EYOKUQALA KUTHIMOTHEWU
1 UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngomyalo kaNkulunkulu uMsindisi wethu nokaKristu Jesu, ithemba lethu, + 2 kuThimothewu, *+ umntwana woqobo + okholweni:
Kwangathi ungathola umusa omkhulu,* isihe nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.
3 Njengoba nje ngakukhuthaza ukuba uhlale e-Efesu lapho sengizohamba ngiye eMakedoniya, ngiyakukhuthaza namanje, ukuze uyale abathile ukuba bangafundisi imfundiso ehlukile, 4 noma banake izindaba ezingamanga + nezinhlu zozalo. Izinto ezinjalo azisizi ngalutho, + kodwa zibangela ukuqagela kunokuveza noma yini evela kuNkulunkulu ephathelene nokholo. 5 Empeleni, injongo yalo myalo* iwukuba sibe nothando + oluvela enhliziyweni ehlanzekile nakunembeza omuhle nasokholweni + olungenabuzenzisi. 6 Ngokuphambuka kulezi zinto, abanye baye bachezukiselwa enkulumweni engathi shu. + 7 Bafuna ukuba ngabafundisi + bomthetho, kodwa abaziqondi izinto abazishoyo noma izinto abagomela ngazo.
8 Siyazi ukuthi uMthetho muhle uma umuntu ewusebenzisa ngokufanele,* 9 eqaphela ukuthi umthetho awenzelwanga umuntu olungile kodwa abantu abangenamthetho + nabangalawuleki, abangamhloniphi uNkulunkulu nabayizoni, abangathembekile* nabangcolile, ababulala oyise nonina, nababulala abanye abantu, 10 abaziphatha kabi ngokocansi,* amadoda alala namanye amadoda,* abathumbi, abaqambimanga, abafunga amanga, nanoma iyiphi enye into ephikisana nemfundiso ephilayo *+ 11 ngokwezindaba ezinhle ezikhazimulayo zikaNkulunkulu ojabulayo engaziphathiswa. +
12 Ngiyambonga uKristu Jesu iNkosi yethu, owangipha amandla, ngoba wangibheka njengothembekile ngokungabela inkonzo, + 13 nakuba esikhathini esidlule ngangingumhlambalazi nomshushisi nomuntu oweyisayo. + Noma kunjalo, ngaboniswa isihe ngoba ngangenza ngokungazi nangenxa yokuntula ukholo. 14 Kodwa umusa omkhulu weNkosi yethu wachichima kakhulu kimi kanye nokholo nothando olukuKristu Jesu. 15 Le nkulumo ithembekile futhi ifanelwe ukwamukelwa ngokugcwele, ukuthi: uKristu Jesu weza emhlabeni ezosindisa izoni. + Kuzo, ngingesiphambili. + 16 Noma kunjalo, ngaboniswa isihe ukuze ngami njengesibonelo esiphambili, uKristu Jesu abonise konke ukubekezela kwakhe, engisebenzisa njengesibonelo kulabo abayoba nokholo kuye ukuze bathole ukuphila okuphakade. +
17 Manje udumo nenkazimulo makube seNkosini engunaphakade, + engenakonakala, + engabonakali, + uNkulunkulu owukuphela kwakhe, + kuze kube phakade naphakade. Amen.
18 Lo myalo* ngiwuphathisa wena, mntanami Thimothewu, ngokuvumelana neziprofetho ezashiwo ngawe, ukuze ngazo uqhubeke ulwa le mpi enhle, + 19 unokholo nonembeza omuhle, + okuye kwalahlwa abanye base bephukelwa umkhumbi wokholo lwabo.* 20 UHimenewu + no-Aleksandru bangabanye babo, futhi ngibanikele kuSathane + ukuze bafundiswe ngesiyalo ukuba bangahlambalazi.
2 Okokuqala, ngikhuthaza ukuba ukunxusa, imithandazo, ukuncenga nokubonga, kwenzelwe zonke izinhlobo zabantu, 2 kwenzelwe amakhosi nabo bonke abasezikhundleni eziphakeme, *+ ukuze siqhubeke siphila ngokuzola nangokuthula ngokuzinikela kuNkulunkulu ngokuphelele nokungathathi izinto kalula. + 3 Lokhu kuhle futhi kuyamukeleka emehlweni oMsindisi wethu, uNkulunkulu, + 4 othanda ukuba zonke izinhlobo zabantu zisindiswe + futhi zithole ulwazi olunembile lweqiniso. 5 Ngoba kukhona uNkulunkulu oyedwa, + nomlamuleli oyedwa + phakathi kukaNkulunkulu nabantu, + uKristu Jesu, umuntu + 6 owazinikela waba yisihlengo sabo bonke *+—lokhu yilokho okuyofakazwa ngakho ngesikhathi sako esifanele. 7 Ngenjongo yalobu bufakazi + ngamiswa ukuba ngibe umshumayeli nomphostoli +—ngikhuluma iqiniso, angiqambi amanga—umfundisi wezizwe + endabeni yokholo neqiniso.
8 Ngakho, ngifisa ukuba ezindaweni zonke amadoda aqhubeke ethandaza, ephakamisa izandla zawo ezithembekile, + ngaphandle kolaka + nokuphikisana. + 9 Ngokufanayo, abesifazane kufanele bazihlobise ngezingubo ezifanelekayo,* ezinesizotha nezibonisa ukuhluzeka kwengqondo,* hhayi ngezitayela zokwaluka izinwele nangegolide noma ngamapharele noma ngezingubo ezibiza kakhulu, + 10 kodwa ngendlela efanele abesifazane abathi bazinikele kuNkulunkulu, + okungukuthi, ngemisebenzi emihle.
11 Owesifazane makafunde ethule* ngokuzithoba okuphelele. + 12 Angimvumeli owesifazane ukuba afundise, noma ukuba abe negunya phezu kwendoda, kodwa kufanele athule. *+ 13 Ngoba u-Adamu wabunjwa kuqala, kwase kuba u-Eva. + 14 Futhi u-Adamu akakhohliswanga, kodwa owesifazane wakhohliswa ngokuphelele + wayeseqa umthetho. 15 Nokho, uyogcinwa ephephile ngokuzala abantwana, + uma kodwa eqhubeka* okholweni nasothandweni nasebungcweleni kanye nokuhluzeka kwengqondo. *+
3 La mazwi ayiqiniso: Uma umuntu ezama ukuba umbonisi, + ufisa umsebenzi omuhle. 2 Ngakho umbonisi kufanele angasoleki, kube yindoda enomfazi oyedwa, elinganiselayo, ehluzekile engqondweni, *+ ehlelekile, ethanda abantu, + ekwaziyo ukufundisa, + 3 engesona isidakwa, + engenalo udlame,* kodwa ecabangelayo, + engathandi izimpikiswano, + engathandi imali, + 4 indoda ewuhola* kahle umndeni wayo, enabantwana abazithoba ngokungazenzisi + 5 (ngoba uma umuntu engakwazi ukuhola* umndeni wakhe, uyolinakekela kanjani ibandla likaNkulunkulu?), 6 kungabi umuntu osanda kuguquka, + ngoba angase aqhoshe bese ethola isahlulelo esikhishelwe uDeveli. 7 Ngaphezu kwalokho, kufanele abe nedumela elihle* nakubantu bangaphandle, + ukuze angaweli ehlazweni* nasesicuphweni sikaDeveli.
8 Izinceku ezikhonzayo nazo kufanele zingathathi izinto kalula, zingabi ngamaphixiphixi,* zingaphuzi iwayini ngokweqile, zingafisi ukuthola inzuzo ngokungathembeki, + 9 ziphathe imfihlo engcwele yokholo ngonembeza omsulwa. +
10 Ngaphezu kwalokho, kufanele zihlolwe kuqala ukuthi ziyafaneleka yini; khona-ke zingakhonza njengezikhonzi uma zingasoleki. +
11 Abesifazane nabo akufanele bathathe izinto kalula, kufanele banganyundeli, + balinganisele, bathembeke ezintweni zonke. +
12 Izinceku ezikhonzayo kufanele zibe amadoda amfazi munye, aqondisa kahle abantwana bawo nemindeni yawo. 13 Ngoba amadoda akhonza kahle azitholela idumela elihle nenkululeko yokukhuluma ngokholo analo kuKristu Jesu.
14 Ngikubhalela lezi zinto, nakuba nginethemba lokuza kuwe maduzane, 15 ukuze uma kwenzeka ngibambezeleka, wazi ukuthi kufanele uziphathe kanjani endlini kaNkulunkulu, + eyibandla likaNkulunkulu ophilayo elisekela nelivikela iqiniso. 16 Ngempela, kuyavunywa ukuthi inkulu imfihlo engcwele yalokhu kuzinikela kuNkulunkulu, ewukuthi: ‘UJesu wabonakaliswa enyameni, + kwathiwa ulungile emoyeni, + wabonakala ezingelosini, + kwashunyayelwa ngaye phakathi kwezizwe, + izwe lakholwa nguye, + wamukelwa phezulu ngenkazimulo.’
4 Nokho, izwi eliphefumulelwe* lisho ngokucacile ukuthi ezikhathini ezizayo abanye bayowa okholweni, benaka amazwi aphefumulelwe adukisayo *+ nezimfundiso zamademoni, 2 ngobuzenzisi babantu abakhuluma amanga, + abanonembeza abashile njengokungathi bashiswe ngensimbi yokubeka uphawu. 3 Banqabela abantu ukuba bashade, + babayala ukuba bazile ukudla + okwadalwa uNkulunkulu ekudalela ukuba kudliwe + ngokubonga yilabo abanokholo + nabalazi ngokunembile iqiniso. 4 Ngoba yonke indalo kaNkulunkulu yinhle, + futhi akukho lutho okumele lwenqatshwe + uma lwamukelwa ngokubonga, 5 ngoba lungcweliswa ngezwi likaNkulunkulu nangokuthandazelwa.
6 Ngokunikeza abazalwane lesi seluleko, uyoba yisikhonzi esihle sikaKristu Jesu, esondliwa ngamazwi okholo nawemfundiso enhle oye wayilandela eduze. + 7 Kodwa zenqabe izindaba ezingamanga nezihlambalazayo, + ezinjengalezo ezixoxwa izalukazi. Ngakolunye uhlangothi, ziqeqeshe unomgomo wokuzinikela kuNkulunkulu. 8 Ngoba ukuqeqesha umzimba* kuzuzisa kancane, kodwa ukuzinikela kuNkulunkulu kuzuzisa ezintweni zonke, kunesithembiso sokuphila kwamanje nokuphila okuzayo. + 9 Lawo mazwi athembekile futhi afanelwe ukwamukelwa ngokugcwele. 10 Yingakho sisebenza kanzima futhi sizikhandla, + ngoba ithemba lethu silibeke kuNkulunkulu ophilayo, onguMsindisi + wazo zonke izinhlobo zabantu, + ikakhulukazi walabo abathembekile.
11 Qhubeka unikeza le miyalo futhi ufundisa. 12 Ungalokothi uvumele noma ubani abukele phansi ubusha bakho. Kunalokho, yiba isibonelo kwabathembekile ngokukhuluma, ngokuziphatha, ngothando, ngokholo nangobumsulwa.* 13 Qhubeka uzimisela ekufundeleni iningi, + ekukhuthazeni,* ekufundiseni ngize ngifike. 14 Ungasidebeseli isiphiwo esikuwe owasinikwa ngesiprofetho ngesikhathi indikimba yabadala ikubeka izandla. + 15 Zindla* ngalezi zinto; ugxile kuzo, ukuze intuthuko yakho ibonakale ngokucacile kubo bonke abantu. 16 Zinake njalo wena nalokho okufundisayo. + Qhubeka wenza lezi zinto, ngoba ngokwenza lokhu uyozisindisa wena nabakulalelayo. +
5 Ungayikhaci indoda endala. + Kunalokho, khuluma nayo ngomusa njengoyihlo, amadoda asemasha njengabafowenu, 2 abesifazane abadala njengonyoko, abesifazane abasebasha njengodadewenu, ngabo bonke ubumsulwa.
3 Cabangela* abafelokazi abangabafelokazi ngempela. *+ 4 Kodwa uma umfelokazi enabantwana noma abazukulu, mabafunde ukunakekela labo abasendlini yakwabo kuqala, + bebonisa ukuthi bazinikele kuNkulunkulu futhi babuyisele abazali babo nabazali babazali babo okubafanele, + ngoba lokhu kuyamukeleka phambi kukaNkulunkulu. + 5 Owesifazane ongumfelokazi ngempela futhi osele dengwane, ubeke ithemba lakhe kuNkulunkulu, + uyaqhubeka enxusa futhi ethandaza ubusuku nemini. + 6 Kodwa lowo ophilela ukwanelisa inkanuko ufile nakuba ephila. 7 Ngakho qhubeka unikeza le miyalo,* ukuze babe abangasoleki. 8 Ngokuqinisekile uma umuntu engabondli abakubo, ikakhulukazi labo abangamalungu omndeni wakhe, uluphikile ukholo futhi mubi kakhulu kunomuntu ongenalo ukholo. +
9 Umfelokazi kufanele afakwe ohlwini uma engekho ngaphansi kweminyaka engu-60 ubudala, ayengumfazi wendoda eyodwa, 10 enedumela lokwenza imisebenzi emihle, + uma akhulisa abantwana, + uma ayengenisa izihambi, + uma ayegeza izinyawo zabangcwele, + uma ayesiza abasosizini, + uma ayenza yonke imisebenzi emihle ngenkuthalo.
11 Ngakolunye uhlangothi, ungabafaki ohlwini abafelokazi abasebasha, ngoba lapho izinkanuko zabo zocansi sezingene phakathi kwabo noKristu, bafuna ukushada. 12 Bayothola isahlulelo ngoba bakuyekile ukubonakalisa kwabo ukholo kokuqala.* 13 Ngesikhathi esifanayo bafunda nokuvilapha, begcogcoma umuzi nomuzi; bengavilaphi nje kuphela kodwa futhi beyizinhlebi nogaxekile ezindabeni zabanye abantu, + bekhuluma ngezinto okungafanele bakhulume ngazo. 14 Ngakho-ke, ngifisa ukuba abafelokazi abasebasha bashade, + bazale abantwana, + baphathe umuzi, bangamniki umphikisi ithuba lokugxeka. 15 Eqinisweni, vele abanye sebeye baphambukiswa ukuba balandele uSathane. 16 Uma owesifazane okholwayo enezihlobo ezingabafelokazi, makazisize, ukuze ibandla lingathweswa umthwalo. Khona-ke lizokwazi ukusiza labo abangabafelokazi bangempela. *+
17 Abadala abengamela ngendlela enhle + mababhekwe njengabafanelwe udumo oluphindiwe, + ikakhulukazi labo abasebenza kanzima ekukhulumeni nasekufundiseni. + 18 Ngoba umbhalo uthi, “Ungayivali umlomo ngesifonyo inkabi lapho ibhula ukudla okusanhlamvu,” + uthi futhi, “Isisebenzi sifanelwe umholo waso.” + 19 Ungalamukeli icala elibekwa indoda endala,* ngaphandle uma kunobufakazi bofakazi ababili noma abathathu. + 20 Abantu abenza isono + basole + phambi kwabo bonke ababukele, ukuze bonke bathole isexwayiso.* 21 Ngiyakuyala nokukuyala phambi kukaNkulunkulu noKristu Jesu nezingelosi ezikhethiwe ukuba ugcine le miyalo ngaphandle kokubandlulula noma ukukhetha. +
22 Ungalokothi usheshe ubeke izandla zakho kunoma imuphi umuntu; *+ futhi ungabi umhlanganyeli ezonweni zabanye; zigcine umsulwa.
23 Ungabe usawaphuza amanzi,* kodwa phuza iwayini elincane ngenxa yesisu sakho nokugula kwakho kaningi.
24 Izono zabanye abantu zaziwa yibo bonke, ziholela ngokuqondile ekwahlulelweni, kodwa ezabanye abantu zibonakala kamuva. + 25 Ngendlela efanayo, nemisebenzi emihle yaziwa yibo bonke + naleyo engemihle ayinakuhlala ifihlekile. +
6 Labo abangaphansi kwejoka lobugqila mabaqhubeke bebheka abanikazi babo njengabafanelwe yinhlonipho ejulile, + ukuze kungalokothi kukhulunywe kabi ngegama likaNkulunkulu nemfundiso yakhe. + 2 Ngaphezu kwalokho, labo abanabanikazi abakholwayo mabangabadeleli ngoba bengabazalwane. Kunalokho, kufanele basebenze ngokuzithandela nakakhulu, ngoba labo abazuza enkonzweni yabo enhle bangamakholwa nabazalwane abathandekayo.
Qhubeka ufundisa ngalezi zinto futhi unikeza lezi zikhuthazo. 3 Uma umuntu efundisa enye imfundiso futhi engavumelani namazwi aphilayo, *+ avela eNkosini yethu uJesu Kristu, noma nemfundiso evumelana nokuzinikela kuNkulunkulu, + 4 ukhukhumele futhi akaqondi lutho. + Uthanda kakhulu* izimpikiswano nokuqagulisana ngamazwi. + Lezi zinto zibangela umona, ukuxabana, ukunyundela,* izinsolo ezimbi, 5 zibangela nokuba labo abonakalisiwe engqondweni + nabangasaliqondi iqiniso babe nezimpikiswano ezingapheli ngezindaba eziwubala. Bacabanga ukuthi ukuzinikela kuNkulunkulu kuyindlela yokuthola inzuzo. + 6 Empeleni, kunenzuzo enkulu ukuzinikela kuNkulunkulu + kanye nokwaneliseka.* 7 Ngoba asilethanga lutho ezweni, futhi asinakuhamba nalutho. + 8 Ngakho, uma sinokudla nezingubo zokugqoka,* siyokwaneliswa yilezi zinto. +
9 Kodwa, labo abazimisele ngokuceba bawela esilingweni nasogibeni + nasezifisweni eziningi ezingenangqondo nezilimazayo, eziphonsa abantu ekubhujisweni nasencithakalweni. + 10 Ngoba uthando lwemali luyimpande yazo zonke izinhlobo zezinto ezilimazayo, futhi ngokuzama ukufinyelela lolu thando abanye baye baduka okholweni futhi bazigwaza yonke indawo ngeminjunju eminingi. +
11 Nokho, wena, muntu kaNkulunkulu, zibalekele lezi zinto. Kodwa phishekela ukulunga, ukuzinikela kuNkulunkulu, ukholo, uthando, ukukhuthazela nobumnene. + 12 Yilwa ukulwa okuhle kokholo; bambisisa ukuphila okuphakade owabizelwa kona futhi wanikeza ubufakazi obuhle obala phambi kofakazi abaningi.
13 Ngikuyala phambi kukaNkulunkulu, ogcina zonke izinto ziphila, naphambi kukaKristu Jesu, lowo njengofakazi, owanikeza ubufakazi obuhle obala phambi kukaPontiyu Pilatu, + 14 ukuba ugcine umyalo ngendlela engenabala nengasoleki kuze kube ukubonakaliswa kweNkosi yethu uJesu Kristu, + 15 okuyoboniswa nguMbusi Onamandla ojabulayo nowukuphela kwakhe ngezikhathi zako ezimisiwe. UyiNkosi yalabo ababusa njengamakhosi noMbusi walabo ababusa njengababusi, + 16 nguye yedwa ongafi, + ohlala ekukhanyeni okungekho muntu ongasondela kukho, + okungekho noyedwa umuntu ombonile noma ongambona. + Kuye makube udumo namandla aphakade. Amen.
17 Yala labo abacebile esimisweni samanje sezinto* ukuba bangaqhoshi,* futhi bangabeki ithemba labo engcebweni engaqinisekile, + kodwa kuNkulunkulu, osinika ngokucebile zonke izinto esizijabulelayo. + 18 Batshele benze okuhle, bacebe emisebenzini emihle, babe nesandla esivulekile,* belungele ukwabelana izinto nabanye, + 19 bezibekelela isisekelo esihle sesikhathi esizayo, + ukuze babambisise ukuphila kwangempela. +
20 Thimothewu, kuqaphe ophathiswe kona, + uzifulathele izinkulumo ezingenangqondo ezingcolisa okungcwele, nokuphikisana ngalokho okubizwa ngokungeyikho ngokuthi “ulwazi.” + 21 Ngokugabisa ngolwazi olunjalo, abanye baye baphambuka okholweni.
Kwangathi umusa omkhulu ungaba nani.
Incazelo: “Lowo Odumisa UNkulunkulu.”
Noma, “umusa ongafanelwe.”
Noma, “yalesi siqondiso.”
NgesiGreki, “ngokusemthethweni.”
Noma, “abantula uthando oluqotho.”
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama, “Ukuziphatha kabi ngokocansi.”
Noma, “ongqingili; amadoda aya ocansini namanye amadoda.”
Noma, “enempilo; ezuzisayo.”
Noma, “Lesi siqondiso.”
Noma, “bephelelwa ukholo njengomkhumbi ocwilayo.”
Noma, “nazo zonke iziphathimandla.”
Noma, “sazo zonke izinhlobo zabantu.”
Noma, “ezihloniphekile.”
Noma, “nokwahlulela okuhle.”
Noma, “ezolile.”
Noma, “ahlale ezolile; ahlale ethule.”
NgesiGreki, “beqhubeka.”
Noma, “nokwahlulela okuhle.”
Noma, “eyahlulela kahle; enokuqonda.”
Noma, “engashayi abanye.”
Noma, “ewuphatha.”
Noma, “ukuphatha.”
Noma, “bakhulume kahle ngaye.”
Noma, “esihlambeni.”
Noma, “zingakhohlisi.”
NgesiGreki, “umoya.”
NgesiGreki, “imimoya edukisayo.”
Noma, “ukuzivocavoca.”
Noma, “nangokuhlanzeka.”
Noma, “ekunxuseni.”
Noma, “Cabangisisa.”
NgesiGreki, “Hlonipha.”
Noma, “abafelokazi abaswele ngempela”; okuwukuthi, abangenamuntu obasekelayo.
Noma, “lezi ziqondiso.”
Noma, “basishiyile isithembiso ababesenzile.”
Noma, “abangabafelokazi abaswele ngempela”; okuwukuthi, abangenamuntu obasekelayo.
Noma, “umdala.”
NgesiGreki, “ukuze bonke besabe.”
Okuwukuthi, ungasheshi ukumisa noma imuphi umuntu.
Noma, “Yeka ukuphuza amanzi kuphela.”
Noma, “anempilo; azuzisayo.”
Noma, “ngendlela exakile.”
Noma, “izinkulumo eziyihlazo.”
NgesiGreki, “nokwaneliswa.”
Noma kungaba, “nendawo yokuhlala.” NgesiGreki, “nokokwemboza.”
Noma, “kulesi sikhathi.” Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “bangaziphakamisi.”
Noma, “baphane.”