KWABASE-EFESU
1 UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu, kwabangcwele abase-Efesu + nabathembekile abamunye noKristu Jesu:
2 Kwangathi ningathola umusa omkhulu* nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.
3 Makadunyiswe uNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu, ngoba usibusise ngazo zonke izibusiso ezingokomoya ezindaweni zasezulwini simunye noKristu, + 4 njengoba asikhetha ukuba sibe munye naye* ngaphambi kokusungulwa kwezwe, ukuze sibonise uthando, sibe ngcwele futhi singabi nabala + phambi kwakhe. 5 Ngoba wakhetha kusengaphambili + ukuba sithathwe sibe ngamadodana akhe + ngoJesu Kristu, ngokufisa kwakhe nangentando yakhe, + 6 ukuze kudunyiswe umusa wakhe omkhulu okhazimulayo + asibonisa wona ngesihe esebenzisa lowo amthandayo. + 7 Ngaye sithole ukukhululwa ngesihlengo ngegazi lakhe, + yebo, ukuthethelelwa kweziphambeko zethu, + ngokuchichima komusa wakhe omkhulu.
8 Lo musa omkhulu wasinika wona ngokuchichimayo ngakho konke ukuhlakanipha nokuqonda,* 9 ngokusazisa imfihlo engcwele yentando yakhe. + Lokhu kuvumelana nentando yakhe yena ngokwakhe ayeyihlosile 10 yokuba kube nesimiso sokuqondisa* izinto lapho isikhathi esimisiwe siphela, ukuze ahlanganisele ndawonye kuKristu zonke izinto ezisezulwini nezisemhlabeni. + Yebo, kuye 11 esimunye naye nesabelwa njengezindlalifa kanye naye, + njengoba samiselwa kusengaphambili ngokwenjongo yalowo ofeza zonke izinto ngokwentando yakhe, 12 ukuze ngathi esibe ngabokuqala ukuba sithembele kuKristu, uNkulunkulu adunyiswe futhi akhazinyuliswe. 13 Kodwa nani nathembela kuye ngemva kokuba senizwe izwi leqiniso, izindaba ezinhle mayelana nensindiso yenu. Ngemva kokuba senikholiwe, nabekwa uphawu + ngaye ngomoya ongcwele othenjisiwe, 14 oluyisiqinisekiso esinikezwa kusengaphambili* sefa lethu, + ngenjongo yokukhulula ngesihlengo + impahla kaNkulunkulu, + ukuze adunyiswe futhi akhazinyuliswe.
15 Yingakho nami, njengoba ngizwile ngokholo eninalo eNkosini uJesu nangothando enilubonisa bonke abangcwele, 16 ngingayeki ukubonga ngenxa yenu. Ngiyaqhubeka nginibeka emithandazweni yami, 17 ukuba uNkulunkulu weNkosi yethu uJesu Kristu, uBaba wenkazimulo, aninike umoya wokuhlakanipha nowokwambulelwa ulwazi olunembile ngaye. + 18 Ukhanyise amehlo enhliziyo yenu, ukuze nazi ukuthi wanibizela kuliphi ithemba, ukuthi iyini ingcebo ekhazimulayo ayigcine njengefa labangcwele, + 19 nokuthi amandla akhe adlulele awabonisa kithi thina makholwa makhulu kangakanani. + Kuvumelana nokusebenza kwamandla akhe amakhulu, 20 awasebenzisa kuKristu lapho emvusa kwabafile futhi emhlalisa ngakwesokudla sakhe + ezindaweni zasezulwini, 21 ngaphezulu kakhulu kwabo bonke ohulumeni namagunya namandla nobukhosi nawo wonke amagama aqanjiwe, + hhayi nje kulesi simiso sezinto* kuphela, kodwa nakwesizayo. 22 Wabeka nazo zonke izinto ngaphansi kwezinyawo zakhe, + wamenza inhloko phezu kwazo zonke izinto eziphathelene nebandla, + 23 eliwumzimba wakhe, + eligcwele zonke izinto eziphathelene naye, yena ophelelisa zonke izinto.
2 Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu uniphilisile nakuba nanifile eziphambekweni nasezonweni zenu, + 2 enake nahamba kuzo ngendlela efanayo neyesimiso sezinto* saleli zwe, + ngendlela efunwa umbusi womoya olawula abantu, + umoya + manje osebenza kubantu abangalaleli. 3 Yebo, kwakuphakathi kwabo lapho nathi sonke esake saziphatha khona ngokuvumelana nezifiso zenyama yethu, + senza izinto ezithandwa yinyama nemicabango yethu, + futhi ngokwemvelo sasingabantwana bolaka + njengoba nje benjalo bonke abanye. 4 Kodwa uNkulunkulu, ocebile ngesihe, + ngenxa yothando lwakhe olukhulu asithande ngalo, + 5 wasiphilisa kanye noKristu, ngisho nalapho sasifile eziphambekweni +—ngomusa omkhulu nisindisiwe. 6 Ngaphezu kwalokho, wasivusa kanye naye wasihlalisa ndawonye ezindaweni zasezulwini njengabalandeli bakaKristu Jesu, + 7 ukuze ezikhathini ezizayo* abonise ingcebo edlulele yomusa wakhe omkhulu ngobumnene* bakhe kithi esimunye noKristu Jesu.
8 Ngalo musa omkhulu, nisindisiwe ngokholo, + futhi lokhu akungenxa yezenzo zenu; kunalokho, kuyisipho sikaNkulunkulu. 9 Cha, akungenxa yemisebenzi, + ukuze kungabikho muntu oba nesizathu sokuziqhayisa. 10 Singumsebenzi wezandla zikaNkulunkulu* futhi sadalwa + simunye noKristu Jesu + ukuze senze imisebenzi emihle, uNkulunkulu ayinquma kusengaphambili ukuba sihambe kuyo.
11 Ngakho-ke, khumbulani ukuthi nina bantu bezizwe ngokokuzalwa,* nake nabizwa ngokuthi “ukungasoki” yilabo ababizwa ngokuthi “ukusoka,” okwenziwa enyameni ngezandla. 12 Ngaleso sikhathi naningenaye uKristu, nihlukanisiwe nombuso wakwa-Israyeli, ningenangxenye ezivumelwaneni zesithembiso; + naningenathemba ningenaye uNkulunkulu ezweni. + 13 Kodwa manje njengoba ningabalandeli bakaKristu Jesu, nina enanikade nikude seniye naba seduze ngegazi likaKristu. 14 Ngoba ungukuthula kwethu, + lowo owenza la maqembu amabili aba munye + futhi wabhidliza udonga olwaluphakathi kwawo, luwahlukanisa. + 15 Ngenyama yakhe wabuqeda lobo butha, uMthetho wemiyalo owakhiwa izinqumo, ukuze enze la maqembu amabili abe munye naye, abe umuntu omusha oyedwa + futhi enze ukuthula, 16 nokuba ngesigxobo sokuhlushwa *+ enze womabili la maqembu abuyisane ngokugcwele noNkulunkulu engumzimba owodwa, ngoba ububulele ubutha + ngomzimba wakhe. 17 Wafika wamemezela izindaba ezinhle zokuthula kini, nina enanikude, nokuthula kulabo abaseduze, 18 ngoba ngaye, womabili la maqembu, asondela ngokukhululekile kuBaba ngomoya munye.
19 Ngakho anisezona izihambi nezifiki, + kodwa niyizakhamuzi + kanye nabangcwele futhi ningamalungu endlu kaNkulunkulu, + 20 futhi nakhiwe phezu kwesisekelo sabaphostoli nabaprofethi, + kuyilapho uKristu Jesu ngokwakhe eyitshe legumbi eliyisisekelo. + 21 Simunye naye sonke isakhiwo sikhulela ekubeni ithempeli elingcwele likaJehova, *+ njengoba sihlanganiswa ndawonye ngokuvumelanayo. + 22 Njengoba nimunye naye, nani futhi nakhiwa ndawonye ukuba nibe yindawo yokuba uNkulunkulu ahlale kuyo ngomoya. +
3 Ngenxa yalesi sizathu mina, Pawulu, isiboshwa + sikaKristu Jesu ngenxa yenu, bantu bezizwe— 2 uma ngempela nizwile ngokuphathiswa kwami + umusa omkhulu kaNkulunkulu ngenxa yenu, 3 ukuthi ngambulelwa imfihlo engcwele ngesambulo, njengoba nje ngabhala kafushane ngaphambili. 4 Ngakho lapho nifunda lokhu, nizokuqaphela ukuqonda kwami le mfihlo engcwele + kaKristu. 5 Kwezinye izizukulwane, le mfihlo ayizange yambulwe kubantwana babantu njengoba manje yambuliwe ngomoya kubaphostoli bakhe abangcwele nakubaprofethi, + 6 ewukuthi, abantu bezizwe abamunye noKristu Jesu ngezindaba ezinhle, kufanele babe yizindlalifa kanye nathi namalunga omzimba akanye nathi + nabahlanganyeli kanye nathi esithembisweni. 7 Ngaba isikhonzi salokhu ngokwesipho samahhala somusa omkhulu* kaNkulunkulu engawunikwa ngokusebenza kwamandla akhe. +
8 Lo musa omkhulu waphiwa mina, + engingumuntu ongaphansi kunomncane kunabo bonke abangcwele, + ukuze ngimemezele ezizweni izindaba ezinhle zengcebo kaKristu engenakuqondakala 9 futhi ngenze wonke umuntu abone ukuphathwa kwemfihlo engcwele, + uNkulunkulu owadala zonke izinto abelokhu eyifihlile esikhathini esidlule. 10 Lokhu kwenziwa ukuze manje, kusetshenziswa ibandla, + kwaziswe ohulumeni namagunya asezindaweni zasezulwini ngokuhlakanipha kukaNkulunkulu okubonakaliswa ngezindlela eziningi ezihlukahlukene. + 11 Lokhu kuvumelana nenjongo engunaphakade ayakha mayelana noKristu, + uJesu iNkosi yethu, 12 okungaye sinale nkululeko yokukhuluma neyokusondela + sinokuqiniseka ngokholo lwethu kuye. 13 Ngakho ngiyanicela ukuba ningapheli amandla ngenxa yezinsizi zami ngenxa yenu, ngoba izinsizi zami ziletha udumo kini. +
14 Ngalesi sizathu ngiguqa kuBaba, 15 eqanjwe ngaye yonke imindeni yasezulwini neyasemhlabeni. 16 Ngithandazela ukuba ngokuchichima kwenkazimulo yakhe anenze nibe namandla kumuntu eninguye ngaphakathi, + ngamandla esebenzisa umoya wakhe, 17 nokuba ngokholo lwenu uKristu ahlale ezinhliziyweni zenu ngothando. + Kwangathi ningama niqine + esisekelweni nigxile njengezimpande zesihlahla, + 18 ukuze kanye nabo bonke abangcwele nikwazi kahle ukuqonda ngokugcwele ububanzi nobude nokuphakama nokujula, 19 futhi nilwazi uthando lukaKristu + oludlula ulwazi, ukuze nigcwaliswe ngakho konke ukugcwala uNkulunkulu akunikezayo.
20 Manje kulowo ongenza okungaphezu kakhulu kwazo zonke izinto esizicelayo noma esizicabangayo, + ngokwamandla akhe asebenza kithi, + 21 makube yinkazimulo ngebandla nangoKristu Jesu kuzo zonke izizukulwane kuze kube phakade naphakade. Amen.
4 Ngakho-ke, mina siboshwa + eNkosini, ngiyanincenga ukuba nihambe ngendlela efanele + ukubizwa enabizwa ngakho, 2 ngokuthobeka *+ okuphelele nobumnene, ngokubekezela, + nibekezelelana ngothando, + 3 nizama ngenkuthalo ukugcina ubunye bomoya esibophweni esihlanganisayo sokuthula. + 4 Kukhona umzimba owodwa, + nomoya owodwa, + njengoba nje nabizelwa ethembeni + elilodwa lokubizwa kwenu; 5 iNkosi eyodwa, + ukholo olulodwa, ubhapathizo olulodwa; 6 uNkulunkulu oyedwa futhi onguYise wabo bonke abantu, ophezu kwabo bonke, okubo bonke futhi ophakathi kwabo bonke.
7 Yilowo nalowo kithi waphiwa umusa omkhulu ngokwendlela uKristu asinikeza ngayo lesi sipho samahhala. + 8 Ngoba imiBhalo ithi: “Lapho enyukela phezulu wathumba izithunjwa; waphana ngezipho ezingabantu.” + 9 Pho isho ukuthini inkulumo ethi “wanyuka”? Isho ukuthi wayekade ehlele ezindaweni eziphansi, okuwukuthi, emhlabeni. 10 Yena kanye owehla nguye futhi owanyukela ngaphezulu + kakhulu kunawo wonke amazulu, + ukuze ngaye zonke izinto zigcwale.
11 Wamisa abanye njengabaphostoli, + abanye njengabaprofethi, + abanye njengabavangeli, *+ abanye njengabelusi nanjengabafundisi, + 12 enombono wokuqeqeshwa* kwabangcwele, ukuze benze umsebenzi wokukhonza, ukuze kwakhiwe umzimba kaKristu, + 13 kuze kube yilapho sonke sesimunye okholweni nasolwazini olunembile ngeNdodana kaNkulunkulu, sibe amadoda akhule* ngokugcwele, + esilinganisweni sobukhulu esingesokugcwala kukaKristu. 14 Ngakho akusafanele sibe yizingane, sijikijeleke ngapha nangapha sengathi sijikijelwa amagagasi futhi siyiswe le nale yizo zonke izinhlobo zemfundiso *+ ngokukhohlisa kwabantu, ngamanga aklanywe ngobuqili. 15 Kodwa sikhuluma iqiniso, masikhule ngothando kuzo zonke izinto sikhulele kuye oyinhloko, uKristu. + 16 Ngaye, wonke umzimba + uhlanganiswa ndawonye ngokuvumelanayo futhi wenziwa ukuba ubambisane ngawo wonke amalunga anikeza lokho okudingekayo. Lapho ilunga ngalinye lisebenza kahle, lokhu kwenezela ekukhuleni komzimba njengoba uzakha othandweni. +
17 Ngakho yilokhu engikushoyo nengikufakazelayo eNkosini, ukuthi ningabe nisaqhubeka nihamba njengoba izizwe zihamba + ekucabangeni kwazo okuyize. *+ 18 Zisebumnyameni ngengqondo futhi zihlukanisiwe nokuphila okungokukaNkulunkulu, ngenxa yokungazi kwazo, ngenxa yokungazweli* kwezinhliziyo zazo. 19 Njengoba zazingasenawo nhlobo umuzwa wokuziphatha okuhle, zazinikela ekuziphatheni kabi okuhambisana nendelelo *+ ukuze zenze zonke izinhlobo zokungcola ngokuhaha.
20 Kodwa nina anifundanga ukuthi uKristu unjalo, 21 uma ngempela nimzwile futhi nifundisiwe ngaye, njengoba nje iqiniso likuJesu. 22 Nafundiswa ukuba nilahle ubuntu obudala + obuvumelana nenkambo yenu yokuziphatha yangaphambili futhi obonakaliswa yizifiso ezikhohlisayo. + 23 Qhubekani nenziwa basha endleleni yenu yokucabanga, *+ 24 futhi nigqoke ubuntu obusha + obadalwa ngokwentando kaNkulunkulu ngokulunga kweqiniso nokuthembeka.
25 Ngakho-ke, njengoba senikuyekile ukukhohlisa, yilowo nalowo kini makakhulume iqiniso nomakhelwane wakhe, + ngoba singamalungu ahlanganiswe ndawonye. *+ 26 Thukuthelani kodwa ningoni; + ilanga malingashoni nisacasukile; + 27 ningamniki uDeveli ithuba. *+ 28 Owebayo makangabe eseba; kunalokho makasebenze kanzima, enze umsebenzi omuhle ngezandla zakhe, + ukuze abe nokuthile kokupha umuntu oswele. + 29 Makungaphumi izwi elibolile emilonyeni yenu, + kodwa izwi elakhayo kuphela, kuye ngokwesidingo, ukuze lidlulisele okuzuzisayo kwabezwayo. + 30 Futhi, ningawenzi lusizi* umoya ongcwele kaNkulunkulu, + enaphawulwa ngawo + kuze kube usuku lokukhululwa ngesihlengo. +
31 Susani kini yonke inhlobo yenzondo, + intukuthelo, ulaka, ukuklabalasa nenkulumo elimazayo + nayo yonke into elimazayo. + 32 Kodwa bonisanani umusa, nibe nobubele, + nithethelelane ngokukhululekile njengoba nje noNkulunkulu anithethelela ngokukhululekile ngoKristu. +
5 Ngakho-ke, yibani ngabalingisi bakaNkulunkulu, + njengabantwana abathandekayo, 2 futhi niqhubeke nibonisa uthando + njengoba nje noKristu asithanda *+ futhi wazinikela ngenxa yethu* njengomnikelo nomhlatshelo, iphunga elimnandi kuNkulunkulu. +
3 Ukuziphatha kabi ngokocansi* nokungcola kwazo zonke izinhlobo noma ukuhaha makungaphathwa nakuphathwa phakathi kwenu, + njengoba nje kungabafanele abantu abangcwele; + 4 noma ukuziphatha okuyihlazo noma inkulumo yobuwula noma amahlaya angcolile +—izinto ezingafaneleki—kodwa kunalokho makube ukubonga. + 5 Ngoba niyakwazi lokhu, nikuqaphela ngokwenu, ukuthi akukho muntu oziphethe kabi ngokocansi *+ noma umuntu ongcolile noma umuntu ohahayo, + okusho ukukhonza izithombe, onefa eMbusweni kaKristu nokaNkulunkulu. +
6 Maningakhohliswa muntu ngamazwi angamanga, ngoba ngenxa yalezi zinto ulaka lukaNkulunkulu luyeza phezu kwabangalaleli. 7 Ngakho-ke, ningahlanganyeli kanye nabo; 8 ngoba nanikade niwubumnyama kodwa manje seniwukukhanya + ngokuqondene neNkosi. + Qhubekani nihamba njengabantwana bokukhanya, 9 ngoba izithelo zokukhanya zihlanganisa zonke izinhlobo zobuhle nokulunga neqiniso. + 10 Qhubekani niqinisekisa ukuthi yini eyamukelekayo + eNkosini; 11 futhi niyeke ukuhlanganyela emisebenzini engatheli yobumnyama; + kunalokho, niyidalule. 12 Ngoba izinto abazenza ekusithekeni kuyihlazo ngisho nokukhuluma ngazo. 13 Zonke izinto ezisekukhanyeni,* ziyabonakala, futhi zonke izinto ezibonakaliswayo ziba ukukhanya. 14 Ngakho-ke kuthiwa: “Phaphama, wena olele, uvuke kwabafile, + khona-ke uKristu uyokhanya phezu kwakho.” +
15 Ngakho qaphelisisani ukuthi indlela enihamba ngayo ayinjengeyabantu abangahlakaniphile kodwa injengeyabahlakaniphile, 16 nisisebenzise kahle isikhathi senu *+ ngoba izinsuku zimbi. 17 Ngenxa yalokhu yekani ukuba abangenangqondo, kodwa qhubekani niqonda ukuthi iyini intando kaJehova. *+ 18 Futhi, ningadakwa yiwayini, + okuholela ekuzitikeni ngamanyala,* kodwa qhubekani nigcwaliswa ngomoya. 19 Khulumisanani ngamahubo nangezindumiso zikaNkulunkulu nangezingoma zokudumisa, + nihlabelela futhi nihubela + uJehova* ezinhliziyweni zenu, + 20 nihlale nibonga + uNkulunkulu noBaba wethu ngenxa yazo zonke izinto egameni leNkosi yethu uJesu Kristu. +
21 Zithobeni komunye nomunye + ngokwesaba uKristu. 22 Abafazi mabazithobe kubayeni babo + njengokungathi bazithoba eNkosini, 23 ngoba indoda iyinhloko yomkayo + njengoba nje noKristu eyinhloko yebandla, + yena engumsindisi walo mzimba.* 24 Eqinisweni, njengoba ibandla lithobela uKristu, nabafazi kufanele bathobele abayeni babo kuzo zonke izinto. 25 Madoda, qhubekani nithanda omkenu, + njengoba nje noKristu alithanda ibandla futhi wazinikela ngenxa yalo, + 26 ukuze alingcwelise, elihlanza ngokuligeza ngamanzi esebenzisa izwi, + 27 ukuze ethule ibandla kuye ngokwakhe likhazimula, lingenabala nambimbi noma enye yezinto ezinjalo, + kodwa lingcwele futhi lingenasici. +
28 Ngendlela efanayo, amadoda kufanele athande omkawo njengemizimba yawo siqu. Indoda ethanda umkayo izithanda yona, 29 ngoba akekho umuntu owake wazonda umzimba wakhe, kodwa uyawondla futhi awuphathe kahle, njengoba nje noKristu enza kulo ibandla, 30 ngoba singamalungu omzimba wakhe. + 31 “Ngenxa yalesi sizathu indoda iyoshiya uyise nonina inamathele kumkayo,* futhi laba ababili bayoba nyamanye.” + 32 Le mfihlo engcwele + inkulu. Manje ngikhuluma ngoKristu nebandla. + 33 Noma kunjalo, yilowo nalowo kini kumele athande umkakhe + njengoba ezithanda yena; ngakolunye uhlangothi, umfazi kufanele amhloniphe ngokujulile umyeni wakhe. +
6 Bantwana, lalelani abazali benu + abanobunye neNkosi, ngoba lokhu kulungile. 2 “Hlonipha uyihlo nonyoko,” + lona umyalo wokuqala onalesi sithembiso: 3 “Ukuze kukuhambele kahle* futhi uhlale isikhathi eside emhlabeni.” 4 Bobaba, ningabacasuli abantwana benu, + kodwa qhubekani nibakhulisa ngokubaqeqesha nangesiyalo *+ sikaJehova. *+
5 Nina zigqila, lalelani amakhosi enu angabantu, + ngokwesaba nangokuthuthumela ngobuqotho bezinhliziyo zenu, njengokungathi nilalela uKristu, 6 hhayi kuphela lapho nibhekiwe, ukuze nje nijabulise abantu, *+ kodwa njengezigqila zikaKristu nenza intando kaNkulunkulu ngomphefumulo* wonke. + 7 Yibani izigqila ezinesimo sengqondo esihle, njengokungathi niyizigqila zikaJehova, *+ hhayi ezabantu, 8 ngoba niyazi ukuthi noma yini enhle umuntu ayenzayo, uJehova* uyombuyisela ngayo, + kungakhathaliseki ukuthi uyisigqila noma ukhululekile. 9 Nani makhosi, qhubekani niphatha izigqila zenu ngendlela efanayo, ningazisongeli, ngoba niyazi ukuthi iNkosi yenu neyazo isemazulwini + futhi ayikhethi.
10 Ekugcineni, qhubekani nithola amandla + eNkosini nasemandleni ayo amakhulu. 11 Gqokani zonke izembatho zempi + ezivela kuNkulunkulu ukuze nikwazi ukumelana ngokuqinile namaqhinga* kaDeveli; 12 ngoba asilwi *+ negazi nenyama kodwa silwa nohulumeni, namagunya, nababusi bezwe balobu bumnyama, nebutho lomoya ababi + ezindaweni zasezulwini. 13 Ngenxa yalokhu thathani zonke izembatho zempi ezivela kuNkulunkulu, + ukuze nikwazi ukuzabalaza ngosuku olubi, nokuthi, ngemva kokuba senenze konke, nime niqine.
14 Ngakho-ke yimani niqine, nibophe ibhande leqiniso okhalweni lwenu, + nigqoke isivikelo sesifuba sokulunga, + 15 nezinyawo zenu zigqokiswe izimbadada, nilungele ukushumayela izindaba ezinhle zokuthula. + 16 Ngaphezu kwakho konke lokhu, thathani ihawu elikhulu lokholo, + eniyokwazi ukucima ngalo yonke imicibisholo evuthayo yomubi. + 17 Futhi, yamukelani isigqoko sokuzivikela sensindiso, + nenkemba yomoya, okuwukuthi, izwi likaNkulunkulu, + 18 kuyilapho niqhubeka nithandaza ngazo zonke izinhlobo zomthandazo + nokunxusa ngezikhathi zonke ngokuvumelana nomoya. + Ngenxa yaleyo njongo, hlalani niphapheme, ngaso sonke isikhathi ninxusele bonke abangcwele. 19 Ngithandazeleni nami ukuze ngiphiwe amazwi lapho ngivula umlomo wami, ukuze ngikwazi ukukhuluma ngesibindi ngazise ngemfihlo engcwele yezindaba ezinhle, + 20 engiyinxusa lazo ngisemaketangeni, + nokuba ngikhulume ngesibindi ngazo njengoba kufanele ngikhulume.
21 Manje ukuze nazi ngami nokuthi ngiqhuba kanjani, uThikhiku, + umfowethu othandekayo nesikhonzi esithembekile eNkosini, uzonitshela konke. + 22 Ngimthuma kini ngenxa yayo kanye le njongo, ukuze nazi ukuthi siqhuba kanjani nokuba aniduduze.
23 Kwangathi abazalwane bangaba nokuthula nothando kanye nokholo oluvela kuNkulunkulu uBaba naseNkosini uJesu Kristu. 24 Kwangathi umusa omkhulu ungaba nabo bonke abathanda iNkosi yethu uJesu Kristu ngothando olungapheli.
Noma, “umusa ongafanelwe.”
Okuwukuthi, noKristu.
Noma, “nokuqonda okuhle.”
Noma, “yokuba aqondise.”
Noma, “oluyinkokhelo yokubambisa (imali yokuqinisekisa); isiqinisekiso (isifungo) sokuzoza.”
Noma, “kule nkathi.”
Noma, “ngokwendlela.”
Noma, “ezimisweni zezinto ezizayo.” Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “ngesihe.”
Noma, “Singumkhiqizo womsebenzi waKhe.”
NgesiGreki, “ngokwenyama.”
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Bheka iSithasiselo A5.
Noma, “somusa ongafanelwe.”
Noma, “ngokuthobeka kwengqondo.”
Noma, “njengabamemezeli bezindaba ezinhle.”
Noma, “wokulungiswa.”
Noma, “avuthwe.”
Noma, “umoya wemfundiso.”
Noma, “ebuzeni bezingqondo zazo.”
NgesiGreki, “yokuba buthuntu.”
Noma, “ekuziphatheni okuyichilo.” NgesiGreki, a·selʹgei·a. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “emandleni ashukumisa ingqondo yenu.” NgesiGreki, “emoyeni wengqondo yenu.”
Noma, “singamalungu elinye nelinye.”
Noma, “indawo.”
Noma, “ningawudabukisi.”
Noma kungaba, “anithanda.”
Noma kungaba, “yenu.”
NgesiGreki, i-por·neiʹa. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama, “Ukuziphatha kabi ngokocansi.”
Noma, “ezisolwayo.”
NgesiGreki, “nithenge ithuba.”
Bheka iSithasiselo A5.
Noma, “okwenza umuntu angalawuleki.”
Bheka iSithasiselo A5.
Okuwukuthi, ibandla.
Noma, “ihlale nomkayo.”
Noma, “Ukuze uphumelele.”
Noma, “nangesiqondiso.” NgesiGreki, “nangokufaka umqondo.”
Bheka iSithasiselo A5.
NgesiGreki, “kungabi ngokuthenga amehlo njengabajabulisa abantu.”
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama, “Umphefumulo.”
Bheka iSithasiselo A5.
Bheka iSithasiselo A5.
Noma, “nezenzo zobuqili.”
NgesiGreki, “asibambene.”