Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g89 9/8 k. 32
  • Ingabe Umntanakho Unaso Isikhokhelo Sakhe Siqu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Umntanakho Unaso Isikhokhelo Sakhe Siqu?
  • I-Phaphama!—1989
I-Phaphama!—1989
g89 9/8 k. 32

Ingabe Umntanakho Unaso Isikhokhelo Sakhe Siqu?

Ukuze bahlakulele isifiso sokufunda kubantwana babo, abazali abahlakaniphile babatholela izincwadi ezinhle. Ngokwesibonelo, abaningi bayaqikelela ukuthi abantababo banezikhokhelo zabo siqu zikamagazini weBhayibheli INqabayokulinda, esetshenziswa njengesisekelo sezingxoxo zeBhayibheli zamasonto onke emihlanganweni yoFakazi BakaJehova. Kodwa umntwana kumelwe enzelwe isikhokhelo sakhe siqu esengakanani ubudala?

Kwatholakala incwadi elandelayo ivela komunye umama: “Lesikhokhelo singesendodana yethu eneminyaka emibili ubudala. Phakathi nesiFundo seNqabayokulinda, kumelwe ibe neyayo siqu. Ngiye ngazama ukuyinika omunye umagazini lapho singenazo ezanele kodwa yaphawula ukuthi izithombe azifani, futhi yafuna umagazini esasiwusebenzisa. Ngiyaqiniseka ukuthi izithombe ezinemibala emihle zihlaba ngisho nomntwana osemncane umxhwele futhi ziyokhulisa ukwazisa kwakhe kokuqala ngokudla okungokomoya angakakuqondi okwamanje.”

Kungani ungaqiniseki ngokuthi ngamunye wabantwana bakho unesikhokhelo sakhe siqu seNqabayokulinda? Thola isikhokhelo sonyaka ngokugcwalisa bese uthumela lesigqebhezana esingezansi, kanye noR12.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela