Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • nwt 1 Johane 1:1-5:21
  • 1 Johane

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • 1 Johane
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
1 Johane

EYOKUQALA KAJOHANE

1 Lokho okwakukhona kusukela ekuqaleni, esikuzwile, esikubonile ngamehlo ethu, esikuqaphelile nezandla zethu ezikuthintile, okuphathelene nezwi lokuphila, + 2 (yebo, ukuphila kwenziwa kwabonakala, sibonile futhi siyafakaza + futhi sinibikela ngokuphila okuphakade + okwakunoYise futhi kwabonakaliswa kithi), 3 lokho esikubonile nesikuzwile sinibikela kona nani, + ukuze nani nibe nesabelo* kanye nathi. Ngaphezu kwalokho, lesi sabelo sethu sikuBaba neNdodana yakhe uJesu Kristu. + 4 Ngakho sibhala lezi zinto ukuze injabulo yethu igcwale.

5 Yilo umyalezo esawuzwa kuye futhi esinazisa wona: uNkulunkulu ungukukhanya + futhi abukho nhlobo ubumnyama kuye.* 6 Uma sithi, “Sinesabelo kanye naye,” kodwa sibe siqhubeka sihamba ebumnyameni, siqamba amanga asiphili ngeqiniso. + 7 Nokho, uma sihamba ekukhanyeni njengoba naye ngokwakhe esekukhanyeni, sinaso isabelo esisihlanganyelayo futhi igazi likaJesu, iNdodana yakhe, lisihlanza kuso sonke isono. +

8 Uma sithi, “Asinaso isono,” siyazikhohlisa + neqiniso alikho kithi. 9 Uma sizivuma izono zethu, yena uthembekile futhi ulungile ukuba asithethelele izono zethu, asihlanze kukho konke ukungalungi. + 10 Uma sithi, “Asonanga,” simenza umqambimanga, futhi izwi lakhe alikho kithi.

2 Bantwanyana bami, nginibhalela lezi zinto ukuze ningasenzi isono. Nokho, uma umuntu enza isono, sinomsizi* kuBaba, uJesu Kristu, + olungile. + 2 Ungumhlatshelo oyisihlawulelo *+ wezono zethu, + nokho kungezona ezethu kuphela kodwa nezalo lonke izwe. + 3 Sazi ngalokhu ukuthi sesiyamazi, okungukuthi, uma siqhubeka sigcina imiyalo yakhe. 4 Lowo othi, “Sengiyamazi,” kodwa engayigcini imiyalo yakhe, ungumqambimanga, iqiniso alikho kulowo muntu. 5 Kodwa umuntu oligcinayo izwi lakhe, uthando lukaNkulunkulu lwenziwe lwaphelela ngempela kulowo muntu. + Sazi ngalokhu ukuthi simunye naye. + 6 Lowo othi uhlala emunye naye ungaphansi kwesibopho sokuqhubeka ehamba njengoba nje lowo ahamba. +

7 Bathandekayo, anginibhaleli umyalo omusha, kodwa umyalo omdala ebenilokhu ninawo kusukela ekuqaleni. + Lo myalo omdala uyizwi enalizwa. 8 Ngakolunye uhlangothi, nginibhalela umyalo omusha, oyiqiniso ngokuqondene naye nangokuqondene nani, ngoba ubumnyama buyadlula futhi ukukhanya kweqiniso sekuyakhanya. +

9 Lowo othi usekukhanyeni kodwa ebe ezonda + umfowabo usesebumnyameni. + 10 Lowo othanda umfowabo uhlala esekukhanyeni, + futhi ayikho into emkhubayo. 11 Kodwa lowo ozonda umfowabo usebumnyameni futhi uhamba ebumnyameni, + akazi nokuthi uyaphi, ngoba ubumnyama buwaphuphuthekisile amehlo akhe. +

12 Ngibhalela nina, bantwanyana, ngoba nithethelelwe izono zenu ngenxa yegama lakhe. + 13 Ngibhalela nina, bobaba, ngoba seniyamazi lowo obekhona kusukela ekuqaleni. Ngibhalela nina, zinsizwa, ngoba nimnqobile omubi. + Ngibhalela nina, bantwana, ngoba seniyamazi uBaba. + 14 Ngibhalela nina, bobaba, ngoba seniyamazi lowo obekhona kusukela ekuqaleni. Ngibhalela nina, zinsizwa, ngoba ninamandla + nezwi likaNkulunkulu lihlala kini + futhi nimnqobile omubi. +

15 Ningalithandi izwe noma izinto ezisezweni. + Uma umuntu ethanda izwe, uthando lukaBaba alukho kuye; + 16 ngoba konke okusezweni—isifiso senyama + nesifiso samehlo + nokugabisa ngalokho umuntu aziphilisa ngakho*—akuveli kuBaba, kodwa kuvela ezweni. 17 Ngaphezu kwalokho, izwe liyadlula, kanjalo nesifiso salo, + kodwa lowo owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade. +

18 Bantwana, yihora lokugcina, futhi njengoba nje nizwile ukuthi umphik’ ukristu uyeza, + ngisho namanje sekunabaphik’ ukristu abaningi; + okuyiqiniso esazi ngalo ukuthi yihora lokugcina. 19 Baphuma kithi, kodwa babengebona abohlobo lwethu; *+ ukube babengabohlobo lwethu, babeyohlala nathi. Kodwa baphuma ukuze kuboniswe ukuthi akubona bonke abangabohlobo lwethu. + 20 Nina nigcotshwe ngongcwele, + nonke ninolwazi. 21 Anginibhaleli ngoba ningalazi iqiniso, + kodwa ngoba nilazi, nangenxa yokuthi akukho manga avela eqinisweni. +

22 Ngubani ongumqambimanga uma kungeyena lowo ophika ukuthi uJesu unguKristu? + Lowo nguye umphik’ ukristu, + lowo ophika uBaba neNdodana. 23 Wonke umuntu ophika iNdodana akanabo ubunye noBaba. + Kodwa noma ubani ovuma iNdodana + unobunye noBaba futhi. + 24 Kepha nina, lokho enakuzwa kusukela ekuqaleni kumele kuhlale kini. + Uma lokho enakuzwa kusukela ekuqaleni kuhlala kini, nani niyohlala nimunye neNdodana futhi nimunye noBaba. 25 Ngaphezu kwalokho, nansi into asithembisa yona—ukuphila okuphakade. +

26 Nginibhalela lezi zinto ngokuphathelene nalabo abazama ukunidukisa. 27 Kepha nina, ukugcotshwa enakwamukela kuye + kuhlala kini, futhi anidingi muntu ukuba anifundise; kodwa ukugcotshwa okuvela kuye kunifundisa zonke izinto, + futhi kuyiqiniso akuwona amanga. Njengoba nje kunifundisile, hlalani nimunye naye. + 28 Ngakho-ke, bantwanyana, hlalani nimunye naye, ukuze lapho ebonakaliswa sibe nenkululeko yokukhuluma + futhi singamshalazeli sinamahloni ekubeni khona kwakhe. 29 Uma nazi ukuthi ulungile, niyazi nokuthi wonke umuntu owenza ukulunga uzelwe nguye. +

3 Bonani ukuthi luhlobo luni lothando uBaba asinike lona, + ukuba sibizwe ngokuthi singabantwana bakaNkulunkulu! + Futhi yilokho esiyikho. Yingakho izwe lingasazi + ngoba alimazanga yena. + 2 Bathandekayo, manje sesingabantwana bakaNkulunkulu, + kodwa okwamanje akukabonakaliswa lokho esiyoba yikho. + Siyazi ukuthi lapho ebonakaliswa siyoba njengaye, ngoba siyombona enjengoba nje enjalo. 3 Wonke umuntu othembela kuye uyazihlanza + njengoba nje nalowo ehlanzekile.

4 Wonke umuntu owenza isono weqa umthetho, isono siwukweqa umthetho. 5 Niyazi nokuthi wabonakaliswa ukuze asuse izono zethu, + futhi asikho isono kuye. 6 Wonke umuntu ohlala emunye naye akasenzi isono; + akekho owenza isono ombonile noma omaziyo. 7 Bantwanyana, maningadukiswa muntu; lowo owenza ukulunga ulungile, njengoba nje nalowo elungile. 8 Lowo owenza isono uvela kuDeveli, ngoba uDeveli ubelokhu ona kusukela ekuqaleni. *+ INdodana kaNkulunkulu yabonakaliswa ngenxa yale njongo, ukuzobhidliza* imisebenzi kaDeveli. +

9 Wonke umuntu ozelwe uNkulunkulu akasenzi isono, + ngoba imbewu* yaKhe ihlala kulowo muntu, futhi akakwazi ukwenza isono, ngoba uzelwe uNkulunkulu. + 10 Abantwana bakaNkulunkulu nabantwana bakaDeveli babonakala ngalokhu: Noma ubani ongakwenzi ukulunga nalowo ongamthandi umfowabo akaveli kuNkulunkulu. + 11 Ngoba yilo umyalezo eniwuzwile kusukela ekuqaleni, ukuthi kufanele sithandane; + 12 singafani noKhayini, owayevela komubi futhi wabulala umfowabo. + Wambulalelani? Ngoba imisebenzi yakhe yayimibi, + kodwa eyomfowabo ilungile. +

13 Bafowethu, kunganimangazi ukuthi izwe liyanizonda. + 14 Siyazi ukuthi sidlulile ekufeni saya ekuphileni, + ngoba siyabathanda abafowethu. + Lowo ongenalo uthando uhlala esekufeni. + 15 Wonke umuntu ozonda umfowabo ungumbulali, + futhi niyazi ukuthi akukho mbulali onokuphila okuphakade okuhlezi kuye. + 16 Siye salwazi ngalokhu uthando, ngoba lowo wanikela ngokuphila* kwakhe ngenxa yethu, + nathi singaphansi kwesibopho sokunikela ngokuphila* kwethu ngenxa yabafowethu. + 17 Kodwa noma ubani onezinto zaleli zwe zokusekela ukuphila futhi abone umfowabo eswele nokho angambonisi ububele, uthando lukaNkulunkulu luhlala ngayiphi indlela kuye? + 18 Bantwanyana, kufanele sithande, hhayi ngezwi noma ngomlomo, + kodwa ngesenzo + nangeqiniso. +

19 Ngalokhu siyokwazi ukuthi sivela eqinisweni, futhi siyoqinisekisa* izinhliziyo zethu phambi kwakhe 20 ngokuqondene nanoma yini inhliziyo yethu engase isilahle kuyo, ngoba uNkulunkulu mkhulu kunezinhliziyo zethu futhi wazi zonke izinto. + 21 Bathandekayo, uma izinhliziyo zethu zingasilahli, sinenkululeko yokukhuluma noNkulunkulu; + 22 futhi noma yini esiyicelayo siyayamukela kuye, + ngoba sigcina imiyalo yakhe futhi senza okumjabulisayo. 23 Ngempela, yilo umyalo wakhe: ukuba sibe nokholo egameni leNdodana yakhe uJesu Kristu + futhi sithandane, + njengoba nje asinika umyalo. 24 Ngaphezu kwalokho, lowo ogcina imiyalo yakhe uhlala emunye naye, naye emunye nalowo muntu. + Ngenxa yomoya asinika wona, siyazi ukuthi uhlala emunye nathi. +

4 Bathandekayo, ningakholwa yizo zonke izimfundiso* okuthiwa zivela kuNkulunkulu, + kodwa zivivinyeni izimfundiso* ukuze nibone ukuthi zivela kuNkulunkulu yini, + ngoba sekukhona abaprofethi abaningi bamanga ezweni. +

2 Imfundiso evela kuNkulunkulu niyazi ngalokhu: Zonke izimfundiso ezivuma uJesu Kristu njengowafika enyameni zivela kuNkulunkulu. + 3 Kodwa zonke izimfundiso ezingamvumi uJesu aziveli kuNkulunkulu. + Ngaphezu kwalokho, yiyo le imfundiso yomphik’ ukristu enezwa ukuthi iyeza, + futhi manje isisezweni kakade. +

4 Bantwanyana, nivela kuNkulunkulu, futhi nibanqobile, *+ ngoba lowo onobunye nani + mkhulu kunalowo onobunye nezwe. + 5 Bavela ezweni; + yingakho bekhuluma okuvela ezweni futhi izwe libalalela. + 6 Thina sivela kuNkulunkulu. Noma ubani owazi uNkulunkulu uyasilalela; + noma ubani ongaveli kuNkulunkulu akasilaleli. + Yile ndlela esihlukanisa ngayo imfundiso yeqiniso nemfundiso engamanga. +

7 Bathandekayo, masiqhubeke sithandana + ngoba uthando luvela kuNkulunkulu, wonke umuntu onothando uzelwe uNkulunkulu futhi uyamazi uNkulunkulu. + 8 Noma ubani ongenalo uthando akamazi uNkulunkulu, ngoba uNkulunkulu uluthando. + 9 Ngalokhu uthando lukaNkulunkulu lwaboniswa kithi, ngokuthi uNkulunkulu wathumela iNdodana yakhe ezelwe yodwa + ezweni ukuze sizuze ukuphila ngayo. + 10 Uthando lusho lokhu, akukhona ukuthi thina siye samthanda uNkulunkulu, kodwa ukuthi yena wasithanda futhi wathumela iNdodana yakhe njengomhlatshelo oyisihlawulelo *+ wezono zethu. +

11 Bathandekayo, uma kuyile ndlela uNkulunkulu asithanda ngayo, khona-ke nathi sibophekile ukuba sithandane. + 12 Akekho umuntu owake wabona uNkulunkulu. + Uma siqhubeka sithandana, uNkulunkulu uhlala kithi nothando lwakhe lwenziwa luphelele kithi. + 13 Ngalokhu siyazi ukuthi sihlale simunye naye futhi naye emunye nathi, ngoba usinike umoya wakhe. 14 Ngaphezu kwalokho, nathi ngokwethu sibonile futhi siyafakaza ukuthi uBaba uthumele iNdodana yakhe njengomsindisi wezwe. + 15 Noma ubani ovumayo ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu, + uNkulunkulu uhlala emunye nomuntu onjalo naye abe munye noNkulunkulu. + 16 Nathi siye salwazi futhi siyalukholelwa uthando uNkulunkulu analo ngathi. +

UNkulunkulu uluthando, + futhi lowo ohlala othandweni uhlala emunye noNkulunkulu, noNkulunkulu uhlala emunye naye. + 17 Uthando lwenziwe lwaphelela ngale ndlela kithi, ukuze sibe nenkululeko yokukhuluma *+ ngosuku lokwahlulela, ngoba njengoba nje lowo enjalo, sinjalo nathi kuleli zwe. 18 Akukho ukwesaba othandweni, + kodwa uthando oluphelele luphonsa ukwesaba ngaphandle,* ngoba ukwesaba kuyasivimbela. Ngempela, lowo owesabayo akazange enziwe aphelele othandweni. + 19 Siyathanda ngoba yena wasithanda kuqala. +

20 Uma umuntu ethi: “Ngiyamthanda uNkulunkulu,” kodwa ebe ezonda umfowabo, ungumqambimanga. + Ngoba ongamthandi umfowabo + ambonile, akakwazi ukuthanda uNkulunkulu angambonanga. + 21 Futhi sinalo myalo ovela kuye, wokuthi othanda uNkulunkulu kumele athande nomfowabo. +

5 Wonke umuntu okholwayo ukuthi uJesu unguKristu uzelwe nguNkulunkulu, + futhi wonke umuntu othanda lowo owabangela ukuba kuzalwe uyamthanda ozelwe yilowo. 2 Sazi ngalokhu ukuthi sithanda abantwana bakaNkulunkulu, + uma sithanda uNkulunkulu futhi senza imiyalo yakhe. 3 Yilokhu okushiwo uthando ngoNkulunkulu, ukuba sigcine imiyalo yakhe; + futhi imiyalo yakhe ayiwona umthwalo, + 4 ngoba wonke umuntu ozelwe* nguNkulunkulu uyalinqoba izwe. + Lokhu kungukunqoba okunqobe izwe, ukholo lwethu. +

5 Ubani onganqoba izwe? + Akuyena yini lowo onokholo lokuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu? + 6 Lona nguye oweza ngamanzi nangegazi, uJesu Kristu, hhayi ngamanzi kuphela + kodwa ngamanzi nangegazi. + Umoya uyafakaza, + ngoba umoya uyiqiniso. 7 Kukhona ofakazi abathathu: 8 umoya + namanzi + negazi; + laba abathathu bayavumelana.

9 Uma sibamukela ubufakazi babantu, ubufakazi bukaNkulunkulu bukhulu nakakhulu. Ngoba yilobu ubufakazi uNkulunkulu abunikezayo, ubufakazi abunikezile ngeNdodana yakhe. 10 Umuntu oba nokholo eNdodaneni kaNkulunkulu unobufakazi ngaphakathi kuye. Umuntu ongenalo ukholo kuNkulunkulu umenze umqambimanga, + ngoba akazange abe nokholo ebufakazini obunikezwa uNkulunkulu ngokuphathelene neNdodana yakhe. 11 Yilobu ubufakazi, ukuthi uNkulunkulu usinike ukuphila okuphakade, + futhi lokhu kuphila kuseNdodaneni yakhe. + 12 Lowo onobunye neNdodana unakho lokhu kuphila; ongenabo ubunye neNdodana kaNkulunkulu akanakho lokhu kuphila. +

13 Nginibhalela lezi zinto ukuze nazi ukuthi ninokuphila okuphakade, + nina eniba nokholo egameni leNdodana kaNkulunkulu. + 14 Yilokhu esiqiniseka ngakho ngaye, *+ ukuthi noma yini esiyicelayo evumelana nentando yakhe, uyasizwa. + 15 Uma sazi ukuthi uyasizwa nganoma yini esiyicelayo, siyazi ukuthi siyozithola izinto esizicelayo ngoba sizicele kuye. +

16 Uma umuntu ebona umfowabo enza isono esingalethi ukufa, uyomthandazela, futhi uNkulunkulu uyomnika ukuphila. + Lokhu kusebenza kulabo abangenzi isono esiletha ukufa. Kodwa, sikhona isono esiletha ukufa. + Yileso sono engingamtsheli ukuba acele ngaso. 17 Konke ukungalungi kuyisono, + nokho sikhona isono esingakulethi ukufa.

18 Siyazi ukuthi wonke umuntu ozelwe uNkulunkulu akaqhubeki enza isono, kodwa lowo ozelwe uNkulunkulu* uyamqapha, futhi omubi ngeke ambambe. *+ 19 Siyazi ukuthi singabakaNkulunkulu, kodwa lonke izwe lisemandleni omubi. + 20 Kodwa siyazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu ifikile, + futhi isinike ukuqonda* ukuze sithole ulwazi ngoNkulunkulu weqiniso. NgeNdodana yakhe uJesu Kristu, simunye naye. + Lo unguNkulunkulu weqiniso nokuphila okuphakade. + 21 Bantwanyana, ziqapheni ezithixweni. +

Noma, “nobuhlobo.”

Noma, “obuhlangene naye.”

Noma, “sinommeli.”

Noma, “Ungumhlatshelo ohlawulela; Uyinhlawulo.”

Noma, “nokuqhosha ngezinto umuntu anazo.”

Noma, “babengebona abethu.”

Noma, “lapho eqala.”

Noma, “ukuzobhubhisa.”

Okuwukuthi, imbewu ekwazi ukuthela izithelo.

Noma, “ngomphefumulo.”

Noma, “ngemiphefumulo.”

Noma, “siyonxenxa.”

Noma, “izinkulumo eziphefumulelwe,” ngesiGreki, “yiyo yonke imimoya.”

Noma, “izinkulumo eziphefumulelwe,” ngesiGreki, “imimoya.”

Okuwukuthi, abaprofethi bamanga.

Noma, “njengomhlatshelo ohlawulela; njengenhlawulo.”

Noma, “ukuze sizethembe.”

Noma, “luxosha ukwesaba.”

NgesiGreki, “konke okuzelwe.”

Noma, “Yile inkululeko yokukhuluma esinayo.”

Okuwukuthi, uJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu.

Noma, “akambambi amqinise.”

NgesiGreki, “amandla engqondo; ukuhlakanipha.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela