Ikhasi Lesibili
Abantu abaphila ekhulwini lama-20 leminyaka bahambisana kakhulu nezindaba kunokuba babenjalo okhokho babo. Nokho, ingabe singaqiniseka ngempela ukuthi izindaba esizamukelayo ziyiqiniso ngaso sonke isikhathi? Ingabe sikhona isizathu sokukholelwa ukuthi ngezinye izikhathi izindaba zenzelwa ukufeza izithakazelo zabakhangisi, abezombangazwe, noma abanye? Futhi ingabe silahlekelwa izindaba ezibalulekile esingenakukwazi ukuzithola ngeziteshi ezivamile zezindaba? iPhaphama izocabangela imibuzo enjalo ezihlokweni ezilandelayo.