Iminyaka Yawo-1990 Ishumi Leminyaka Lokungaqiniseki
UKUQALA kwawo-1990 kuye kwafika namathemba amasha okuthula kwezwe. Kodwa futhi kuye kwafika nokungaqiniseki nokudideka okuyinqaba.
Ngokwesibonelo, kunokungaqiniseki okukhulu ngalokho okuyokwenzeka emazweni ayeka isimiso esihleliwe esilawulayo sezomnotho esiye sahluleka. Amaningi alamazwe athuthukela esimisweni sokuzisebenzela sokuhweba ngokukhululekile. Kodwa amazwe amaningi angaphansi kwesimiso sokuzisebenzela kakade anobumpofu nokuswelakala kwemisebenzi okusakazekile, ukwehla okukhulu kwamandla emali nezikweleti. Ngisho neUnited States inesikweleti esikhulu kakhulu sangaphakathi—izigidigidi zezigidi ezintathu—futhi iyizwe elikweleta ukuwedlula wonke amazwe kwezohwebo emhlabeni wonke.
Omunye umphumela womaye bezomnotho zezwe uphawulwa iphephandaba leNew York Times, elathi: “Kunabantu abaningi abampofu ngokungathembisi emhlabeni kunanini ngaphambili.”
Ngokwengxenye ngenxa yokungaqiniseki okwandayo, abaningi baye baphendukela ebugovwini: isimo sokuzicabangela kuqala, ukuhaha ngokwezinto ezibonakalayo, isifiso sokuzijabulisa okusheshayo kungakhathaliseki ukuthi imiphumela iyini. Ukusetshenziswa kabi kwezidakamizwa okudlangile kuwubufakazi balokhu. Uprofesa wezomlando eYunivesithi yaseRochester, uChristopher Lasch ukubeka ngalendlela: “Isisekelo sokuziphatha siye sawohloka empucukweni yethu.”
Isazi sezomnotho esaziwa kabanzi uArjo Klamer sithi: “Abantu abanamakhono, izazi zezomnotho, osomabhizinisi nemikhaya kuye kwalahlekelwa ukholo eziqinisekisweni zabantu banamuhla. . . . Ukusanguluka kuye kwashintsha kwaba umzwelo ohlanganyelwa abantu abeqa imingcele nezimiso.” Ephawula ukuthi “ukudideka kuyanqoba” wenezela: “Ukuwohloka. Ubuze. Umbhinqo. Umsindo. Lawa ngamanye amazwi ayinhlalayenza. Achaza ulwembu oluyimpicabadala lwemiphumela yezinto zesimanje leyo abantu banamuhla ababanjwe kulo.”
Kusobala ngendlela edabukisayo ukuthi isimiso salelizwe sezombangazwe, ezomnotho, nezenhlalo asinawo amakhambi ahlala njalo ezinkinga ezinkulu zanamuhla nokungaqiniseki. Kodwa sona kanye lesimo sabikezelwa eziprofethweni zeBhayibheli zosuku lwethu. Phawula izibonelo ezimbalwa: “Ezinsukwini zokugcina kuzakuvela izikhathi ezinzima.” “Nasemhlabeni usizi luyakwehlela izizwe, zixakeke . . . abantu baphele amandla ngokwesaba nangokubheka okuvelela umhlaba.”—2 Thimothewu 3:1; Luka 21:25, 26.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 31]
Fotografía de Publicaciones Capriles, Caracas, Venezuela