“Baye Bathinta Indlela Yami Yokuphila”
Yilokhu okwashiwo indoda yaseNtshonalanga Afrika ngeNqabayokulinda nePhaphama!: “Ngingasho ngokuqinisekile ukuthi labomagazini baye bayizuza inhliziyo yami ngoKristu. Banikeza ukwaziswa umuntu akudingayo ukuze azi ngoKristu nensindiso. Lapho umngane wami engibonisa labomagazini okokuqala, ngacabanga ukuthi babezoba abadinayo. Ngendlela engavamile lapho ngibafunda ngokwengeziwe, yilapho ngibajabulela ngokwengeziwe. Baye bathinta indlela yami yokuphila. Ngibathola bethakazelisa futhi befundisa kakhulu.
Lendoda yaphetha: “Sizani ningithumelele amakhophi alabomagazini abaphambili inyanga nenyanga.” Nawe futhi ungathunyelelwa INqabayokulinda nePhaphama! ekhaya lakho.
Sizani ningithumelele isikhokhelo sonyaka seNqabayokulinda nePhaphama! (Ngaphandle kweR.S.A., bhalela igatsha leWatch Tower lasendaweni yakini ukuze uthole ukwaziswa. Bheka ikhasi 4.)