisa Ukuziphatha Ngiyanibonga ngesihloko senu esithi “Amandla Eqiniso Okulungisa Ukuziphatha.” (July 22, 1991) Njengamanje ngidonsa isigwebo ejele futhi ngiyakhuthazeka ngokuzwa ngothile owashintsha ukuphila kwakhe. Izikhulu ziyazama ukulungisa ukuziphatha kwezigebengu, kodwa zimane ziphindele emuva ezweni likaSathane futhi ziphinde zone. Ngosizo lwezinceku eziqondayo zoFakazi BakaJehova, ngiye ngathola ukuthi ukulungiswa kokuziphatha okuhlalayo kuhilela ukufuna nokukhonza uNkulunkulu.

J. S., United States

Indawo Yokuhlala Ngifuna ukunibonga ngesihloko esithi “Phumelela Empini Yendawo Yokuhlala!” (April 22, 1991) Sihlala endaweni encane, futhi njalo kubonakala sengathi sinezinto eziningi kakhulu. Lesihloko saba inzuzo enkulu kithi ngoba sanquma ukuhlukana nakho konke esingakusebenzisi. Lokhu akuzange kube lula ukukwenza, futhi sisasebenzela kukho. Siyabonga kakhulu, njengoba kubonakala sengathi lesihloko sasibhalelwe thina ngokukhethekile.

L. C., Guatemala

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela