EYESIBILI KAPETRU
1 USimoni Petru, inceku nomphostoli kaJesu Kristu, kulabo abazuze ukholo oluyigugu njengolwethu,* ngokulunga kukaNkulunkulu wethu noMsindisi uJesu Kristu:
2 Kwangathi ningandiselwa umusa omkhulu nokuthula ngolwazi olunembile + ngoNkulunkulu nangoJesu iNkosi yethu, 3 ngoba amandla akhe aphezulu asinike zonke izinto ezinezela ekuphileni nasekuzinikeleni kuNkulunkulu ngolwazi olunembile ngaLowo owasibiza + ngenkazimulo yakhe nobuhle. 4 Ngalezi zinto usinike* izithembiso eziyigugu nezinhle kakhulu, + ukuze ngazo nibe abahlanganyeli benkazimulo kaNkulunkulu njengezidalwa zomoya, + njengoba niphunyukile ekonakaleni okusezweni okubangelwa yisifiso esingafanele.*
5 Ngenxa yalesi sizathu, yenzani konke eningakwenza + ukuba okholweni lwenu nenezele ubuhle, + ebuhleni benu ulwazi, + 6 olwazini lwenu ukuzithiba, ekuzithibeni + kwenu ukukhuthazela, ekukhuthazeleni kwenu ukuzinikela kuNkulunkulu, + 7 ekuzinikeleni kwenu kuNkulunkulu ukuthanda abazalwane, ekuthandeni kwenu abazalwane uthando. + 8 Ngoba uma lezi zinto zikhona kini futhi zichichima, ziyonivimbela ukuba ningabi abangasebenzi noma abangatheli *+ ngokuqondene nolwazi olunembile ngeNkosi yethu uJesu Kristu.
9 Ngoba noma ubani ongenazo lezi zinto uyimpumputhe, uvala amehlo akhe ukuze angakuboni ukukhanya, *+ futhi usekukhohliwe ukuhlanzwa kwakhe ezonweni + zakhe zakudala. 10 Ngakho-ke, bazalwane, yenzani konke okusemandleni enu ukuze niziqinisekisele ukubizwa + nokukhethwa kwenu, ngoba uma niqhubeka nenza lezi zinto, anisoze nahluleka nanini. + 11 Eqinisweni, ngale ndlela niyobusiswa ngokucebile* ningene eMbusweni waphakade + weNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu. +
12 Ngenxa yalesi sizathu ngiyohlale ngikulungele ukunikhumbuza ngalezi zinto, nakuba nizazi futhi nimi niqinile eqinisweni elikhona kini. 13 Kodwa ngikubheka njengokufanele, uma nje ngisekuleli tabernakele, *+ ukunikhumbuza, + 14 njengoba ngazi ukuthi itabernakele lami lizosuswa maduzane, njengoba nje neNkosi yethu uJesu Kristu yangibonisa ngokucacile. + 15 Ngiyohlale ngenza konke okusemandleni ami ukuze lapho sengihambile, nikwazi ukuzikhumbula* lezi zinto.
16 Asinazisanga ngamandla nangokuba khona kweNkosi yethu uJesu Kristu ngokulandela izindaba ezingamanga eziqanjwe abantu, kunalokho sazibonela mathupha ubukhazikhazi bakhe. + 17 Ngoba wamukela udumo nenkazimulo kuNkulunkulu uBaba, lapho inkazimulo enhle kakhulu iletha kuye amazwi anjengalawa:* “Le yiNdodana yami, othandekayo wami, mina ngokwami engimamukele.” + 18 Yebo, la mazwi sawezwa evela ezulwini ngesikhathi sinaye entabeni engcwele.
19 Ngakho sinezwi lesiprofetho eliqinisekiswe ngokwengeziwe, futhi nenza kahle ngokulinaka ngokungathi isibani + esikhanya endaweni emnyama, ezinhliziyweni zenu, kuze kuse futhi ikhwezi + liphume. 20 Ngoba okokuqala niyakwazi lokhu, ukuthi asikho isiprofetho semiBhalo esivela kunoma iyiphi incazelo yomuntu ngokwakhe. 21 Ngoba isiprofetho asikaze silethwe ngentando yomuntu, + kodwa abantu bakhuluma okuvela kuNkulunkulu njengoba babeqhutshwa* umoya ongcwele. +
2 Nokho, kwaba khona nabaprofethi bamanga phakathi kwesizwe, njengoba beyoba khona abafundisi bamanga naphakathi kwenu. + Laba bayongenisa ngesinyenyela amahlelo ayoqeda ukholo lwenu futhi bayophika ngisho nomnikazi owabathenga, + ngenxa yalokho bayobhujiswa ngokushesha. 2 Ngaphezu kwalokho, abaningi bayolandela izenzo zabo zokuziphatha kabi okuhambisana nendelelo, *+ futhi ngenxa yabo indlela yeqiniso iyohlanjalazwa. + 3 Ngobugovu bayonixhaphaza ngamazwi enkohliso. Kodwa isahlulelo sabo, esanqunywa kudala, + asibahambeli kancane futhi ukubhujiswa kwabo akozeli. +
4 Ngokuqinisekile uNkulunkulu akayekanga ukujezisa izingelosi ezona, + kodwa waziphonsa eThartharusi, *+ ezibopha ngamaketanga* obumnyama obukhulu ukuze zigcinelwe ukwahlulelwa. + 5 Akayekanga nokujezisa izwe lasendulo, + kodwa wagcina uNowa, umshumayeli wokulunga, + ephephile nabanye abayisikhombisa + lapho eletha uzamcolo ezweni labantu abangamhloniphi uNkulunkulu. + 6 Futhi washisa amadolobha aseSodoma naseGomora aba umlotha, wawalahla, + ebekela abantu abangamhloniphi uNkulunkulu isibonelo sezinto ezizayo. + 7 Wakhulula uLoti olungile, + owayecindezeleke kakhulu ngenxa yokuziphatha kabi okuhambisana nendelelo* kwabantu abangenamthetho— 8 ngoba usuku nosuku lowo muntu olungile wayehlupha umphefumulo* wakhe olungile ngenxa yezenzo zokungabi namthetho azibona nazizwa ngesikhathi esahlala phakathi kwabo. 9 Ngakho uJehova* uyayazi indlela yokubakhulula ekulingweni abantu abazinikele kuye, + kodwa agcine abantu abangalungile ukuze babhujiswe* ngosuku lokwahlulelwa, + 10 ikakhulukazi labo abazitika ngocansi nabanye ukuze babangcolise + kanye nalabo abangalihloniphi igunya. *+
Njengoba benamagangangozi futhi benenkani, abesabi ukuhlambalaza abakhazimulayo, 11 kanti izingelosi, nakuba zinezikhwepha namandla amakhulu kunabo, aziziletheli icala ngamazwi ahlambalazayo, ngenxa yokuhlonipha* uJehova. *+ 12 Kodwa laba bantu, njengezilwane ezingenangqondo ezilandela umuzwa wemvelo* futhi ezizalelwa ukuba zibanjwe zibulawe, bakhuluma amazwi okuhlambalaza ngezinto abangenalwazi ngazo. + Bayobhujiswa ngenxa yenkambo yabo embi, 13 bajeziswe njengomphumela wezenzo zabo ezimbi.
Bakubheka njengenjabulo ukuphila ngokunethezeka + ngisho nasemini. Bangamabala nezisihla, bajabula* ezimfundisweni zabo zokukhohlisa kuyilapho bedla emadilini kanye nani. + 14 Banamehlo agcwele ukuphinga + futhi abakwazi ukuyeka isono, bayenga abangagxilile. Banezinhliziyo eziqeqeshelwe ukuhaha. Bangabantwana abaqalekisiwe. 15 Bashiye indlela eqondile, badukiswa. Baye balandela indlela kaBhalami, + indodana kaBheyori, owathanda umvuzo ayezowuthola ngokwenza okubi, + 16 kodwa wasolwa ngokwaphula kwakhe lokho okwakulungile. + Isilwane esithwalayo esingenazwi, sikhuluma ngezwi lomuntu, sanqanda inkambo yobuhlanya yalowo mprofethi. +
17 Laba bayimithombo engenamanzi, nenkungu eqhutshwa isivunguvungu esinamandla, futhi babekelwe ubumnyama obukhulu. + 18 Bakhuluma amazwi okuzikhukhumeza angasizi ngalutho. Ngezifiso zenyama + nangezenzo zokuziphatha kabi okuhambisana nendelelo,* bayenga abantu abasanda kuphunyuka kulabo abaphila esonweni. + 19 Nakuba bebathembisa inkululeko, bona ngokwabo bayizigqila zokonakala; + ngoba noma ubani onqotshwa omunye, uyisigqila sakhe. *+ 20 Ngokuqinisekile uma ngemva kokuphunyuka ekungcoleni kwezwe + ngolwazi olunembile ngeNkosi noMsindisi uJesu Kristu, bephinda behileleka kuzo kanye lezi zinto futhi benqotshwa, izimo zabo zokugcina sezizimbi kakhulu kunezokuqala. + 21 Bekuyoba ngcono ukuba babengayazanga ngokunembile indlela yokulunga kunokuthi ngemva kokuyazi, bafulathele umyalo ongcwele abawuthola. + 22 Kwenzeke kubo isaga esiyiqiniso esithi: “Inja ibuyele emhlanzweni wayo,* nengulube yensikazi ebigeziwe ibuyele ekuzigingqeni odakeni.” +
3 Bathandekayo, le ncwadi ngeyesibili enginibhalela yona, njengasencwadini yami yokuqala, ngivusa ngayo amandla enu okucabanga ngokucacile, ngendlela yokunikhumbuza, + 2 ukuba nikhumbule amazwi akhulunywa ngaphambili* abaprofethi abangcwele nomyalo weNkosi noMsindisi enawuthola ngabaphostoli benu. 3 Okokuqala yazini lokhu, ukuthi ezinsukwini zokugcina kuyofika abahleki bosulu nokuhleka kwabo usulu, beqhubeka ngokwezifiso zabo + 4 bethi: “Kuphi lokhu kuba khona kwakhe okuthenjisiwe? + Phela, kusukela osukwini okhokho bethu abafa ngalo, zonke izinto ziqhubeka ngokufana ncamashi nasekuqaleni kwendalo.” +
5 Ngoba balishalazela ngamabomu leli qiniso, lokuthi kudala ayekhona amazulu nomhlaba omi uqinile uvele emanzini futhi uphakathi kwamanzi ngezwi likaNkulunkulu; + 6 nokuthi ngawo izwe langaleso sikhathi labhujiswa lapho limbozwa amanzi. + 7 Kodwa ngezwi elifanayo amazulu nomhlaba okukhona manje kubekelwe umlilo futhi kuyagcinwa kuze kube usuku lokwahlulelwa nolokubhujiswa kwabantu abangamhloniphi uNkulunkulu. +
8 Nokho, lokhu makunganiphunyuki, bathandekayo, ukuthi usuku olulodwa kuJehova* lunjengeminyaka eyinkulungwane neminyaka eyinkulungwane injengosuku olulodwa. + 9 UJehova* akephuzi ukugcwalisa isithembiso sakhe, + njengoba abanye abantu becabanga ukuthi uyephuza, kodwa uyanibekezelela ngoba akafisi ukuba kubhubhe ngisho noyedwa, kodwa ufisa ukuba bonke baphenduke. + 10 Kodwa usuku lukaJehova *+ luyofika njengesela, + okuyodlula ngalo amazulu + ngenhlokomo,* kodwa izakhi njengoba ziyobe zishisa kakhulu ziyoncibilika, futhi umhlaba nemisebenzi ekuwo kuyokwambulwa. +
11 Njengoba zonke lezi zinto ziyoncibilika ngale ndlela, cabangani ngohlobo lwabantu okufanele nibe yilo ezenzweni zokuziphatha ezingcwele nasezenzweni zokuzinikela kuNkulunkulu, 12 njengoba nilindele futhi nikukhumbula njalo* ukufika kosuku lukaJehova, *+ okuyothi ngalo amazulu ashiswe ngomlilo aphele + nezinto zawo zincibilike ngenxa yokushisa okukhulu! 13 Kodwa kukhona amazulu amasha nomhlaba omusha esikulindele ngokwesithembiso sakhe, + futhi kukho kuyohlala ukulunga. +
14 Ngakho-ke, bathandekayo, njengoba nilindele lezi zinto, yenzani konke okusemandleni enu ukuba ekugcineni anithole ningenabala, ningenasici futhi ninokuthula. + 15 Ngaphezu kwalokho, bhekani ukubekezela kweNkosi yethu njengensindiso, njengoba nje umfowethu othandekayo uPawulu naye anibhalela ngokuhlakanipha akunikwa, + 16 ekhuluma ngalezi zinto njengoba enza kuzo zonke izincwadi zakhe. Nokho, kukhona izinto ezithile kuzo okunzima ukuziqonda, abangazi lutho* nabangagxilile bayazisonta lezi zinto, njengoba benza nakuyo yonke eminye imiBhalo, okuyobenza babhujiswe.
17 Ngakho-ke, nina bathandekayo, njengoba vele senazi, qaphani ukuze ningadukiswa kanye nabo ngesiphambeko sabantu abangenamthetho futhi niwe ekugxileni* kwenu. + 18 Cha, kodwa qhubekani nikhula emseni omkhulu nasolwazini ngeNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu. Inkazimulo mayibe kuye manje nasosukwini lwangunaphakade. Amen.
Noma, “ukholo oluyilungelo elilingana nelethu.”
Noma, “usinike ngesihle.”
Noma, “yinkanuko.”
Noma, “abangakhiqizi.”
Noma kungaba, “ubona kalufifi.”
Noma, “niyophiwa ngokuchichimayo ukuba.”
Noma, “tende,” okuwukuthi, umzimba wakhe wenyama.
Noma, “ukuzisho.”
NgesiGreki, “anjengaleli zwi.”
Noma, “babeshukunyiswa.”
Noma, “izenzo zabo zokuziphatha okuyichilo.” Inkulumo esebuningini yegama lesiGreki elithi a·selʹgei·a. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma kungaba, “emigodini.”
Noma, “yokuziphatha okuyichilo.” NgesiGreki, a·selʹgei·a. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Bheka iSithasiselo A5.
NgesiGreki “banqunywe.”
Noma, “ababubukela phansi ubukhosi.”
Noma, “yokuhlonipha phambi.”
Bheka iSithasiselo A5.
Noma, “ezingenangqondo ngokwemvelo.”
Noma, “bathola injabulo echichimayo.”
Noma, “nangezenzo zokuziphatha okuyichilo.” Inkulumo esebuningini yegama lesiGreki elithi a·selʹgei·a. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “onqotshwa okuthile, uyisigqila sako.”
Noma, “ebuhlanzweni bayo.”
Noma, “izinto ezabikezelwa.”
Bheka iSithasiselo A5.
Bheka iSithasiselo A5.
Bheka iSithasiselo A5.
Noma, “ngomsindo ohazayo.”
Noma, “nikulangazelela.” NgesiGreki, “nikusheshisa.”
Bheka iSithasiselo A5.
Noma, “abangafundisiwe.”
Noma, “ekuzinzeni.”