Ikhasi Lesibili
UKUSETSHENZISWA kwezilwane ekucwaningeni kwezokwelapha kuphakamisa izimpikiswano ezingokwezindinganiso zokuziphatha ezivusa imizwelo yabantu lwezindlela ezihlukene. Ososayensi bagomela ngokuthi intuthuko enkulu kwezemithi lingenakwenzeka ngaphandle kokusetshenziswa kwezilwane. Omunye wathi: “Ukuba sasingakwazi ukwenza ukucwaninga, ngezilwane, sasiyocwila sifele emanzini.”
ABEZOPHIKO olumelene nokucwaninga ngeziIwane bayakhala ngokusetshenziswa kabi kwamalungelo ezilwane kanye nobuhlungu namahlazo okuzwiswa izigidi zezilwane ezisetshenziswa ekuhloleni. Bagomela ngokuthi manje kunezinye izindlela zokusetshenziswa esikhundleni sezilwane, njengokwaziswa okugcinwe kumacomputer nokutshalwa kwezicubu, ososayensi okufanele bakusebenzise.
KUKHONA izimpikiswano zalokho nezimelene nakho nhlangothi zombili. Ezihlokweni zethu zokuqala sihlola lezozimpikiswano, okokuqala sicabangela umbono ongokwesayensi ekucwaningeni ngezilwane.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 5]
Cover photo: Courtesy of The Pedigree Mutt Pet Shop