Ikhasi Lesibili
Abantu baye bahlatshwa umxhwele isikhathi eside umqondo wokuphila okungale komhlaba. Kusukela ezintweni ezisebenza ngogesi zasendulo zango-1899 (kweso-kudla phezulu) kuya kuzibonakude ezinkulu kakhulu ezisebenza ngamaza omsakazo Ingezansi) ezasetshenziswa okokuqala ngo-1957 kuya ezintweni zokucwaninga imikhathi njengeViking yango-1976 (phezulu kwesobunxele), bekulokhu kwenziwa umzamo oqhubekayo wokuthintana nokuphila emikhathini engaphandle.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 2]
Drawing based on NASA photo