Ukukhuluma Kukhuphula Umfutho Wegazi
“ISENZO esilula sokukhuluma—hhayi ngokudingekile ngolaka, noma ngokwethuka, kodwa nje ukukhuluma okuvamile—kwabonakala kuveza inguquko eyanyusa ngokushesha umfutho wegazi” kubika umagazini i“Aviation Safety.” Futhi ubonisa ukuthi ikakhulukazi labo abahlushwa umfutho wegazi ophakeme noma abelashwayo ukuze wehliswe bayashesha kakhulu ukuzwela. Eqinisweni, ngabo bonke abantu “ukukhuphuka komfutho kuba nomaphi kusukela kumaphesenti ayi-10 kuya kwangama-50.” Futhi okwakumangalisa kakhulu kwakuwukuthi “bona kanye lobudlelwano bomfutho wegazi babuyiqiniso ngabantu abayizithulu ababekhuluma ngezimpawu.”
Ngokombiko, lokhu kusho ukuthi, ngisho nengxoxo encane lapho udokotela ekuhlola umfutho wegazi inikeza isilinganiso esiphakeme. Yiqiniso, “ingxoxo enjalo ibonisa ubungane futhi iyaqabula,” kodwa ‘empeleni yenyusa uthi lwesikali somfutho.’ Ngakolunye uhlangothi, “ukuhlola kubonisa ukuthi ukulalela kuyasiza ukwehlisa umfutho wegazi.” Ngokusobala, iseluleko sikaNkulunkulu kuzAga 21:23 asilethi nje kuphela ubudlelwano obungokwenhlalo obuthuthukisiwe kodwa futhi nezinzuzo ezingokomzimba.