Amasonto Akhohlwa “Umsebenzi Oza Kuqala Noyinhloko”
UJESU wathi umsebenzi oza kuqala noyinhloko wamakristu kwakuwukushumayela “izindaba ezinhle [ivangeli] zombuso.” (Mathewu 24:14, NW) kunalokho, amasonto emhlabeni wonke ngokuvamile asekela izinhlangothi ezithile zombangazwe ezifundeni zabefundisi bawo. ngezintshumayelo zomlomo, amaphephandaba, futhi ngisho nezincwadi ezibhalwe ngabefundisi, abantu abavamile banxuswa ukuba basekele izimpi nezinye izinhlangano zobudlova ezilwisana nohulumeni abamisiwe. bakhuthazwa ukuba bangenele izibhelu nokuphikisa ngenxa yezizathu ezihlukahlukene zombangazwe.
Lokhu kuzigaxa kwezombangazwe kuye kwagxilwa kukho kakhulu emasontweni kangangokuba iphephabhuku lesiDashi iKerk en Theologie (ISonto NeMfundiso YeNkolo) lithi ukuthunywa okuyinhloko kwamasonto sekuyinto engabalulekile kakhulu. Lamemezela ekuhlaziyeni kwalo incwadi ethi Alles is politiek, maar politiek is niet alles (Konke Kuwumbangazwe, Kodwa Umbangazwe Awusikho Konke): “Isonto . . . kumelwe lingazihlanganisi nakancane nezimemezelo eziqondile zezombangazwe. . . . Umsebenzi walo oza kuqala noyinhloko wukumenyezelwa kweVangeli.”