INCWADI KA-JAKOBE
1 UJakobe, + inceku kaNkulunkulu neyeNkosi uJesu Kristu, ezizweni ezingu-12 ezihlakazekile:
Ngiyanibingelela!
2 Kubhekeni njengenjabulo yodwa, bazalwane, lapho nihlangabezana nokulingwa okuhlukahlukene, + 3 njengoba nazi ukuthi ukuvivinywa okunjalo kokholo lwenu kuveza ukukhuthazela. + 4 Kodwa vumelani ukukhuthazela kufeze umsebenzi wako, ukuze nibe abaphelele nabaphilile ezicini zonke, abangasweli lutho. +
5 Ngakho, uma noma ubani kini engenakho ukuhlakanipha, makaqhubeke ekucela kuNkulunkulu, + uyomnika kona + ngoba ubapha bonke ngesandla esivulekile ngaphandle kokusola. *+ 6 Kodwa makaqhubeke ecela ngokholo, + engangabazi neze, + ngoba ongabazayo ufana negagasi lolwandle eliqhutshwa umoya lipheshulwa liyiswa ngapha nangapha. 7 Eqinisweni, lowo muntu akufanele alindele ukuthi uyothola okuthile kuJehova;* 8 ungumuntu omanqikanqika, + oguquguqukayo ezindleleni zakhe zonke.
9 Kodwa umzalwane ophansi makajabule* ngokuphakanyiswa kwakhe, + 10 nocebile ngokuthotshiswa kwakhe, + ngoba uyoshabalala* njengembali yasendle. 11 Njengoba nje ilanga liphuma nokushisa kwalo okukhulu libunise isitshalo, imbali yaso iwele phansi nokubukeka kwayo okuhle kushabalale, nesicebi siyobuna kanjalo sisagijimisa ingcebo. +
12 Uyajabula umuntu oqhubeka ekhuthazelela ukulingwa, + ngoba lapho amukeleka uyothola umqhele wokuphila, + uJehova* awuthembisa labo abaqhubeka bemthanda. + 13 Uma umuntu elingwa makangasho ukuthi: “Ngilingwa uNkulunkulu.” Ngoba uNkulunkulu akanakulingwa ngezinto ezimbi futhi yena ngokwakhe akalingi muntu. 14 Kodwa yilowo nalowo ulingwa ngokuhehwa nangokuyengwa* yisifiso sakhe. + 15 Lapho isifiso sesakhekile,* sizala isono; lapho isono sesenziwe, siveza ukufa. +
16 Ningadukiswa, bazalwane abathandekayo. 17 Zonke izipho ezinhle nazo zonke izipho eziphelele zivela phezulu, + zehla zivela kuYise wezinkanyiso zasezulwini, + ongashintshashintshi noma aphenduke kuhle kwethunzi. *+ 18 Kwakuyintando yakhe ukuba asizale ngezwi leqiniso, + ukuze sibe uhlobo oluthile lwezithelo zokuqala zezidalwa zakhe. +
19 Yazini lokhu, bazalwane abathandekayo: Wonke umuntu kumele asheshe ukulalela, ephuze ukukhuluma, + angasheshi ukuthukuthela, + 20 ngoba intukuthelo yomuntu ayikulethi ukulunga kukaNkulunkulu. + 21 Ngenxa yalokho, lahlani konke ukungcola nayo yonke iminonjana yobubi, *+ namukele ngobumnene ukugxiliswa kwezwi elikwazi ukunisindisa.
22 Nokho, yibani abenzi bezwi + ningabi abalizwayo kuphela, nizikhohlisa ngokucabanga okungamanga. 23 Ngoba uma umuntu engumuzwi wezwi, engeyena umenzi, + lowo ufana nomuntu ozibuka ubuso esibukweni. 24 Ngoba uyazibuka, bese ehamba futhi masinyane akhohlwe ukuthi ungumuntu onjani. 25 Kodwa lowo obukisisa umthetho ophelele + ongowenkululeko nophikelelayo kuwo, ube ngumenzi womsebenzi akabanga umuntu ozwayo akhohlwe; uyojabula ngalokho akwenzayo. +
26 Uma umuntu ecabanga ukuthi ungumkhulekeli kaNkulunkulu* kodwa engalulawuli ulimi lwakhe, *+ ukhohlisa inhliziyo yakhe nokukhulekela kwakhe kuyize. 27 Indlela yokukhulekela* ehlanzekile nengangcolile ngokombono kaNkulunkulu noBaba wethu yile: ukunakekela izintandane + nabafelokazi + osizini lwabo, + nokuba umuntu azigcine engenalo ibala ezweni. +
2 Bazalwane, anilubambile ukholo lweNkosi yethu ekhazimulayo uJesu Kristu, kuyilapho nibonisa ukukhetha, akunjalo? + 2 Ngoba, uma emhlanganweni wenu kungena umuntu ofake izindandatho zegolide eminweni futhi ogqoke izingubo eziwubukhazikhazi, bese kungena nomuntu ompofu ogqoke izingubo ezingcolile, 3 ingabe nimbheka ngomusa lowo ogqoke izingubo eziwubukhazikhazi nithi, “Hlala lapha endaweni enhle,” nithi kompofu, “Wena qhubeka umile,” noma, “Hlala laphaya phansi”? + 4 Uma kunjalo anihlukene yini ngezigaba phakathi kwenu + futhi anibona yini abahluleli abakhipha izinqumo ezimbi? +
5 Lalelani, bazalwane abathandekayo. UNkulunkulu akakhethanga yini labo izwe elibabheka njengabampofu ukuba babe abacebile okholweni + nezindlalifa zoMbuso, awuthembisa labo abamthandayo? + 6 Nokho, nina niye namhlaza umuntu ompofu. Akubona yini abacebile abanicindezelayo + futhi abanihudulela phambi kwezinkantolo zomthetho? 7 Abahlambalazi yini igama elihle enabizwa ngalo? 8 Uma-ke, nifeza umthetho wasebukhosini* ngokuvumelana nalo mbhalo, “Kumele uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena,” + nenza kahle impela. 9 Kodwa uma niqhubeka nibonisa ukukhetha, + nenza isono, futhi umthetho unilahla ngecala* njengezeqamthetho. +
10 Ngoba noma ubani olalela wonke uMthetho kodwa aphule owodwa, uyephule yonke. + 11 Ngoba lowo owathi, “Ungaphingi,” + wathi futhi, “Ungabulali.” + Manje, uma ungaphingi kodwa ubulala, usuyiseqamthetho. 12 Qhubekani nikhuluma futhi niziphatha ngendlela abaziphatha ngayo labo abazokwahlulelwa ngomthetho wabantu abakhululekile. *+ 13 Ngoba lowo ongasibonisi isihe uyothola isahlulelo ngaphandle kwesihe. + Isihe siyanqoba phezu kwesahlulelo.
14 Kunanzuzoni, bazalwane, uma umuntu ethi unokholo kodwa engenayo imisebenzi? + Lolo kholo alunakumsindisa, akunjalo? + 15 Uma kukhona abazalwane noma odade abaswele okokugqoka* nokudla okwanele lolo suku, 16 nokho othile kini athi kubo, “Hambani ngokuthula; nifudumale futhi nisuthe,” kodwa ningabaniki izidingo zemizimba yabo, kunanzuzoni? + 17 Kanjalo, futhi, nokholo uma lungenayo imisebenzi, lufile. +
18 Noma kunjalo, omunye uzothi: “Wena unokholo, mina nginemisebenzi. Ngibonise ukholo lwakho ngaphandle kwemisebenzi, mina ngizokubonisa ukholo lwami ngemisebenzi yami.” 19 Uyakholwa ukuthi kukhona uNkulunkulu oyedwa, akunjalo? Wenza kahle impela. Nokho namademoni ayakholwa athuthumele. *+ 20 Kodwa ingabe uyathanda ukwazi, wena muntu ongenangqondo, ukuthi ukholo ngaphandle kwemisebenzi alusizi ngalutho? 21 Akuzange yini kuthiwe u-Abrahama ubaba ulungile ngenxa yemisebenzi ngemva kokuba enikele ngo-Isaka indodana yakhe e-altare? + 22 Uyabona ukuthi ukholo lwakhe lwasebenza kanye nemisebenzi yakhe futhi ukholo lwakhe lwapheleliswa yimisebenzi yakhe, + 23 futhi wagcwaliseka umbhalo othi: “U-Abrahama waba nokholo kuJehova,* wabhekwa njengolungile,” + futhi wabizwa ngokuthi umngani kaJehova. *+
24 Niyabona ukuthi umuntu kuzothiwa ulungile ngemisebenzi, hhayi ngokholo lodwa. 25 Ngendlela efanayo, uRahabi isifebe akushiwongo yini ukuthi ulungile ngenxa yemisebenzi, ngemva kokuba amukele izithunywa ngomusa futhi wazikhipha ngenye indlela? + 26 Impela, njengoba umzimba ngaphandle komoya ufile, + kanjalo nokholo ngaphandle kwemisebenzi lufile. +
3 Ababaningi kini okufanele babe ngabafundisi, bazalwane, njengoba nazi ukuthi siyokwahlulelwa kanzima ngokwengeziwe. + 2 Ngoba sonke siyakhubeka* izikhathi eziningi. + Uma umuntu engakhubeki ngezwi, lowo uyindoda ephelele, ekwazi ukulawula nomzimba wayo wonke ngokungathi ngetomu. 3 Uma sifaka amatomu emilonyeni yamahhashi ukuze asilalele, siqondisa nemizimba yawo yonke. 4 Bhekani nemikhumbi: Nakuba imikhulu kangaka futhi iqhutshwa umoya onamandla, iqondiswa iphini elincane kakhulu iye lapho kuthanda khona umuntu oshayelayo.
5 Ngokufanayo nolimi luyilunga elincane lomzimba kodwa luqhosha kakhulu. Ngisho nomlilo omncane kakhulu ungathungela ihlathi elikhulu, akunjalo? 6 Ulimi luwumlilo. + Ulimi lumelela izwe lokungalungi phakathi kwamalunga emizimba yethu, ngoba lungcolisa wonke umzimba. + Lungonakalisa ukuphila* komuntu futhi lunjengeGehena* ngoba lubangela incithakalo. 7 Ngoba zonke izinhlobo zezilwane zasendle kanye nezinyoni nezinto ezinwabuzelayo* nezilwane zasolwandle ziyathanjiswa futhi ziye zathanjiswa abantu. 8 Kodwa akekho noyedwa kubantu ongaluthambisa ulimi. Alulawuleki futhi luyalimaza, lugcwele ubuthi obubulalayo. + 9 Ngalo sidumisa uJehova,* uBaba, kodwa ngalo siqalekise abantu ababa khona “ngomfanekiso kaNkulunkulu.” + 10 Emlonyeni ofanayo kuphuma ukubusisa nokuqalekisa.
Bazalwane, akulungile ukuba izinto zenzeke ngale ndlela. + 11 Amanzi amnandi nababayo ayaphuphuma yini emthonjeni ofanayo? 12 Bazalwane, isihlahla samakhiwane asinakuthela iminqumo noma isihlahla samagilebhisi asinakuthela amakhiwane, akunjalo? + Nomthombo wamanzi anosawoti awunakukhipha amanzi amnandi.
13 Ubani ohlakaniphile noqondayo phakathi kwenu? Ngokuziphatha kwakhe okuhle, makabonise imisebenzi yakhe eyenziwa ngobumnene obuwumphumela wokuhlakanipha. 14 Kodwa uma ninomona + nokubanga *+ ezinhliziyweni zenu, musani ukuzigabisa + ngokuhlakanipha. Uma nenza kanjalo, niyobe niqamba amanga. 15 Lokhu akukhona ukuhlakanipha okwehla kuvela phezulu; okwasemhlabeni, + okobulwane, okobudemoni. 16 Ngoba nomaphi lapho kukhona khona umona nokubanga,* kuyoba khona nesiyaluyalu nayo yonke into embi. +
17 Kodwa ukuhlakanipha kwaphezulu okokuqala kumsulwa, + kunokuthula, + kuyacabangela, + kuyashesha ukulalela, kugcwele isihe nezithelo ezinhle, + akukhethi, + akuzenzisi. + 18 Ngaphezu kwalokho, isithelo sokulunga sihlwanyelwa ngaphansi kwezimo ezinokuthula + ukuze kuzuze labo abenza ukuthula. *+
4 Zivelaphi izimpi nokulwa phakathi kwenu? Akuveli yini ezifisweni zenu zenyama eziqhubeka zilwela ukulawula imizimba yenu? *+ 2 Niyafisa, kodwa anitholi. Niyaqhubeka nibulala futhi niyahala, kodwa anikwazi ukuthola. Niyaqhubeka nilwa futhi nihlaselana. + Aninalutho ngenxa yokuthi aniceli. 3 Uma nicela anitholi ngoba nicela ngenjongo embi, ukuze nikusebenzise ezifisweni zenu zenyama.
4 Ziphingi,* anazi yini ukuthi ubungani nezwe bungubutha noNkulunkulu? Ngakho-ke, noma ubani ofuna ukuba umngani wezwe uzenza isitha sikaNkulunkulu. + 5 Noma ingabe nicabanga ukuthi umbhalo usho ngaphandle kwesizathu ukuthi: “Umoya ongaphakathi kithi uqhubeka ulangazelela ngomona”? + 6 Nokho, umusa awunikezayo mkhulu kakhulu. Ngakho umbhalo uthi: “UNkulunkulu umelana nabaziphakamisayo, + kodwa abathobekile ubapha umusa omkhulu.” +
7 Ngakho-ke, zithobeni kuNkulunkulu; + kodwa melanani noDeveli + khona-ke uyonibalekela. + 8 Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini. + Hlanzani izandla zenu, nina zoni, + futhi nihlanze izinhliziyo zenu, + nina enimanqikanqika. 9 Yibani lusizi, nilile futhi nikhale. + Ukuhleka kwenu makuphenduke ukulila, nenjabulo yenu ibe ukuphelelwa yithemba. 10 Zithobeni emehlweni kaJehova, *+ khona-ke uyoniphakamisa. +
11 Yekani ukukhuluma kabi ngomunye nomunye, bazalwane. + Lowo okhuluma kabi ngomfowabo noma owahlulela umfowabo ukhuluma kabi ngomthetho futhi wahlulela umthetho. Manje uma wahlulela umthetho, awuyena umenzi womthetho, kodwa ungumahluleli. 12 Munye kuphela onguMniki-mthetho noMahluleli, + lowo okwaziyo ukusindisa nokubhubhisa. + Kodwa wena, ungubani ukuba wahlulele umakhelwane wakho? +
13 Yizwani nina enithi: “Namuhla noma kusasa sizoya kuleli dolobha sihlale unyaka khona, futhi sizoqhuba ibhizinisi sithole inzuzo,” + 14 nibe ningazi ukuthi ukuphila kwenu kuyoba njani kusasa. + Ngoba niyinkungu ebonakala isikhashana bese inyamalala. + 15 Esikhundleni salokho, kufanele nithi: “Uma uJehova* ethanda, + sizophila futhi senze lokhu noma lokhuya.” 16 Kodwa manje niziqhenya ngokuqhosha kwenu kokuzikhukhumeza. Konke ukuqhosha okunjalo kubi. 17 Ngakho-ke, uma umuntu azi ukuthi angakwenza kanjani okuhle kodwa angakwenzi, wenza isono. +
5 Yizwani, nina bantu abacebile, khalani nilile ngenxa yezinsizi ezizonehlela. + 2 Ingcebo yenu ibolile, nezingubo zenu zidliwe inundu. + 3 Igolide nesiliva lenu kugqwale kwaphela, ukugqwala kwako kuyoba ubufakazi obumelene nani futhi kuyodla inyama yenu. Enizibekelele kona kuyoba njengomlilo ezinsukwini zokugcina. + 4 Bhekani! Iholo enilibambele izisebenzi ezivune amasimu enu liyaqhubeka limemeza, futhi izicelo zosizo zabavuni zifinyelele ezindlebeni zikaJehova* wamabutho. + 5 Niye naphila ngokunethezeka nangokuzitika ngenjabulo emhlabeni. Nikhuluphalise izinhliziyo zenu ngosuku lokuhlaba. + 6 Niye nalahla; nabulala olungile. Ingabe akamelani* nani?
7 Ngakho-ke, bazalwane, bekezelani kuze kufike iNkosi. + Bhekani! Umlimi uqhubeka elinde isithelo somhlaba esiyigugu, esibekezelela kuze kufike imvula yokuqala nemvula yokugcina. + 8 Nani futhi bekezelani; + qinisani izinhliziyo zenu, ngoba ukuba khona kweNkosi sekusondele. +
9 Ningakhonondi* ngomunye nomunye, bazalwane, ukuze ningahlulelwa. + Bhekani! UMahluleli umi phambi kweminyango. 10 Bazalwane, bhekani abaprofethi abakhuluma egameni likaJehova *+ nilandele isibonelo sabo sokubekezela + nokukhuthazela ngaphansi kokubi. + 11 Bhekani! Sithi bayajabula* labo abaye bakhuthazela. + Nizwile ngokukhuthazela kukaJobe, + nezwa nangesibusiso uJehova* amnikeza sona, + okubonisa ukuthi uJehova* unothando* olukhulu nesihe. +
12 Ngaphezu kwakho konke, bazalwane, yekani ukufunga, kungaba ngezulu noma ngomhlaba noma isiphi esinye isifungo. Kodwa “uYebo” wenu makasho uyebo, “noCha” wenu, ucha, + ukuze ningahlulelwa.
13 Ingabe ukhona kini obhekene nobunzima? Makaqhubeke ethandaza. + Ukhona oweneme? Makacule izingoma. + 14 Ukhona yini ogulayo phakathi kwenu? Makabize abadala + bebandla, bamthandazele, bamgcobe ngamafutha + egameni likaJehova.* 15 Umthandazo wokholo uyokwenza ogulayo* alulame, uJehova* amphilise. Futhi, uma enze izono, uyothethelelwa.
16 Ngakho-ke, vumani izono zenu + komunye nomunye futhi nithandazelane, ukuze niphiliswe. Ukunxusa komuntu olungile kunamandla amakhulu. *+ 17 U-Eliya wayengumuntu onemizwa efana neyethu, kodwa lapho ngobuqotho ethandazela ukuba lingani, alinanga ezweni iminyaka emithathu nezinyanga eziyisithupha. + 18 Waphinde wathandaza, izulu lana, nezwe lakhiqiza isithelo. +
19 Bazalwane, uma noma ubani phakathi kwenu edukiswa eqinisweni, omunye ambuyise, 20 yazini ukuthi noma ubani obuyisa isoni ekuphambukeni + kwaso uyosisindisa ekufeni futhi uyomboza izono eziningi. +
Noma, “kokuthola iphutha.”
Bheka iSithasiselo A5.
NgesiGreki, “makaziqhayise.”
Noma, “uyofa.”
Bheka iSithasiselo A5.
Noma, “nangokungathi ubanjwe udobo.”
NgesiGreki, “sesivundile.”
Noma, “kuye akukho ukushintshashintsha kokuphenduka kwethunzi.”
Noma kungaba, “nabo bonke ububi.”
Noma, “ukhonza uNkulunkulu; uyakholwa.”
Noma, “kodwa engalufaki amatomu ulimi lwakhe.”
Noma, “Inkolo.”
Noma, “wobukhosi.”
Noma, “unisola.”
NgesiGreki, “wenkululeko.”
NgesiGreki, “abahamba-ze.”
Noma, “aqhaqhazele.”
Bheka iSithasiselo A5.
Bheka iSithasiselo A5.
Noma, “siyawenza amaphutha.”
NgesiGreki, “isondo lokuphila (umsuka).”
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “ezihuquzelayo.”
Bheka iSithasiselo A5.
Noma kungaba, “nobugovu.”
Noma kungaba, “nobugovu.”
Noma kungaba, “yilabo abenza ukuthula.”
NgesiGreki, “zilwa emalungwini enu.”
Noma, “Nina eningathembekile.”
Bheka iSithasiselo A5.
Bheka iSithasiselo A5.
Bheka iSithasiselo A5.
Noma kungaba, “uNkulunkulu akamelani.”
Noma, “Ningabubuli; Ningakhalazi.”
Bheka iSithasiselo A5.
Noma, “babusisiwe.”
Bheka iSithasiselo A5.
Bheka iSithasiselo A5.
Noma, “unozwela.”
Bheka iSithasiselo A5.
Noma kungaba, “okhathele.”
Bheka iSithasiselo A5.
NgesiGreki, “kunamandla amakhulu lapho kusebenza.”