‘Angisimamisa Ekucindezelekeni Okukhulu’
Owesifazane waseNgilandi wabhala:
“Mnumzane Othandekayo:
“NgoFebruary nga-oda i-albhamu yamakhasethi encwadi ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli, futhi nakuba ngisebenzisa imimoya, lapho efika angihlaba umxhwele kakhulu. Ngangisanda kuphuma nje esibhedlela ngemva kokuhlinzwa okukhulu futhi ngilele embhedeni ngizizwa ngiphansi ngempela futhi ngicindezelekile. Ngakho lapho umyeni wami engilethela leliphasela, nganquma ukulalela amakhasethi ngibe ngifunda nencwadi.
“Ngempela angisimamisa ekucindezelekeni kwami okukhulu, futhi ngokokuqala ngqá ezinsukwini eziyishumi ngazizwa nginesithakazelo ezintweni ezingizungezile. Lapho abazukulu bami babafana (abaneminyaka engu-6 nengu-8) bezongivakashela, ngabazwisa, futhi bayijabulela kakhulu ingxenye ababa nesikhathi sokuyilalela kangangokuba ngababoleka ukuba baye nawo ekhaya ukuze bayowalalela wonke. Ngokusobala, njengoba beye bawajabulela kangaka, ngiyobonga uma ningangithumelela enye isethi yamakhasethi kanye nencwadi ukuze nabo babe nawabo.”
Wanezela lamazwi: “Ekuphileni kwami ngiye ngazama izikhathi eziningi ukufunda iBhayibheli lami kodwa angikaze ngikujabulele noma ngilizwisise. Kodwa lamakhasethi nencwadi alichaza lonke ngokucacile.”
Nawe futhi ungawathola lamakhasethi nencwadi ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli, noma kokubili, ngokugcwalisa bese uthumela lesigqebhezana esingezansi.
Sizani ningithumelele ialbhamu ensundu eyivinyl kanye namakhasethi amane eNcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli.
(Ngaphandle kweR.S.A., bhalela igatsha leWatch Tower elisendaweni yakini ukuze uthole ukwaziswa. Bheka ikhasi 5.)