Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g91 2/22 k. 24
  • Ukuphaphamele Ukusiza Abanye

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuphaphamele Ukusiza Abanye
  • I-Phaphama!—1991
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukufuna Iqiniso Kwavuzwa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Ukuxazulula Izinkinga Zentsha
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Ukuzimisela Ukuphila Ngezindinganiso Zokuziphatha ZikaJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
I-Phaphama!—1991
g91 2/22 k. 24

Ukuphaphamele Ukusiza Abanye

NGENKATHI esebenza eNkantolo Yamacala Omgwaqo eSifundeni saseDade, omunye woFakazi BakaJehova eMiami, eFlorida, uye waba nethuba lokunikeza usizo olungokomoya kwasebenza nabo. “Ngelinye ilanga,” kubhala uRafael, “owesifazane owayethola amakhophi kamagazini weNqabayokulinda nePhaphama! njalo kimi wathi indoda ethengisayo yayithembise ukumnikeza iencyclopedia yeBhayibheli yendodana yakhe eneminyaka eyisishiyagalombili ubudala ngo-[R1 250] kodwa wathi wayengeke abe namandla okuyithenga. Ngokushesha ngasikisela ukumlethela incwadi ewumqulu owodwa ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli. Ngosuku olulandelayo ngeza nayo, futhi wayithanda imifanekiso futhi wayincoma lencwadi.

“Wayibeka phezu kwedeski lakhe lencwadi futhi waqhubeka esebenza. Ingakapheli nemizuzu engu-15 kamuva, esinye isisebenzi seza edeskini lami neNcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli siyiphethe ngezandla; sasifuna ukwazi ukuthi ngangiyithathephi. Ngachaza ukuthi ikhishwa iWatch Tower Society. Safuna amakhophi amathathu abantwana baso. Sifundisa kuSonto-sikole futhi saba nomuzwa wokuthi lencwadi yayizolithuthukisa ikilasi laso. Sathi sasizongazisa kamuva ukuthi mangaki amakhophi engeziwe esasizowadinga.

“Esikhathini esingangengxenye yehora kamuva, omunye futhi esisebenza naye weza nalencwadi eyiphethe ngezandla, efuna ukwazi ukuthi wayengazithola yini ezintathu. Ngokushesha nabanye babecela izincwadi, futhi ngaphambi kokuba ngiqaphele, ngase nginama-oda amakhophi angu-12 eNcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli. Laba besifazane bangithukuthelela ngisho nokungithukuthelela ngenxa yokungabatsheli ngalencwadi ngaphambili! Ngosuku olulandelayo lomsebenzi, ngeza nazo lezincwadi ehhovisi futhi ngazihambisa kulabo ababezicelile.

“Ngesonto elilandelayo uthisha kaSonto-sikole wangitshela ukuthi wayezodinga izincwadi ezingu-15 zabafundi bakhe. Wayekade elindele ukuvunyelwa umpristi kanye nonsumpa wesikole. Umpristi, esho, wayithanda incwadi futhi wancoma imifanekiso ya-​yo eminingi. Wavuma ukuba zitholakale lezincwadi.

“Uthisha kaSonto-sikole wayefuna ukunika izingane lencwadi njengesipho sikaKhisimusi. Wathi wayazi ukuthi angiwugubhi uKhisimusi, kodwa lencwadi yayingaba isipho esihle sikaKhisimusi. Wangitshela ukuthi kwakulula kanjani ukuba enze izingane zilalele lapho ezifundela kulencwadi.

“Omunye engisebenza naye wangitshela ukuthi lencwadi uyifundela abantwana bakhe njalo kusihlwa nokuthi ngisho naye ufunda izinto ezintsha. Ngokwesibonelo, wayengazi ukuthi ngempela kwakunemidondoshiya eyayiphila emhlabeni ngesikhathi sikaNowa. Omunye engisebenza naye wathi kwakumelwe ukuba ingcweti eyayenze imifanekiso kulencwadi. Ibonakala ingokoqobo kakhulu. ‘Lencwadi iyitshe eliyigugu,’ esho.

“Sekukonke, ngezinsuku ezimbalwa nje, ngahambisa amakhophi angu-32 eNcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli emsebenzini, futhi inani liyaqhubeka likhula. Njalo uma ngibonisa othile lencwadi, kubuzwa umbuzo othi, ‘Uyithathephi?’”

Ingabe ukuphaphamele ukwanelisa izidingo ezingokomoya zabanye? URafael, manje ongumdala ongumKristu ebandleni laseMiami loFakazi BakaJehova, uyaphetha: “Lokhu okuhlangenwe nakho kuye kwangifundisa isifundo ngokushumayela ngokwethukela nokuthanda ukusiza abanye.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela