ISAMBULO ESIYA KUJOHANE
1 Isambulo sikaJesu Kristu, asinikwa uNkulunkulu, + ukuze abonise izinceku zakhe + izinto okumele zenzeke maduzane. Wathuma ingelosi yakhe, wasethula ngayo ngezibonakaliso encekwini yakhe uJohane, + 2 owafakazela izwi alinikezwa uNkulunkulu nobufakazi obanikezwa nguJesu Kristu, yebo, kuzo zonke izinto azibona. 3 Uyajabula lowo ofunda ngokuzwakalayo, nalabo abezwa amazwi alesi siprofetho futhi abagcina izinto ezilotshwe kuso, + ngoba isikhathi esibekiwe siseduze.
4 UJohane emabandleni ayisikhombisa + esifundazweni sase-Asiya:
Kwangathi ningaba nomusa omkhulu nokuthula okuvela “kuLowo okhona nowayekhona nozayo,” + nasemimoyeni eyisikhombisa + ephambi kwesihlalo sakhe sobukhosi, 5 nakuJesu Kristu, “uFakazi Othembekile,” + “izibulo kwabavela kwabafile,” + “noMbusi wamakhosi omhlaba.” +
Kuye osithandayo + nowasikhulula ezonweni zethu ngegazi lakhe +— 6 wasenza saba ngumbuso, + abapristi + kuNkulunkulu wakhe noYise—yebo, inkazimulo namandla makube kuye kuze kube phakade. Amen.
7 Bhekani! Uyeza kanye namafu, + wonke amehlo ayombona, nalabo abamgwaza; zonke izizwe zomhlaba ziyozishaya zilusizi ngenxa yakhe. + Yebo, Amen.
8 “Ngingu-Alfa no-Omega,” *+ kusho uJehova* uNkulunkulu, “okhona nowayekhona nozayo, uMninimandla Onke.” +
9 Mina Johane, umfowenu nomhlanganyeli kanye nani osizini + nasembusweni + nasekukhuthazeleni + kanye noJesu, + ngangisesiqhingini esibizwa ngokuthi iPhatmose ngenxa yokukhuluma ngoNkulunkulu nangenxa yokufakaza ngoJesu. 10 Ngokuphefumulelwa ngaba sosukwini lweNkosi, futhi ngezwa ngemva kwami izwi elinamandla elinjengelecilongo, 11 lithi: “Lokho okubonayo kubhale emqulwini, uwuthumele emabandleni ayisikhombisa: elase-Efesu, + elaseSmirna, + elasePhergamu, + elaseThiyathira, + elaseSardesi, + elaseFiladelfiya + nelaseLawodikeya.” +
12 Ngaphenduka ukuze ngibone owayekhuluma nami, lapho ngiphenduka, ngabona izinti zezibani zegolide eziyisikhombisa, + 13 phakathi kwezinti zezibani ngabona othile ofana nendodana yomuntu, + egqoke ingubo efika phansi ezinyaweni, esifubeni ebophe ibhande legolide. 14 Ngaphezu kwalokho, ikhanda nezinwele zakhe kwakumhlophe njengoboya obumhlophe, njengeqhwa, namehlo akhe enjengelangabi lomlilo, + 15 izinyawo zakhe zazinjengethusi elikhazimulayo + lapho libenyezela esithandweni somlilo, izwi lakhe lalinjengomsindo wamanzi amaningi. 16 Esandleni sakhe sokudla wayephethe izinkanyezi eziyisikhombisa, + emlonyeni wakhe kuphuma inkemba ende ebukhali, esika nhlangothi zombili, + nobuso* bakhe bunjengelanga likhanya bha. + 17 Lapho ngimbona, ngawela ngasezinyaweni zakhe njengokungathi ngifile.
Wabeka isandla sakhe sokudla phezu kwami wathi: “Ungesabi. NgingowokuQala + nowokuGcina, + 18 nophilayo, + ngangifile + kodwa bheka! ngiyaphila kuze kube phakade naphakade, + futhi nginezihluthulelo zokufa nezeThuna. *+ 19 Ngakho, bhala izinto ozibonile nezinto ezenzekayo nezinto ezizokwenzeka ngemva kwalezi. 20 Imfihlo engcwele yezinkanyezi eziyisikhombisa ozibone esandleni sami sokudla neyezinti zezibani zegolide eziyisikhombisa yile: Izinkanyezi eziyisikhombisa zisho izingelosi zamabandla ayisikhombisa, kanti izinti zezibani eziyisikhombisa zisho amabandla ayisikhombisa. +
2 “Yibhalele lokhu ingelosi + yebandla lase-Efesu: + Yilezi izinto azishoyo lowo ophethe izinkanyezi eziyisikhombisa esandleni sakhe sokudla, ohamba phakathi kwezinti zezibani eziyisikhombisa zegolide: + 2 ‘Ngiyazazi izenzo zakho, nokuzikhandla kwakho nokukhuthazela kwakho, nokuthi awukwazi ukubekezelela abantu ababi, nokuthi wabavivinya labo abathi bangabaphostoli + bengebona, wabathola bengabaqambimanga. 3 Ubonisa nokukhuthazela futhi uye wabekezela ngenxa yegama lami, + wangakhathala. + 4 Noma kunjalo, nginalokhu ngawe, ukuthi awusenalo uthando owawunalo ekuqaleni.
5 “ ‘Ngakho-ke khumbula lapho uwe khona, uphenduke, + wenze izenzo owazenza ekuqaleni. Uma ungenzi kanjalo, ngizoza kuwe futhi ngizosusa uthi lwakho lwesibani + endaweni yalo, ngaphandle uma uphenduka. + 6 Kodwa kunento eyodwa oyenza kahle: uyazizonda izenzo zeqembu lenkolo likaNikolawu + engizizondayo nami. 7 Onendlebe makezwe lokho umoya okushoyo emabandleni: + Onqobayo + ngiyomenza ukuba adle esihlahleni sokuphila, + esisepharadesi likaNkulunkulu.’
8 “Ingelosi yebandla laseSmirna yibhalele lokhu: Yilezi izinto azishoyo ‘owokuQala nowokuGcina,’ + owafa wabuye waphila: + 9 ‘Ngiyalwazi usizi nobumpofu bakho—kodwa ucebile +—nokuhlambalaza kwalabo abathi bangamaJuda bebe bengewona kodwa beyisinagoge likaSathane. + 10 Ungazesabi izinto osazohlupheka ngazo. + Bheka! UDeveli uzoqhubeka ephonsa abanye kini ejele ukuze nivivinywe ngokugcwele, futhi nizoba nosizi izinsuku eziyishumi. Zibonakalise uthembekile kuze kube ngisho nasekufeni, khona-ke ngiyokunika umqhele wokuphila. + 11 Onendlebe makezwe + lokho umoya okushoyo emabandleni: Onqobayo + akasoze athintwa ukufa kwesibili.’ +
12 “Ingelosi yebandla lasePhergamu yibhalele lokhu: Yilezi izinto azishoyo lowo onenkemba ende ebukhali, esika nhlangothi zombili: + 13 ‘Ngiyazi lapho uhlala khona, okungukuthi, lapho isihlalo sobukhosi sikaSathane sikhona; nokho uyaqhubeka ulibambe ngokuqinile igama lami, + awuzange uluphike ukholo lwakho kimi + ngisho nasezinsukwini zika-Antipase, ufakazi wami othembekile, + owabulawa + lapho nihlala khona, lapho uSathane ehlala khona.
14 “ ‘Noma kunjalo, nginezinto ezimbalwa ngawe, ukuthi unabo lapho ababambelele ngokuqinile emfundisweni kaBhalami, + owafundisa uBhalaki + ukubeka isikhubekiso phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, ukuba badle izinto ezihlatshelwe izithixo nokuba baziphathe kabi ngokocansi. *+ 15 Ngendlela efanayo, nawe unabo ababambelele ngokuqinile emfundisweni yeqembu lenkolo likaNikolawu. + 16 Ngakho phenduka. Uma ungaphenduki, ngiyeza kuwe masinyane, futhi ngizolwa nabo ngenkemba ende yomlomo wami. +
17 “ ‘Onendlebe makezwe lokho umoya okushoyo emabandleni: + Onqobayo + ngiyomnika ingxenyana yemana elifihliwe, + futhi ngiyomnika itshe elincane elimhlophe, okubhalwe kulo igama elisha elingaziwa muntu ngaphandle kwalowo olamukelayo.’
18 “Ingelosi yebandla laseThiyathira + yibhalele lokhu: Yilezi izinto iNdodana kaNkulunkulu ezishoyo, leyo enamehlo anjengelangabi lomlilo, + nezinyawo ezinjengethusi elihle: + 19 ‘Ngiyazazi izenzo zakho, nothando lwakho nokholo, nenkonzo, nokukhuthazela, nokuthi izenzo zakho zamuva zingaphezu kwalezo owazenza ekuqaleni.
20 “ ‘Noma kunjalo, nginalokhu ngawe, ukuthi ubekezelela lowo wesifazane uJezebeli, + ozibiza ngokuthi ungumprofethikazi, ofundisa, adukise izinceku zami ukuba ziziphathe kabi ngokocansi *+ nokuba zidle izinto ezihlatshelwe izithixo. 21 Ngamnika isikhathi sokuba aphenduke, kodwa akazimisele ukuphenduka ekuziphatheni kabi kwakhe ngokocansi.* 22 Bheka! Ngizomphonsa okhukhweni lwabagulayo,* nalabo abaphinga naye ngibaphonse osizini olukhulu, ngaphandle uma bephenduka ezenzweni zakhe. 23 Abantwana bakhe ngizobabulala ngesifo esibulalayo, ukuze wonke amabandla azi ukuthi nginguye ohlola imicabango ejulile* nezinhliziyo, futhi ngizoninika ngabanye ngokwezenzo zenu. +
24 “ ‘Nokho, ngithi kini nonke nina abanye eniseThiyathira, nonke nina eningayilandeli le mfundiso, nina eningazange nizazi izinto okuthiwa “izinto ezijulile zikaSathane”: + Angibeki noma yimuphi omunye umthwalo phezu kwenu. 25 Noma kunjalo, bambelelani ngokuqinile kulokho eninakho ngize ngifike. + 26 Onqobayo futhi agcine izenzo zami kuze kube sekupheleni, ngiyomnika igunya phezu kwezizwe, + 27 uyokwelusa abantu ngenduku yensimbi + kangangokuthi bayophihlizwa babe izicucu njengezitsha zobumba, njengoba nami ngilamukele kuBaba. 28 Ngiyomnika nenkanyezi yokusa. + 29 Onendlebe makezwe lokho umoya okushoyo emabandleni.’
3 “Ingelosi yebandla laseSardesi yibhalele lokhu: Yilezi izinto azishoyo lowo onemimoya kaNkulunkulu eyisikhombisa + nezinkanyezi eziyisikhombisa: + ‘Ngiyazazi izenzo zakho, ukuthi unedumela* lokuthi uyaphila kodwa ufile. + 2 Qapha + futhi uqinise izinto ezisele ebesezilungele ukufa, ngoba angikutholanga wenze imisebenzi yakho ngokugcwele* phambi kukaNkulunkulu wami. 3 Ngakho-ke, qhubeka ukhumbula ukuthi wamukele kanjani nokuthi wezwa kanjani, uqhubeke ukugcina futhi uphenduke. + Ngokuqinisekile ngaphandle kokuba uvuke, ngiyofika njengesela, + futhi ngeke wazi nhlobo ukuthi yiliphi ihora engiyokufikela ngalo. +
4 “ ‘Noma kunjalo, unabo abambalwa* eSardesi abangazingcolisanga izingubo zabo, + bayohamba nami ngezimhlophe + ngoba bayakufanelekela. 5 Onqobayo + uyogqoka izingubo ezimhlophe, + angisoze ngalisula* igama lakhe encwadini yokuphila, + kodwa ngiyolivuma igama lakhe phambi kukaBaba naphambi kwezingelosi zakhe. + 6 Onendlebe makezwe lokho umoya okushoyo emabandleni.’
7 “Ingelosi yebandla laseFiladelfiya yibhalele lokhu: Yilezi izinto azishoyo ongcwele, + oqinisile, + onesihluthulelo sikaDavide, + ovula kungavali muntu futhi avale kungavuli muntu: 8 ‘Ngiyazazi izenzo zakho—bheka! ngibeke phambi kwakho umnyango ovulekile, + okungekho muntu ongawuvala. Ngiyazi nokuthi unamandla amancane, kodwa uligcinile izwi lami futhi awuzange uzibonakalise ungathembekile egameni lami. 9 Bheka! Ngiyokwenza labo abavela esinagogeni likaSathane abathi bangamaJuda kodwa bengewona, + beqamba amanga—bheka! ngiyobenza beze bakhothame phambi kwezinyawo zakho, ngibenze bazi ukuthi ngikuthandile. 10 Ngenxa yokuthi uligcinile izwi lokukhuthazela kwami, *+ nami ngiyokugcina ukuba ungangeni ehoreni lokuvivinywa, + eliyofika phezu komhlaba wonke owakhiwe, ukuze kuvivinywe abahlala emhlabeni. 11 Ngiyeza masinyane. + Qhubeka ubambelele ngokuqinile kulokho onakho, ukuze kungabikho muntu othatha umqhele wakho. +
12 “ ‘Onqobayo—ngiyomenza insika ethempelini likaNkulunkulu wami, akasoze aphinde aphume kulo, futhi ngiyobhala kuye igama likaNkulunkulu wami + negama ledolobha likaNkulunkulu wami, iJerusalema Elisha + elehla livela ezulwini kuNkulunkulu wami, negama lami elisha. + 13 Onendlebe makezwe lokho umoya okushoyo emabandleni.’
14 “Ingelosi yebandla laseLawodikeya + yibhalele lokhu: Yilezi izinto azishoyo u-Amen, + ufakazi + othembekile noqinisile, + isiqalo sendalo kaNkulunkulu: + 15 ‘Ngiyazazi izenzo zakho, ukuthi awubandi futhi awushisi. Ngifisa sengathi ngabe uyabanda noma uyashisa. 16 Ngenxa yokuthi untukuntuku, awushisi + futhi awubandi, + ngizokuhlanza uphume emlonyeni wami. 17 Ngoba uthi, “Ngicebile, + ngiye ngazuza ingcebo futhi akukho engikudingayo,” kodwa awazi ukuthi ungowosizi, uyadabukisa nokuthi umpofu, uyimpumputhe futhi unqunu, 18 ngikweluleka ukuba uthenge kimi igolide elicwengisiswe ngomlilo ukuze ucebe, nezingubo ezimhlophe ukuze ugqoke futhi ihlazo lobunqunu bakho lingabonakali, + nomuthi wamehlo ukuba uwuhlikihle emehlweni akho + ukuze ubone. +
19 “ ‘Bonke engibathandayo ngiyabasola ngibayale. + Ngakho shiseka, uphenduke. + 20 Bheka! Ngimi emnyango ngiyangqongqoza. Uma umuntu ezwa izwi lami bese evula umnyango, ngizongena endlini yakhe ngidle naye isidlo sakusihlwa, naye adle nami. 21 Onqobayo + ngiyomnika ukuba ahlale nami esihlalweni sami sobukhosi, + njengoba nje nami nganqoba, ngahlala + noBaba esihlalweni sakhe sobukhosi. 22 Onendlebe makezwe lokho umoya okushoyo emabandleni.’ ”
4 Ngemva kwalokhu ngabona umnyango ovulekile ezulwini, izwi lokuqala engalizwa likhuluma nami lalinjengecilongo, lithi: “Khuphukela lapha, ngizokubonisa izinto okumele zenzeke.” 2 Ngemva kwalokhu masinyane ngaba semandleni omoya, bheka! isihlalo sobukhosi sasisendaweni yaso ezulwini, kwakukhona ohlezi kulesi sihlalo sobukhosi. + 3 Lowo owayehlezi wayebukeka njengetshe lejaspi + netshe elibomvu,* isihlalo sobukhosi sasizungezwe uthingo olubukeka njenge-emeraldi. *+
4 Isihlalo sobukhosi sasizungezwe yizihlalo zobukhosi ezingu-24, kulezi zihlalo zobukhosi ngabona kuhlezi abadala abangu-24 + begqoke izingubo ezimhlophe, emakhanda abo kunemiqhele yegolide. 5 Esihlalweni sobukhosi kwakuphuma imibani, + amazwi kanye nokuduma kwezulu; + kukhona izibani zomlilo eziyisikhombisa ezivuthayo phambi kwesihlalo sobukhosi, lezi zisho imimoya eyisikhombisa kaNkulunkulu. + 6 Phambi kwesihlalo sobukhosi kwakukhona okufana nolwandle lwengilazi, + njengekristalu.
Kwakunezidalwa ezine eziphilayo + zigcwele amehlo ngaphambili nangemuva, ziphakathi kwesihlalo sobukhosi* futhi zisizungezile. 7 Isidalwa esiphilayo sokuqala sasinjengebhubesi, + isidalwa esiphilayo sesibili sinjengenkunzi, + isidalwa esiphilayo sesithathu + sasinobuso obunjengobomuntu, kanti isidalwa esiphilayo sesine + sasinjengokhozi olundizayo. + 8 Ngokuqondene nalezi zidalwa ezine eziphilayo, ngasinye sazo sasinamaphiko ayisithupha; zigcwele amehlo nxazonke nangaphansi kwamaphiko. + Aziphumuli, imini nobusuku zithi: “Ungcwele, ungcwele, ungcwele uJehova *+ uNkulunkulu, uMninimandla Onke, owayekhona nokhona nozayo.” +
9 Noma nini lapho izidalwa eziphilayo zinikela inkazimulo nodumo nokubonga kuLowo ohlezi esihlalweni sobukhosi, Lowo ophila kuze kube phakade naphakade, + 10 abadala abangu-24 + bawa phansi phambi kwaLowo ohlezi esihlalweni sobukhosi bakhulekele Lowo ophila kuze kube phakade naphakade, baphonse imiqhele yabo phambi kwesihlalo sobukhosi, bathi: 11 “Kukufanele Jehova* Nkulunkulu wethu, ukwamukela inkazimulo + nodumo + namandla, + ngoba wadala zonke izinto, + nangenxa yentando yakho zaba khona zadalwa.”
5 Esandleni sokudla saLowo ohlezi esihlalweni sobukhosi + ngabona umqulu ubhalwe ngaphakathi nangaphandle,* uvalwe waqiniswa ngezimpawu eziyisikhombisa. 2 Ngabona ingelosi enamandla imemeza ngezwi elikhulu, ithi: “Ngubani okufanelekelayo ukuvula umqulu aqaqe izimpawu zawo?” 3 Kodwa kwakungekho noyedwa ezulwini noma emhlabeni noma ngaphansi komhlaba owayekwazi ukuwuvula umqulu noma ukuwufunda. 4 Ngakhala kakhulu ngoba engekho owatholakala ekufanelekela ukuwuvula lo mqulu noma ukuwufunda. 5 Kodwa omunye wabadala wathi kimi: “Yeka ukukhala. Bheka! IBhubesi* lesizwe sakwaJuda, + impande + kaDavide, + linqobile + ukuze liwuvule umqulu nezimpawu zawo eziyisikhombisa.”
6 Ngabona kumi iwundlu + eceleni* kwesihlalo sobukhosi naphakathi kwezidalwa eziphilayo ezine kanye nabadala, + kunjengokungathi lihlatshiwe, + linezimpondo eziyisikhombisa namehlo ayisikhombisa—amehlo asho imimoya eyisikhombisa kaNkulunkulu + ethunyelwe emhlabeni wonke. 7 Ngaso leso sikhathi lasondela lawuthatha esandleni sokudla saLowo ohlezi esihlalweni sobukhosi. + 8 Lapho lithatha lo mqulu, izidalwa ezine eziphilayo nabadala abangu-24 + bawa phansi phambi kweWundlu, yilowo nalowo enehabhu nezitsha zegolide ezazigcwele impepho. (Impepho isho imithandazo yabangcwele.) + 9 Bahlabelela ingoma entsha, + bethi: “Uyakufanelekela ukuthatha umqulu uvule izimpawu zawo, ngoba wahlatshwa futhi ngegazi lakho wathengela uNkulunkulu abantu + kuzo zonke izinhlanga nezilimi nabantu nezizwe, + 10 wabenza baba ngumbuso + nabapristi kuNkulunkulu wethu, + futhi bayobusa njengamakhosi + phezu komhlaba.”
11 Ngabona, futhi ngezwa izwi lezingelosi eziningi ezizungeze isihlalo sobukhosi nezidalwa eziphilayo nabadala, isibalo sazo sasingamashumi ezinkulungwane aphindwe ngamashumi ezinkulungwane nezinkulungwane zezinkulungwane, + 12 zazithi ngezwi elikhulu: “IWundlu elahlatshwa + liyakufanelekela ukwamukela igunya nengcebo nokuhlakanipha namandla nodumo nenkazimulo nesibusiso.” +
13 Zonke izidalwa ezisezulwini nasemhlabeni nangaphansi komhlaba + nezisolwandle, yebo, zonke izinto ezikukho, ngazizwa zithi: “KuLowo ohlezi esihlalweni sobukhosi + nakulo iWundlu + makube isibusiso nodumo + nenkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade.” + 14 Izidalwa ezine eziphilayo zazithi: “Amen!” abadala bawa phansi bakhuleka.
6 Ngabona lapho iWundlu + livula olunye lwezimpawu eziyisikhombisa, + ngezwa esinye sezidalwa ezine eziphilayo + sithi ngezwi elinjengokuduma kwezulu: “Woza!” 2 Ngabona ihhashi elimhlophe, + oligibele wayenomnsalo; wanikwa umqhele, + waphuma enqoba futhi eyophelelisa ukunqoba kwakhe. +
3 Lapho livula uphawu lwesibili, ngezwa isidalwa esiphilayo sesibili + sithi: “Woza!” 4 Kwaphuma elinye ihhashi, elibomvu njengomlilo, oligibele wanikwa ukuba asuse ukuthula emhlabeni ukuze babulalane, wanikwa nenkemba enkulu. +
5 Lapho livula uphawu lwesithathu, + ngezwa isidalwa esiphilayo sesithathu + sithi: “Woza!” Ngabona ihhashi elimnyama, lowo oligibele wayephethe isikali esandleni sakhe. 6 Ngezwa okunjengokungathi izwi phakathi kwezidalwa ezine eziphilayo lithi: “Ilitha* likakolweni ngodenariyu, *+ namalitha amathathu ebhali ngodenariyu; ungawoni amafutha omnqumo newayini.” +
7 Lapho livula uphawu lwesine, ngezwa izwi lesidalwa esiphilayo sesine + lithi: “Woza!” 8 Ngabona ihhashi eliphaphathekile, oligibele wayenegama elithi ukuFa. IThuna* lalimlandela eduze. Banikwa igunya phezu kwengxenye eyodwa kwezine zomhlaba, ukuba babulale ngenkemba ende nangendlala, + nangesifo esibulalayo nangezilo zasendle zomhlaba. +
9 Lapho livula uphawu lwesihlanu, ngabona ngaphansi kwe-altare + imiphefumulo *+ yalabo ababulawa ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yomsebenzi wabo wokufakaza. + 10 Bamemeza ngezwi elikhulu, bathi: “Kuyoze kube nini, Nkosi EnguMbusi, engcwele neyeqiniso, + uyeka ukwahlulela nokuphindiselela igazi lethu kulabo abahlala emhlabeni?” + 11 Ngamunye kubo wanikwa isembatho esimhlophe, + batshelwa ukuba baphumule isikhashana, kuze kugcwale isibalo sezinceku ezikanye nabo nabafowabo abase bezobulawa njengoba nabo bebulewe. +
12 Ngabona lapho livula uphawu lwesithupha, kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu; ilanga laba mnyama njengendwangu yesaka emnyama eyenziwe ngoboya,* yonke inyanga yaba njengegazi, + 13 izinkanyezi zezulu zawela emhlabeni, njengalapho isihlahla samakhiwane sinyakaziswa umoya omkhulu, siwisa amakhiwane aso aluhlaza. 14 Izulu lagoqwa njengomqulu lanyamalala, + zonke izintaba nazo zonke iziqhingi zasuswa ezindaweni zazo. + 15 Amakhosi omhlaba, izikhulu eziphakeme, abalawuli bamabutho, abacebile, abanamandla, zonke izigqila nabo bonke abantu abakhululekile bacasha emihumeni nasemadwaleni asezintabeni. + 16 Baqhubeka bethi ezintabeni nasemadwaleni: “Welani phezu kwethu + nisifihle emehlweni aLowo ohlezi esihlalweni sobukhosi + nasolakeni lweWundlu, + 17 ngoba usuku olukhulu lolaka lwabo selufikile, + futhi ubani okwaziyo ukuma?” +
7 Ngemva kwalokhu ngabona izingelosi ezine zimi emagumbini amane omhlaba, zibambe imimoya emine yomhlaba zayiqinisa, ukuze kungabikho moya ovunguzayo emhlabeni noma olwandle noma kunoma yisiphi isihlahla. 2 Ngabona enye ingelosi inyuka ivela empumalanga, inophawu lukaNkulunkulu ophilayo; yamemeza ngezwi elikhulu izingelosi ezine ezazinikwe ukuba zilimaze umhlaba nolwandle, 3 yathi: “Ningawulimazi umhlaba noma ulwandle noma izihlahla, kuze kube yilapho sesizibeke uphawu + izinceku zikaNkulunkulu wethu eziphongweni zazo.” +
4 Ngezwa isibalo salabo ababekwa uphawu, bangu-144 000 + ababekwa uphawu kuzo zonke izizwe zabantwana bakwa-Israyeli: +
5 Esizweni sakwaJuda bangu-12 000 ababekwa uphawu;
esizweni sakwaRubeni bangu-12 000;
esizweni sakwaGadi bangu-12 000;
6 esizweni sakwa-Asheri bangu-12 000;
esizweni sakwaNafetali bangu-12 000;
esizweni sakwaManase + bangu-12 000;
7 esizweni sakwaSimeyoni bangu-12 000;
esizweni sakwaLevi bangu-12 000;
esizweni sakwa-Isakare bangu-12 000;
8 esizweni sakwaZebhuloni bangu-12 000;
esizweni sakwaJosefa bangu-12 000;
esizweni sakwaBhenjamini bangu-12 000 ababekwa uphawu.
9 Ngemva kwalokhu, ngabona isixuku esikhulu, okungekho muntu owakwazi ukusibala, siphuma kuzo zonke izizwe nezinhlanga nabantu nezilimi, + simi phambi kwesihlalo sobukhosi naphambi kweWundlu, sigqoke izingubo ezimhlophe; + kukhona amagatsha esundu ezandleni zaso. + 10 Siqhubeka simemeza ngezwi elikhulu, sithi: “Insindiso yethu ivela kuNkulunkulu wethu, ohlezi esihlalweni sobukhosi, + nakulo iWundlu.” +
11 Zonke izingelosi zazimi zizungeze isihlalo sobukhosi nabadala + nezidalwa ezine eziphilayo, futhi zawa ngobuso phambi kwesihlalo sobukhosi zakhulekela uNkulunkulu, 12 zithi: “Amen! Ukudunyiswa nenkazimulo nokuhlakanipha nokubonga nodumo namandla makube kuNkulunkulu wethu kuze kube phakade naphakade. + Amen.”
13 Ebona lokhu omunye kubadala wathi kimi: “Laba abagqoke izingubo ezimhlophe, + bangobani futhi bavelaphi?” 14 Ngaso leso sikhathi ngathi kuye: “Nkosi yami, nguwe owaziyo.” Wathi kimi: “Laba yilabo abaphuma osizini olukhulu, + abaye bawasha izingubo zabo zaba mhlophe egazini leWundlu. + 15 Yingakho bephambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu, banikela inkonzo engcwele kuye imini nobusuku ethempelini lakhe; Lowo ohlezi esihlalweni sobukhosi + uyokwendlala itende lakhe phezu kwabo. + 16 Ngeke besalamba noma besoma, ilanga nanoma yikuphi ukushisa okuhangulayo ngeke kusabashisa, + 17 ngoba iWundlu, + eliseceleni* kwesihlalo sobukhosi, liyobelusa, + futhi liyobaqondisa emithonjeni* yamanzi okuphila. + UNkulunkulu uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo.” +
8 Lapho livula + uphawu lwesikhombisa, + kwathula kwathi cwaka ezulwini cishe isigamu sehora. 2 Ngabona izingelosi eziyisikhombisa + ezima phambi kukaNkulunkulu, zanikwa amacilongo ayisikhombisa.
3 Enye ingelosi yafika yama e-altare, + iphethe isitsha sempepho segolide, yanikwa impepho eningi + ukuba iyinikele kanye nemithandazo yabo bonke abangcwele e-altare legolide + elaliphambi kwesihlalo sobukhosi. 4 Intuthu yempepho yanyuka iphuma esandleni sengelosi kanye nemithandazo + yabangcwele phambi kukaNkulunkulu. 5 Kodwa ngaso leso sikhathi ingelosi yathatha isitsha sempepho, yasigcwalisa ngomunye womlilo wase-altare yawuphonsa emhlabeni. Kwaduma izulu, kwaba khona amazwi nemibani + nokuzamazama komhlaba. 6 Izingelosi eziyisikhombisa eziphethe amacilongo ayisikhombisa + zalungela ukuwashaya.
7 Eyokuqala yashaya icilongo layo. Kwaba khona isichotho nomlilo, kuxubene negazi, kwaphonswa emhlabeni; + ingxenye yesithathu yomhlaba yasha, nengxenye yesithathu yezihlahla yasha, nazo zonke izimila eziluhlaza zasha. +
8 Ingelosi yesibili yashaya icilongo layo. Okuthile okunjengentaba enkulu evutha umlilo kwaphonswa olwandle. + Ingxenye yesithathu yolwandle yaba yigazi; + 9 ingxenye yesithathu yezidalwa* zasolwandle yafa, + nengxenye yesithathu yemikhumbi yaphahlazeka.
10 Ingelosi yesithathu yashaya icilongo layo. Inkanyezi enkulu evutha njengesibani yawa isuka ezulwini, yawela engxenyeni yesithathu yemifula nasemithonjeni* yamanzi. + 11 Igama lale nkanyezi uMhlonyane. Ingxenye yesithathu yamanzi yaphenduka umhlonyane, futhi abantu abaningi bafa ngenxa yala manzi, ngoba ayenziwe ababa. +
12 Ingelosi yesine yashaya icilongo layo. Ingxenye yesithathu yelanga yashaywa + nengxenye yesithathu yenyanga nengxenye yesithathu yezinkanyezi, ukuze ingxenye yesithathu yazo yenziwe ibe mnyama + futhi ingxenye yesithathu yosuku ingakhanyi, nobusuku ngokufanayo.
13 Ngabona futhi ngezwa ukhozi lundiza emkhathini luthi ngezwi elikhulu: “Maye, maye, maye + kulabo abahlala emhlabeni ngenxa yakho konke okunye ukukhala kwamacilongo ezingelosi ezintathu esezizoshaya amacilongo azo!” +
9 Ingelosi yesihlanu yashaya icilongo layo. + Ngabona inkanyezi eyayiwele emhlabeni isuka ezulwini, yanikwa isihluthulelo somgodi wakwalasha. + 2 Yavula umgodi wakwalasha, kwanyuka intuthu iphuma emgodini njengentuthu yesithando somlilo esikhulu, intuthu yalo mgodi yenza ilanga nomoya kwafiphala. + 3 Entuthwini kwaphuma isikhonyane* saya emhlabeni, + sanikwa igunya, igunya elifana nalelo ofezela bomhlaba abanalo. 4 Satshelwa ukuba singazilimazi izimila zomhlaba nanoma yisiphi esinye isitshalo esiluhlaza nanoma yisiphi isihlahla, kodwa kuphela labo bantu abangenalo uphawu lukaNkulunkulu eziphongweni zabo. *+
5 Isikhonyane savunyelwa ukuba sibahluphe izinyanga ezinhlanu kodwa singababulali, futhi ukuhlushwa kwabo kwakunjengokuhlushwa ufezela + lapho utinyela umuntu. 6 Ngalezo zinsuku, abantu bayofuna ukufa kodwa ngeke bafe, bayofisa ukufa kodwa ukufa kuyobabalekela.
7 Isikhonyane sasibukeka njengamahhashi alungiselwe impi; + emakhanda aso kwakukhona okwakungathi imiqhele yegolide, ubuso baso bunjengobuso babantu, 8 kodwa sasinezinwele ezinjengezabesifazane. Amazinyo aso enjengawamabhubesi, + 9 sasinezivikelo zesifuba zensimbi. Umsindo wamaphiko aso wawunjengomsindo wezinqola zamahhashi agijimela empini. + 10 Sasinemisila enezindosi njengofezela, igunya laso lokulimaza abantu izinyanga ezinhlanu lisemisileni yaso. + 11 Sinenkosi ephezu kwaso, ingelosi yakwalasha. + NgesiHebheru igama layo ngu-Abhadoni,* kodwa ngesiGreki inegama elithi Apholiyoni.*
12 Umaye owodwa udlulile. Kuseza abanye omaye ababili + ngemva kwalezi zinto.
13 Ingelosi yesithupha + yashaya icilongo layo. + Ngezwa izwi elilodwa liphuma ezimpondweni ze-altare legolide + eliphambi kukaNkulunkulu 14 lithi engelosini yesithupha eyayinecilongo: “Khulula izingelosi ezine eziboshwe emfuleni omkhulu i-Ewufrathe.” + 15 Izingelosi ezine ebezilungiselelwe ihora nosuku nenyanga nonyaka, zakhululwa ukuze zibulale ingxenye yesithathu yabantu.
16 Isibalo samabutho agibele amahhashi sasiyizinkulungwane ezingamashumi amabili eziphindwe ngezinkulungwane eziyishumi;* ngasizwa isibalo sawo. 17 Yile ndlela engawabona ebukeka ngayo amahhashi embonweni nalabo ababewagibele: Babenezivikelo zesifuba ezinokubomvu njengomlilo nokuluhlaza njengehiyakinte nokuphuzi njengesibabule, amakhanda amahhashi ayenjengamakhanda amabhubesi, + emilonyeni yawo kwaphuma umlilo nentuthu nesibabule. 18 Ingxenye yesithathu yabantu yabulawa yilezi zinhlupho ezintathu, umlilo nentuthu nesibabule okwakuphuma emilonyeni yawo. 19 Ngoba igunya lamahhashi lisemilonyeni yawo nasemisileni yawo, imisila yawo injengezinyoka futhi inamakhanda alimaza ngayo abantu.
20 Kodwa bonke abanye abantu abangabulawanga yilezi zinhlupho abazange baphenduke emisebenzini yezandla zabo; abazange bayeke ukukhulekela amademoni, nezithixo zegolide, nezesiliva, nezethusi, nezetshe, nezokhuni, okungakwazi ukubona noma ukuzwa noma ukuhamba. + 21 Abazange baphenduke nasezenzweni zabo zokubulala noma ezenzweni zabo zokusebenzelana nemimoya noma ekuziphatheni kabi ngokocansi* noma ekwebeni kwabo.
10 Ngabona enye ingelosi enamandla yehla ivela ezulwini, ivunule* ngefu, kunothingo ekhanda layo, ubuso bayo bunjengelanga, + nemilenze* yayo injengezinsika zomlilo, 2 esandleni sayo yayiphethe umqulu omncane ovuliwe. Yabeka unyawo lwayo lwesokudla olwandle, kodwa olwesobunxele emhlabeni, 3 yamemeza ngezwi elikhulu njengalapho kubhonga ibhubesi. + Lapho imemeza, amazwi okuduma kwezulu okuyisikhombisa + akhuluma.
4 Lapho ukuduma kwezulu okuyisikhombisa kukhuluma, ngase ngilungele ukubhala; kodwa ngezwa izwi livela ezulwini + lithi: “Zivale ngophawu izinto ezishiwo ukuduma kwezulu okuyisikhombisa, ungazibhali.” 5 Ingelosi engayibona imi phezu kolwandle naphezu komhlaba yaphakamisela isandla sayo sokudla ezulwini, 6 yafunga Lowo ophila kuze kube phakade naphakade, + owadala izulu nezinto ezikulo nomhlaba nezinto ezikuwo nolwandle nezinto ezikulo, + yathi: “Ngeke kusabambezeleka. 7 Kodwa ngezinsuku ingelosi yesikhombisa + ezoshaya ngazo icilongo layo, + imfihlo engcwele + uNkulunkulu ayimemezela njengezindaba ezinhle ezincekwini zakhe abaprofethi + ngempela izogcwaliseka.”
8 Ngaphinde ngezwa izwi livela ezulwini + likhuluma nami lithi: “Hamba, uthathe umqulu ovulekile osesandleni sengelosi emi phezu kolwandle naphezu komhlaba.” + 9 Ngaya engelosini ngayitshela ukuba inginike umqulu omncane. Yathi kimi: “Wuthathe uwudle uwuqede, + uzokwenza isisu sakho sibe buhlungu,* kodwa emlonyeni wakho uzoba mnandi njengoju lwezinyosi.” 10 Ngawuthatha umqulu omncane esandleni sengelosi ngawudla, + emlonyeni wami wawumnandi njengoju lwezinyosi, + kodwa lapho sengiwudlile, isisu sami saba buhlungu.* 11 Kwathiwa kimi: “Kumele uphinde uprofethe mayelana nabantu nezizwe nezilimi namakhosi amaningi.”
11 Nganikwa umhlanga onjengenduku *+ kwathiwa: “Sukuma ukale indlu engcwele yethempeli likaNkulunkulu ne-altare nabakhulekela kuyo. 2 Kodwa igceke elingaphandle kwendlu engcwele yethempeli, lona liyeke ungalikali, ngoba linikwe izizwe futhi idolobha elingcwele + ziyolinyathela ngezinyawo izinyanga ezingu-42. + 3 Ngizobangela ofakazi bami ababili ukuba baprofethe begqoke indwangu yesaka, izinsuku ezingu-1 260.” 4 Laba bafanekiselwa yizihlahla zeminqumo ezimbili + nayizinti zezibani ezimbili + futhi bami phambi kweNkosi yomhlaba. +
5 Uma kukhona ofuna ukubalimaza, kuphuma umlilo emilonyeni yabo ushise izitha zabo. Uma noma ubani engase afune ukubalimaza, kumele abulawe ngaleyo ndlela. 6 Laba banegunya lokuvala isibhakabhaka *+ ukuze imvula ingani + phakathi nezinsuku zokuprofetha kwabo, futhi banegunya phezu kwamanzi lokuwaphendula abe yigazi + nelokushaya umhlaba ngazo zonke izinhlobo zezinhlupho kaningi ngangokuthanda kwabo.
7 Lapho sebeqedile ukufakaza, isilo sasendle esiphuma kwalasha siyolwa nabo sibanqobe futhi sibabulale. + 8 Izidumbu zabo ziyoba semgwaqweni omkhulu wedolobha elikhulu, lelo ngomqondo ongokomfanekiso elibizwa ngokuthi iSodoma neGibhithe, lapho neNkosi yabo eyabulawelwa khona esigxotsheni. 9 Abanye kubantu nezinhlanga nezilimi nezizwe bayozibuka izidumbu zabo izinsuku ezintathu nengxenye, + bangavumi ukuba izidumbu zabo zingcwatshwe. 10 Abahlala emhlabeni bayojabula ngabo bahalalise, bayothumelelana izipho, ngoba laba baprofethi ababili babahlupha labo abahlala emhlabeni.
11 Ngemva kwalezo zinsuku ezintathu nengxenye, umoya wokuphila ovela kuNkulunkulu wangena kubo, + bama ngezinyawo, labo ababebabona behlelwa ukwesaba okukhulu. 12 Bezwa izwi elikhulu livela ezulwini lithi kubo: “Khuphukelani lapha.” Bakhuphukela ezulwini ngefu, nezitha zabo zababona.* 13 Ngalelo hora kwaba nokuzamazama komhlaba okukhulu, ingxenye eyodwa kweziyishumi yedolobha yawa; abantu abangu-7 000 babulawa ukuzamazama komhlaba, bonke abanye bethuka bakhazimulisa uNkulunkulu wezulu.
14 Umaye wesibili + udlulile. Umaye wesithathu uyeza masinyane.
15 Ingelosi yesikhombisa yashaya icilongo layo. + Kwaba khona amazwi amakhulu ezulwini, athi: “Umbuso wezwe usunguMbuso weNkosi yethu + nokaKristu, *+ iyobusa* njengenkosi kuze kube phakade naphakade.” +
16 Abadala abangu-24 + ababehlezi phambi kukaNkulunkulu ezihlalweni zabo zobukhosi bawa ngobuso bakhulekela uNkulunkulu, 17 bathi: “Siyakubonga, Jehova* Nkulunkulu, Mninimandla Onke, okhona + nowayekhona, ngoba uthathe amandla akho amakhulu waqala ukubusa njengenkosi. + 18 Kodwa izizwe zaba nolaka, nolaka lwakho lwafika nesikhathi esimisiwe sokwahlulela abafile nokuzinika umvuzo + wazo izinceku zakho ezingabaprofethi, + nabangcwele nalabo abesaba igama lakho, abancane nabakhulu, nokubhubhisa labo abacekela phansi* umhlaba.” +
19 Indlu engcwele yethempeli likaNkulunkulu elisezulwini yavulwa, kwabonakala umphongolo wesivumelwano sakhe usendlini yakhe engcwele yethempeli. + Kwaba khona imibani namazwi nokuduma kwezulu nokuzamazama komhlaba nesichotho esikhulu.
12 Kwabonakala isibonakaliso esikhulu ezulwini: Owesifazane + evunule* ngelanga, nenyanga ingaphansi kwezinyawo zakhe, nasekhanda lakhe kukhona umqhele wezinkanyezi ezingu-12, 2 futhi wayekhulelwe. Wayekhala ngenxa yezinhlungu zakhe nemihelo yakhe yokubeletha.
3 Kwabonakala esinye isibonakaliso ezulwini. Bheka! Udrako omkhulu onombala obomvu njengomlilo, + onamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi, emakhanda akhe kunemiqhele* eyisikhombisa; 4 umsila wakhe udonsa ingxenye yesithathu yezinkanyezi + zezulu, wabe eseziphonsa phansi emhlabeni. + Udrako waqhubeka emi phambi kowesifazane + owayesezobeletha, ukuze kuthi lapho esebelethile, agwinye umntanakhe.
5 Wabeletha indodana, + owesilisa, ozokwelusa izizwe zonke ngenduku yensimbi. + Umntanakhe wahlwithwa* wayiswa kuNkulunkulu nasesihlalweni sakhe sobukhosi. 6 Owesifazane wabalekela ehlane, lapho enendawo khona ayilungiselelwe uNkulunkulu, lapho ayeyokondliwa khona izinsuku ezingu-1 260. +
7 Kwagqashuka impi ezulwini: UMikayeli *+ nezingelosi zakhe balwa nodrako, nodrako nezingelosi zakhe balwa 8 kodwa abazange banqobe,* nendawo yabo ayibange isatholakala ezulwini. 9 Ngakho waphonswa phansi udrako omkhulu, + inyoka yokuqala, + lowo obizwa ngokuthi uDeveli + noSathane, + odukisa umhlaba wonke owakhiwe; + waphonswa phansi emhlabeni, + nezingelosi zakhe zaphonswa phansi kanye naye. 10 Ngezwa izwi elikhulu ezulwini lithi:
“Manje isikhona insindiso, + namandla, noMbuso kaNkulunkulu wethu + negunya likaKristu wakhe, ngoba ummangaleli wabafowethu uphonswe phansi, lowo obamangalela imini nobusuku phambi kukaNkulunkulu wethu! + 11 Bamnqoba + ngenxa yegazi leWundlu + nangenxa yomyalezo ababewumemezela, + bangayithanda imiphefumulo *+ yabo ngisho nalapho bebhekene nokufa. 12 Ngenxa yalokhu, thokozani nina mazulu nani enihlala kuwo! Maye ngomhlaba nangolwandle, + ngoba uDeveli wehlele kini, ethukuthele kakhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane.” +
13 Manje lapho udrako ebona ukuthi uphonswe phansi emhlabeni, + washushisa owesifazane + owabeletha umntwana wesilisa. 14 Kodwa owesifazane wanikwa amaphiko amabili okhozi olukhulu, + ukuze andizele ehlane endaweni yakhe, lapho eyokondliwa khona isikhathi nezikhathi nengxenye yesikhathi *+ kude nenyoka. +
15 Inyoka yakhipha amanzi anjengomfula emlonyeni wayo ngemva kowesifazane, ukuze aminziswe yilo mfula. 16 Kodwa umhlaba wamsiza owesifazane, umhlaba wavula umlomo wawo wagwinya umfula udrako ayewukhiphe emlonyeni wakhe. 17 Udrako wamthukuthelela owesifazane, wahamba wayolwa nabasele benzalo* yakhe, + abagcina imiyalo kaNkulunkulu nabanomsebenzi wokufakaza ngoJesu. +
13 Wama* esihlabathini solwandle.
Ngabona isilo sasendle + sinyuka siphuma olwandle, + sinezimpondo eziyishumi namakhanda ayisikhombisa, ezimpondweni zaso kunemiqhele* eyishumi, kodwa emakhanda aso kunamagama enhlamba. 2 Isilo sasendle engasibona sasinjengengwe, kodwa izinyawo zaso zinjengezebhere, nomlomo waso unjengomlomo webhubesi. Udrako + wanika isilo amandla aso nesihlalo saso sobukhosi negunya elikhulu. +
3 Ngabona ukuthi elinye lamakhanda aso kwakungathi linenxeba elibulalayo, kodwa inxeba laso elibulalayo lase lipholile, + wonke umhlaba walandela isilo sasendle uncoma. 4 Abantu bakhulekela udrako ngoba wanika isilo sasendle igunya, futhi bakhulekela isilo sasendle ngala mazwi: “Ubani onjengesilo sasendle, ubani ongalwa naso?” 5 Sanikwa umlomo okhuluma izinto ezinkulu nenhlamba, sanikwa negunya lokuphatha izinyanga ezingu-42. + 6 Sahlambalaza + uNkulunkulu, sahlambalaza igama lakhe nendawo ahlala kuyo, ngisho nalabo abahlala ezulwini. + 7 Savunyelwa ukuba silwe nabangcwele sibanqobe, + sanikwa igunya phezu kwazo zonke izinhlanga nabantu nezilimi nezizwe. 8 Bonke abahlala emhlabeni bayosikhulekela. Akekho noyedwa kubo okwake kwalotshwa igama lakhe emqulwini wokuphila + weWundlu elabulawa, + kusukela ekusungulweni kwezwe.
9 Uma umuntu enendlebe, makezwe. + 10 Uma umuntu ehloselwe ukuthunjwa, uzothunjwa. Uma umuntu eyobulala ngenkemba,* kumele abulawe ngenkemba. + Yingakho abangcwele + bedinga ukukhuthazela + nokholo. +
11 Ngabona esinye isilo sasendle siphuma emhlabeni, sinezimpondo ezimbili njengewundlu, kodwa saqala ukukhuluma njengodrako. + 12 Sisebenzisa lonke igunya lesilo sasendle sokuqala + esiphambi kwaso. Senza ukuba umhlaba nalabo abahlala kuwo bakhulekele isilo sasendle sokuqala, esinxeba laso elibulalayo lalelashiwe. + 13 Senza izibonakaliso ezinkulu phambi kwabantu, size sehlisele nomlilo emhlabeni uvela ezulwini.
14 Sidukisa abahlala emhlabeni, ngenxa yezibonakaliso esavunyelwa ukuba sizenze phambi kwesilo sasendle, kuyilapho sitshela abahlala emhlabeni ukuba basenzele isithombe + isilo sasendle esasithole inxeba lenkemba nokho salulama. + 15 Savunyelwa ukuba sinike isithombe sesilo sasendle umoya,* ukuze lesi sithombe sesilo sasendle sikhulume futhi sibangele ukuba kubulawe bonke abangasoze basikhulekele isithombe sesilo sasendle.
16 Siphoqa bonke abantu—abantukazana nezikhulu, abacebile nabampofu, abakhululekile nezigqila—ukuba babekwe uphawu esandleni sabo sokudla noma esiphongweni* sabo, + 17 nokuba kungabikho muntu ozokwazi ukuthenga noma ukuthengisa ngaphandle komuntu onophawu, igama + lesilo sasendle noma inombolo yegama laso. + 18 Lapha yilapho kudingeka khona ukuhlakanipha: Ohlakaniphile makabale inombolo yesilo sasendle, ngoba iyinombolo yomuntu, inombolo yaso ngu-666. +
14 Ngabona iWundlu *+ limi eNtabeni iZiyoni, + kumi kanye nalo abangu-144 000 + kubhalwe igama lalo negama likaYise + eziphongweni zabo.* 2 Ngezwa umsindo uvela ezulwini unjengomsindo wamanzi amaningi nanjengomsindo wokuduma okukhulu kwezulu; umsindo engawuzwa wawunjengowabahlabeleli futhi beshaya amahabhu abo. 3 Bacula okungathi ingoma entsha + phambi kwesihlalo sobukhosi naphambi kwezidalwa ezine eziphilayo + nabadala, + futhi akekho owakwazi ukuyazi kahle leyo ngoma ngaphandle kwabangu-144 000, + abathengwe emhlabeni. 4 Laba yibo abangazange bazingcolise ngabesifazane; eqinisweni, banjengezintombi. + Laba yibo abaqhubeka belandela iWundlu kungakhathaliseki ukuthi liyaphi. + Laba bathengwa + kubantu njengolibo + kuNkulunkulu neWundlu, 5 futhi akukho nkohliso etholakala emilonyeni yabo; abanasici. +
6 Ngabona enye ingelosi indiza emkhathini, inezindaba ezinhle zaphakade ukuba izimemezele kwabahlala emhlabeni, kuzo zonke izizwe nezinhlanga nezilimi nabantu. + 7 Yayithi ngezwi elikhulu: “Mesabeni uNkulunkulu nimnike inkazimulo, ngoba ihora lokwahlulela kwakhe selifikile, + ngakho khulekelani Lowo owenza izulu nomhlaba nolwandle + nemithombo* yamanzi.”
8 Nenye ingelosi, eyesibili, yalandela, yathi: “Liwile! IBhabhiloni Elikhulu + liwile, + lona elenza ukuba zonke izizwe ziphuze iwayini lenkanuko* yokuziphatha kabi kwalo ngokocansi!” *+
9 Nenye ingelosi, yesithathu, yazilandela, ithi ngezwi elikhulu: “Uma umuntu ekhulekela isilo sasendle + nesithombe saso, abekwe nophawu esiphongweni sakhe* noma esandleni sakhe, + 10 uyophuza newayini lentukuthelo kaNkulunkulu elithululelwa endebeni yolaka lwaKhe + lingahlanjululiwe, ahlushwe ngomlilo nesibabule + phambi kwezingelosi ezingcwele naphambi kweWundlu. 11 Intuthu yokuhlushwa kwabo inyuka kuze kube phakade naphakade, + futhi abakutholi ukuphumula imini nobusuku, labo abakhulekela isilo sasendle nesithombe saso, nanoma ubani obekwa uphawu lwegama laso. + 12 Yingakho abangcwele + bedinga ukukhuthazela, labo abagcina imiyalo kaNkulunkulu nababambelela ngokuqinile okholweni + lukaJesu.”
13 Ngezwa izwi livela ezulwini lithi, “Bhala: Bayajabula abafile, abafa bemunye neNkosi + kusukela kulesi sikhathi kuqhubeke. Yebo, kusho umoya, mabaphumule ekuzikhandleni kwabo, ngoba izinto abazenza zihamba nabo.”
14 Ngabe sengibona ifu elimhlophe, phezu kwalo kuhlezi othile onjengendodana yomuntu, + enomqhele wegolide ekhanda nesikela elibukhali esandleni sakhe.
15 Kwaqhamuka enye ingelosi iphuma endlini engcwele yethempeli, imemeza lowo ohlezi efwini ngezwi elikhulu, ithi: “Faka isikela lakho uvune, ngoba selifikile ihora lokuvuna, ngoba isivuno somhlaba sesivuthwe ngokuphelele.” + 16 Ohlezi phezu kwefu walifaka isikela lakhe emhlabeni, umhlaba wavunwa.
17 Kwaqhamuka nenye futhi ingelosi iphuma endaweni engcwele yethempeli ezulwini, nayo iphethe isikela elibukhali.
18 Kwaqhamuka nenye futhi ingelosi iphuma e-altare, inegunya phezu komlilo. Yamemeza leyo eyayiphethe isikela elibukhali ngezwi elikhulu, yathi: “Faka isikela lakho elibukhali ubuthe amahlukuzo amagilebhisi omhlaba, ngoba izithelo zawo sezivuthiwe.” + 19 Le ngelosi yalifaka isikela layo emhlabeni yawabutha amagilebhisi omhlaba, yawaphonsa esikhamweni sewayini esikhulu sentukuthelo kaNkulunkulu. + 20 Isikhamo sewayini sanyathelwa ngaphandle kwedolobha, kwaphuma igazi esikhamweni sewayini lakhuphuka laze lafika ematomini amahhashi, ibanga eliyizinkundla zemidlalo ezingu-1 600.*
15 Ngabona ezulwini esinye isibonakaliso esikhulu futhi esimangalisayo, izingelosi eziyisikhombisa + ziphethe izinhlupho eziyisikhombisa. Lezi zingezokugcina, ngoba intukuthelo kaNkulunkulu ipheleliswa ngazo. +
2 Ngabona okwakungathi ulwandle lwengilazi + kuxubene nomlilo, nalabo abasinqobayo + isilo sasendle nesithombe saso + nesibalo segama laso + bemi ngasolwandle lwengilazi, bephethe amahabhu kaNkulunkulu. 3 Babecula ingoma kaMose + inceku kaNkulunkulu nengoma yeWundlu, + bethi:
“Mikhulu iyamangalisa imisebenzi yakho, + Jehova* Nkulunkulu, Mninimandla Onke. + Zilungile futhi ziyiqiniso izindlela zakho, + Nkosi yaphakade. + 4 Ubani ongeke ngempela akwesabe, Jehova,* akhazimulise igama lakho? Ngoba wena wedwa uthembekile. + Zonke izizwe ziyoza zikhuleke phambi kwakho, + ngoba izinqumo zakho ezilungile zembuliwe.”
5 Ngemva kwalokhu, ngabona indlu engcwele yetende lobufakazi + ezulwini ivulekile, + 6 izingelosi eziyisikhombisa ezinezinhlupho eziyisikhombisa + zaqhamuka ziphuma kule ndlu engcwele, zigqoke ilineni elihlanzekile, elikhanyayo futhi ezifubeni zibophe amabhande egolide. 7 Esinye sezidalwa ezine eziphilayo sanika izingelosi eziyisikhombisa izitsha eziyisikhombisa zegolide, ezazigcwele intukuthelo kaNkulunkulu + ophila kuze kube phakade naphakade. 8 Indlu engcwele yagcwala intuthu ngenxa yenkazimulo kaNkulunkulu + nangenxa yamandla akhe, akekho owakwazi ukungena endlini engcwele kwaze kwaphela izinhlupho eziyisikhombisa + zezingelosi eziyisikhombisa.
16 Ngezwa izwi elikhulu livela endlini engcwele + lithi ezingelosini eziyisikhombisa: “Hambani niyothululela izitsha eziyisikhombisa zentukuthelo kaNkulunkulu emhlabeni.” +
2 Eyokuqala yahamba yathululela isitsha sayo emhlabeni. + Isilonda esibuhlungu nesibulalayo + sahlupha abantu ababenophawu lwesilo sasendle + nababekhulekela isithombe saso. +
3 Eyesibili yathululela isitsha sayo olwandle. + Lwaba yigazi + elinjengelomuntu ofile, zonke izidalwa eziphilayo zafa, yebo, izinto ezisolwandle. +
4 Eyesithathu yathululela isitsha sayo emifuleni nasemithonjeni* yamanzi. + Yaba yigazi. + 5 Ngezwa ingelosi ephezu kwamanzi ithi: “Wena, okhona nowawukhona, + othembekile, + ulungile, ngoba ukhiphe lezi zahlulelo, + 6 ngenxa yokuthi bachitha igazi labangcwele nelabaprofethi, + ubanike igazi ukuba baliphuze; + kubafanele.” + 7 Ngezwa i-altare lithi: “Yebo, Jehova* Nkulunkulu, Mninimandla Onke, + ziyiqiniso futhi zilungile izahlulelo zakho.” *+
8 Eyesine yathululela isitsha sayo elangeni, + ilanga lanikwa ukuba lihangule abantu ngomlilo. 9 Abantu bahangulwa ukushisa okukhulu, kodwa bahlambalaza igama likaNkulunkulu, onegunya phezu kwalezi zinhlupho, futhi abazange baphenduke bamkhazimulise.
10 Eyesihlanu yathululela isitsha sayo esihlalweni sobukhosi sesilo sasendle. Umbuso waso waba mnyama, + baqala ukuziluma ulimi ngenxa yobuhlungu babo, 11 kodwa bahlambalaza uNkulunkulu wezulu ngenxa yezinhlungu nangenxa yezilonda zabo, futhi abazange baphenduke emisebenzini yabo.
12 Eyesithupha yathululela isitsha sayo emfuleni omkhulu i-Ewufrathe, + amanzi awo asha + ukuze kulungiswe indlela yamakhosi + avela empumalanga.
13 Ngabona namazwi amathathu aphefumulelwe angcolile* ayebukeka njengamaxoxo, ephuma emlonyeni kadrako + nasemlonyeni wesilo sasendle nasemlonyeni womprofethi wamanga. 14 Empeleni, lawa ngamazwi aphefumulelwe amademoni futhi enza izibonakaliso, + aphuma aqonde emakhosini omhlaba wonke owakhiwe, ukuze awabuthele ndawonye empini + yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla Onke. +
15 “Bheka! Ngiyeza njengesela. + Uyajabula ohlala ephapheme + egqoke nezingubo zakhe zangaphandle, ukuze angahambi nqunu nabantu babone ihlazo lakhe.” +
16 Awabuthela ndawonye endaweni ngesiHebheru ebizwa ngokuthi i-Armagedoni. *+
17 Eyesikhombisa yathululela isitsha sayo emoyeni. Kwabe sekuphuma izwi elikhulu endlini engcwele + livela esihlalweni sobukhosi, lithi: “Sekwenzekile!” 18 Kwaba khona imibani namazwi nokuduma kwezulu, kwaba khona nokuzamazama okukhulu komhlaba okwakuhlanganisa indawo enkulu, okwakungakaze kube khona okunjengakho kusukela abantu baba khona emhlabeni. + 19 Idolobha elikhulu + laqhekeka laba izingxenye ezintathu, namadolobha abezizwe awa; noNkulunkulu walikhumbula iBhabhiloni Elikhulu, + ukuze alinike indebe yewayini yolaka lwakhe oluvuthayo. + 20 Zonke iziqhingi zabaleka, nezintaba azitholakalanga. + 21 Kwehla isichotho esikhulu sivela ezulwini sehlela phezu kwabantu, + itshe laso ngalinye linesisindo esicishe sibe ngangethalenta,* abantu bahlambalaza uNkulunkulu ngenxa yenhlupho yesichotho, + ngoba inhlupho yaso yayinkulu ngokungajwayelekile.
17 Enye yezingelosi eziyisikhombisa ezazinezitsha eziyisikhombisa + yeza yathi kimi: “Woza, ngizokubonisa ukwahlulelwa kwesifebe esikhulu esihlala phezu kwamanzi amaningi, + 2 leso amakhosi omhlaba aziphatha kabi naso ngokocansi, *+ kanti labo abahlala emhlabeni badakwa yiwayini lokuziphatha kabi kwaso ngokocansi.” *+
3 Yangithwala ngamandla omoya yangiyisa ehlane. Ngabona owesifazane ehlezi phezu kwesilo sasendle esinombala obomvu esasigcwele amagama enhlamba, sinamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi. 4 Owesifazane wayegqoke okuphephuli + nokubomvu, ehlobe ngegolide nangamatshe ayigugu nangamapharele, + esandleni sakhe ephethe indebe yegolide eyayigcwele izinto ezinyanyekayo nezingcolile zokuziphatha kabi kwakhe ngokocansi.* 5 Esiphongweni sakhe* kwakubhalwe igama eliyimfihlakalo: “IBhabhiloni Elikhulu, unina wezifebe + nowamanyala omhlaba.” + 6 Ngabona ukuthi owesifazane wayedakwe yigazi labangcwele negazi lofakazi bakaJesu. +
Lapho ngimbona ngamangala kakhulu. 7 Ngakho ingelosi yathi kimi: “Kungani umangele? Ngizokutshela imfihlakalo yowesifazane + neyesilo sasendle esimthwele esinamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi: + 8 Isilo sasendle osibonile sasikhona, kodwa manje asisekho, nokho sesizonyuka siphume kwalasha, + futhi sizobhujiswa. Abahlala emhlabeni—labo amagama abo angabhalwanga encwadini yokuphila + kusukela ekusungulweni kwezwe—bayomangala lapho bebona ukuthi isilo sasendle sasikhona, kodwa manje asisekho, kodwa sisazoba khona.
9 “Lapha yilapho kudingeka khona ukuhlakanipha: Amakhanda ayisikhombisa + asho izintaba eziyisikhombisa, lapho kuhlezi khona owesifazane. 10 Kukhona amakhosi ayisikhombisa: Ayisihlanu asewile, enye ikhona, enye ayikafiki; kodwa lapho ifika kumele ihlale isikhashana. 11 Isilo sasendle esasikhona kodwa esingasekho, + naso siyinkosi ka-8, kodwa sivela kulawa ayisikhombisa, futhi sizobhujiswa.
12 “Izimpondo eziyishumi ozibonile zisho amakhosi ayishumi angakawamukeli umbuso, kodwa athola igunya njengamakhosi ihora elilodwa kanye nesilo sasendle. 13 Lawa anomqondo owodwa, ngakho anika isilo sasendle amandla awo negunya lawo. 14 Lawa ayolwa neWundlu, + kodwa ngenxa yokuthi liyiNkosi yamakhosi noMbusi wababusi, + iWundlu liyowanqoba. + Nalabo abakanye nalo ababiziwe nabakhethiwe nabathembekile nabo bayowanqoba.” +
15 Yathi kimi: “Amanzi owabonile, lawo isifebe esihlezi kuwo, asho abantu nezixuku nezizwe nezilimi. + 16 Izimpondo eziyishumi + ozibonile nesilo sasendle, + ziyosizonda isifebe + zisicekele phansi zisihambise nqunu, ziyoyidla ziyiqede inyama yaso futhi zisishise ngomlilo siphele. + 17 Ngoba uNkulunkulu ukufake ezinhliziyweni zawo* ukuba afeze umqondo wakhe, + yebo, ukuba afeze umqondo wawo owodwa ngokunika isilo sasendle + umbuso wawo, kuze kube yilapho esefezekile amazwi kaNkulunkulu. 18 Owesifazane + ombonile usho idolobha elikhulu elibusa phezu kwamakhosi omhlaba.”
18 Ngemva kwalokhu ngabona enye ingelosi yehla ezulwini inegunya elikhulu, umhlaba wakhanyiswa yinkazimulo yayo. 2 Yamemeza ngezwi elinamandla, ithi: “Liwile! IBhabhiloni Elikhulu liwile, + seliyindawo yokuhlala yamademoni nendawo yokuquba yawo wonke umoya ongcolile* neyazo zonke izinyoni ezingcolile nezinyanyekayo! + 3 Ngoba ngenxa yewayini lenkanuko* yokuziphatha kabi kwalo ngokocansi,* izizwe zonke ziye zaba izisulu, + namakhosi omhlaba aziphatha kabi nalo ngokocansi, + nabahwebi* bomhlaba baceba ngenxa yokutamasa kwalo ngokweqile.”
4 Ngezwa nelinye izwi livela ezulwini lithi: “Phumani kulo, bantu bami, + uma ningafuni ukuhlanganyela nalo ezonweni zalo, futhi ningafuni ukuhlushwa kanye nalo. + 5 Ngoba izono zalo ziye zanqwabelana zaze zafika ezulwini, + noNkulunkulu wazikhumbula izenzo zalo zokungalungi. *+ 6 Liphatheni ngendlela elaphatha ngayo abanye, + yebo, phindiselani kulo ngokuphindwe kabili ngenxa yezinto elazenza; + endebeni + elaxuba kuyo, lixubeleni ngokuphindwe kabili. + 7 Ngezinga elazikhazimulisa futhi laphila ngalo ngokutamasa, linikeni ngalelo zinga ukuhlushwa nokulila. Ngoba lilokhu lithi enhliziyweni yalo: ‘Ngihlezi njengendlovukazi, angiyena umfelokazi, futhi angisoze ngalila.’ + 8 Yingakho zizofika ngosuku olulodwa izinhlupho zalo, ukufa nokulila nendlala, futhi liyoshiswa ngomlilo liphele, + ngoba uJehova* uNkulunkulu, olahlulele, unamandla. +
9 “Amakhosi omhlaba aziphatha kabi nalo ngokocansi* futhi aphila nalo ngokutamasa ayokhala azishaye elusizi ngalo, lapho ebona intuthu yokusha kwalo. 10 Ayomela kude ngenxa yokwesaba ukuhlushwa kwalo, athi: ‘Kwaze kwakubi, kwaze kwakubi, dolobha elikhulu, + Bhabhiloni, wena dolobha elinamandla, ngoba ukwahlulelwa kwakho kufike ngehora elilodwa!’
11 “Abahwebi bomhlaba bayalikhalela futhi bayalililela, ngoba akusekho muntu oyophinde athenge impahla yabo, 12 impahla yegolide, isiliva, amatshe ayigugu, amapharele, ilineni elisezingeni eliphezulu, indwangu ephephuli, usilika nendwangu ebomvu; nayo yonke into eyenziwe ngokhuni olunephunga elimnandi; nazo zonke izinhlobo zezinto ezenziwe ngezinyo lendlovu, nangokhuni oluyigugu, nangethusi, nangensimbi, nangemabula; 13 kanye nesinamoni, isinongo saseNdiya, impepho, amafutha anamakha, inhlaka yempepho, iwayini, amafutha omnqumo, ufulawa osezingeni eliphezulu, ukolweni, izinkomo, izimvu, amahhashi, izinqola, izigqila nabanye abantu. 14 Yebo, izithelo ezinhle owawuzifisa awusenazo, nazo zonke izibiliboco nezinto eziwubukhazikhazi zishabalale zakuphelela, ngeke ziphinde zitholakale.
15 “Abahwebi ababedayisa lezi zinto, abaceba ngalo, bayomela kude ngenxa yokwesaba ukuhlushwa kwalo futhi bayokhala balile, 16 bathi: ‘Kwaze kwakubi, kwaze kwakubi, dolobha elikhulu, eligqoke ilineni elisezingeni eliphezulu nokuphephuli nokubomvu, elihlotshiswe ngemihlobiso yegolide nangamatshe ayigugu nangamapharele, + 17 ngoba ingcebo enkulu kangaka iye yacekelwa phansi ngehora elilodwa!’
“Bonke okaputeni bemikhumbi nabo bonke abantu abahamba olwandle, namatilosi nabo bonke abaziphilisa ngolwandle, bamela kude 18 bamemeza njengoba bebuka intuthu yokusha kwalo bathi: ‘Yiliphi idolobha elinjengaleli dolobha elikhulu?’ 19 Bazithela ngothuli emakhanda abo bamemeza, bekhala futhi belila, bathi: ‘Kwaze kwakubi, kwaze kwakubi, idolobha elikhulu, lelo bonke abanemikhumbi olwandle abaceba ngenxa yokunotha kwalo, ngoba liye lacekelwa phansi ngehora elilodwa!’ +
20 “Thokoza ngalo, wena zulu, + nani bangcwele + nani baphostoli nani baprofethi, ngoba uNkulunkulu uye wakhipha isahlulelo salo ngenxa yenu!” +
21 Ingelosi enamandla yaqukula itshe elinjengetshe lokugaya elikhulu yaliphonsa olwandle, yathi: “Lena yindlela iBhabhiloni, idolobha elikhulu eliyophonswa ngayo phansi ngokushesha futhi ngeke liphinde litholakale. + 22 Umsindo wabahlabeleli abashaya ihabhu, owabaculi, owabashaya imitshingo nowabashayi becilongo ngeke uphinde uzwakale kuwe. Akukho ngcweti eyenza noma yimuphi umsebenzi eyophinde itholakale kuwe, futhi akukho msindo wetshe lokugaya oyophinde uzwakale kuwe. 23 Akukho kukhanya kwesibani okuyophinde kukhanye kuwe, futhi akukho zwi lomkhwenyana nelikamakoti eliyophinde lizwakale kuwe; ngoba abahwebi bakho babengamadoda omhlaba asezikhundleni eziphezulu, nezizwe zonke zadukiswa ukusebenzelana kwakho nemimoya. + 24 Yebo, kwatholakala kulo igazi labaprofethi nelabangcwele + nelabo bonke abaye babulawa emhlabeni.” +
19 Ngemva kwalokhu, ngezwa okungathi izwi elikhulu lesixuku esikhulu ezulwini. Sathi: “Dumisani uJah! *+ Insindiso nenkazimulo namandla kungokukaNkulunkulu wethu, 2 ngoba izahlulelo zakhe ziyiqiniso futhi zilungile. + Ngoba usikhiphile isahlulelo phezu kwesifebe esikhulu esonakalisa umhlaba ngokuziphatha kabi kwaso ngokocansi,* waliphindiselela negazi lezinceku zakhe elisezandleni zaso.” *+ 3 Ngaso leso sikhathi saphinda okwesibili sathi: “Dumisani uJah! *+ Intuthu ephuma kuso isifebe inyuka kuze kube phakade naphakade.” +
4 Abadala abangu-24 + nezidalwa ezine eziphilayo + bawa phansi bakhulekela uNkulunkulu ohlezi esihlalweni sobukhosi, bathi: “Amen! Dumisani uJah!” *+
5 Kwaphuma izwi esihlalweni sobukhosi lathi: “Dumisani uNkulunkulu wethu, nonke nina zinceku zakhe, + ezimesabayo, abantukazana nezikhulu.” +
6 Ngezwa futhi okwakunjengokungathi izwi lesixuku esikhulu, kunjengomsindo wamanzi amaningi nanjengomsindo wokuduma okukhulu kwezulu. Sithi: “Dumisani uJah, *+ ngoba uJehova* uNkulunkulu wethu, uMninimandla Onke, + useqalile ukubusa njengenkosi! + 7 Masijabule sichichime injabulo, futhi simnike inkazimulo, ngoba umshado weWundlu ufikile nomkalo uzilungisile. 8 Yebo, unikwe ukuba agqoke ilineni elikhanyayo, elihlanzekile, nelisezingeni eliphezulu—ngoba ilineni elisezingeni eliphezulu limelela izenzo ezilungile zabangcwele.” +
9 Yathi kimi, “Bhala: Bayajabula abamenyelwe esidlweni sakusihlwa somshado weWundlu.” + Yaphinde yathi kimi: “Lawa ngamazwi eqiniso kaNkulunkulu.” 10 Ngawa phansi phambi kwezinyawo zayo ukuze ngiyikhulekele. Kodwa yathi kimi: “Qaphela! Ungakwenzi lokho! + Ngimane nje ngiyinceku kanye nawe nabafowenu abanomsebenzi wokufakaza ngoJesu. + Khulekela uNkulunkulu! + Ngoba ukufakaza ngoJesu yikho okuphefumulela isiprofetho.” +
11 Ngabona izulu livulekile, kwaphuma ihhashi elimhlophe. + Oligibele ubizwa ngokuthi oThembekile + noQinisile, + wahlulela futhi alwe ngokulunga. + 12 Amehlo akhe ayilangabi lomlilo + nasekhanda lakhe kukhona imiqhele eminingi.* Unegama elibhaliwe elingaziwa muntu ngaphandle kwakhe, 13 ugqoke ingubo yangaphandle echaphazelwe yigazi,* igama abizwa ngalo nguLizwi + KaNkulunkulu. 14 Amabutho asezulwini ayemlandela egibele amahhashi amhlophe, egqoke ilineni elimhlophe, elihlanzekile, elisezingeni eliphezulu. 15 Emlonyeni wakhe kuphuma inkemba ende ebukhali, + ukuze ashaye ngayo izizwe, futhi uyozelusa ngenduku yensimbi. + Ngaphezu kwalokho, unyathela isikhamo sewayini solaka oluvuthayo lukaNkulunkulu uMninimandla Onke. + 16 Engutsheni yakhe yangaphandle, yebo, ethangeni lakhe, unegama elibhaliwe, iNkosi yamakhosi noMbusi wababusi. +
17 Ngabona futhi ingelosi imi elangeni, yamemeza ngezwi elikhulu yathi kuzo zonke izinyoni ezindiza emkhathini: “Wozani lapha, buthanani ndawonye esidlweni sakusihlwa esikhulu sikaNkulunkulu, + 18 ukuze nidle inyama yamakhosi nenyama yezinduna zamabutho nenyama yamadoda anamandla + nenyama yamahhashi neyalabo abawagibele + nenyama yabo bonke, eyabakhululekile neyezigqila, eyabantukazana neyezikhulu.”
19 Ngaphinde ngabona kubuthene ndawonye isilo sasendle namakhosi omhlaba namabutho awo ngenjongo yokulwa nalowo ohlezi ehhashini nebutho lakhe. + 20 Isilo sasendle sabanjwa, sabanjwa nomprofethi wamanga + owenza izibonakaliso phambi kwaso, lezo adukisa ngazo labo abamukela uphawu lwesilo sasendle + nalabo abakhulekela isithombe saso. + Baphonswa bobabili besaphila echibini lomlilo ovutha isibabule. + 21 Kodwa bonke abanye babulawa ngenkemba ende eyaphuma emlonyeni walowo ogibele ihhashi. + Zonke izinyoni zasutha inyama yabo. +
20 Ngase ngibona ingelosi yehla ivela ezulwini iphethe isihluthulelo sakwalasha + neketanga elikhulu. 2 Yambamba udrako, + inyoka yokuqala, + onguDeveli + noSathane, + yambopha iminyaka engu-1 000. 3 Yamjikijela kwalasha, + yamvalela, yabeka uphawu, ukuze angazidukisi izizwe ize iphele iminyaka engu-1 000. Ngemva kwalokhu kumele akhululwe isikhashana. +
4 Ngabona nezihlalo zobukhosi, labo ababehlezi kuzo banikwa igunya lokwahlulela. Yebo, ngabona imiphefumulo* yalabo ababulawa* ngenxa yokufakaza ngoJesu nangenxa yokukhuluma ngoNkulunkulu, neyalabo ababengazange basikhulekele isilo sasendle noma isithombe saso futhi ababengalwamukelanga uphawu esiphongweni sabo* nasesandleni sabo. + Baphila futhi babusa njengamakhosi kanye noKristu + iminyaka engu-1 000. 5 (Bonke abanye abafile + abazange baphile yaze yaphela iminyaka engu-1 000.) Lolu wuvuko lokuqala. + 6 Uyajabula futhi ungcwele noma ubani onesabelo ovukweni lokuqala; + ukufa kwesibili + akunalo igunya phezu kwabo, + kodwa bayoba ngabapristi + bakaNkulunkulu nabakaKristu, babuse njengamakhosi kanye naye iminyaka engu-1 000. +
7 Ngokushesha nje lapho isiphelile le minyaka engu-1 000, uSathane uyokhululwa aphume ejele lakhe, 8 aphumele ukudukisa izizwe ezisemagumbini womane omhlaba, uGogi noMagogi, ukuze azibuthele ndawonye empini. Isibalo sazo singangesihlabathi solwandle. 9 Zasakazekela emhlabeni wonke zazungeza ikamu labangcwele nedolobha elithandekayo. Kodwa kwehla umlilo uvela ezulwini wazishisa waziqeda. + 10 UDeveli owayezidukisa waphonswa echibini lomlilo nesibabule, lapho kwase kukhona khona isilo sasendle + nomprofethi wamanga; + bayohlushwa* imini nobusuku kuze kube phakade naphakade.
11 Ngabona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe naLowo owayehlezi kuso. + Umhlaba nezulu kwabaleka phambi kwakhe, + indawo yako ayibange isatholakala. 12 Ngabona abafile, izikhulu nabantukazana, bemi phambi kwesihlalo sobukhosi, futhi imiqulu yavulwa. Kodwa kwavulwa nomunye umqulu; umqulu wokuphila. + Abafile bahlulelwa ngokwalezo zinto ezazibhalwe emiqulwini ngokwezenzo zabo. + 13 Ulwandle lwakhipha abafile ababekulo, nokufa neThuna* kwakhipha abafile ababekukho, bahlulelwa ngamunye ngokwezenzo zabo. + 14 Ukufa neThuna* kwaphonswa echibini lomlilo. + Lokhu kusho ukufa kwesibili, + ichibi lomlilo. + 15 Ngaphezu kwalokho, noma ubani ongatholakalanga ebhaliwe encwadini yokuphila + waphonswa echibini lomlilo. +
21 Ngabona izulu elisha nomhlaba omusha; + ngoba izulu langaphambili nomhlaba wangaphambili kwase kudlulile, + nolwandle + lungasekho. 2 Ngabona nedolobha elingcwele, iJerusalema Elisha, lehla livela ezulwini kuNkulunkulu + futhi lilungiswe njengomakoti ehlobele umyeni wakhe. + 3 Ngemva kwalokho ngezwa izwi elikhulu livela esihlalweni sobukhosi lithi: “Bheka! Itende likaNkulunkulu limi phakathi kwabantu, uyohlala nabo, babe ngabantu bakhe. UNkulunkulu ngokwakhe uyoba nabo. + 4 Uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, + ukufa ngeke kusaba khona, + noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. + Izinto zakudala sezidlulile.”
5 Lowo ohlezi esihlalweni sobukhosi + wathi: “Bheka! Ngenza konke kube kusha.” + Wathi futhi: “Bhala, ngoba la mazwi athembekile ayiqiniso.” 6 Wathi futhi kimi: “Sekwenzekile! Ngingu-Alfa no-Omega,* isiqalo nesiphetho. + Noma ubani owomile ngiyomphuzisa emthonjeni* wamanzi okuphila mahhala. *+ 7 Onqobayo uyozuza lezi zinto, futhi ngiyoba nguNkulunkulu wakhe yena abe yindodana yami. 8 Kodwa amagwala nabangenalo ukholo + nabanyanyekayo ngenxa yokungcola kwabo nababulali, + nabaziphatha kabi ngokocansi, *+ nabasebenzelana nemimoya, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqambimanga, + isabelo sabo siyoba sechibini elivutha umlilo nesibabule. + Lokhu kusho ukufa kwesibili.” +
9 Kwabe sekuza enye yezingelosi eziyisikhombisa ezazinezitsha eziyisikhombisa ezazigcwele izinhlupho eziyisikhombisa zokugcina, + yathi kimi: “Woza, ngizokubonisa umakoti, umkaWundlu.” *+ 10 Ngakho yangithwala ngamandla omoya yangiyisa entabeni enkulu nephakeme, yangibonisa idolobha elingcwele, iJerusalema, lehla livela ezulwini kuNkulunkulu, + 11 linenkazimulo kaNkulunkulu. + Ukubenyezela kwalo kwakunjengokwetshe eliyigugu kakhulu, njengetshe lejaspi elicwebezela njengekristalu. + 12 Lalinodonga olukhulu noluphakeme, linamasango angu-12, emasangweni kukhona izingelosi ezingu-12, kulawo masango kuqoshwe amagama ezizwe ezingu-12 zabantwana bakwa-Israyeli. 13 Empumalanga kwakukhona amasango amathathu, enyakatho kukhona amasango amathathu, eningizimu amasango amathathu nasentshonalanga amasango amathathu. + 14 Udonga lwedolobha lwalunamatshe esisekelo angu-12, kuwo kukhona amagama angu-12 abaphostoli abangu-12 + beWundlu.
15 Leyo ngelosi eyayikhuluma nami yayiphethe umhlanga wegolide wokukala, ukuze ikale idolobha namasango alo nodonga lwalo. + 16 Idolobha liyisikwele, ubude balo bukhulu njengobubanzi balo. Yalikala idolobha ngomhlanga, izinkundla zemidlalo ezingu-12 000;* ubude balo nobubanzi nokuphakama kwalo kuyalingana. 17 Yakala nodonga lwalo, amamitha angaba ngu-64, ngokwesikali somuntu, ngesikhathi esifanayo okuyisikali sengelosi. 18 Udonga lwalwakhiwe ngejaspi, + futhi idolobha laliyigolide elihlanzeke njengengilazi ekhanyayo. 19 Izisekelo zodonga lwedolobha zazihlotshiswe ngazo zonke izinhlobo zamatshe ayigugu: isisekelo sokuqala sasiyijaspi, esesibili siyisafire, esesithathu siyikhalkedoni, esesine siyi-emeraldi, 20 esesihlanu siyisaridonikisi, esesithupha siyisardiyu, esesikhombisa siyikrisolithe, esika-8 siyibherile, esika-9 siyitopazi, eseshumi siyikrisoprasi, esika-11 siyihiyakinte, esika-12 siyi-amethiste. 21 Amasango angu-12 ayengamapharele angu-12; ngalinye lamasango lalenziwe ngepharele elilodwa. Umgwaqo omkhulu wedolobha wawuyigolide elihlanzekile, njengengilazi ekhanya ngale.
22 Angilibonanga ithempeli kulo, ngoba uJehova* uNkulunkulu uMninimandla Onke + uyithempeli lalo, neWundlu nalo liyithempeli. 23 Leli dolobha alilidingi ilanga noma inyanga ukuba kulikhanyise, ngoba inkazimulo kaNkulunkulu yayilikhanyisile, + futhi isibani salo siyiWundlu. + 24 Izizwe ziyohamba ngokukhanya kwalo + namakhosi omhlaba ayoletha inkazimulo yawo kulo. 25 Amasango alo ngeke avalwe, ngoba kuyoba nemini kuphela, ngeke bube khona ubusuku khona. + 26 Amakhosi ayoletha inkazimulo nodumo lwezizwe kulo. + 27 Kodwa noma yini engcolile nanoma ubani owenza amanyala nokhohlisayo ngeke alokothe angene kulo; + kuyongena kuphela labo ababhalwe emqulwini wokuphila weWundlu. +
22 Yangibonisa umfula wamanzi okuphila, + ucwebe njengekristalu, ugeleza uvela esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu *+ 2 wehla maphakathi nomgwaqo omkhulu wedolobha. Nganeno komfula nangaphesheya kwakukhona izihlahla zokuphila zithela izithelo ezingu-12, zithela izithelo zazo inyanga ngayinye. Amaqabunga alezi zihlahla ayengawokwelapha izizwe. +
3 Ngeke kusaba khona noma yisiphi isiqalekiso. Kodwa isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu + siyoba sedolobheni, futhi izinceku zakhe ziyonikela kuye inkonzo engcwele; 4 ziyobubona ubuso bakhe + negama lakhe liyoba seziphongweni zazo. *+ 5 Ubusuku ngeke busaba khona, + azikudingi nokukhanya kwesibani noma kwelanga, ngoba uJehova* uNkulunkulu uyozikhanyisela, + ziyobusa njengamakhosi kuze kube phakade naphakade. +
6 Yathi kimi: “La mazwi athembekile futhi ayiqiniso; + yebo, uJehova* uNkulunkulu owaphefumulela abaprofethi, + uthume ingelosi yakhe ukuba ibonise izinceku zakhe izinto okumele zenzeke ngokushesha. 7 Bheka! Ngiyeza masinyane. + Uyajabula umuntu ogcina amazwi esiprofetho salo mqulu.” +
8 Nokho mina Johane, yimi engangizwa futhi ngibona lezi zinto. Lapho sengizizwile futhi sengizibonile, ngawa phansi ezinyaweni zengelosi eyayingibonisa lezi zinto ukuba ngikhuleke. 9 Kodwa yathi kimi: “Qaphela! Ungakwenzi lokho! Ngimane nje ngiyinceku kanye nawe nabafowenu abaprofethi nalabo abagcina amazwi alo mqulu. Khulekela uNkulunkulu.” +
10 Yathi futhi kimi: “Ungawavali ngophawu amazwi esiprofetho salo mqulu, ngoba isikhathi esibekiwe siseduze. 11 Ongalungile makaqhubeke enza ukungalungi; ongcolile makaqhubeke nokungcola kwakhe; kodwa olungile makaqhubeke enza ukulunga, ongcwele makaqhubeke ebungcweleni bakhe.
12 “ ‘Bheka! Ngiyeza masinyane, ngiphethe umvuzo engiwunikezayo, ukuze nginikeze ngamunye ngokomsebenzi wakhe. + 13 Ngingu-Alfa no-Omega, *+ owokuqala nowokugcina, isiqalo nesiphetho. 14 Bayajabula abawasha izingubo zabo, + ukuze babe negunya lokuya ezihlahleni zokuphila + bangene nasedolobheni ngamasango alo. + 15 Ngaphandle kukhona izinja* nalabo abasebenzelana nemimoya nabaziphatha kabi ngokocansi* nababulali nabakhonza izithombe nawo wonke umuntu othanda ukukhohlisa nokuqamba amanga.’ +
16 “ ‘Mina, Jesu, ngathuma ingelosi yami ukuba ifakaze kini ngalezi zinto ukuze kuzuze amabandla. Ngiyimpande nenzalo kaDavide, + nenkanyezi yokusa ekhanyayo.’ ” +
17 Umoya nomakoti + bathi, “Woza!” noma ubani ozwayo makathi, “Woza!” noma ubani owomile makeze; + nanoma ubani othandayo makathathe amanzi okuphila mahhala. +
18 “Ngifakaza kuwo wonke umuntu ozwa amazwi esiprofetho salo mqulu: Uma umuntu enezela kulezi zinto, + uNkulunkulu uyonezela kuye izinhlupho ezibhalwe kulo mqulu; + 19 uma umuntu esusa noma yini emazwini omqulu walesi siprofetho, uNkulunkulu uyosusa isabelo sakhe ezihlahleni zokuphila + nasedolobheni elingcwele, + okukhulunywa ngakho kulo mqulu.
20 “Lowo ofakaza ngalezi zinto uthi, ‘Yebo, ngiyeza masinyane.’ ” +
“Amen! Woza, Nkosi Jesu.”
21 Kwangathi umusa omkhulu weNkosi uJesu ungaba nabangcwele.
Noma, “Ngingu-A no-Z.” U-Alfa uhlamvu lokuqala, u-Omega uhlamvu lokugcina ezinhlamvwini zesiGreki.
Bheka iSithasiselo A5.
Noma, “nokubukeka.”
Noma, “nezeHayidesi,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
NgesiGreki, i-por·neiʹa. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “embhedeni wabagulayo.”
Noma, “imizwa ejulile.” NgesiGreki, “izinso.”
Noma, “unegama.”
Noma, “ngokuphelele.”
NgesiGreki, “unawo amagama ambalwa.”
Noma, “ngalikhipha.”
Noma kungaba, “usilandelile isibonelo sokukhuthazela kwami.”
Noma, “netshe eliyigugu elinombala obomvu.”
Itshe eliyigugu elinombala oluhlaza.
Noma, “ziphakathi nendawo kanye nesihlalo sobukhosi.”
Bheka iSithasiselo A5.
Bheka iSithasiselo A5.
Noma, “ubhalwe nhlangothi zombili.”
Noma, “INgonyama.”
Noma, “phakathi.”
Bheka iSithasiselo B14.
Uhlamvu lwesiliva lwaseRoma olwalulingana nomholo wosuku olulodwa. Bheka iSithasiselo B14.
Noma, “IHayidesi,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Ngokusobala kubhekiselwa egazini labo elathululwa e-altare. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Cishe uboya bembuzi.
Noma, “eliphakathi.”
Noma, “eziphethwini.”
Noma, “yezidalwa ezinemiphefumulo.”
Noma, “naseziphethwini.”
Noma, “izintethe.”
Noma, “emabunzini abo.”
Incazelo: “IMbubhiso.”
Incazelo: “UMbhubhisi.”
Noma, “sasingu-20 000 ophindwe izikhathi ezingu-10 000,” okuwukuthi, 200 000 000.
NgesiGreki, por·neiʹa. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “yembethe.”
NgesiGreki, “nezinyawo.”
NgesiGreki, “sibabe.”
NgesiGreki, “sababa.”
Noma, “onjengenduku yokukala.”
Noma, “izulu.”
Noma, “zazibukele.”
Noma, “nokaKristu wayo.”
Cishe kushiwo uNkulunkulu.
Bheka iSithasiselo A5.
Noma, “nokuchitha labo abachitha.”
Noma, “embethe.”
Noma, “kunemiqhele yasebukhosini.”
Noma, “wathathwa.”
Incazelo: “Ubani OnjengoNkulunkulu?”
Noma kungaba, “kodwa wanqotshwa [okuwukuthi, udrako].”
Noma, “ukuphila.” Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Okuwukuthi, izikhathi ezintathu nengxenye.
NgesiGreki, “bembewu.”
Okuwukuthi, udrako.
Noma, “kunemiqhele yasebukhosini.”
Noma kungaba, “Uma umuntu ezobulawa ngenkemba.”
Noma, “siphefumulele isithombe sesilo sasendle.”
Noma, “ebunzini.”
Noma, “iMvana.”
Noma, “emabunzini abo.”
Noma, “neziphethu.”
Noma, “lentukuthelo.”
NgesiGreki, i-por·neiʹa. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “ebunzini.”
Ibanga elingaba ngu-296 km. Inkundla yemidlalo yayingu-185 m. Bheka iSithasiselo B14.
Bheka iSithasiselo A5.
Bheka iSithasiselo A5.
Noma, “naseziphethwini.”
Bheka iSithasiselo A5.
Noma, “izinqumo zakho zokwahlulela.”
NgesiGreki, “nemimoya engcolile.”
NgesiGreki, Har Ma·ge·donʹ, leli gama livela egameni lesiHebheru elisho “iNtaba YaseMegido.”
Ithalenta lamaGreki lalingu-20,4 kg. Bheka iSithasiselo B14.
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
NgesiGreki, por·neiʹa. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
NgesiGreki, por·neiʹa. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “Ebunzini lakhe.”
Okuwukuthi, amakhosi ayishumi.
Noma kungaba, “umoya ophefumulwayo; inkulumo ephefumulelwe.”
Noma, “lentukuthelo.”
NgesiGreki, por·neiʹa. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “nabathengisi abahambahambayo.”
Noma, “zobugebengu.”
Bheka iSithasiselo A5.
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “Haleluya!” Elithi “Jah” liyisifushaniso segama elithi Jehova.
NgesiGreki, i-por·neiʹa. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
NgesiGreki, “esandleni saso.”
Noma, “Haleluya!” Elithi “Jah” liyisifushaniso segama elithi Jehova.
Noma, “Haleluya!” Elithi “Jah” liyisifushaniso segama elithi Jehova.
Noma, “Haleluya!” Elithi “Jah” liyisifushaniso segama elithi Jehova.
Bheka iSithasiselo A5.
Noma, “eminingi yasebukhosini.”
Noma kungaba, “efafazwe ngegazi.”
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama nombhw. wesA 6:9.
NgesiGreki, “ababulawa ngembazo.”
Noma, “ebunzini labo.”
Noma, “bayoboshwa.”
Noma, “neHayidesi,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “neHayidesi,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “Ngingu-A no-Z.” U-Alfa uhlamvu lokuqala, u-Omega uhlamvu lokugcina ezinhlamvwini zesiGreki.
Noma, “esiphethwini.”
Noma, “ngaphandle kwenkokhiso.”
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama, “Ukuziphatha kabi ngokocansi.”
Noma, “umkaMvana.”
Kungaba ngu-2 220 km. Inkundla yemidlalo yayingu-185 m. Bheka iSithasiselo B14.
Bheka iSithasiselo A5.
Noma, “neseMvana.”
Noma, “semabunzini azo.”
Bheka iSithasiselo A5.
Bheka iSithasiselo A5.
Noma, “Ngingu-A no-Z.” U-Alfa uhlamvu lokuqala, u-Omega uhlamvu lokugcina ezinhlamvwini zesiGreki.
Okuwukuthi, labo abenza izinto ezingamanyala phambi kukaNkulunkulu.
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama, “Ukuziphatha kabi ngokocansi.”