Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • nwt Galathiya 1:1-6:18
  • Galathiya

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Galathiya
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
Galathiya

KWABASEGALATHIYA

1 Mina Pawulu ongumphostoli ngiyanibhalela. Akekho umuntu owangimisa ukuba ngibe umphostoli, kodwa uJesu Kristu + noNkulunkulu uYise, + owamvusa kwabafile. 2 Yebo, mina Pawulu kanye nawo wonke amakholwa akanye nami ngiyanibhalela, nina mabandla aseGalathiya:

3 Kwangathi ningathola umusa omkhulu* nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba naseNkosini uJesu Kristu. 4 Yazinikela ngenxa yezono zethu + ukuze isikhulule kuleli zwe* lamanje elikhohlakele + ngokwentando kaNkulunkulu noBaba wethu, + 5 okumele inkazimulo ibe kuye kuze kube phakade naphakade. Amen.

6 Kuyangimangaza ukuthi nimfulathela* masinyane kangaka Lowo owanibiza ngomusa omkhulu kaKristu enibizela kolunye uhlobo lwezindaba ezinhle. + 7 Akukhona ukuthi kunezinye izindaba ezinhle; kodwa kunabathile abanibangela inkathazo, + abafuna ukuhlanekezela izindaba ezinhle mayelana noKristu. 8 Nokho, ngisho noma thina noma ingelosi evela ezulwini besingamemezela kini njengezindaba ezinhle okuthile okungale kwezindaba ezinhle esazimemezela kini, makaqalekiswe lowo. 9 Njengoba sishilo ngaphambili, ngiyaphinda futhi ngiyasho, noma ubani omemezela kini njengezindaba ezinhle okuthile okungale kwalokho enakwamukela, makaqalekiswe.

10 Eqinisweni, ingabe manje ngizama ukuthonya abantu noma uNkulunkulu? Noma ingabe ngizama ukujabulisa abantu? Ukube bengisajabulisa abantu, ngabe angiyona inceku kaKristu. 11 Ngoba ngifuna nazi bazalwane ukuthi izindaba ezinhle engazimemezela kini aziveli kubantu; + 12 ngoba nami angizitholanga kumuntu futhi angizifundiswanga, kodwa ngazambulelwa uJesu Kristu.

13 Impela, nezwa ngokuziphatha kwami kwangaphambili enkolweni yobuJuda, + ukuthi ngangilokhu ngilishushisa ngonya* ibandla likaNkulunkulu futhi ngilichitha; + 14 ngangenza intuthuko enkulu enkolweni yobuJuda kunabaningi kontanga yami esizweni sakithi, njengoba ngangiwashisekela kakhulu impela amasiko obaba. + 15 Kodwa lapho uNkulunkulu, owangihlukanisa nesibeletho sikamama futhi wangibiza ngomusa wakhe omkhulu, + ekubona kukuhle 16 ukwambula iNdodana yakhe ngami, ukuze ngimemezele ezizweni izindaba ezinhle mayelana nayo, + angizange ngicele iseluleko somunye umuntu ngokushesha; 17 futhi angizange ngikhuphukele eJerusalema kulabo ababengabaphostoli ngaphambi kwami, kodwa ngaya e-Arabhiya, ngase ngibuyela eDamaseku. +

18 Ngemva kweminyaka emithathu ngakhuphukela eJerusalema + ngiyovakashela uKhefase, *+ ngahlala naye izinsuku ezingu-15. 19 Kodwa akekho omunye umphostoli engambona ngaphandle kukaJakobe + umfowabo weNkosi. 20 Ngokuqondene nezinto enginibhalela zona, ngiyaniqinisekisa phambi kukaNkulunkulu ukuthi angiqambi amanga.

21 Ngemva kwalokho ngaya ezifundeni zaseSiriya naseKhilikhiya. + 22 Kodwa amabandla aseJudiya ayemunye noKristu ayengangazi. 23 Ayevame nje ukuzwa kuthiwa: “Umuntu owayesishushisa ngaphambili + manje usememezela izindaba ezinhle mayelana nokholo ayeluhlasela ngaphambili.” + 24 Ngakho aqala ukukhazimulisa uNkulunkulu ngenxa yami.

2 Ngemva kweminyaka engu-14 ngaphinde ngakhuphukela eJerusalema ngihamba noBarnaba + noThithu. + 2 Ngakhuphuka ngenxa yesambulo, ngethula kubo izindaba ezinhle engizishumayela phakathi kwezizwe. Nokho lokhu kwenziwa ngasese, phambi kwamadoda ayehlonishwa kakhulu, ukuze kuqinisekiswe ukuthi angigijimelanga ize noma ngangingagijimeli ize. 3 Noma kunjalo, ngisho noThithu owayenami, + akacindezelwanga ukuba asokwe, + nakuba ayengumGreki. 4 Kodwa leyo ndaba yavela ngenxa yabazalwane bamanga abangeniswe ngesinyenyela, + abangena ngokunyenya bezohlola inkululeko + esiyijabulelayo njengabafundi bakaKristu Jesu, ukuze basigqilaze ngokuphelele; + 5 asibathobelanga, cha, hhayi ngisho nesikhashana *+ nje, ukuze iqiniso lezindaba ezinhle liqhubeke linani.

6 Kodwa ngokuqondene nalabo ababebonakala bebalulekile +—noma ngabe babeluhlobo luni lwabantu, akwenzi mahluko kimi, ngoba uNkulunkulu akayi ngokubonakala komuntu kwangaphandle—lawo madoda ayehlonishwa kakhulu awashongo lutho olusha kimi. 7 Ngokuphambene nalokho, lapho bebona ukuthi ngiphathiswe izindaba ezinhle zalabo abangasokile, + njengoba nje uPetru ayephathiswe ezalabo abasokile— 8 ngoba lowo owanika uPetru amandla okuba umphostoli kwabasokile wanginika nami amandla kwabezizwe +— 9 lapho bebona umusa omkhulu engangiwunikiwe, + uJakobe + noKhefase* noJohane, labo ababebonakala beyizinsika, banika mina noBarnaba + isandla sokudla njengophawu lokuthi sibambisene, ukuze siye ezizweni, bona baye kwabasokile. 10 Abakucela nje ukuba sikhumbule abampofu, futhi ngizamile ukukwenza ngenkuthalo lokhu. +

11 Nokho, lapho uKhefase *+ efika e-Antiyokiya, + ngameluleka,* ngoba ngokusobala wayesephutheni.* 12 Ngoba ngaphambi kokufika kwamadoda athile avela kuJakobe, + wayedla nabantu bezizwe; + kodwa lapho efika, wayeka ukudla nabo wazihlukanisa, esaba labo besigaba sabasokile. + 13 Wonke amanye amaJuda ahlanganyela naye kulokhu kuzenzisa, kangangokuthi ngisho noBarnaba wahambisana nabo ekuzenziseni kwabo. 14 Kodwa lapho ngibona ukuthi babengahambi ngokuvumelana neqiniso lezindaba ezinhle, + ngathi kuKhefase* phambi kwabo bonke: “Uma wena, nakuba ungumJuda, uphila njengoba kuphila izizwe, ungaphili njengamaJuda, ungabacindezela kanjani abantu bezizwe ukuba baphile ngokuvumelana nomkhuba wamaJuda?” +

15 Thina esingamaJuda ngokuzalwa, esingezona izoni ezivela ezizweni, 16 siyaqaphela ukuthi umuntu kuthiwa ulungile, hhayi ngenxa yemisebenzi yomthetho, kodwa kuphela ngokholo + kuJesu Kristu. + Ngakho sibe nokholo kuKristu Jesu, ukuze kuthiwe silungile ngenxa yokholo kuKristu, hhayi ngenxa yemisebenzi yomthetho, ngoba akekho umuntu okuyothiwa ulungile ngenxa yemisebenzi yomthetho. + 17 Uma nathi sitholakale siyizoni ngesikhathi sifuna ukuba kuthiwe silungile ngoKristu, ingabe-ke uKristu uyisikhonzi sesono? Lutho neze! 18 Uma zona kanye izinto engake ngazidiliza ngiphinde ngizakha futhi, ngibonisa ukuthi ngiyiseqamthetho. 19 Ngoba mina ngafa ngokuqondene nomthetho, + ukuze ngiphile ngakuNkulunkulu. 20 Ngibethelwe esigxotsheni kanye noKristu. + Akusemina ophilayo, + kodwa uKristu ophila ebunyeni nami. Ngempela ukuphila engikuphila manje enyameni ngikuphila ngokholo eNdodaneni kaNkulunkulu, + eyangithanda futhi yazinikela ngenxa yami. + 21 Angiwunqabi* umusa omkhulu kaNkulunkulu, + ngoba uma ukulunga kutholakala ngokugcina umthetho, kusho ukuthi uKristu wafela ize. +

3 O bantu baseGalathiya abangenangqondo! Ubani onifake ngaphansi kwaleli thonya elibi, + nina ngaphambili enenziwa nakuqonda ngokucacile ukubethelwa kukaJesu Kristu* esigxotsheni? + 2 Kukodwa nje engifuna ukunibuza kona: Ingabe namukela umoya ngenxa yemisebenzi yomthetho noma ngenxa yokuba nokholo kulokho enakuzwa? + 3 Ingabe aninangqondo kangako? Ekuqaleni nenza ngokuvumelana nomoya kaNkulunkulu, ingabe manje seniphetha inkambo yenu ngokulandela izifiso zabantu? + 4 Ingabe nahlupheka kaningi nihluphekela ize? Uma kuwukuthi ngempela nanihluphekela ize. 5 Ngakho, ingabe lowo oninika umoya enze nemisebenzi yamandla + phakathi kwenu, ukwenza ngenxa yemisebenzi yenu yomthetho noma ngenxa yokuba nokholo kulokho enakuzwa? 6 Njengoba nje u-Abrahama “aba nokholo kuJehova,* wabhekwa njengolungile.” +

7 Ngokuqinisekile niyazi ukuthi yilabo abanamathela okholweni abangabantwana baka-Abrahama. + 8 Imibhalo, ibona kusengaphambili ukuthi uNkulunkulu wayeyothi abantu bezizwe balungile ngenxa yokholo, yamemezela kusengaphambili izindaba ezinhle ku-Abrahama, zokuthi: “Zonke izizwe ziyobusiswa ngawe.” + 9 Ngakho labo abanamathela okholweni babusiswa kanye no-Abrahama owayenokholo. +

10 Bonke abancika emisebenzini yomthetho bangaphansi kwesiqalekiso, ngoba kulotshiwe ukuthi: “Uqalekisiwe wonke umuntu onganamatheli kuzo zonke izinto ezilotshwe emqulwini woMthetho ngokuba azenze.” + 11 Ngaphezu kwalokho, kusobala ukuthi akekho okuthiwa ulungile kuNkulunkulu + ngenxa yomthetho, ngoba “olungile uyophila ngenxa yokholo.” + 12 UMthetho awusekelwe okholweni. Kunalokho, “noma ubani owenza lezi zinto uyophila ngazo.” + 13 UKristu wasithenga, + esikhulula + esiqalekisweni soMthetho ngokuba abe isiqalekiso esikhundleni sethu, ngoba kulotshiwe ukuthi: “Uqalekisiwe wonke umuntu olengiswe esigxotsheni.” + 14 Injongo yalokhu kwakuwukuba isibusiso sika-Abrahama sibe khona ngoKristu Jesu ezizweni, + ukuze ngokholo lwethu samukele umoya othenjisiwe. +

15 Bazalwane, ngikhuluma ngisebenzisa umfanekiso wabantu: Uma isivumelwano sesiqinisekisiwe, ngisho noma siqinisekiswe umuntu, akekho ongasenza singasebenzi noma anezele kuso. 16 Izithembiso zakhulunywa ku-Abrahama nasenzalweni* yakhe. + Akushiwo ukuthi, “nasezinzalweni* zakho,” njengokungathi eziningi. Kunalokho kuthiwa, “nasenzalweni* yakho,” njengokungathi eyodwa, enguKristu. + 17 Ngaphezu kwalokho, ngithi: UMthetho, owaba khona eminyakeni engu-430 kamuva, + awusenzi singasebenzi isivumelwano esasenziwe uNkulunkulu ngaphambili, ukuze uqede isithembiso. 18 Ngoba uma ifa lisekelwe emthethweni, alisasekelwe esithembisweni; kodwa ngomusa uNkulunkulu ulinike u-Abrahama ngesithembiso. +

19 Pho kungani kwaba khona uMthetho? Wanezelwa ukuze wenze izono zibonakale, + kuze kufike inzalo *+ okwakwenziwe kuyo isithembiso; futhi wadluliselwa ngezingelosi + ngomlamuleli. + 20 Akekho umlamuleli lapho kuhileleke khona umuntu oyedwa kuphela, kodwa uNkulunkulu munye kuphela. 21 Ingabe-ke uMthetho umelene nezithembiso zikaNkulunkulu? Akunjalo neze! Ngoba ukube abantu babethole umthetho okwazi ukunika ukuphila, ngabe empeleni ukulunga kwaba khona ngenxa yomthetho. 22 Kodwa imiBhalo yaveza ukuthi abantu babelawulwa isono, ukuze isithembiso esivela ngokholo kuJesu Kristu sinikwe labo ababonisa ukholo.

23 Nokho, ngaphambi kokuba kufike ukholo, sasiqashwe ngaphansi komthetho, usilawula, sibheke okholweni olwase luzokwambulwa. + 24 Ngenxa yalokho uMthetho waba umfundisi wethu oholela kuKristu, + ukuze kuthiwe silungile ngenxa yokholo. + 25 Kodwa njengoba ukholo selufikile, + asisekho ngaphansi komfundisi. +

26 Eqinisweni, nina nonke ningamadodana kaNkulunkulu + ngokholo lwenu kuKristu Jesu. + 27 Ngoba nonke nina enabhapathizelwa kuKristu nigqoke uKristu. + 28 Akukho mJuda noma umGreki, + akukho sigqila noma okhululekile, + akukho muntu wesilisa noma owesifazane, + ngoba nonke nimunye kuKristu Jesu. + 29 Ngaphezu kwalokho, uma ningabakaKristu, ngempela niyinzalo* ka-Abrahama, + izindlalifa + ngokuqondene nesithembiso. +

4 Manje ngithi uma nje indlalifa iseyingane ayihlukile encekwini, nakuba iyinkosi yazo zonke izinto, 2 kodwa ingaphansi kwabaqondisi nabaphathi kuze kube usuku uyise alumisa kusengaphambili. 3 Ngokufanayo nathi, lapho siseyizingane, sasigqilazwe izinto zezwe zokucathula. + 4 Kodwa lapho kufika ukuphela kwaleso sikhathi, uNkulunkulu wathumela iNdodana yakhe, eyazalwa owesifazane + futhi eyayingaphansi komthetho, + 5 ukuze ibakhulule ngokubathenga labo abangaphansi komthetho, + ukuze samukelwe njengamadodana. +

6 Ngenxa yokuthi ningamadodana, uNkulunkulu uthumele umoya + weNdodana yakhe ezinhliziyweni zethu + futhi usenza simemeze sithi: “Abha,* Baba!” + 7 Ngakho ngamunye wenu akaseyona inceku kodwa useyindodana; uma eyindodana, uyindlalifa futhi ngoNkulunkulu. +

8 Noma kunjalo, ngesikhathi ningakamazi uNkulunkulu, naniyizigqila zalabo abangebona ngempela onkulunkulu. 9 Kodwa njengoba senimazi uNkulunkulu, noma kunalokho, njengoba senaziwa uNkulunkulu, kwenzeka kanjani ukuba niphinde nibuyele ezintweni zokucathula ezibuthakathaka + neziwubala nifune ukubuye nibe izigqila zazo futhi? + 10 Nigcina ngokucophelela izinsuku nezinyanga + nezinkathi neminyaka. 11 Nginovalo lokuthi imizamo yami yokunisiza ibe yize.

12 Bazalwane ngiyanincenga, yibani njengami, ngoba nami nganginjengani. + Aningonanga. 13 Kodwa niyazi ukuthi ngathola ithuba lokuqala lokumemezela izindaba ezinhle kini ngenxa yokugula kwami. 14 Nakuba isimo sami sempilo sasiwuvivinyo kini, aningiphathanga ngendelelo noma ningenyanye;* kodwa nangamukela njengengelosi kaNkulunkulu, njengoKristu Jesu. 15 Iphi leyo njabulo enaninayo? Ngoba ngiyanifakazela ukuthi, uma kwakungenzeka, ngabe nakopolota namehlo enu nanginika wona. + 16 Ngakho-ke, ingabe sengiyisitha senu ngoba nginitshela iqiniso? 17 Banifuna ngazo zonke izindlela, kodwa abanifuneli injongo enhle; bafuna ukunihlukanisa nami, ukuze nibe nogqozi lokubalandela. 18 Nokho, kuhle ngaso sonke isikhathi ukuba umuntu anifune ngentshiseko enenjongo enhle, kungabi kuphela lapho nginani, 19 bantwanyana bami, + engiphinde ngaba sezinhlungwini zokunibeletha, kuze kube yilapho uKristu akheka kini. 20 Kodwa bengingafisa ukuba ngibe kanye nani njengamanje, ngikhulume ngendlela ehlukile, ngoba ngididekile ngenxa yenu.*

21 Ngitsheleni, nina enifuna ukuba ngaphansi komthetho, Aniwuzwa yini uMthetho? 22 Ngokwesibonelo, kulotshiwe ukuthi u-Abrahama wayenamadodana amabili, enye encekukazini + nenye kowesifazane okhululekile; + 23 kodwa lena yencekukazi empeleni yazalwa ngendlela engokwemvelo, *+ lena enye yowesifazane okhululekile yazalwa ngesithembiso. + 24 Lezi zinto zingase zibe isenzakalo esingumfanekiso; ngoba laba besifazane basho izivumelwano ezimbili, esinye esaseNtabeni iSinayi, + esizala abantwana bobugqila, futhi singuHagari. 25 UHagari usho iSinayi, + intaba ese-Arabhiya, uhambelana neJerusalema lanamuhla, ngoba lisebugqileni nabantwana balo. 26 Kodwa iJerusalema eliphezulu likhululekile, futhi lingumama wethu.

27 Ngoba kulotshiwe ukuthi: “Thokoza, wena wesifazane oyinyumba; memeza kakhulu ngenjabulo, wena wesifazane ongenazo izinhlungu zokubeletha; ngoba abantwana bowesifazane olahliwe baningi kakhulu kunabalowo onomyeni.” + 28 Manje nina bazalwane, ningabantwana besithembiso njengoba ayenjalo no-Isaka. + 29 Kodwa njengoba nje ngaleso sikhathi lowo owazalwa ngendlela engokwemvelo* aqala ukushushisa lowo owazalwa ngomoya, + kunjalo namanje. + 30 Noma kunjalo, uthini umbhalo? “Xosha lesi sigqilakazi kanye nendodana yaso, ngoba indodana yalesi sigqilakazi ayisoze yaba indlalifa kanye nendodana yowesifazane okhululekile.” + 31 Ngakho bazalwane, asibona abantwana besigqilakazi kodwa singabowesifazane okhululekile.

5 UKristu wasikhululela inkululeko enjalo. Ngakho-ke yimani niqine, + ningazivumeli ukuba niphinde niboshelwe ejokeni lobugqila. +

2 Lalelani! Mina Pawulu, nginitshela ukuthi uma nisokwa, uKristu ngeke abe nanzuzo yalutho kini. + 3 Ngiyafakaza futhi kuwo wonke umuntu osokayo ukuthi ungaphansi kwesibopho sokuwugcina wonke uMthetho. + 4 Nihlukanisiwe noKristu, nina enizama ukuba kuthiwe nilungile ngomthetho; + nidediselwe kude nomusa wakhe omkhulu. 5 Thina ngomoya silindele ngokulangazela ukulunga esinethemba lokukuthola njengomphumela wokholo. 6 Ngoba kulabo abamunye noKristu Jesu, ukusoka nokungasoki akubaluleke ngalutho, + kodwa ukholo olusebenza ngothando yilo olubalulekile.

7 Nanigijima kahle. + Ubani onithiyile ukuba ningaqhubeki nilalela iqiniso? 8 Lolu hlobo lokuthonya aluveli kuLowo onibizayo. 9 Imvubelo encane ibilisa yonke inhlama. + 10 Ngiyaqiniseka ukuthi nina enimunye neNkosi + ngeke nicabange okuhlukile; kodwa lowo onibangela inkathazo + uyothola isahlulelo esimfanele kungakhathaliseki ukuthi ungubani. 11 Kodwa mina bazalwane, uma ngisashumayela ukusoka, kungani ngisashushiswa? Isikhubekiso sesigxobo sokuhlushwa *+ sisusiwe. 12 Ngifisa sengathi laba bantu abazama ukunihlupha bangasusa izitho zabo zokuzala.*

13 Nabizelwa enkululekweni bazalwane; kuphela nje ningayisebenzisi le nkululeko njengethuba lokulandela izifiso zenyama, + kodwa ngothando yibani izinceku zomunye nomunye. + 14 Ngoba wonke uMthetho ugcwalisekile* emyalweni owodwa, othi: “Kumele uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.” + 15 Nokho, uma niqhubeka nilumana futhi nishwabadelana, + xwayani ukuba ningaqothulani. +

16 Kodwa ngithi, Qhubekani nihamba ngomoya, + ngeke neze nifeze izifiso zenyama. + 17 Ngoba inyama imelene nomoya ekufiseni kwayo, nomoya umelene nenyama; lokhu kuyaphikisana, kangangokuthi zona kanye izinto enithanda ukuzenza anizenzi. + 18 Ngaphezu kwalokho, uma niholwa umoya, anikho ngaphansi komthetho.

19 Imisebenzi yenyama ibonakala ngokucacile, iwukuziphatha kabi ngokocansi, *+ ukungcola, ukuziphatha kabi okuhambisana nendelelo, *+ 20 ukukhonza izithixo, + ukusebenzisa imimoya,* ubutha, ukuxabana, umhawu, ulaka, imibango, ukuhlukana, amaqembu enkolo,* 21 umona, ukudakwa, + imicimbi* exokozelayo, nezinto ezifana nalezi. + Nginixwayisa kusengaphambili ngalezi zinto, njengoba nje nganixwayisa, ukuthi labo abenza izinto ezinjalo ngeke balizuze ifa loMbuso kaNkulunkulu. +

22 Ngakolunye uhlangothi, izithelo zomoya ziluthando, injabulo, ukuthula, ukubekezela, umusa, ubuhle, + ukholo, 23 ubumnene, ukuzithiba. + Akukho mthetho omelene nezinto ezinjalo. 24 Ngaphezu kwalokho, labo abangabakaKristu Jesu babethele esigxotsheni inyama kanye nezinkanuko nezifiso zayo. +

25 Uma siphila ngomoya, masiqhubeke futhi sihamba ngokuhlelekile ngomoya. + 26 Masingabi abazazisayo, + sibhebhezela ukuncintisana, + sifelana umona.

6 Bazalwane, ngisho noma umuntu ethatha isinyathelo okungesona ngaphambi kokuba aqaphele, nina enivuthiwe* zamani ukumlungisa ngomoya omnene umuntu onjalo. + Kodwa qapha, + ukuze nawe ungalingwa. + 2 Qhubekani nithwalisana imithwalo yenu, + ngokwenza kanjalo niyobe nigcwalisa umthetho kaKristu. + 3 Ngoba uma umuntu ecabanga ukuthi uwutho ebe engelutho, + uyazikhohlisa. 4 Kodwa yilowo nalowo makahlole izenzo zakhe, + khona-ke uyoba nesizathu sokujabula ngokuqondene naye yedwa, hhayi ngokuziqhathanisa nomunye umuntu. + 5 Ngoba yilowo nalowo uyothwala owakhe umthwalo. *+

6 Ngaphezu kwalokho, noma ubani ofundiswa izwi* makahlanganyele* ezintweni zonke ezinhle nalowo onikeza leyo mfundo. *+

7 Ningadukiswa: UNkulunkulu akayena owokuhlekwa usulu. Ngoba noma yini umuntu ayihlwanyelayo, uyovuna yona futhi; + 8 ngoba lowo ohlwanyela enombono wenyama yakhe uyovuna ukonakala enyameni, kodwa lowo ohlwanyela enombono womoya uyovuna ukuphila okuphakade okuvela emoyeni. + 9 Ngakho masingayeki ukwenza okuhle, ngoba ngesikhathi esifanele siyovuna uma singakhathali. *+ 10 Ngakho-ke uma nje sinethuba, masenze okuhle kubo bonke, kodwa ikakhulukazi kulabo abahlobene nathi okholweni.

11 Bonani ukuthi nginibhalele ngezinhlamvu ezinkulu kangakanani ngesandla sami siqu.

12 Bonke labo abafuna ukubonakala bebahle enyameni* yilabo abazama ukunicindezela ukuba nisokwe, ukuze nje bagweme ukushushiswa ngenxa yesigxobo sokuhlushwa* sikaKristu. 13 Ngoba ngisho nalabo abasokwayo abawugcini uMthetho bona ngokwabo, + kodwa bafuna nina nisokwe ukuze babe nesizathu sokuziqhayisa ngenyama yenu. 14 Kwangathi mina ngingelokothe ngiziqhayise, ngaphandle kokuba ngiziqhayise ngesigxobo sokuhlushwa* seNkosi yethu uJesu Kristu, + izwe eliye labulawa* ngaye ngokuqondene nami, nami ngokuqondene nezwe. 15 Ngoba ukusoka nokungasoki akulutho, + kodwa indalo entsha iyona ewutho. + 16 Ngokuqondene nabo bonke abahamba ngokuhlelekile ngalo mthetho wokuziphatha, mababe nokuthula nesihe, yebo, ku-Israyeli kaNkulunkulu. +

17 Kusukela manje makungabikho muntu ongikhathazayo, ngoba emzimbeni wami ngithwele izimpawu zokushiswa zenceku kaJesu. +

18 Umusa omkhulu weNkosi yethu uJesu Kristu ube nomoya eniwubonisayo, bazalwane. Amen.

Noma, “umusa ongafanelwe.”

Noma, “kulesi simiso sezinto.” Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.

Noma, “nisuswa.”

NgesiGreki, “kwaze kwaba seqophelweni lokweqisa.”

Obuye abizwe ngokuthi uPetru.

NgesiGreki, “nehora.”

Obuye abizwe ngokuthi uPetru.

Obuye abizwe ngokuthi uPetru.

Noma, “ngamelana naye ubuso nobuso.”

Noma, “wayenecala.”

Obuye abizwe ngokuthi uPetru.

Noma, “Angiwusunduzeli eceleni.”

Noma, “nina uJesu Kristu owabonakaliswa obala phambi kwenu ebethelwe.”

Bheka iSithasiselo A5.

NgesiGreki, “nasembewini.”

NgesiGreki, “nasezimbewini.”

NgesiGreki, “nasembewini.”

NgesiGreki, “imbewu.”

NgesiGreki, “niyimbewu.”

Igama lesiHebheru noma lesi-Aramu elisho ukuthi “O Baba!”

Noma, “ningikhafulele ngokungenyanya.”

Noma, “angikwazi okufanele ngikwenze ngani.”

NgesiGreki, “engokwenyama.”

NgesiGreki, “engokwenyama.”

Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.

Noma, “bangaba abathenwa,” ngaleyo ndlela bangabe besafaneleka ukwenza wona kanye umthetho abathi mawenziwe.

Noma kungaba, “ufingqwe.”

NgesiGreki, i-por·neiʹa. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.

Noma, “ukuziphatha okuyichilo.” NgesiGreki, a·selʹgei·a. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.

Noma, “ukuthakatha.”

Noma, “ukulandela izimfundiso zabantu.”

Noma, “amaphathi.”

Noma, “eninezimfanelo ezingokomoya.”

Noma, “isibopho.”

Noma, “izwi ngomlomo.”

Noma, “makabe nengxenye.”

Noma, “mfundo yomlomo.”

Noma, “singayeki.”

Noma, “ngaphandle.”

Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.

Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.

Noma, “labulawelwa esigxotsheni.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela