Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • nwt 2 Johane 1-13
  • 2 Johane

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • 2 Johane
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
2 Johane

EYESIBILI KAJOHANE

1 Mina ndoda endala,* ngibhalela inkosazane ekhethiwe. Ngibhalela nabantwana bayo. Ngibathanda ngeqiniso, kungemina ngedwa, kodwa nabo bonke labo asebelazi iqiniso, 2 ngenxa yeqiniso elihlala kithi, futhi eliyoba nathi kuze kube phakade. 3 Umusa omkhulu uyoba nathi, nesihe nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuJesu Kristu, iNdodana kaBaba, kanye neqiniso nothando.

4 Ngijabula kakhulu ngoba abanye kubantwana bakho ngibathole behamba eqinisweni, + njengoba nje samukela umyalo ovela kuBaba. 5 Manje ngiyakucela nkosazana, ukuba sithandane. (Angikubhaleli umyalo omusha, kodwa lowo ebesilokhu sinawo kusukela ekuqaleni.) + 6 Yilokhu okushiwo uthando, ukuba siqhubeke sihamba ngokwemiyalo yakhe. + Nanku umyalo, njengoba nje nizwile kusukela ekuqaleni, ukuthi kufanele niqhubeke nihamba ngawo. 7 Ngoba sekukhona abakhohlisi abaningi ezweni, + labo abangavumi ukuthi uJesu Kristu weza engumuntu. *+ Lona ngumkhohlisi nomphik’ ­ukristu. +

8 Ziqapheleni ukuze ningalahlekelwa izinto esisebenzele ukuzikhiqiza, kodwa ukuba nithole umvuzo ogcwele. + 9 Wonke umuntu odlulela phambili angahlali emfundisweni kaKristu akanaye uNkulunkulu. + Lowo ohlalayo kule mfundiso nguye onabo bobabili uBaba neNdodana. + 10 Uma umuntu eza kini futhi engalethi le mfundiso, ningamamukeli emakhaya enu + noma nimbingelele. 11 Ngoba lowo ombingelelayo uhlanganyela naye emisebenzini yakhe emibi.

12 Nakuba nginezinto eziningi enginganibhalela zona, angifuni ukwenza kanjalo ngephepha nango-inki, kodwa ngithemba ukuthi ngizofika kini futhi ngikhulume nani ubuso nobuso, ukuze injabulo yenu igcwale.

13 Abantwana bakadadewenu, okhethiwe, bayakhonza kuwe.

Noma, “mdala.”

NgesiGreki, “enyameni.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela