Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g90 6/22 k. 2
  • Ikhasi Lesibili

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ikhasi Lesibili
  • I-Phaphama!—1990
I-Phaphama!—1990
g90 6/22 k. 2

Ikhasi Lesibili

NgoJune 1988 iSonto lamaRoma Katolika laba noqhekeko lwalo lokuqala, noma ukwahlukana, esikhathini esingaphezu kwekhulu leminyaka. Umbhishobhi omkhulu obambelele emasikweni esonto uLefebvre waxoshwa esontweni. Unyaka owodwa ngemva koqhekeko, umbhishobhi oyisihlubuki wathi uthole ukwanda kwamaphesenti angu-10 kuya kwangu-20 enanini labalandeli bakhe.

Ngesikhathi esifanayo, amakhulu abefundisi bamaKatolika asayina isimemezelo esiphikisa lokho akubheka njengokusebenzisa kabi amandla kukapapa ekumiseni ababhishobhi abasha nasezindabeni ezingokwezimfundiso, ezinjengokulawulwa kwenzalo.

Ngokwezombangazwe, amaKatolika ahlukene kakhulu, amanye asadla ngoludala, amanye asekela izinguquko zezenhlalo ngisho nokuvukela ngezikhali. UmKatolika ovamile kungase kumdide lokhu kwahlukana.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela