Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g89 11/8 k. 32
  • Kungani Bekuphuthela?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Bekuphuthela?
  • I-Phaphama!—1989
I-Phaphama!—1989
g89 11/8 k. 32

Kungani Bekuphuthela?

Ngesikhathi emi emgqeni ebhange laseDolobheni laseNew York, owesifazane oseminyakeni ephakathi kwamashumi amane kuya emashumini ayisithupha waphawula ukuthi indoda eyayimi phambi kwakhe yayifunda umagazini iWatchtower (INqabayokulinda). Walangazelela kakhulu ukufunda isihloko esasikuwo esiphathelene nomthandazo, ngakho wabhala phansi usuku; eyayikhishwe ngalo.

Ezinsukwini ezimbalwa kamuva, oFakazi BakaJehova bafika kwakhe, futhi wabuza: “Ninabo omagazini beThe Watchtower (INqabayokulinda) bakaJuly.” Ngemva kokuzwa isizathu sokuba abe nesithakazelo kulowomagazini okhethekile, omunye woFakazi waphawula: “Indlela engcono kakhulu yokuba ungaphuthelwa nangowodwa womagazini abathakazelisayo iwukuba ube nesikhokhelo.”

“Bengingazi ukuthi niyazenza izikhokhelo!” kubabaza owesifazane. Lapho etshelwa ukuthi isikhokhelo sonyaka singama-$5 (R12) waphendula: “Uqinisile? [U-R12] kuphela unyaka wonke?” Lapho eqinisekiswa ukuthi kwakunjalo akafunanga nje kuphela iWatchtower (INqabayokulinda) kodwa nomagazini ongumngane wayo, iAwake! (Phaphama!) Waphinde wabuza, “Niqinisle ukuthi ngibathola bobabili labomagazini [ngoR24]?”

Owesifazane wajabula ngokuba oFakazi bamenzele isikhokhelo. Nawe futhi ungathola omagazini beNqabayokulinda nePhaphama! bethunyelwa ekhaya lakho. Thumela kuphela uR18 futhi uyobathola bobabili labomagazini (abathathu inyanga ngayinye) unyaka owodwa.

Sizani ningithumelele isikhokhelo sonyaka beNqabayokulinda nePhaphama! Ngifaka u-R18. (Ngaphandle kwaseR.S.A., bhalela igatsha leWatch Tower lasendaweni yakini ukuze uthole ukwaziswa.)

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela