Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • nwt Heberu 1:1-13:25
  • Hebheru

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Hebheru
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
Hebheru

KUMAHEBHERU

1 Kudala uNkulunkulu wakhuluma nokhokho bethu esebenzisa abaprofethi izikhathi eziningi nangezindlela eziningi. + 2 Manje ekupheleni kwalezi zinsuku ukhulume nathi esebenzisa iNdodana, + ayimise ukuba ibe yindlalifa yezinto zonke, + naleyo enza ngayo izimiso zezinto. *+ 3 Iwukubonakaliswa kwenkazimulo kaNkulunkulu + nomfanekiso ofana ncamashi naye uqobo, + futhi isekela zonke izinto ngezwi lamandla ayo. Futhi ngemva kokuba ihlanze izono zethu, + yahlala phansi ngakwesokudla soMkhulu endaweni ephakeme. + 4 Ngakho isiye yaba ngcono kunezingelosi, + ngezinga lokuthi yazuza njengefa igama elihle kakhulu kunelazo. +

5 Ngokwesibonelo, iyiphi ezingelosini uNkulunkulu ake wathi kuyo: “Wena uyindodana yami; namuhla ngikuzele”? + Waphinde wathi: “Ngiyoba uyise, yona ibe yindodana yami”? + 6 Kodwa lapho ephinda eletha iZibulo lakhe + emhlabeni owakhiwe, uthi: “Zonke izingelosi zikaNkulunkulu mazimkhothamele.”

7 Uphinde athi ngezingelosi: “Wenza izingelosi zakhe zibe yimimoya nezikhonzi* zakhe + zibe yilangabi lomlilo.” + 8 Kodwa ngeNdodana uthi: “UNkulunkulu uyisihlalo sakho sobukhosi + kuze kube phakade naphakade, futhi intonga yoMbuso wakho iyintonga yobuqotho.* 9 Wathanda ukulunga, wazonda ukuphula umthetho. Yingakho uNkulunkulu, uNkulunkulu wakho, akugcoba + ngamafutha okwethaba ukudlula abangani bakho.” + 10 Ubuye athi: “Ekuqaleni, wena Nkosi, wabeka izisekelo zomhlaba, futhi amazulu awumsebenzi wezandla zakho. 11 Kuyoshabalala, kodwa wena uyohlale ukhona; konke kuyoguga njengengubo nje, 12 uyokusonga njengesambatho, njengengubo futhi kuyoshintshwa. Kodwa wena awushintshi, awunasiphetho.” +

13 Kodwa iyiphi ezingelosini ake athi ngayo: “Hlala ngakwesokudla sami, ngize ngibeke izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho”? + 14 Aziyona yini zonke imimoya enikela inkonzo engcwele, *+ ethunyelwe ukukhonza ngenxa yalabo abayozuza insindiso?

2 Yingakho kudingekile ukuba sizinake ngaphezu kokujwayelekile izinto esizizwile, + ukuze singalokothi sikhukhuleke. + 2 Ngoba uma izwi elakhulunywa ngezingelosi + laba eliqinisekile, futhi zonke izoni nabantu abangalaleli bathola isijeziso ngokuvumelana nobulungisa, + 3 thina siyophunyuka kanjani uma siyishaye indiva insindiso enkulu kangaka? + Ngoba yiNkosi yethu eyaqala ukukhuluma ngale nsindiso + futhi basiqinisekisa ngayo labo abayizwa iNkosi, 4 kuyilapho uNkulunkulu ehlanganyela ekufakazeni ngezibonakaliso nangezimangaliso nemisebenzi yamandla ehlukahlukene + nangomoya ongcwele owabiwa ngokwentando yakhe. +

5 Ngoba uNkulunkulu akabekanga izingelosi ukuba zibuse umhlaba ozayo, + lo esikhuluma ngawo. 6 Kodwa endaweni ethile ufakazi othile wathi: “Uyini umuntu ukuba umkhumbule, noma indodana yomuntu ukuba uyinakekele? + 7 Wamenza waba ngaphansana kwezingelosi; wamthwesa umqhele wenkazimulo nodumo, futhi wammisa phezu kwemisebenzi yezandla zakho. 8 Zonke izinto wazibeka ngaphansi kwezinyawo zakhe.” + Ngokubeka zonke izinto ngaphansi kwakhe, + uNkulunkulu akashiyanga lutho lungekho ngaphansi kwakhe. + Nokho, manje asikaziboni zonke izinto zingaphansi kwakhe. + 9 Kodwa siyambona uJesu, owenziwa waba ngaphansana kwezingelosi, + manje osethweswe umqhele wenkazimulo nodumo ngoba eye wafa, + ukuze ngomusa omkhulu kaNkulunkulu anambithe ukufa ngenxa yawo wonke umuntu. +

10 Ngoba kwakufanele ukuba Lowo izinto zonke ezikhona ngenxa yakhe futhi ezikhona ngaye, lapho eletha amadodana amaningi enkazimulweni, + enze uMmeli Oyinhloko wensindiso yawo + aphelele ngezinhlupheko. + 11 Ngoba lowo ongcwelisayo nalabo abangcweliswayo + bonke bavela koyedwa, + futhi ngenxa yalesi sizathu akanamahloni okubabiza ngokuthi abafowethu, + 12 njengoba ethi: “Ngizomemezela igama lakho kubafowethu; ngizokudumisa ngengoma phakathi kwebandla.” + 13 Aphinde athi: “Ngizothembela kuye.” + Athi futhi: “Bheka! Mina nabantwana uJehova* angiphe bona.” +

14 Ngakho-ke, njengoba ‘abantwana’ bengabantu begazi nenyama,* naye ngokufanayo waba umuntu wegazi nenyama, *+ ukuze ngokufa kwakhe amenze ize lowo onendlela yokubangela ukufa, + okungukuthi, uDeveli, + 15 futhi akhulule bonke labo ababeyizigqila ukuphila kwabo konke ngenxa yokwesaba ukufa. + 16 Ngoba akuzona ngempela izingelosi azisizayo, kodwa usiza inzalo* ka-Abrahama. + 17 Ngenxa yalokho, kwakumele abe ‘njengabafowabo’ ezicini zonke, + ukuze abe umpristi ophakeme onesihe nothembekile ezintweni eziphathelene noNkulunkulu, ukuze anikele umhlatshelo oyisihlawulelo + ngenxa yezono* zabantu. + 18 Njengoba naye ahlupheka lapho evivinywa, + uyakwazi ukusiza labo abavivinywayo. +

3 Ngenxa yalokho, bazalwane abangcwele, bahlanganyeli bobizo lwasezulwini, *+ cabangani ngomphostoli nompristi ophakeme esimvumayo*—uJesu. + 2 Wayethembekile kuLowo owambeka, + njengoba noMose ayethembekile kuyo yonke indlu yaLowo. + 3 Ngoba ubalwa* njengofanelwe yinkazimulo + engaphezu kwekaMose, njengoba lowo owakha indlu enodumo ngaphezu kwaleyo ndlu. 4 Yebo, yileyo naleyo ndlu yakhiwa othile, kodwa owakha zonke izinto uNkulunkulu. 5 Manje uMose wayethembekile njengesikhonzi kuyo yonke indlu yaLowo njengobufakazi bezinto* ezaziyoshiwo ngokuhamba kwesikhathi, 6 kodwa uKristu wayethembekile njengendodana + phezu kwendlu kaNkulunkulu. Siyindlu yaKhe, + uma ngempela sibambelela ngokuqinile enkululekweni yethu yokukhuluma nasethembeni esiziqhayisa ngalo kuze kube sekupheleni.

7 Ngakho-ke, njengoba nje umoya ongcwele usho + uthi, “Uma nilalela izwi lakhe namuhla, 8 ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu njengalapho ningithukuthelisa kakhulu, njengasosukwini lokungivivinya ehlane, + 9 lapho okhokho benu bengivivinya futhi bengilinga, nakuba babeyibonile imisebenzi yami iminyaka engu-40. + 10 Yingakho ngasenyanya lesi sizukulwane futhi ngathi: ‘Sihlale siphambuka ezinhliziyweni zaso, asikazazi izindlela zami.’ 11 Ngakho ngafunga ngithukuthele ngathi, ‘Ngeke singene ekuphumuleni kwami.’ ” +

12 Qaphelani bazalwane, ngoba ngiyesaba ukuthi kungase kukhule komunye wenu inhliziyo embi entula ukholo ngenxa yokuhlehla kuNkulunkulu ophilayo; + 13 kodwa qhubekani nikhuthazana usuku ngalunye, uma nje kusathiwa “Namuhla,” + ukuze kungabi namuntu kini owenziwa lukhuni ngamandla okukhohlisa esono. 14 Ngoba eqinisweni sizothola lokho uKristu akuthola* kuphela uma sibambelela ngokuqinile, kuze kube sekupheleni, ekuqinisekeni esasinakho ekuqaleni. + 15 Njengoba kuthiwa, “Uma nilalela izwi lakhe namuhla, ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu njengalapho ningithukuthelisa kakhulu.” +

16 Ngoba obani abezwa kodwa bamvusela intukuthelo enkulu? Eqinisweni, kwakungebona yini bonke labo abaphuma eGibhithe beholwa uMose? + 17 Ngaphezu kwalokho, obani uNkulunkulu abenyanya iminyaka engu-40? + Kwakungebona yini labo abona, bafela ehlane? + 18 Obani afunga kubo ukuthi ngeke bangene ekuphumuleni kwakhe? Kwakungebona yini labo abangalalelanga? 19 Ngakho siyabona ukuthi abangenanga, ngenxa yokuntula ukholo. +

4 Ngakho-ke, njengoba sisekhona isithembiso sokungena ekuphumuleni kwakhe, masiqaphele* ukuba phakathi kwethu, kungabi namuntu ongase abonakale engasifanelekele. + 2 Ngoba izindaba ezinhle zimenyezelwe nakithi, + njengoba nje zamenyezelwa nakubo; kodwa izwi abalizwa alibasizanga, ngoba bona babengenalo ukholo olufana nolwalabo abalalela. 3 Ngoba thina esibonise ukholo siyangena kulokho kuphumula, njengoba nje eshilo: “Ngakho ngafunga ngithukuthele ngathi, ‘Ngeke bangene ekuphumuleni kwami,’ ” + nakuba imisebenzi yakhe yaqedwa kusukela ekusungulweni kwezwe. + 4 Ngoba kwenye indawo washo kanje ngokuqondene nosuku lwesikhombisa: “Futhi uNkulunkulu waphumula ngosuku lwesikhombisa kuyo yonke imisebenzi yakhe,” + 5 uyaphinda futhi lapha uthi: “Ngeke bangene ekuphumuleni kwami.” +

6 Ngakho-ke, njengoba kubasalele abanye ukungena kukho, futhi labo izindaba ezinhle ezamenyezelwa kubo kuqala bengazange bangene ngenxa yokungalaleli, + 7 uphinde aphawule usuku oluthile ngokusho ngemva kwesikhathi eside ehutsheni likaDavide ukuthi, “Namuhla”; njengoba nje kushiwo ngenhla ukuthi, “Uma nje ningalalela izwi lakhe namuhla, ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu.” + 8 Ngoba uma uJoshuwa + ayebaholele endaweni yokuphumula, ngabe uNkulunkulu akakhulumanga ngokuqondene nolunye usuku kamuva. 9 Ngakho, abantu bakaNkulunkulu basalelwe ukuphumula kwesabatha. + 10 Umuntu ongene ekuphumuleni kukaNkulunkulu naye uye waphumula emisebenzini yakhe, njengoba nje noNkulunkulu eye waphumula kweyakhe. +

11 Ngakho-ke, masenze konke okusemandleni ethu ukuze singene kulokho kuphumula, ukuze kungabi namuntu owela endleleni efanayo yokungalaleli. + 12 Ngoba izwi likaNkulunkulu liyaphila, linamandla + futhi libukhali kunanoma iyiphi inkemba + esika nhlangothi zombili, lihlaba kuze kuhlukane umphefumulo* nomoya,* amalunga nomnkantsha, futhi liyakwazi ukuqonda imicabango nezinhloso zenhliziyo. 13 Akukho ndalo esithekile emehlweni akhe, + kodwa zonke izinto azifihlekile futhi zisobala emehlweni alowo okumele siziphendulele kuye. +

14 Ngakho-ke, njengoba sinompristi ophakeme omkhulu odabule amazulu, uJesu iNdodana kaNkulunkulu, + masibambelele ekumvumeni kwethu obala. + 15 Ngoba umpristi wethu ophakeme akayena ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, + kodwa ungovivinyiwe ezicini zonke njengathi, kodwa ongenasono. + 16 Ngakho-ke, masisondele esihlalweni sobukhosi somusa omkhulu ngenkululeko yokukhuluma, + ukuze sithole isihe nomusa omkhulu wokusisiza ngesikhathi esifanele.

5 Ngoba yilowo nalowo mpristi ophakeme othathwa kubantu umiswa ngenxa yabo phezu kwezinto eziphathelene noNkulunkulu, + ukuze anikele izipho nemihlatshelo ngenxa yezono. + 2 Uyakwazi ukusebenzelana ngozwela* nabangenalwazi nabaphambukayo, njengoba naye enobuthakathaka* bakhe, 3 futhi ngenxa yalokho kumele azenzele iminikelo ngenxa yezono zakhe njengoba nje enza nangenxa yezesizwe. +

4 Umuntu akazithatheli lolu dumo ngokuzithandela, kodwa uluthola lapho ebizwa uNkulunkulu, njengoba nje u-Aroni abizwa. + 5 Kanjalo noKristu akazikhazimulisanga yena ngokuba umpristi ophakeme, + kodwa wakhazinyuliswa yiLowo owathi kuye: “Wena uyindodana yami; namuhla ngikuzele.” + 6 Njengoba esho futhi kwenye indawo, “Wena ungumpristi kuze kube phakade ngokwendlela kaMelkhizedeki.” +

7 Ngesikhathi esaphila emhlabeni, uKristu wanxusa wenza nezicelo, ngokukhala okukhulu nangezinyembezi, + kuLowo owayekwazi ukumsindisa ekufeni, futhi wazwiwa ngomusa ngenxa yokwesaba kwakhe uNkulunkulu. 8 Nakuba ayeyindodana, wafunda ukulalela ezintweni ahlupheka ngazo. + 9 Futhi ngemva kokuba enziwe waphelela, + bonke abamlalelayo babengathola insindiso yaphakade ngenxa yakhe, + 10 ngoba wabekwa uNkulunkulu ukuba abe ngumpristi ophakeme ngokwendlela kaMelkhizedeki. +

11 Sinokuningi esingakusho ngaye futhi kunzima ukukuchaza, ngoba seniye naba buthuntu ekuzweni. 12 Ngoba, nakuba bekufanele ngabe manje seningabafundisi,* nisadinga ukuba othile aphinde anifundise kusukela ekuqaleni izinto zokucathula + zamazwi angcwele kaNkulunkulu, futhi senibuyele emuva ekudingeni ubisi, hhayi ukudla okuqinile. 13 Ngoba wonke umuntu ophuza ubisi akajwayelene nezwi lokulunga, ngoba uyingane. + 14 Kodwa ukudla okuqinile kungokwabantu abavuthiwe, labo okuthe ngokusebenzisa amandla abo okuqonda bawenza aqeqeshelwa ukuhlukanisa okulungile nokungalungile.

6 Ngakho-ke, njengoba sesidlulile emfundisweni yokuqala + ephathelene noKristu, masizabalazele ukuvuthwa, + singalokhu sifunda izinto eziyisisekelo, okungukuthi, ukuphenduka emisebenzini efile nokholo kuNkulunkulu, 2 imfundiso ngobhapathizo nokubeka izandla, + uvuko lwabafile + nesahlulelo saphakade. 3 Futhi lokhu sizokwenza, uma ngempela uNkulunkulu evuma.

4 Ngoba ngokuqondene nalabo asebeke bakhanyiselwa, + futhi asebeye banambitha isipho sesihle sasezulwini, baba abahlanganyeli bomoya ongcwele, 5 banambitha izwi elihle likaNkulunkulu namandla esimiso sezinto esizayo,* 6 kodwa abaye bawa, + akunakwenzeka ukuba bavuselwe ekuphendukeni futhi, ngoba baphinde bazibethelela iNdodana kaNkulunkulu esigxotsheni futhi bayihlaza obala. + 7 Umhlabathi uthola isibusiso esivela kuNkulunkulu lapho uphuza imvula eyehlela kaningi phezu kwawo, bese ukhiqiza izimila eziwusizo kulabo abawulimayo. 8 Kodwa uma ukhiqiza ameva namakhakhasi, uyashiywa futhi useduze nokuba uqalekiswe, ekugcineni uyoshiswa.

9 Kodwa ngokuqondene nani, bathandekayo, nakuba sikhuluma ngale ndlela ngani, siyaqiniseka ngezinto ezingcono, izinto eziphathelene nensindiso. 10 Ngoba uNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonisa egameni lakhe, + ngokukhonza abangcwele nangokuqhubeka nibakhonza. 11 Kodwa sifisa ukuba ngamunye kini abonise inkuthalo efanayo ukuze abe nesiqinisekiso esigcwele sethemba + kuze kube sekupheleni, + 12 ukuze ningavilaphi, + kodwa nilingise labo okuthi ngokholo nangokubekezela bazuze izithembiso.

13 Ngoba lapho uNkulunkulu enza isithembiso sakhe ku-Abrahama, njengoba engekho omkhulu kunaye ayengamfunga, wazifunga yena ngokwakhe, + 14 ethi: “Nakanjani ngiyokubusisa, nakanjani ngiyokwandisa.” + 15 Ngakho ngemva kokuba u-Abrahama ebonise ukubekezela, wasithola lesi sithembiso. 16 Ngoba abantu bafunga umuntu omkhulu kunabo, futhi isifungo sabo siyisiphetho sakho konke ukuphikisana, njengoba siyisiqinisekiso esingokomthetho kubo. + 17 Ngendlela efanayo, lapho uNkulunkulu enquma ukukubonisa ngokucace kakhudlwana ezindlalifeni zesithembiso + ukungaguquleki kwenjongo* yakhe, wayiqinisekisa* ngesifungo, 18 ukuze ngezinto ezimbili ezingenakuguquleka, okungenakwenzeka ngoNkulunkulu ukuba aqambe amanga ngazo, + thina esibalekele esiphephelweni sithole isikhuthazo esinamandla sokuba sibambelele ngokuqinile ethembeni elibekwe phambi kwethu. 19 Sinaleli themba + njengehange lomphefumulo,* liqinisekile futhi lisenza singangabazi, lingena ngaphakathi kwekhethini, + 20 lapho umanduleli eye wangena khona ngenxa yethu, uJesu, + oye waba umpristi ophakeme ngokwendlela kaMelkhizedeki kuze kube phakade. +

7 Ngoba lo Melkhizedeki, inkosi yaseSalema, umpristi kaNkulunkulu oPhezukonke, wahlangabeza u-Abrahama lapho ebuya ekubulaleni amakhosi wayesembusisa, + 2 futhi u-Abrahama wamnika* okweshumi kwayo yonke into. Okokuqala, igama lakhe lihunyushwa ngokuthi, ‘iNkosi Yokulunga,’ bese futhi eba yinkosi yaseSalema, okungukuthi, “iNkosi Yokuthula.” 3 Njengoba engenayise, engenanina, engenalo uhlu lozalo, engenaso isiqalo sezinsuku noma ukuphela kokuphila, kodwa enziwe waba njengeNdodana kaNkulunkulu, uhlala engumpristi phakade. *+

4 Bhekani ukuthi wayemkhulu kangakanani lo muntu u-Abrahama, inhloko yomndeni,* amnika okweshumi empangweni engcono kakhulu. + 5 Yiqiniso, ngokoMthetho, labo abavela emadodaneni kaLevi + abamukela isikhundla sabo sobupristi kufanele baqoqe okweshumi kubantu, + okungukuthi, kubafowabo, ngisho noma nabo beyinzalo* ka-Abrahama. 6 Kodwa lo muntu ongekho ohlwini lozalo lwabo wathatha okweshumi ku-Abrahama futhi wabusisa lowo okwakwenziwe izithembiso kuye. + 7 Manje akunakuphikwa ukuthi omncane ubusiswa ngomkhulu. 8 Kulesi esinye isimo, ngabantu abafayo abamukela okweshumi, kodwa kulesi esinye, ngothile okufakazwa ngaye ukuthi uyaphila. + 9 Futhi kungashiwo ukuthi ngisho noLevi, owamukela okweshumi, uye wakhokha okweshumi ngo-Abrahama, 10 ngoba ukhokho wakhe wayengakamzali* lapho uMelkhizedeki emhlangabeza. +

11 Uma-ke, ukuphelela kwakutholakala ngobupristi bobuLevi + (ngoba babuyingxenye yoMthetho owanikwa isizwe), sasiyoba khona yini isidingo sokuba kuvele omunye umpristi okuthiwa ungokwendlela kaMelkhizedeki + hhayi ngokwendlela ka-Aroni? 12 Ngoba njengoba ubupristi bushintshwa, kuba khona isidingo sokushintsha noMthetho. + 13 Ngoba umuntu ezishiwo ngokuqondene naye lezi zinto wavela kwesinye isizwe, okungekho muntu kuso oke wakhonza e-altare. + 14 Ngoba kusobala ukuthi iNkosi yethu yavela kwaJuda, + nokho uMose akashongo lutho ngokuvela kwabapristi kuleso sizwe.

15 Lokhu kucaca nakakhulu lapho kuvela omunye umpristi + ofana noMelkhizedeki, + 16 ongabanga umpristi ngokomthetho womyalo oxhomeke enzalweni yenyama, kodwa emandleni okuphila okungenakubhubhiseka. + 17 Ngoba komunye umbhalo kuthiwa ngaye: “Wena ungumpristi kuze kube phakade ngokwendlela kaMelkhizedeki.” +

18 Ngakho-ke, umyalo omdala ushaywa indiva ngenxa yokuthi awunamandla nokuthi awuphumeleli. + 19 Ngoba uMthetho awuphelelisanga lutho, + kodwa ukulethwa kwethemba elingcono, + esisondela ngalo kuNkulunkulu, yikho okwaphelelisa. + 20 Futhi, njengoba nje lokhu kungenziwanga ngaphandle kokufunga isifungo, 21 (ngoba ngempela kukhona abantu ababe abapristi ngaphandle kwesifungo esifungiwe, kodwa lona ube ngumpristi ngesifungo esafungwa yiLowo owathi ngokuphathelene naye: “UJehova* ufungile futhi ngeke awushintshe umqondo,* ‘Wena ungumpristi kuze kube phakade’ ”), + 22 kanjalo uJesu ube yisiqinisekiso* sesivumelwano esingcono. + 23 Ngaphezu kwalokho, baningi okwadingeka babe abapristi ngokulandelana + ngenxa yokuthi ukufa kwabavimba ukuba baqhubeke beyibo, 24 kodwa ngenxa yokuthi yena uqhubeka ephila kuze kube phakade, + akekho olandela esikhundleni sakhe sobupristi. 25 Ngakho uyakwazi nokusindisa ngokuphelele labo abasondela kuNkulunkulu ngaye, ngoba uyaphila ngaso sonke isikhathi ukuze abancengele. +

26 Kuyafaneleka ukuba sibe nompristi ophakeme njengalona, othembekile, omsulwa, ongangcolile, + ohlukanisiwe nezoni, futhi ophakanyiswe ngaphezu kwamazulu. + 27 Ngokungafani nalabo bapristi abaphakeme, akudingeki ukuba anikele imihlatshelo nsuku zonke, + ngenxa yezono zakhe nangenxa yezabantu, + ngoba lokhu wakwenza kwaba kanye kuphela lapho ezinikela. + 28 Ngoba uMthetho umisa abantu abanesono ukuba babe abapristi abaphakeme, + kodwa isifungo + esafungwa ngemva koMthetho simisa iNdodana, eyenziwe yaphelela + kuze kube phakade.

8 Manje nanti iphuzu eliyinhloko lalokhu esikushoyo: Sinompristi ophakeme onjengalo, + futhi uye wahlala phansi ngakwesokudla sesihlalo sobukhosi soMkhulu emazulwini, + 2 isikhonzi sasendaweni* engcwele + nesasetendeni leqiniso, elamiswa uJehova,* hhayi umuntu. 3 Ngoba wonke umpristi ophakeme unomsebenzi wokunikela izipho nemihlatshelo; ngakho kwakudingekile ukuba nalona abe nokuthile azonikela ngakho. + 4 Ukube ubesemhlabeni, ubengeke abe ngumpristi, + njengoba bekhona abantu abanikela izipho ngokoMthetho. 5 Laba bantu banikela inkonzo engcwele endaweni engumfanekiso neyisithunzi + sezinto zasezulwini; + njengoba nje kuboniswa umyalo uNkulunkulu awunika uMose lapho esezokwakha itende: Ngoba uthi: “Qikelela ukuthi wenza zonke izinto ulandela umklamo* owawuboniswa entabeni.” + 6 Kodwa manje uJesu uthole inkonzo* enhle kakhulu ngoba futhi ungumlamuleli + wesivumelwano esingcono, + esimiswe ngokomthetho ezithembisweni ezingcono. +

7 Ukube leso sivumelwano sokuqala sasingenaphutha, sasingeke sidingeke esesibili. + 8 Ngoba uthola abantu benephutha lapho ethi: “ ‘Bhekani! Kuza izinsuku,’ kusho uJehova,* ‘engiyokwenza ngazo isivumelwano esisha nendlu ka-Israyeli nendlu kaJuda. 9 Ngeke sifane nesivumelwano engasenza nokhokho babo ngosuku engababamba ngalo ngesandla ngabakhipha ezweni laseGibhithe, + ngoba abaqhubekanga esivumelwaneni sami, ngakho ngayeka ukubanakekela,’ kusho uJehova.*

10 “ ‘Ngoba yilesi isivumelwano engiyosenza nendlu ka-Israyeli ngemva kwalezo zinsuku,’ kusho uJehova.* ‘Ngiyofaka imithetho yami ezingqondweni zabo, ngiyilobe nasezinhliziyweni zabo. + Ngiyoba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami. +

11 “ ‘Yilowo nalowo ngeke esafundisa isakhamuzi esikanye naye noma umfowabo, athi: “Yazi uJehova!”* Ngoba bonke bayongazi, kusukela komncane kunabo bonke kuye komkhulu kunabo bonke. 12 Ngoba ngiyoba nesihe ezenzweni zabo ezingalungile, futhi ngeke ngisazikhumbula izono zabo.’ ” +

13 Ngokusho kwakhe ukuthi “isivumelwano esisha,” wenze esidala sangabe sisasebenza. + Manje lokho okungasasebenzi nokugugayo kusuke sekuzoshabalala. +

9 Isivumelwano esidala sona sasinezimfuneko ezingokomthetho zenkonzo engcwele nendawo yaso engcwele + esemhlabeni. 2 Ngoba kwakhiwa igumbi lokuqala letende okwakukhona kulo uthi lwesibani + netafula nezinkwa zokubukwa; + futhi libizwa ngokuthi iNdawo Engcwele. + 3 Kodwa ngemva kwekhethini lesibili + kwakukhona igumbi letende elibizwa ngokuthi iNgcwelengcwele. + 4 Lona lalinomcengezi wegolide wokushisa impepho + nomphongolo wesivumelwano + onanyekwe ngegolide nxazonke, + okwakukhona kuwo imbiza yegolide eyayinemana + kanye nenduku ka-Aroni eyahluma imiqumbe + kanye namatshe ayizicaba + esivumelwano; 5 ngaphezu kwawo kwakukhona amakherubi akhazimulayo amboze isivalo sesihlawulelo. *+ Kodwa manje akusona isikhathi sokukhuluma ngokuningiliziwe ngalezi zinto.

6 Ngemva kokuba lezi zinto sezakhiwe ngale ndlela, abapristi babengena egumbini lokuqala letende njalo ukuze benze izinkonzo ezingcwele; + 7 kodwa umpristi ophakeme wayengena yedwa egumbini lesibili kanye ngonyaka, + nokho wayengenakungena ngaphandle kwegazi, + alinikela ngenxa yakhe + nangenxa yezono ezazenziwe abantu + ngokungazi. 8 Kanjalo umoya ongcwele ukwenza kucace ukuthi indlela engena endaweni engcwele yayingakambulwa ngesikhathi itende lokuqala limile. + 9 Leli tende liwumfanekiso wesikhathi samanje, + futhi ngokwaleli lungiselelo, kunikelwa izipho kanye nemihlatshelo. + Nokho, lokhu akukwazi ukwenza unembeza womuntu owenza inkonzo engcwele uphelele. + 10 Kuphathelene kuphela nokudla neziphuzo nokuzihlanza ngokwesiko* okuhlukahlukene. + Kwakuyizimfuneko ezingokomthetho eziphathelene nomzimba + futhi zabekwa kwaze kwaba isikhathi esimisiwe sokuqondisa izinto.

11 Nokho, lapho uKristu efika njengompristi ophakeme wezinto ezinhle ezase zenzekile, wadabula etendeni elikhulu neliphelele ngokwengeziwe elingenziwanga ngezandla, okuwukuthi, elingelona elale ndalo.* 12 Akangenanga endaweni engcwele negazi lezimbuzi nelamathole eduna, kodwa wangena negazi lakhe, + kwaba kanye kuphela futhi wasitholela ukukhululwa* okuphakade. + 13 Ngoba uma igazi lezimbuzi nelezinkunzi + nomlotha wesithole* ofafazwa kulabo abangcolisiwe kungcwelisa ukuze kuhlanzeke inyama, + 14 igazi likaKristu, + owathi ngomoya waphakade wazinikela engenasici kuNkulunkulu, liyobahlanza kakhulu kangakanani onembeza bethu emisebenzini efile + ukuze sinikele inkonzo engcwele kuNkulunkulu ophilayo? +

15 Yingakho engumlamuleli wesivumelwano esisha, + ukuze labo ababiziwe bamukele isithembiso sefa eliphakade + ngenxa yokuthi eye wafa ukuze ngesihlengo + bakhululwe eziphambekweni zabo ngaphansi kwesivumelwano esidala. 16 Ngoba lapho kukhona khona isivumelwano, kudingeka afe umenzi wesivumelwano ongumuntu, 17 ngoba isivumelwano sisebenza ngokufa, njengoba singasebenzi uma nje umenzi wesivumelwano ongumuntu esaphila. 18 Ngenxa yalokho, nesivumelwano esidala asisebenzanga* ngaphandle kwegazi. 19 Ngoba lapho uMose esetshele bonke abantu yonke imiyalo yoMthetho, wathatha igazi lamathole eduna nelezimbuzi, kanye namanzi, uboya obubomvu nehisopi wafafaza incwadi* nabantu bonke, 20 wathi: “Leli yigazi lesivumelwano uNkulunkulu aniyale ukuba nisigcine.” + 21 Ngokufanayo wafafaza itende nazo zonke izitsha zenkonzo engcwele* ngegazi. + 22 Yebo, cishe zonke izinto zihlanzwa ngegazi ngokoMthetho, + futhi ngaphandle kokuba kuthululwe igazi akukho ukuthethelelwa okuba khona. +

23 Ngakho-ke, kwakudingekile ukuba imifuziselo yezinto + ezisezulwini ihlanzwe ngalezi zindlela, + kodwa izinto zasezulwini zidinga okungcono kakhulu kunemihlatshelo. 24 UKristu akangenanga endaweni engcwele eyenziwe ngezandla, + engumfanekiso wokungokoqobo, + kodwa wangena ezulwini ngokwalo, + ukuze abonakale phambi* kukaNkulunkulu ngenxa yethu. + 25 Lokhu akwenzelwanga ukuba azinikele kaningi, njengalapho umpristi ophakeme engena endaweni engcwele unyaka nonyaka + negazi okungelona elakhe. 26 Ukube kwakunjalo, kwakuyomelwe ahlupheke kaningi kusukela ekusungulweni kwezwe. Kodwa manje uzibonakalise kwaba kanye kuphela esiphelweni sezimiso zezinto* ukuze asuse isono ngomhlatshelo wakhe. + 27 Futhi njengoba nje abantu bemiselwe ukuba bafe kube kanye kuphela, kodwa ngemva kwalokhu bahlulelwe, 28 kanjalo noKristu wanikelwa kwaba kanye kuphela ukuze athwale izono zabaningi; + futhi lapho efika okwesibili uyobe engazele ukuzosusa isono* futhi uyobonwa yilabo abamfuna ngobuqotho ukuze basindiswe. +

10 Njengoba uMthetho unesithunzi + sezinto ezinhle ezizayo, + kodwa kungezona lezo zinto uqobo, ngemihlatshelo efanayo enikelwa njalo unyaka nonyaka, awusoze wabenza* baphelele labo abasondela kuNkulunkulu. + 2 Ukube bekunjalo, imihlatshelo yayingeke yini iyeke ukunikelwa, ngoba labo abanikela inkonzo engcwele asebehlanziwe babengeke besaba nomuzwa wecala ngenxa yezono zabo? 3 Ngokuphambene nalokho, le mihlatshelo ikhumbuza ngezono unyaka nonyaka, + 4 ngoba akunakwenzeka ukuba igazi lezinkomo nelezimbuzi lisuse izono.

5 Ngakho lapho efika ezweni uthi: “ ‘Awuzange uwufune umhlatshelo nomnikelo, kodwa ungilungiselele umzimba. 6 Awuzange uyamukele iminikelo eshiswayo ephelele neminikelo yesono.’ + 7 Ngakho ngathi: ‘Bheka! Ngize ukuzokwenza intando yakho (kulotshiwe ngami emqulwini*), Nkulunkulu.’ ” + 8 Ngemva kokuthi kuqala: “Awuzange uyifune futhi awuzange uyamukele imihlatshelo neminikelo kanye neminikelo eshiswayo ephelele neminikelo yesono”—imihlatshelo enikelwa ngokoMthetho— 9 ube esethi: “Bheka! Ngize ukuzokwenza intando yakho.” + Uqeda okokuqala ukuze amise okwesibili. 10 Ngale ‘ntando’ + singcwelisiwe ngomnikelo womzimba kaJesu Kristu kube kanye kuphela. +

11 Futhi, umpristi uma endaweni yakhe usuku nosuku ukuze anikele inkonzo engcwele *+ anikele nemihlatshelo efanayo kaningi, + engasoze yakwazi ukususa izono ngokuphelele. + 12 Kodwa lo muntu wanikela umhlatshelo owodwa wezono osebenza kuze kube phakade futhi wahlala ngakwesokudla sikaNkulunkulu, + 13 kusukela ngaleso sikhathi, ulindele ukuba izitha zakhe zibekwe njengesenabelo sezinyawo zakhe. + 14 Ngoba ngumnikelo owodwa womhlatshelo enze ngawo labo abangcweliswayo baphelela phakade. + 15 Ngaphezu kwalokho, umoya ongcwele nawo uyafakaza kithi, ngoba ngemva kokuba uthe: 16 “ ‘Yilesi isivumelwano engiyosenza nabo ngemva kwalezo zinsuku,’ kusho uJehova.* ‘Ngiyofaka imithetho yami ezinhliziyweni zabo, ngiyilobe nasezingqondweni zabo.’ ” + 17 Ube sewuthi: “Ngeke ngisazikhumbula izono zabo nezenzo zabo zokweqa umthetho.” + 18 Manje lapho kukhona khona ukuthethelelwa kwazo, awusadingeki umnikelo wesono.

19 Ngakho-ke, bazalwane, njengoba sinesibindi* ngokuqondene nendlela engena endaweni engcwele + ngegazi likaJesu, 20 asivulela yona njengendlela entsha nephilayo edabula ikhethini, + okuwukuthi, inyama yakhe, 21 futhi njengoba sinompristi omkhulu phezu kwendlu kaNkulunkulu, + 22 masisondele ngezinhliziyo eziqotho nangokholo oluphelele, izinhliziyo zethu zifafaziwe zahlanzeka kunembeza omubi + nemizimba yethu igezwe ngamanzi ahlanzekile. + 23 Masiphikelele ekulimemezeleni obala ithemba lethu ngaphandle kokuntengantenga, + ngoba uthembekile lowo owathembisa. 24 Futhi masicabangelane* ukuze sivuselelane* uthando nemisebenzi emihle, + 25 singakuyeki ukuhlangana ndawonye, + njengoba kungumkhuba wabanye, kodwa sikhuthazane, + futhi ikakhulu njengoba nibona usuku lusondela. +

26 Ngoba uma senza isono ngamabomu ngemva kokuba sesithole ulwazi olunembile lweqiniso, + awusekho umhlatshelo wesono osele, + 27 kodwa ngokwesaba silindele isahlulelo nentukuthelo evutha njengomlilo eyodla labo abaphikisayo. + 28 Noma ubani oye wangawunaka uMthetho KaMose ufa ngaphandle kokuhawukelwa ngobufakazi bababili noma abathathu. + 29 Nicabanga ukuthi uyofanelwa isijeziso esikhulu kangakanani umuntu onyathele iNdodana kaNkulunkulu futhi walibheka njengento evamile igazi lesivumelwano + angcweliswa ngalo, nothukuthelise umoya womusa omkhulu ngokwedelela? + 30 Ngoba siyamazi Lowo owathi: “Impindiselo ingeyami; ngizobuyisela mina.” Wathi futhi: “UJehova* uyokwahlulela abantu bakhe.” + 31 Kuyinto esabekayo ukuwela ezandleni zikaNkulunkulu ophilayo.

32 Ningayikhohlwa indlela enakhuthazelela ngayo izinto eziningi naphezu kwezinhlupheko, ngemva kokuba senikhanyiselwe. + 33 Ngezinye izikhathi nanenekwa obala* esihlambeni nasezinsizini, futhi ngezinye izikhathi nanihlanganyela* nalabo ababebhekene nokunjalo. 34 Nabonisa uzwela kulabo abasejele futhi nakwamukela ngenjabulo ukuphangwa kwezinto zenu, + nazi ukuthi nina ninempahla engcono nehlalayo. +

35 Ngakho-ke, ningayeki ukukhuluma ngesibindi,* njengoba kunomvuzo omkhulu okuzokhokhelwa kona. + 36 Ngoba ninesidingo sokukhuthazela, + ukuze ngemva kokuba seniyenzile intando kaNkulunkulu, nizitholele lokho uNkulunkulu akuthembisile. 37 Ngoba kusele “isikhathi esincane kakhulu,” + futhi “lowo ozayo uzofika, ngeke alibale.” + 38 “Kodwa olungile wami uyophila ngenxa yokholo,” + futhi, “uma ehlehlela emuva, angijabuli ngaye.” + 39 Asilona uhlobo oluhlehlela emuva ekubhujisweni, + kodwa siluhlobo olunokholo ukuze kulondwe ukuphila kwethu.

11 Ukholo luwukuqiniseka ngokugcwele ukuthi lokho okuthenjwayo + kuyokwenzeka, ubufakazi obucacile* bokuthi lokho ongakuboni empeleni kukhona. 2 Ngoba amadoda asendulo* afakazelwa ngalo.

3 Ngokholo siyaqonda ukuthi izimiso zezinto* zahlelwa ngezwi likaNkulunkulu, kangangokuthi lokho okubonwayo kuvele ezintweni ezingabonakali.

4 Ngokholo u-Abela wanikela kuNkulunkulu umhlatshelo ongcono kunokaKhayini, + futhi ngalolo kholo wafakazelwa ukuthi wayelungile, ngoba uNkulunkulu wazamukela* izipho zakhe + futhi ngokholo lwakhe, usakhuluma nakuba afa. +

5 Ngokholo u-Enoke + wadluliswa ukuze angakuboni ukufa, futhi akatholakalanga ndawo ngoba uNkulunkulu wayemdlulisile; + ngoba ngaphambi kokuba adluliswe wafakazelwa ukuthi wayemjabulisile uNkulunkulu. 6 Ngaphezu kwalokho, ngaphandle kokholo akwenzeki ukumjabulisa uNkulunkulu, ngoba lowo oza kuNkulunkulu kumele akholelwe ukuthi ukhona* nokuthi uyabavuza labo abamfuna ngobuqotho. +

7 Ngokholo uNowa, + ngemva kokuthola isixwayiso esivela ezulwini sezinto ezingakabonwa, + wabonisa ukwesaba uNkulunkulu wakha umkhumbi + wokusindisa indlu yakhe; futhi ngalolu kholo walahla izwe, + waba yindlalifa yokulunga okuwumphumela wokholo.

8 Ngokholo u-Abrahama, + lapho ebizwa, walalela ngokuphuma aye endaweni ayezoyamukela njengefa; waphuma, nakuba ayengazi ukuthi uyaphi. + 9 Ngokholo waphila njengesifiki ezweni lesithembiso njengokungathi kusezweni lesinye isizwe, + wahlala ematendeni + no-Isaka noJakobe, izindlalifa kanye naye zesithembiso esifanayo. + 10 Ngoba wayelindele idolobha elinezisekelo zangempela, umklami nomakhi walo okunguNkulunkulu. +

11 Ngokholo uSara wakhulelwa* nakuba ayesemdala, *+ ngenxa yokuthi wayenokholo lokuthi uthembekile Lowo owayethembisile. 12 Ngenxa yalesi sizathu, kumuntu oyedwa owayesefana nosefile, + kwazalwa abantwana, + abaningi ngangezinkanyezi zezulu nabangenakubalwa njengezihlabathi ezisogwini lolwandle. +

13 Bonke laba bafa benokholo, nakuba bengakutholanga ukugcwaliseka kwezithembiso; + kodwa bazibona zikude, + bazamukela futhi bavuma obala ukuthi bayizihambi nezakhamuzi zesikhashana ezweni. 14 Ngoba labo abakhuluma ngaleyo ndlela benza kube sobala ukuthi bafuna ngobuqotho indawo ezoba ngeyabo. 15 Nokho, ukube baqhubeka bekhumbula indawo ababephume kuyo, + babeyoba nalo ithuba lokubuyela. 16 Kodwa manje bazama ukufinyelela indawo engcono, okungukuthi, eyasezulwini. Ngakho uNkulunkulu akanamahloni ngabo, ukubizwa ngokuthi unguNkulunkulu wabo, + ngoba ubalungiselele idolobha. +

17 Ngokholo u-Abrahama, lapho evivinywa, + kwafana nokuthi usenikele ngo-Isaka—lo muntu owayamukele izithembiso ngentokozo wazama ukunikela ngendodana yakhe okuwukuphela kwayo +— 18 nakuba kwakuthiwe kuye: “Lokho okuyobizwa ngokuthi inzalo* yakho kuyoba khona ngo-Isaka.” + 19 Kodwa waphetha ngokuthi uNkulunkulu uyakwazi ukumvusa ngisho nakwabafile, futhi ngempela wamthola evela khona ngendlela engokomfanekiso. +

20 Ngokholo no-Isaka wabusisa uJakobe + no-Esawu + ngokuphathelene nezinto ezizayo.

21 Ngokholo uJakobe, lapho esezofa, + wabusisa ngayinye yamadodana kaJosefa + futhi wakhothama* kuNkulunkulu encike odondolweni lwakhe. +

22 Ngokholo uJosefa, lapho esezofa, wakhuluma ngokufuduka kwabantwana bakwa-Israyeli, wanikeza neziqondiso* ngokuphathelene namathambo akhe. *+

23 Ngokholo abazali bakaMose bamfihla izinyanga ezintathu ngemva kokuzalwa kwakhe, + ngoba babona ukuthi lo mntwana wayemuhle + futhi abawesabanga umyalo wenkosi. + 24 Ngokholo uMose, lapho esekhulile, + wenqaba ukubizwa ngokuthi uyindodana yendodakazi kaFaro, + 25 ekhetha ukuphathwa kabi nabantu bakaNkulunkulu kunokujabula isikhashana esonweni, 26 ngoba wabheka isihlamba sikaKristu njengengcebo enkulu kunemicebo yaseGibhithe, ngoba wagxilisa amehlo ekukhokhweni komvuzo. 27 Ngokholo washiya iGibhithe, + kodwa engayesabi intukuthelo yenkosi, + ngoba waqhubeka egxilile sengathi uyambona Lowo ongabonakali. + 28 Ngokholo wagubha iPhasika wachela negazi, ukuze umbhubhisi angawalimazi* amazibulo abo. +

29 Ngokholo badabula uLwandle Olubomvu njengokungathi kusezweni elomile, + kodwa lapho abaseGibhithe bezama ukuwela, bagwinywa. +

30 Ngokholo isizwe sazungeza izindonga zaseJeriko izinsuku eziyisikhombisa, ngemva kwalokho zawa. + 31 Ngokholo uRahabi isifebe akazange ashabalale kanye nalabo abangalalelanga, ngoba wamukela izinhloli ngendlela enokuthula. +

32 Yikuphi okunye engingakusho? Ngoba isikhathi sizongishiya uma ngiqhubeka ngilandisa ngoGideyoni, + uBharaki, + uSamsoni, + uJefta, + uDavide + kanye noSamuweli + nabanye abaprofethi. 33 Ngokholo banqoba imibuso, + baletha ukulunga, bathola izithembiso, + bavala imilomo yamabhubesi, + 34 bacisha amandla omlilo, + baphunyuka enkembeni, + besesimweni esibuthakathaka benziwa baba namandla, + baba ngamaqhawe empini, + baxosha amabutho ayehlasela. + 35 Abesifazane bamukela abafile babo ngovuko, + kodwa abanye abantu bahlukunyezwa ngoba abafunanga ukwamukela ukukhululwa,* ukuze bazuze uvuko olungcono. 36 Yebo, abanye bavivinywa ngokuhlekwa usulu nangokubhaxabulwa, impela, bavivinywa ngokungaphezu kwalokho, ngamaketanga + nangokuboshwa emajele. + 37 Bashaywa ngamatshe, + baquliswa amacala, banqanyulwa kabili ngesaha,* babulawa ngenkemba, + bazulazula bembethe izikhumba zezimvu, izikhumba zezimbuzi, + beswele, besosizini, + bephethwe kabi; + 38 futhi izwe lalingabafanele. Bazulazula ezingwadule nasezintabeni nasemihumeni + nasemiphandwini yomhlaba.

39 Nokho bonke laba, nakuba bafakazelwa kahle ngenxa yokholo lwabo, abakutholanga ukugcwaliseka kwesithembiso, 40 ngoba uNkulunkulu wayesibonele okuthile okungcono, + ukuze bona bangenziwa baphelele ngaphandle kwethu.

12 Ngakho-ke, ngenxa yokuthi sinefu elikhulu kangaka lofakazi elisizungezile, nathi masilahle konke okusindayo nesono esisithandela kalula, + futhi masiwugijime ngokukhuthazela lo mncintiswano obekwe phambi kwethu, + 2 njengoba sigxilise amehlo ethu kuMmeli Oyinhloko noMphelelisi wokholo lwethu, uJesu. + Ngenxa yenjabulo eyayibekwe phambi kwakhe wakhuthazelela isigxobo sokuhlushwa,* engenandaba nehlazo, futhi useye wahlala phansi ngakwesokudla sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu. + 3 Ngempela, cabangisisani ngalowo okhuthazelele inkulumo enjalo yezoni ephikisayo emelene nezinzuzo zazo siqu, + ukuze ningakhathali niphele amandla. +

4 Ekulweni kwenu naleso sono, anikazabalazi kuze kube seqophelweni lokuchitheka kwegazi lenu. 5 Nisikhohlwe ngokuphelele isikhuthazo esinibiza ngokuthi ningamadodana, esithi: “Ndodana yami, ungasilulazi isiyalo esivela kuJehova,* futhi ungapheli amandla lapho uqondiswa nguye; 6 ngoba uJehova* uyabayala labo abathandayo, eqinisweni, ujezisa wonke umuntu amamukela njengendodana.” +

7 Kudingeka nikhuthazele lapho niyalwa.* UNkulunkulu uniphatha njengamadodana akhe. + Ngoba iyiphi indodana engayalwa uyise? + 8 Kodwa uma nonke ningakaze nisithole isiyalo, ngempela ningamavezandlebe, aniwona amadodana. 9 Ngaphezu kwalokho, obaba bethu benyama* babesiyala futhi sasibahlonipha. Akufanele yini sizithobe nakakhulu kuBaba wokuphila kwethu okungokomoya futhi siphile? + 10 Ngoba bona basiyala isikhashana ngokwalokho okwakubonakala kukuhle kubo, kodwa yena usiyala ukuze kuzuze thina, ukuze sihlanganyele ebungcweleni bakhe. + 11 Yiqiniso, asijabuli lapho sithola isiyalo kodwa sizwa ubuhlungu;* nokho kamuva isiyalo sibathelela isithelo sokuthula esiwukulunga labo abaqeqeshwe yiso.

12 Ngakho-ke, qinisani izandla eziyethile namadolo axegayo, + 13 futhi qhubekani nihamba endleleni eqondile, + ukuze lowo oxhugayo* angabhinyiki, kodwa kunalokho elapheke. 14 Lwelani ukuba nokuthula nabantu bonke, + nokungcweliswa *+ okungekho muntu oyobona iNkosi ngaphandle kwako. 15 Qaphelisisani ukuba kungabikho muntu ongawutholi umusa omkhulu kaNkulunkulu, ukuze kungabikho mpande enobuthi evelayo, ibange izinkinga futhi abaningi bangcoliswe yiyo; + 16 qaphelani nokuba phakathi kwenu kungabi namuntu oziphatha kabi ngokocansi* nanoma ubani ongazazisi izinto ezingcwele, njengo-Esawu, owadela amalungelo akhe njengezibulo ukuze athole isidlo esisodwa. + 17 Ngoba niyazi ukuthi kamuva lapho efuna ukuzuza isibusiso njengefa waliwa; ngoba nakuba azama ngobuqotho ukushintsha umqondo* ngezinyembezi, + akusizanga.*

18 Ngoba anisondelanga entweni engase ithintwe + futhi eyokhelwe ngomlilo, + nasefwini elimnyama nasebumnyameni obukhulu nasesiphephweni, + 19 nasekukhaleni kwecilongo + nasezwini elikhuluma amazwi, + okwathi lapho abantu belizwa bancenga ukuba kungabe kusashiwo lutho olunye kubo. + 20 Ngoba wawunzima kubo lo myalo othi: “Uma ngisho nesilwane sithinta intaba, kumele sishaywe ngamatshe.” + 21 Ngaphezu kwalokho, okwakubonakala kwakwesabisa kakhulu, uMose waze wathi: “Ngiyesaba futhi ngiyathuthumela.” + 22 Kodwa nisondele eNtabeni iZiyoni + nasedolobheni likaNkulunkulu ophilayo, iJerusalema lasezulwini, + nasemashumini ezinkulungwane ezingelosi 23 emhlanganweni wazo zonke, + nasebandleni lamazibulo abhaliswe emazulwini, nakuNkulunkulu uMahluleli wabo bonke, + nasekuphileni okungokomoya + kwabalungile abenziwe baphelela, + 24 nakuJesu umlamuleli + wesivumelwano esisha, + nasegazini elifafaziwe, elikhuluma ngendlela engcono kunegazi lika-Abela. +

25 Qaphelani ukuba ningenqabi ukulalela* lowo okhulumayo. Ngoba uma labo abenqaba ukulalela lowo owayenikeza isixwayiso saphezulu esemhlabeni bengaphunyukanga, thina ngeke siphunyuke nakakhulu uma sifulathela lowo okhuluma esemazulwini. + 26 Ngaleso sikhathi izwi lakhe lazamazamisa umhlaba, + kodwa manje uthembisile, wathi: “Ngizophinde ngizamazamise hhayi umhlaba kuphela kodwa futhi nezulu.” + 27 Manje inkulumo ethi “ngizophinde” ibonisa ukususwa kwezinto ezizanyazanyiswayo, izinto ezenziwe, ukuze izinto ezingazanyazanyiswanga zihlale. 28 Ngakho-ke, njengoba sizokwamukela uMbuso ongenakunyakaziswa, masiqhubeke sithola umusa omkhulu, esinganikela ngawo inkonzo engcwele ngendlela eyamukelekayo kuNkulunkulu ngokwesaba nangokuthuthumela. 29 Ngoba uNkulunkulu wethu ungumlilo oqothulayo. +

13 Qhubekani nibonisana uthando lobuzalwane. + 2 Ningakukhohlwa ukwamukela izivakashi, *+ ngoba ngokwenza kanjalo abanye bengazi, babungaza izingelosi. + 3 Hlalani nibakhumbula labo abasejele, *+ njengokungathi niboshwe kanye nabo, + nalabo abaphathwa kabi, njengoba nani ngokwenu nisemzimbeni.* 4 Umshado mawuhlonishwe yibo bonke, nombhede womshado ungangcoliswa, + ngoba uNkulunkulu uyobahlulela abantu abaziphatha kabi ngokocansi* kanye neziphingi. + 5 Ekuphileni kwenu ningayithandi imali + ngokweqile, naneliswe izinto ezikhona. + Ngoba uthe: “Angisoze ngakushiya futhi angisoze ngakulahla.” + 6 Ukuze sibe nesibindi futhi sithi: “UJehova* ungumsizi wami; ngeke ngesabe. Umuntu angangenzani?” +

7 Khumbulani abaholayo phakathi kwenu, + abaye bakhuluma izwi likaNkulunkulu kini, futhi njengoba nicabangisisa ngomphumela omuhle wokuziphatha kwabo, nilingise ukholo lwabo. +

8 UJesu Kristu akashintshi kusukela izolo nanamuhla naphakade.

9 Ningadukiswa yizimfundiso ezihlukahlukene nezingaziwa, ngoba kungcono ukuba inhliziyo iqiniswe ngomusa omkhulu, kunokuba iqiniswe ngokudliwayo,* okungabazuzisi labo abalibele yikho. +

10 Sine-altare, labo abenza inkonzo engcwele etendeni abangenalo igunya lokudla kulo. + 11 Ngoba izidumbu zalezo zilwane ezigazi lazo lingeniswa umpristi ophakeme endaweni engcwele njengomnikelo wesono zishiswa ngaphandle kwekamu. + 12 Ngakho noJesu, wahlupheka ngaphandle kwesango ledolobha + ukuze angcwelise abantu ngegazi lakhe. + 13 Khona-ke, masiphume siye kuye ngaphandle kwekamu, sithwele isihlamba asithwala, + 14 ngoba asinalo lapha idolobha elizinzile, kodwa sifuna ngobuqotho lelo elizayo. + 15 Ngokholo lwethu kuJesu, njalo masinikele kuNkulunkulu umhlatshelo wokudumisa, + okuwukuthi, amazwi aphuma emilonyeni yethu + avuma obala igama lakhe. + 16 Ngaphezu kwalokho, ningakukhohlwa ukwenza okuhle nokupha abanye ezintweni eninazo, + ngoba uNkulunkulu ujatshuliswa yimihlatshelo enjalo. +

17 Lalelani abaholayo phakathi kwenu + futhi nizithobe, + ngoba bayaniqapha* njengoba beyolandisa, + ukuze lokhu bakwenze ngenjabulo hhayi ngokukhononda, ngoba lokhu bekuyonilimaza.

18 Qhubekani nisithandazela, ngoba sithemba ukuthi sinonembeza othembekile,* njengoba sifisa ukuziphatha ngokwethembeka ezintweni zonke. + 19 Kodwa ngininxusa ikakhulukazi ukuba ningithandazele ukuze ngibuyele kini ngokushesha.

20 Kwangathi uNkulunkulu wokuthula, owakhuphula kwabafile umalusi omkhulu + wezimvu, iNkosi yethu uJesu, ngegazi lesivumelwano saphakade, 21 anganihlomisa ngazo zonke izinto ezinhle ukuba nenze intando yakhe, enze kithi ngoJesu Kristu lokho okujabulisayo emehlweni akhe, makakhazinyuliswe kuze kube phakade naphakade. Amen.

22 Manje ngiyaninxusa, bazalwane, ukuba nililalele ngesineke leli zwi lesikhuthazo, ngoba nginibhalele incwadi emfushane. 23 Ngifuna nazi ukuthi ukhululiwe umfowethu uThimothewu. Uma efika ngokushesha, ngizoza naye sizonibona.

24 Ngikhonzeleni kubo bonke abaholayo phakathi kwenu nakubo bonke abangcwele. Abase-Italiya + bayakhonza kini.

25 Umusa omkhulu ube nani nonke.

Noma, “izinkathi.”

Noma, “nezikhonzi zomphakathi.”

Noma, “yobulungisa.”

Noma, “yomphakathi.”

Bheka iSithasiselo A5.

NgesiGreki, “bengabahlanganyeli begazi nenyama.”

NgesiGreki, “naye wahlanganyela izinto ezifanayo.”

NgesiGreki, “imbewu.”

Noma, “umhlatshelo ohlawulela izono; inhlawulo yezono.”

Noma, “besimemo sasezulwini.”

Noma, “esimqaphelayo.”

Okuwukuthi, uJesu.

Noma, “njengofakazi wezinto.”

Noma, “sihlanganyela noKristu.”

NgesiGreki, “masesabe.”

Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.

Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.

Noma, “ngesisa; ngokulinganisela.”

Noma, “ehaqwe ubuthakathaka.”

NgesiGreki, “seningabafundisi ngenxa yesikhathi.”

Noma, “enkathi ezayo.” Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.

Noma, “kwesinqumo.”

Noma, “wangenela.”

Noma, “lokuphila kwethu.”

NgesiGreki, “wamabela.”

Noma, “ngokuqhubekayo.”

Noma, “inzalamizi.”

NgesiGreki, “bephume okhalweni.”

NgesiGreki, “wayesesokhalweni lukakhokho wakhe.”

Bheka iSithasiselo A5.

Noma, “ngeke azisole.”

Noma, “yisibambiso.”

Noma, “inceku yomphakathi yasendaweni.”

Bheka iSithasiselo A5.

Noma, “ngokwendlela.”

Noma, “inkonzo yomphakathi.”

Bheka iSithasiselo A5.

Bheka iSithasiselo A5.

Bheka iSithasiselo A5.

Bheka iSithasiselo A5.

Noma, “indawo yesihlawulelo.”

NgesiGreki, “nobhapathizo.”

Noma, “elalo mhlaba.”

NgesiGreki, “ukuhlengwa.”

Noma, “wenkomazi esencane.”

NgesiGreki, “asimiswanga.”

Noma, “umqulu.”

Noma, “yomphakathi.”

NgesiGreki, “phambi kobuso.”

Noma, “sezinkathi.” Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.

NgesiGreki, “ebonakala okwesibili kuyobe kungaphathelene nesono.”

Noma kungaba, “abantu abasoze babenza.”

NgesiGreki, “emqulwini wencwadi.”

Noma, “ enze inkonzo yomphakathi.”

Bheka iSithasiselo A5.

Noma, “sizethemba.”

Noma, “masikhathalelane; masinakane.”

Noma, “sishukumise; sikhuthaze.”

Bheka iSithasiselo A5.

NgesiGreki, “obala njengokungathi ninekwa enkundleni yemidlalo.”

Noma, “nanisekelana.”

NgesiGreki, “ukuba nenkululeko yokukhuluma.”

Noma, “obukholisayo.”

Noma, “okhokho bethu.”

Noma, “izinkathi.” Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.

Noma, “wafakaza ngokwamukela.”

Noma, “uyaphila.”

Noma, “wathola amandla okukhulelwa inzalo.”

Okuwukuthi, engasakwazi ukuthola abantwana.

NgesiGreki, “imbewu.”

Noma, “wakhulekela.”

Noma, “wayala.”

Noma, “nomngcwabo wakhe.”

NgesiGreki, “angawathinti.”

Noma, “ukukhululwa ngesihlengo esithile.”

Noma, “banqunywa ngokusahwa.”

Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.

Bheka iSithasiselo A5.

Bheka iSithasiselo A5.

Noma, “niqeqeshwa.”

Noma, “abangabantu.”

Noma, “siba nosizi.”

Noma, “olunyonga.”

Noma, “nokuba ngcwele.”

Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama, “Ukuziphatha kabi ngokocansi.”

Okuwukuthi, umqondo kayise.

NgesiGreki, “akayitholanga indawo yako.”

Noma, “ningezi izaba; ningamshayi indiva.”

Noma, “ukubonisa izihambi umusa.”

NgesiGreki, “ababoshiwe; abasezibophweni.”

Noma kungaba, “njengokungathi nihlupheka kanye nabo.”

Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama, “Ukuziphatha kabi ngokocansi.”

Bheka iSithasiselo A5.

Okuwukuthi, imithetho ephathelene nokudla.

Noma, “baqapha imiphefumulo yenu.”

NgesiGreki, “omuhle.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela