Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g87 11/8 k. 19-k. 20 isig. 3
  • Ukucindezeleka: Konke Kusekhanda Lomuntu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukucindezeleka: Konke Kusekhanda Lomuntu?
  • I-Phaphama!—1987
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukucindezeleka Kwentsha—Kubangelwa Yini? Yini Engasiza?
    I-Phaphama!—2017
  • Indlela Yokwelapha Ukucindezeleka
    I-Phaphama!—2009
  • Ukuthola Izimbangela
    I-Phaphama!—2001
  • Ukunqoba Ekulweni Nokucindezeleka
    I-Phaphama!—1987
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1987
g87 11/8 k. 19-k. 20 isig. 3

Ukucindezeleka: Konke Kusekhanda Lomuntu?

INDODA yaba ecindezelekile ngokushesha ngemva kokuba iqale ukuvuselela umuzi wayo oneminyaka engama-200. Yalala kabi futhi yathola ukucabanga isikhathi eside kunzima ngokungavamile. Umkhaya wayo wazibuza noma. indlu yayihlaselwa yizipoki! Yaqaphela ukuthi izimpawu ezimbi kakhulu eyayinazo, ezazihlanganisa ukuba buhlungu kwesingezansi, zaba ngemva kokuchitha isikhathi isusa upende omdala emapulangweni angaphakathi. Udokotela wathola ukuthi ukucindezeleka kwayo kwabangelwa ubuthi bomthofi osolwelwesini lukapende omdala eyayiwususa.

Yebo, ngezinye izikhathi, ngisho nezinto ezinobuthi ziyakubangela ukucindezeleka. Eqinisweni, ungase umangale ukuzwa ukuthi ukucindezeleka kungavuswa izimbangela ezimbalwa ezingokomzimba. Eminyakeni emibalwa edlule abacwaningi baxilonga ngokunakekela abantu abayi-100 abalaliswa esibhedlela sasedolobheni benezinkinga zengqondo, kuhlanganise nokucindezeleka. Kwezingama-46 kuleziguii, kwatholakala ukuthi izimpawu ezingokomzwelo zazihlobene ngokuqondiie nezifo ezingokomzimba. Ngokombiko okuAmerican Journal of Psychiatry, lapho lezifo ezingokomzimba zilashwa, ezingama-28 “zabonakalisa ukuphela okuphawulekayo nokuphuthumayo kwezimpawu zazo ezingokwengqondo,” futhi eziyi-18 “zalulama ngokuphawulekayo.”

Nokho, ingxenye yokugula ngokomzimba ekucindezelekeni iyinkimbinkimbi. Okuhlangenwe nakho kodokotela abaningi kuwukuthi isiguli esicindezelekile singase futhi sibe nesifo esingokomzimba esingabangeli ukucindezeleka kwaso kodwa esiba yinto esikhathazayo engqondweni yaso. Nokho, ngokuvamile ukucindezeleka okuyisisekelo kumelwe kubhekwane nakho futhi kwelashwe.

Nakuba okunye ukugula okungokomzimba kungabangela noma kukhulise ukuphazamiseka okungokomzwelo, nezimpawu ezingokwengqondo zingavela njengokusabela ekuguleni okwakukhona ngesikhathi esidlule. Ngokwesibonelo, ngemva kokuhlinzwa okukhulu, ikakhulu okwenhliziyo, iziguli ezilulamayo cishe ngazo zonke izikhathi ziyacindezeleka. Lapho zilulama, ukucindezeleka ngokuvamile kuyasombuluka. Ukutubeka komzimba ngenxa yokugula okungathi sina kungase futhi kubangele ukuphazamiseka. Ngaphezu kwalokho, ukungezwani komzimba nokudla okuthile noma ezinye izinto kungabangela ukucindezeleka okunzima kwabanye abantu.

Ufuzo lungase futhi lube yisici esishoyo noma umuntu angaba nezinhlobo ezithile zokucindezeleka noma cha. Ekuqaleni kwalonyaka, abacwaningi bamemezela ukutholakala kokukhubazeka ezicini zofuzo ezizuziwe okukholelwa ukuthi kwenza abanye abantu basheshe babe nokucindezeleka kobuhlanya.

Ngaphezu kwalokho, abanye ochwepheshe bezokwelapha bathi kusukela kumaphesenti ayi-10 kuya kwangama-20 omama abasha, baba nokucindezeleka okuvuthwe ngokuphelele okubonwa abezokwelapha. Nokho, abacwaningi abavumi ukuthi izinguquko zezindela ezihambisana nokubeletha noma ubuhlungu obungokomzwelo bobumama kubangela ukuphazamiseka. Okutholwe kamuva nje kubonisa futhi ukuthi ukuba buthaka kwangaphambi kokuba sesikhathini nokusebenzisa amaphilisi okuvimbela inzalo kuthanda ukubangela ukucindezeleka kwabanye abesifazane. Ukucwaninga kwamuva kuye kwembula nokuthi abanye abantu babonakala benokushintshashintsha kwemizwa okuhambisana nezinkathi zonyaka, okubhekiselwa kukho njengokuPhazamiseka Okubangwa Izinkathi. Abanjalo bazizwa becindezeleke kakhulu ngesikhathi sasekwindla nesasebusika. Bahamba ngokuvilapha futhi ngokuvamile balale ngokweqile, babe onkom’ idla yodwa kubangane nomkhaya, futhi babe noshintsho ekuthandeni nasekukhetheni ukudla. Kodwa lapho kufika intwasahlobo nehlobo, bayathokoza, bakhuthale, futhi babe nomdlandla futhi ngokuvamile basebenze kahle. Abanye baye belashwa ngokuphumelelayo ngokusetshenziswa okuqondisiwe kokukhanya kokuzenzela.

Ngakho ukucindezeleka akukho ‘ekhanda’ ngaso sonke isikhathi. Ngakho-ke, uma isimo sokucindezeleka siqhubeka, ukuxilongwa ngokuphelele ngodokotela kubalulekile. Kodwa kuthiwani uma singatholakali isizathu esibonakalayo?

[Ibhokisi ekhasini 20]

Ezinye Izimbangela Ezibonakalayo Zokucindezeleka

Ukuhlola kwezokwelapha kuye kwahlanganisa izinto ezilandelayo nokuphathwa kwabanye abantu ukucindezeleka:

Izinsimbi eziyingozi namakhemikhali: umthofi, i mercury, ialuminum, Icarbon monoxide, nezibulalazinambuzane ezithile

Ukuntuleka kokudla okunomsoco: amavithamini athile namanye amaminerali

Izifo ezithathelwanayo: isifo sesifuba, isifo sokwanda okungaphezu kokuvamile kwezakhi zegazi, ukushisa kwamaphaphu, ukuvuvuka kwesibindi, nomkhuhlane

Izifo zesimiso sezindlala: isifo sendlala yegilo, isifo sokukhuluphala nokuba buthakathaka kwemisipha, isifo sokuncipha kukashukela okungaphezu kokuvamile egazini, isifo sikashukela sokungakwazi ukugaya ukudla okuqinile

Izifo zesimiso semizwa: ukukhubazeka okubangelwa ukuqina kwezinyama engqondweni noma emgogodleni nesifo sedumbe

Imilaliso “yokuzilibazisa”: iPCP, insangu, amaamphetamine, Icocaine, Iheroin, nemethadone

Imilaliso eyafezwa ngodokotela: amabarbiturates, amaanticonvulsants, amacorticosteroid, namahormones. Eminye imithi elapha ihigh blood pressure, ukuvuvuka emalungwini amathambo, izinkinga zenhliziyo nemithambo yegazi, nokunye ukuphazamiseka okungokwengqondo

(Ngokuqinisekile, akuyona yonke imithi enjalo eyodala ukucindezeleka, futhi ngisho nalapho kunengozi, ngokuvamile ihilela amaphesenti ambalwa alabo abasebenzisa imilaliso ngaphansi kokubhekwa kwangempela ngabezokwelapha.)

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela