EYESIBILI KUTHIMOTHEWU
1 UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu ngokuvumelana nesithembiso sokuphila esikuthola ngoKristu Jesu, + 2 kuThimothewu, umntwana othandekayo: +
Kwangathi ungathola umusa omkhulu,* isihe nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKristu Jesu iNkosi yethu.
3 Ngiyambonga uNkulunkulu, enginikela kuye inkonzo engcwele njengoba kwenza okhokho, ngonembeza ohlanzekile futhi angikukhohlwa ekunxuseni kwami ubusuku nemini. 4 Njengoba ngikhumbula izinyembezi zakho, ngilangazelela ukukubona ukuze inhliziyo yami ichichime injabulo. 5 Ngoba ngiyalukhumbula ukholo lwakho olungenabo ubuzenzisi, + olwahlala kuqala kugogo wakho uLowisi nakumama wakho u-Evnike, kodwa engiqinisekayo ukuthi lukhona nakuwe.
6 Ngenxa yalesi sizathu ngikukhumbuza ukuba usivuthele njengomlilo isipho sikaNkulunkulu esikuwe owasithola ngokukubeka kwami izandla. + 7 Ngoba uNkulunkulu akasinikanga umoya wobugwala, + kodwa owamandla + nowothando nowokuhluzeka kwengqondo. 8 Ngakho-ke, ungabi namahloni ngokufakaza mayelana neNkosi yethu + noma ngami, engiyisiboshwa ngenxa yayo, kodwa nawe khuthazelela ubunzima + ngenxa yezindaba ezinhle ngokuthembela emandleni kaNkulunkulu. + 9 Wasisindisa futhi wasibiza ngobizo olungcwele, + hhayi ngenxa yemisebenzi yethu, kodwa ngenxa yenjongo yakhe nomusa omkhulu. + Lo musa sawuphiwa ngoKristu Jesu kudala kakhulu, 10 kodwa manje wenziwe wabonakala ngokucacile ngokubonakaliswa koMsindisi wethu, uKristu Jesu, + oqede ukufa + futhi wenza ukuphila + nokungonakali + kwakhanya ngezindaba ezinhle, + 11 engabekwa ukuba ngibe umshumayeli wazo nomphostoli nomfundisi. +
12 Yingakho ngihlupheka ngalezi zinto, + kodwa anginamahloni. + Ngoba ngiyamazi Lowo engiye ngakholwa nguye, futhi ngiyaqiniseka ukuthi uyakwazi ukukuqapha lokho engikubeke kuye kuze kube yilolo suku. + 13 Qhubeka ubambelele esibonelweni samazwi* anempilo *+ owawezwa kimi, njengoba ubonisa ukholo nothando oluwumphumela wobunye noKristu Jesu. 14 Lokhu okuhle okuphathisiwe, kuqaphe ngomoya ongcwele ohlezi kithi. +
15 Uyakwazi lokhu, ukuthi bonke abantu esifundazweni sase-Asiya + bangifulathele, kuhlanganise uFigelu noHermogene. 16 Kwangathi iNkosi* ingapha indlu ka-Onesiforu isihe, + ngoba wayengilethela ukuqabuleka kaningi futhi akabanga namahloni ngokuba kwami semaketangeni. 17 Kunalokho, ngesikhathi eseRoma, wangifuna ngenkuthalo wangithola. 18 Kwangathi iNkosi* ingamupha ukuba athole isihe kuJehova* ngalolo suku. Wena ukwazi kahle konke angenzela kona e-Efesu.
2 Ngakho-ke, wena mntanami, + qhubeka uthola amandla emseni omkhulu okuKristu Jesu; 2 izinto owazizwa ngami ngokusekela kofakazi abaningi + ziphathise amadoda athembekile, ayokufanelekela ngokwanele ukuba nawo afundise abanye. 3 Njengesosha elihle + likaKristu Jesu, nawe khuthazelela ubunzima. + 4 Umuntu oyisosha akangeni* kwezamabhizinisi,* ukuze athole ukwamukelwa yilowo owambhalisa njengesosha. 5 Ngisho nasemidlalweni, umuntu osemncintiswaneni akathweswa umqhele ngaphandle kokuba encintisene ngokuvumelana nemithetho. + 6 Umlimi osebenza kanzima kumele abe ngowokuqala ukudla izithelo. 7 Cabanga njalo ngalokhu engikushoyo; iNkosi iyokunika ukuqonda* kuzo zonke izinto.
8 Khumbula ukuthi uJesu Kristu wavuswa kwabafile + futhi wayeyinzalo* kaDavide, + ngokwezindaba ezinhle engizishumayelayo, + 9 engihlupheka ngenxa yazo nengiboshelwe zona njengesigebengu. + Noma kunjalo, izwi likaNkulunkulu aliboshiwe. + 10 Ngenxa yalesi sizathu ngiyaqhubeka ngikhuthazelela zonke izinto ngenxa yabakhethiwe, + ukuze nabo bathole insindiso etholakala ngoKristu Jesu, kanye nenkazimulo yaphakade. 11 Lithembekile leli zwi elithi: Ngokuqinisekile uma safa kanye naye, siyophila kanye naye futhi; + 12 uma siqhubeka sikhuthazela, siyobusa kanye naye njengamakhosi; + uma simphika, naye uyosiphika; + 13 uma singathembekile, yena uhlale ethembekile, ngoba akanakuziphika.
14 Qhubeka ubakhumbuza ngalezi zinto, ubayala* phambi kukaNkulunkulu ukuba bangalwi ngamazwi, into engenalusizo lwalutho ngoba ilimaza* abalalele. 15 Yenza konke okusemandleni akho ukuze wamukeleke kuNkulunkulu, isisebenzi esingenamahloni ngalutho, esiphatha izwi leqiniso ngokufanele. + 16 Kodwa zenqabe izinkulumo ezingenangqondo ezingcolisa okungcwele, + ngoba bayoqhubeka bengamhloniphi nakakhulu uNkulunkulu, 17 futhi izwi labo liyosakazeka njengesilonda esibhibhayo. UHimenewu noFiletu bangabanye babo. + 18 Laba bantu baphambukile eqinisweni, bethi uvuko selwenzekile, + beqeda ukholo lwabanye. 19 Noma kunjalo, isisekelo esiqinile sikaNkulunkulu silokhu simile, sinamazwi anjengophawu athi, “UJehova* uyabazi abangabakhe,” + nathi, “Wonke umuntu obiza igama likaJehova *+ makalahle ukungalungi.”
20 Endlini enkulu akutholakali izitsha zegolide nezesiliva kuphela kodwa futhi nezokhuni nezobumba, ezinye ezomsebenzi onodumo kodwa ezinye ezomsebenzi ongenalo udumo. 21 Ngakho uma umuntu engazihlanganisi nalezi ezingenalo udumo, uyoba yithuluzi* lomsebenzi onodumo, elingcwelisiwe, eliwusizo kumnikazi walo, elilungiselelwe yonke imisebenzi emihle. 22 Ngakho balekela izifiso zobusha, kodwa phishekela ukulunga, ukholo, uthando, ukuthula, kanye nalabo ababiza iNkosi ngenhliziyo ehlanzekile.
23 Ngaphezu kwalokho, gwema izimpikiswano eziwubuwula nezokungazi, + wazi ukuthi zidala izingxabano. 24 Ngoba inceku yeNkosi akufanele ilwe, kunalokho kufanele ibe mnene kubo bonke, + ifanelekele ukufundisa, izibambe lapho yoniwa, + 25 ibayale ngobumnene labo abangenaso isimo sengqondo esihle. + Mhlawumbe uNkulunkulu angase abanike ukuphenduka okuholela olwazini olunembile lweqiniso, + 26 basanguluke baphunyuke ogibeni lukaDeveli, njengoba bebanjwe nguye bephila ukuze benze intando yakhe. +
3 Kodwa yazi lokhu, ukuthi ezinsukwini zokugcina + kuyofika izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo. 2 Ngoba abantu bayokuba abazithandayo, abathanda imali, abaqhoshayo, abazazisayo, abahlambalazi, abangalaleli abazali, abangabongi, abangathembekile, 3 abangenalo uthando, abangafuni sivumelwano, abanyundeli, abangakwazi ukuzithiba, abanolaka, abangenalo uthando lokuhle, 4 abakhapheli, abanenkani, abakhukhumele, abathanda injabulo kunokuba bathande uNkulunkulu, 5 ababonakala bezinikele kuNkulunkulu kodwa bewaphika amandla alokho* kuzinikela; + zihlukanise nabantu abanjalo. 6 Kulaba kuvela abantu abangena ngesinyelela emakhaya futhi bathumbe abesifazane ababuthakathaka abasindwa yizono, abaholwa yizifiso ezihlukahlukene, 7 bafunda njalo kodwa akwenzeki balazi ngokunembile iqiniso.
8 Ngendlela uJane noJambre abaphikisa ngayo uMose, nalaba bayaqhubeka bephikisa iqiniso. Abantu abanjalo bonakele ngokuphelele engqondweni, abamukeleki okholweni. 9 Noma kunjalo, ngeke benze ntuthuko ngoba ubuwula* babo buyoba sobala kubo bonke, njengoba nje kwaba njalo ngalawo madoda amabili. + 10 Kodwa wena uye wayilandela eduze imfundiso yami, indlela yami yokuphila, + injongo yami, ukholo lwami, ukubekezela kwami, uthando lwami, ukukhuthazela kwami, 11 ukushushiswa nezinhlupheko, okunjengalokho engabhekana nakho e-Antiyokiya, + e-Ikoniyu, + eListra. + Ngakubekezelela lokhu kushushiswa futhi iNkosi yangikhulula kukho konke. + 12 Eqinisweni, bonke labo abafisa ukuphila ngokuzinikela kuNkulunkulu kanye noKristu Jesu nabo bayoshushiswa. + 13 Kodwa abantu ababi nabakhohlisi bayoqhubeka besuka kokubi baye kokubi kakhulu, bedukisa futhi bedukiswa. +
14 Nokho, wena qhubeka ezintweni owazifunda futhi wathonyelwa ukuba uzikholelwe, + wazi ukuthi wazifunda kobani 15 nokuthi kusukela usewusana + uye wazi imibhalo engcwele, + ekwazi ukukuhlakaniphisela insindiso ngokholo kuKristu Jesu. + 16 Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu + futhi iyasiza ekufundiseni, + ekusoleni, ekuqondiseni* izinto, ekusiyaleni ukuba senze okulungile, + 17 ukuze umuntu kaNkulunkulu afaneleke ngokugcwele, ayihlomele ngokuphelele yonke imisebenzi emihle.
4 Ngiyakuyala nokukuyala phambi kukaNkulunkulu noKristu Jesu, oyokwahlulela + abaphilayo nabafile, + nangokubonakaliswa + kwakhe noMbuso wakhe, + ngithi: 2 Shumayela izwi; + ukwenze unomuzwa wokuphuthuma ngenkathi evumayo nangenkathi enzima; usole, + ukhuze, ukhuthaze, ngaso sonke isineke nekhono lokufundisa. + 3 Ngoba kuyokuba khona inkathi lapho bengeke bayibekezelele khona imfundiso ephilayo, *+ kodwa ngokuvumelana nezifiso zabo, bayozihlanganisa nabafundisi ukuze babakitaze izindlebe. *+ 4 Bayoyeka ukulalela iqiniso, banake izindaba ezingamanga. 5 Nokho, wena hlala usangulukile kuzo zonke izinto, ukhuthazelele ubunzima, + wenze umsebenzi womvangeli,* uyifeze ngokugcwele inkonzo yakho. +
6 Ngoba kakade sengithululwa njengomnikelo ophuzwayo, + futhi isikhathi sokukhululwa + kwami sesiseduze. 7 Ngikulwile ukulwa okuhle, + ngiwugijimile umncintiswano ngaze ngayoqeda, + ngilugcinile ukholo. 8 Kusukela manje kuqhubeke, ngigcinelwe umqhele wokulunga, + lowo iNkosi, umahluleli olungile, + eyonginika wona njengomvuzo ngalolo suku, + nokho kungemina ngedwa, kodwa nabo bonke abakuthandile ukubonakaliswa kwayo.
9 Yenza konke okusemandleni akho ukuba uze kimi ngokushesha. 10 UDema + ungishiyile ngoba ethanda isimiso samanje sezinto,* waya eThesalonika, uKreske waya eGalathiya, uThithu waya eDalmathiya. 11 NguLuka yedwa onami. Uze noMarku ngoba uwusizo kimi enkonzweni. 12 Kodwa uThikhiku + ngimthume e-Efesu. 13 Lapho uza, uze nesambatho engasishiya eTrowa kuKarpu, nemiqulu, ikakhulukazi eyesikhumba.
14 U-Aleksandru osebenza ngethusi wangenza izinto eziningi ezimbi. UJehova* uyombuyisela ngokwezenzo zakhe. + 15 Nawe kufanele umqaphele ngoba wawuphikisa kakhulu umyalezo wethu.
16 Ekuzivikeleni kwami kokuqala akekho oweza ezongilwela kodwa bonke bangishiya—sengathi bangejeziswe ngenxa yalokho. 17 Kodwa iNkosi yama eduze kwami, yangipha amandla, ukuze ukushumayela kufezwe ngokugcwele ngami nazo zonke izizwe zikuzwe; + futhi ngakhululwa emlonyeni webhubesi. + 18 INkosi iyongikhulula kuyo yonke imisebenzi emibi, ingisindisele uMbuso wayo wasezulwini. + Inkazimulo mayibe kuyo kuze kube phakade naphakade. Amen.
19 Ungikhonzele kuPriska no-Akhwila + nomndeni ka-Onesiforu. +
20 U-Erastu + wasala eKorinte, uTrofimu + ngamshiya egula eMilethu. 21 Yenza konke okusemandleni ukuba ufike ngaphambi kobusika.
Uyakhonza u-Evubulu, kanjalo noPhude noLinu noKlawudiya nabo bonke abazalwane.
22 INkosi mayibe nomoya owubonisayo. Umusa wayo omkhulu ube nani.
Noma, “umusa ongafanelwe.”
Noma, “emazwini okuqala.”
Noma, “aphilayo; azuzisayo.”
Okuwukuthi, uJehova.
Okuwukuthi, uJehova.
Bheka iSithasiselo A5.
NgesiGreki, “akazihlanganisi.”
Noma kungaba, “emisebenzini yansuku zonke.”
Noma, “ikhono lokwahlukanisa.”
NgesiGreki, “wayengowembewu.”
NgesiGreki, “ubanikeza ubufakazi obuphelele.”
Noma, “ichitha.”
Bheka iSithasiselo A5.
Bheka iSithasiselo A5.
Noma, “yisitsha.”
Noma, “bengenzi ngokuvumelana nalokho.”
Noma, “ubulima.”
Noma, “ekulungiseni.”
Noma, “enempilo; ezuzisayo.”
Noma, “ukuze babatshele lokho abafuna ukukuzwa.”
Noma, “uqhubeke ushumayela izindaba ezinhle.”
Noma, “lesi sikhathi.” Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Bheka iSithasiselo A5.