UMSHUMAYELI
1 Amazwi omshumayeli, *+ indodana kaDavide, inkosi eJerusalema. +
5 Ilanga liyaphuma* liphinde lishone;
Libe seliphuthuma liphindele endaweni eliphume kuyo ukuze liphume futhi. +
6 Umoya uya eningizimu, uyazungeza uye enyakatho;
Ulokhu uzungeze njalo; umoya uyaqhubeka nokujikeleza.
7 Yonke imifudlana* igelezela olwandle, kodwa ulwandle alugcwele. +
Endaweni imifudlana egeleza isuka kuyo, iphindela khona iphinde igeleze. +
8 Zonke izinto ziyakhathaza;
Akekho ongakhuluma ngazo.
Iso alaneliswa ukubona;
Nendlebe ayaneliswa ukuzwa.
9 Lokho obekukhona kusazoqhubeka kukhona,
Nalokho osekwenziwe kusazokwenziwa futhi;
Ayikho into entsha phansi kwelanga. +
10 Ikhona yini into umuntu angase athi ngayo: “Uyakubona lokhu—kusha”?
Bekulokhu kukhona kusukela kudala;
Bekuvele kukhona esikhathini esingaphambi kwesethu.
11 Akekho okhumbula abantu bezikhathi zangaphambili;
Akekho nozokhumbula labo abasazoba khona;
Ngeke bakhunjulwe ngisho nayilabo abazoba khona kamuva. +
12 Mina, mshumayeli, bengiyinkosi kwa-Israyeli eJerusalema. + 13 Ngenza inhliziyo yami ukuba ifunde futhi ihlole ngokuhlakanipha + konke okuye kwenziwa phansi kwamazulu +—umsebenzi obangela usizi uNkulunkulu awunike amadodana abantu owagcina ematasa.
15 Okugwegwile akunakuqondiswa,
Nokungekho akunakubalwa.
16 Ngabe sengithi enhliziyweni yami: “Bheka! Ngithole ukuhlakanipha okukhulu, okwedlula okwanoma ubani owayengaphambi kwami eJerusalema, + inhliziyo yami ithole ukuhlakanipha nolwazi okukhulu.” + 17 Ngagxilisa inhliziyo yami ekwazini ukuhlakanipha, ukuhlanya* nobuwula, + nalokhu futhi kuwukugijimisa umoya.
18 Ngoba ukuchichima kokuhlakanipha kubangela ukukhathazeka okuningi,
Kangangokuba noma ubani owandisa ulwazi wandisa ubuhlungu. +
2 Ngemva kwalokho ngathi enhliziyweni yami: “Ake ngizame ukuzijabulisa ngibone ukuthi buhle buni obuzovela.” Kodwa bheka! nalokho kwakuyize.
2 Ngathi ngokuhleka: “Kuwukuhlanya!”
Ngathi ngenjabulo: “Isiza ngani?”
3 Ngacabangisisa enhliziyweni yami nganquma ukuzitika ngewayini, + ngibe ngilondoloze ukuhlakanipha kwami; ngaze ngenza nezinto eziwubuwula ukuze ngithole ukuthi yini eyayingcono kakhulu ngabantu ukuba bayenze phakathi nezinsuku zabo ezimbalwa abaziphila ngaphansi kwamazulu. 4 Ngenza imisebenzi emikhulu kakhulu. + Ngazakhela izindlu; + ngazitshalela namasimu amagilebhisi. + 5 Ngazenzela izingadi namapaki, ngatshala kukho zonke izinhlobo zezihlahla zezithelo. 6 Ngazenzela amachibi ukuze nginisele amasimu ezihlahla* ezinhle. 7 Ngazitholela izinceku nezincekukazi, + ngaba nezinceku ezazalelwa kwami.* Ngaba nemfuyo eningi kakhulu—izinkomo nezimvu nezimbuzi +—ukwedlula bonke ababengaphambi kwami eJerusalema. 8 Ngaziqongelelela isiliva negolide, + umcebo* wamakhosi nowezifundazwe. + Ngaziqoqela abaculi besilisa nabesifazane, nalokho okuwajabulisa kakhulu amadodana abantu—owesimame, yebo, abesimame abaningi.* 9 Ngakho ngaba mkhulu kakhulu, ngakhula ngabedlula bonke ababengaphambi kwami eJerusalema. + Ukuhlakanipha kwami kwahlala kungokwami.
10 Angizange ngizincishe lutho engangilufisa. *+ Angizange ngiyigodlele inhliziyo yami noma yiluphi uhlobo lwenjabulo, ngoba inhliziyo yami yayijabule ngenxa yawo wonke umsebenzi wami onzima, futhi lokhu kwakuwumvuzo* wami ngenxa yawo wonke umsebenzi wami onzima. + 11 Kodwa lapho ngicabanga ngayo yonke imisebenzi engangiyenze ngezandla zami nangakho konke ukusebenza kwami kanzima ngifukuza, + ngabona ukuthi konke kwakuyize, ukugijimisa umoya; + kwakungekho lutho oluyinzuzo phansi kwelanga. +
12 Ngabe senginaka ukuhlakanipha nokuhlanya nobuwula. + (Ngoba angenzani umuntu oza ngemva kwenkosi? Angenza kuphela into kakade esiyenziwe.) 13 Ngabona ukuthi kunenzuzo ukuba nokuhlakanipha kunokuba nobuwula, + njengoba nje kunenzuzo ukuba sekukhanyeni kunokuba sebumnyameni.
14 Ohlakaniphile ubona izinto ngokucacile; *+ kodwa oyisiphukuphuku uhamba ebumnyameni. + Sengiyazi nokuthi bonke banesiphetho esifanayo. + 15 Ngathi enhliziyweni yami: “Okwenzeka koyisiphukuphuku kuyokwenzeka nakimi.” + Yini pho engiyizuzile ngokuba ohlakaniphe ngokwedlulele? Ngakho ngathi enhliziyweni yami: “Nalokhu futhi kuyize.” 16 Ngoba akekho okhunjulwa unomphela, bobabili ohlakaniphile noyisiphukuphuku. + Ezinsukwini ezizayo, wonke umuntu uyolitshalwa. Uyofa kanjani ohlakaniphile? Uyofa kanye noyisiphukuphuku. +
17 Ngakho ngakuzonda ukuphila, + ngoba yonke into eyayenziwa phansi kwelanga yayibonakala icindezela kimi, ngoba konke kwakuyize, + ukugijimisa umoya. + 18 Ngazonda yonke into engangiyisebenzele kanzima kangaka phansi kwelanga, + ngoba kumele ngiyishiyele umuntu oza ngemva kwami. + 19 Futhi ubani owaziyo ukuthi uyoba ngohlakaniphile yini noma oyisiwula? + Nokho uyothatha zonke izinto engachitha amandla ami kanye nokuhlakanipha ukuze ngiziqongelele phansi kwelanga. Nalokhu futhi kuyize. 20 Ngakho ngaphelelwa ithemba enhliziyweni yami ngenxa yawo wonke umsebenzi onzima engawenza ngifukuza phansi kwelanga. 21 Ngoba umuntu angasebenza kanzima eqondiswa ukuhlakanipha nolwazi nekhono, kodwa konke akusebenzele* kumele akunikeze umuntu ongakusebenzelanga. + Nalokhu futhi kuyize nenhlekelele enkulu.
22 Umuntu uzuzani ngempela ngawo wonke umsebenzi wakhe onzima nangesifiso esinamandla* esimenza asebenze kanzima phansi kwelanga? + 23 Ngoba zonke izinsuku zakhe umsebenzi wakhe umlethela izinhlungu nokukhathazeka, + ngisho nasebusuku inhliziyo yakhe ayiphumuli. + Nalokhu futhi kuyize.
24 Akukho lutho olungcono ngomuntu kunokuba adle aphuze athole nenjabulo emsebenzini wakhe onzima. + Nalokhu futhi ngikubonile ukuthi kuvela esandleni sikaNkulunkulu weqiniso, + 25 ngoba ubani odla futhi aphuze kangcono kunami? +
26 Unika umuntu omjabulisayo ukuhlakanipha nolwazi nenjabulo, + kodwa isoni usinika umsebenzi wokubutha nokuqoqela ndawonye ukuze nje sinike lowo ojabulisa uNkulunkulu weqiniso. + Nalokhu futhi kuyize, ukugijimisa umoya.
3 Kukhona isikhathi esimisiwe sayo yonke into,
Isikhathi sawo wonke umsebenzi phansi kwamazulu:
2 Isikhathi sokuzalwa nesikhathi sokufa;
Isikhathi sokutshala nesikhathi sokusiphula okutshaliwe;
3 Isikhathi sokubulala nesikhathi sokwelapha;
Isikhathi sokubhidliza nesikhathi sokwakha;
4 Isikhathi sokukhala nesikhathi sokuhleka;
Isikhathi sokubangalasa nesikhathi sokudansa;*
5 Isikhathi sokutshinga amatshe nesikhathi sokuqoqela amatshe ndawonye;
Isikhathi sokugona nesikhathi sokungagoni;
6 Isikhathi sokufuna nesikhathi sokudela okufunwayo njengokulahlekile;
Isikhathi sokulondoloza nesikhathi sokutshinga;
7 Isikhathi sokuklebhula + nesikhathi sokuthunga;
Isikhathi sokuthula + nesikhathi sokukhuluma; +
8 Isikhathi sokuthanda nesikhathi sokuzonda; +
Isikhathi sempi nesikhathi sokuthula.
9 Isisebenzi sitholani ngayo yonke imizamo yaso? + 10 Ngiwubonile umsebenzi uNkulunkulu awunike amadodana abantu ukuze awagcine ematasa. 11 Wenze konke kwaba kuhle* ngesikhathi sako. + Uze wafaka ngisho nobuphakade ezinhliziyweni zawo; kodwa abantu abasoze bawuthole umsebenzi uNkulunkulu weqiniso awenzile kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni.
12 Ngiphethe ngokuthi akukho lutho olungcono ngabo kunokuba bajabule futhi benze okuhle phakathi nokuphila kwabo, + 13 nokuthi wonke umuntu kufanele adle aphuze futhi ajabule ngawo wonke umsebenzi wakhe onzima. Kuyisipho sikaNkulunkulu. +
14 Sengiyazi ukuthi konke uNkulunkulu weqiniso akwenzayo, kuyoba khona kuze kube phakade. Akukho lutho ongalunezela nongalususa kukho. UNkulunkulu weqiniso ukwenze ngale ndlela ukuze abantu bamesabe. +
15 Noma yini eyenzekayo seyenzekile kakade, nalokho okusazoba khona kuye kwaba khona kakade; + kodwa uNkulunkulu weqiniso ufuna lokho osekuye kwafunwa.*
16 Ngibone nalokhu phansi kwelanga: Esikhundleni sobulungisa kwakukhona ukukhohlakala, esikhundleni sokulunga kwakukhona ukukhohlakala. + 17 Ngakho ngithe enhliziyweni yami: “UNkulunkulu weqiniso uyokwahlulela olungile nomubi, + ngoba kukhona isikhathi sawo wonke umsebenzi nakho konke okwenziwayo.”
18 Ngabuye ngathi enhliziyweni yami ngokuqondene namadodana abantu, uNkulunkulu weqiniso uyowavivinya awabonise ukuthi afana nezilwane, 19 ngoba kukhona isiphetho ngabantu nesiphetho ngezilwane; konke kunesiphetho esifanayo. + Njengoba isilwane sifa, nomuntu naye uyafa; konke kunomoya owodwa. + Ngakho umuntu akaphakeme ngaphezu kwezilwane, ngoba konke kuyize. 20 Konke kuya endaweni efanayo. + Konke kuvela othulini + futhi konke kubuyela othulini. + 21 Ubani ngempela owaziyo ukuthi umoya wabantu unyukela phezulu yini noma cha, nokuthi umoya wezilwane wehlela phansi emhlabeni yini noma cha? + 22 Ngibonile nokuthi akukho lutho olungcono ngaphezu kokuba umuntu ajabule ngomsebenzi wakhe, + ngoba lokho kuwumvuzo* wakhe; ngoba ubani ongamenza abone lokho okuyokwenzeka lapho engasekho? +
4 Ngaphinde nganaka zonke izenzo zokucindezela ezenziwa phansi kwelanga. Ngabona izinyembezi zabacindezelwayo, futhi babengenamduduzi. + Ababacindezelayo babenamandla, kwakungekho muntu obaduduzayo. 2 Ngabahalalisela abantu abase beshonile kunalabo ababesaphila. + 3 Ongcono kunabo bobabili yilowo ongakazalwa, + ongakaziboni izenzo ezicindezelayo ezenziwa phansi kwelanga. +
4 Ngibonile ukuthi ungakanani umzamo* nomsebenzi wobungcweti ovela ngenxa yokubangisana kwabantu; + nalokhu futhi kuyize, ukugijimisa umoya.
5 Isiphukuphuku sigoqa izandla zaso kuyilapho umzimba waso uwohloka. *+
6 Kungcono ukuphumula okuncane kunomsebenzi onzima omningi nokugijimisa umoya. +
7 Ngabe sengibuka esinye isibonelo sento eyize phansi kwelanga: 8 Kukhona umuntu ongenabani, ongenamngani; akanandodana noma umfowabo, kodwa wonke umsebenzi wakhe onzima awupheli. Amehlo akhe awaneliseki ngengcebo. + Kodwa uyazibuza yini ukuthi, ‘Ubani engimsebenzela kanzima, engizincisha izinto ezinhle ngenxa yakhe’? + Nalokhu futhi kuyize nomsebenzi obanga usizi. +
9 Ababili bangcono kunoyedwa + ngoba banomvuzo omuhle* ngomsebenzi wabo onzima. 10 Ngoba uma kuwa oyedwa, lo omunye angamvusa umngani wakhe. Kodwa kuyokwenzekani kulowo owayo ebe engenamuntu ongamvusa?
11 Ngaphezu kwalokho, uma ababili belala ndawonye bayofudumala, kodwa oyedwa nje angahlala kanjani efudumele? 12 Oyedwa angase akwazi ukuhlula umuntu oyedwa, kodwa ababili uma bendawonye bangakwazi ukumelana naye. Nentambo enemicu emithathu ayinakugqashulwa ngokushesha.*
13 Ingcono ingane eswele kodwa ehlakaniphile kunenkosi endala kodwa eyisiphukuphuku, + engasahlakaniphile ngokwanele ukuba ilalele isixwayiso. + 14 Ngoba iphume* ejele ukuze ibe inkosi, + nakuba ebukhosini baleyo nkosi yayizalwe ihlupheka. + 15 Ngibabonile bonke abaphilayo abahambahamba phansi kwelanga, ngabona nokuthi kumhambela kanjani umuntu osemncane ongena esikhundleni senkosi. 16 Nakuba bengapheli abamesekayo, labo abeza kamuva ngeke bajabule ngaye. + Nalokhu futhi kuyize, ukugijimisa umoya.
5 Qapha indlela ohamba ngayo noma nini lapho uya endlini kaNkulunkulu weqiniso; + kungcono ukusondela ukuze uzolalela + kunokunikela ngomhlatshelo njengoba kwenza iziphukuphuku, + ngoba azazi ukuthi ezikwenzayo kubi.
2 Ungasheshi ukhulume noma uvumele inhliziyo yakho ikhulume ngamawala phambi kukaNkulunkulu weqiniso, + ngoba uNkulunkulu weqiniso usemazulwini kodwa wena usemhlabeni. Yingakho amazwi akho kufanele abe mbalwa. + 3 Ngoba iphupho liba khona ngenxa yemisebenzi eminingi, + nokulanda okungapheli kwesiphukuphuku kuba khona ngenxa yamazwi amaningi. + 4 Noma nini lapho wenza isifungo kuNkulunkulu, ungephuzi ukusifeza, + ngoba akajabuli ngeziphukuphuku. + Feza isifungo sakho. + 5 Kungcono ungasenzi isifungo kunokwenza isifungo kodwa ungasifezi. + 6 Ungavumeli umlomo wakho ukuba ukwenze wone, + futhi ungasho phambi kwengelosi* ukuthi kwakuyiphutha. + Kungani uthukuthelisa uNkulunkulu weqiniso ngalokho okushoyo kuze kudingeke abhidlize umsebenzi wezandla zakho? + 7 Ngoba njengoba nje imisebenzi eminingi yenza kube khona amaphupho, + namazwi amaningi aholela ezeni. Kodwa yesaba uNkulunkulu weqiniso. +
8 Uma ubona noma yikuphi ukucindezelwa komuntu oswele nokuhlanekezelwa kobulungisa nokulunga esifundeni sakho, + kungakumangazi lokho. Ngoba leso sikhulu esiphakeme sibhekwe ophakeme kunaso, futhi kukhona nabanye abaphakeme kunabo.
9 Inzuzo yomhlaba ihlukaniswe phakathi kwabo bonke; ngisho nezidingo zenkosi zinakekelwa ngomkhiqizo wensimu. +
10 Umthandi wesiliva ngeke aneliswe isiliva, nomthandi wengcebo ngeke aneliswe umholo. + Nalokhu futhi kuyize. +
11 Lapho izinto ezinhle ziba ziningi, bayanda nalabo abazidlayo. *+ Umnikazi wazo uzuzani, ngaphandle kokuzibuka ngamehlo? +
12 Bumnandi ubuthongo besisebenzi, kungakhathaliseki ukuthi sidla okuncane noma okuningi, kodwa inala yocebile ayimvumeli ukuba alale.
13 Kukhona inhlekelele enkulu engiyibonile phansi kwelanga: ingcebo egcinwe umnikazi wayo elimaza yena ekugcineni. 14 Leyo ngcebo yalahleka ngenxa yomsebenzi ongaphumelelanga, futhi lapho ezala indodana, akabe esaba nalutho. +
15 Njengoba nje umuntu aphuma engenalutho esibelethweni sikanina, kuyoba njalo nalapho efa. + Ngeke akwazi ukuhamba nalutho alusebenzele kanzima. +
16 Nalokhu futhi kuyinhlekelele enkulu: Njengoba nje eza, uyohamba kanjalo futhi; utholani-ke lowo oqhubeka esebenzela umoya kanzima? + 17 Nsuku zonke udlela ebumnyameni ekhathazeke kakhulu, egula futhi enolaka. +
18 Nakhu engikubone kukuhle futhi kufaneleka: ukuba umuntu adle aphuze futhi ajabule ngawo wonke umsebenzi wakhe onzima + awenza phansi kwelanga efukuza ngezinsukwana zokuphila kwakhe uNkulunkulu weqiniso amnike zona, ngoba lowo umvuzo* wakhe. + 19 Lapho uNkulunkulu weqiniso enika umuntu ingcebo + futhi emenza akwazi ukuyijabulela, kufanele athathe umvuzo* wakhe, ajabule ngomsebenzi wakhe onzima. Lesi isipho sikaNkulunkulu. + 20 Ngoba ngeke akunake* kakhulu ukudlula kwezinsuku zokuphila kwakhe, ngoba uNkulunkulu weqiniso uqhubeka emnika intokozo enhliziyweni yakhe. +
6 Kukhona nenye inhlekelele engiyibonile phansi kwelanga futhi ivamile kubantu: 2 UNkulunkulu weqiniso unika umuntu ingcebo nodumo ukuze angasweli lutho alufisayo; nokho uNkulunkulu weqiniso akamenzi akwazi ukukujabulela, nakuba umuntu oyisihambi engase akujabulele. Lokhu kuyize nokuhlupheka okukhulu. 3 Uma umuntu engazala abantwana abayikhulu, aphile iminyaka eminingi aze aguge, kodwa angazijabuleli izinto zakhe ezinhle ngaphambi kokuba aye ethuneni,* mangisho ukuthi ingane ezalwe isishonile ingcono kakhulu kunaye. + 4 Ngoba ukuzalwa kwayo bekuyize, yafela ebumnyameni, negama layo limbozwe ubumnyama. 5 Ngisho noma ingakaze ilibone ilanga noma ingazanga lutho, isengcono kakhulu kunalowo muntu. + 6 Kunanzuzoni ukuphila iminyaka eyizinkulungwane ezimbili kodwa ungayitholi injabulo? Abayi yini endaweni efanayo bonke? +
7 Wonke umsebenzi onzima womuntu uwukuba agcwalise isisu sakhe; + kodwa akasuthi. 8 Unanzuzoni ohlakaniphile kunoyisiphukuphuku, + noma kuzuzisa ngani ukuthi umuntu ohluphekayo uyakwazi ukuziphilisa? 9 Kungcono ukujabulela izinto amehlo azibonayo kunokufisa izinto ongeke ube nazo. Nalokhu futhi kuyize, ukugijimisa umoya.
10 Noma yini ekhona isinalo kakade igama, futhi kuyaziwa ukuthi umuntu uyini; akakwazi ukuphikisana* nomuntu onamandla kunaye. 11 Lapho kunamazwi* amaningi, kukhona izinto eziningi eziyize, futhi zimzuzisa ngani umuntu? 12 Ubani owaziyo ukuthi yini engcono kakhulu ngomuntu ukuba ayenze phakathi nezinsuku ezimbalwa zokuphila kwakhe okuyize akuchitha njengethunzi? + Ngoba ubani ongatshela umuntu ukuthi yini ezokwenzeka phansi kwelanga lapho engasekho?
7 Igama elihle* lingcono kunamafutha amahle, + nosuku lokufa lungcono kunosuku lokuzalwa. 2 Kungcono ukuya endlini yokulila kunokuya endlini yedili, + ngoba lokho kuyisiphetho sawo wonke umuntu; abaphilayo kufanele bakufake enhliziyweni lokho. 3 Kungcono ukukhathazeka kunokuhleka, + ngoba ubuso obudabukile benza inhliziyo ibe ngcono. + 4 Inhliziyo yabahlakaniphile isendlini yokulila, kodwa inhliziyo yeziphukuphuku isendlini yokujabula. +
5 Kungcono ukulalela lapho umuntu ohlakaniphile ekukhuza + kunokulalela ingoma yeziphukuphuku. 6 Ngoba njengomsindo wameva avutha ngaphansi kwembiza, kunjalo ukuhleka kwesiphukuphuku; + nalokhu futhi kuyize. 7 Kodwa ukucindezelwa kungenza ohlakaniphile asangane, nesifumbathiso sonakalisa inhliziyo. +
8 Kungcono ukuphela kwendaba kunokuqala kwayo. Kungcono ukubekezela kunokuba nomoya ozidlayo. + 9 Ungasheshi ukucasuka, + ngoba ukucasuka kuhlala esifubeni seziphukuphuku. *+
10 Ungasho ukuthi, “Kungani izinsuku zangaphambili zazingcono kunalezi?” ngoba usuke ungahlakaniphile uma ubuza lokho. +
11 Ukuhlakanipha okuhambisana nefa kuyinto enhle newusizo kulabo ababona ilanga.* 12 Ngoba ukuhlakanipha kuyisivikelo + njengoba nje nemali iyisivikelo, + kodwa inzuzo yolwazi yile: Ukuhlakanipha kuyakulonda ukuphila komniniko. +
13 Cabanga ngomsebenzi kaNkulunkulu weqiniso, ngoba ubani okwazi ukuqondisa lokho akwenze kwagwegwa? + 14 Ngosuku oluhle bonisa ubuhle, + kodwa ngosuku lwenhlekelele khumbula* ukuthi uNkulunkulu ulwenzile lolu njengoba enze naloluya, + ukuze abantu bangaqiniseki* ngokuzokwenzeka kubo esikhathini esizayo. +
15 Ngikubone konke ngezinsuku zokuphila kwami okuyize +—kusukela kolungile oshabalala ekulungeni kwakhe + kuya komubi ophila isikhathi eside naphezu kobubi bakhe. +
16 Ungabi olunge ngokwedlulele, + noma uzibonise uhlakaniphe ngokweqile. + Kungani kufanele uzilethele inhlekelele? + 17 Ungabi mubi ngokwedlulele, noma ube isiwula. + Kungani kufanele ufe kungakabi isikhathi sakho? + 18 Kuhle kakhulu ukubamba isixwayiso sokuqala* kodwa ungasidedeli nalesi sesibili; *+ ngoba owesaba uNkulunkulu uyozilalela zombili.
19 Ukuhlakanipha kwenza umuntu ohlakaniphile abe namandla kunamadoda anamandla ayishumi edolobheni. + 20 Ngoba akekho umuntu olungile emhlabeni owenza okuhle njalo ongalokothi one. +
21 Ungawafaki enhliziyweni wonke amazwi abantu abawashoyo; + ngaphandle kwalokho ungase uzwe inceku yakho ikuqalekisa;* 22 ngoba wazi kahle enhliziyweni yakho ukuthi nawe uye wabaqalekisa abanye izikhathi eziningi. +
23 Konke lokhu ngiye ngakuvivinya ngokuhlakanipha, ngase ngithi: “Ngizohlakanipha.” Kodwa ukuhlakanipha kwakukude nami. 24 Lokho okuye kwaba khona akufinyeleleki futhi kujule ngokwedlulele. Ubani ongakuqonda? + 25 Ngaqondisa inhliziyo yami ukuba yazi, ihlole futhi ifune ukuhlakanipha nezimbangela zezinto, nokuba iqonde ububi bobuphukuphuku nobuwula balabo abenzisa okwezinhlanya. + 26 Ngabe sengithola lokhu: Into embi* kunokufa ngowesifazane onjengenethi lomzingeli, onenhliziyo enjengamanethi okudoba, nonezandla ezinjengamaketanga asejele. Umuntu ojabulisa uNkulunkulu weqiniso uyophunyuka kulona wesifazane, + kodwa oyisoni uyambamba. +
27 “Bheka! Nakhu engikutholile,” kusho umshumayeli. + “Ngihlole zonke izinto ukuze ngifinyelele isiphetho, 28 kodwa ebengilokhu ngikufuna, angikakutholi. Kubantu abayinkulungwane ngiyitholile indoda eyodwa eqotho, kodwa angikamtholi owesifazane oqotho phakathi kwabo. 29 Yilokhu kuphela engikutholile: UNkulunkulu weqiniso wenza abantu baba qotho, + kodwa bona balandele awabo amacebo.” +
8 Ubani onjengomuntu ohlakaniphile? Ubani owazi isisombululo senkinga?* Ukuhlakanipha komuntu kuyabonakala ebusweni bakhe. Ubuso bakhe obuhwaqabele buyashintsha bujabule.
2 Ngithi: “Lalela imiyalo yenkosi + ngenxa yesifungo osenze kuNkulunkulu. + 3 Ungajahi ukuphuma phambi kwayo. + Ungayisekeli into embi; + ngoba ingenza noma yini eyithandayo, 4 ngoba izwi lenkosi yilo eligcinayo; + ubani ongathi kuyo: ‘Wenzani?’ ”
5 Ogcina umyalo ngeke abhekane nenhlekelele, + nenhliziyo ehlakaniphile iyosazi isikhathi esifanele nenqubo* efanele. + 6 Ngoba kukhona isikhathi nenqubo *+ yazo zonke izindaba, ngoba izinkathazo zabantu ziningi kakhulu. 7 Njengoba kungekho owaziyo ukuthi kuyokwenzekani, ubani ongamtshela ukuthi kuyokwenzeka kanjani?
8 Njengoba nje kungekho muntu onamandla ngaphezu komoya* noma ongawuvimba, akekho onamandla okumelana nosuku lokufa. + Njengoba nje kungekho muntu okhululwayo empini, nobubi ngeke bubavumele abenzi bokubi ukuba baphunyuke.*
9 Konke lokhu ngikubonile, ngagxilisa inhliziyo yami kuwo wonke umsebenzi oye wenziwa phansi kwelanga, phakathi nesikhathi umuntu abuse ngaso omunye umuntu kwaba ukulimala kwakhe. + 10 Ngibabonile ababi bengcwatshwa, labo ababengena bephuma endaweni engcwele, kodwa balitshalwa ngokushesha edolobheni ababekwenza kulo lokho. + Nalokhu futhi kuyize.
11 Ngenxa yokuthi isigwebo sesenzo esibi asikhishwanga ngokushesha, + inhliziyo yabantu iba nesibindi sokwenza okubi. + 12 Nakuba isoni singenza okubi kayikhulu kodwa siqhubeke siphila isikhathi eside, ngiyaqaphela ukuthi kuyobahambela kahle labo abesaba uNkulunkulu weqiniso, ngoba bayamesaba. + 13 Kodwa ngeke kumhambele kahle omubi, + ngeke azelule izinsuku zakhe ezinjengethunzi + ngoba akamesabi uNkulunkulu.
14 Kukhona into eyize* eyenzeka emhlabeni: Kunabantu abalungile abaphathwa njengokungathi benza okubi, + futhi kukhona abantu ababi abaphathwa njengokungathi benza okulungile. + Ngithi nalokhu futhi kuyize.
15 Ngakho ngathi makujatshulwe, + ngoba akukho lutho olungcono ngomuntu ngaphansi kwelanga kunokuba adle aphuze ajabule; lokhu kufanele akwenze njengoba esebenza kanzima ngezinsuku zokuphila kwakhe, + uNkulunkulu weqiniso amnika zona phansi kwelanga.
16 Ngenza inhliziyo yami yagxila ekutholeni ukuhlakanipha nokuba ngibone wonke umsebenzi owenziwa emhlabeni, + ngaze ngangalala ubusuku nemini.* 17 Ngabe sengicabanga ngawo wonke umsebenzi kaNkulunkulu weqiniso, ngabona ukuthi abantu ngeke bakuqonde okwenzeka phansi kwelanga. + Noma abantu bangazama kanzima kangakanani, ngeke bakuqonde. Ngisho noma bethi bahlakaniphe ngokwanele ukuba bazi, ngeke bakwazi ukukuqonda. +
9 Ngakho ngakufaka enhliziyweni konke lokhu, ngaphetha ngokuthi abalungile nabahlakaniphile kanye nemisebenzi yabo basezandleni zikaNkulunkulu weqiniso. + Abantu abaluqapheli uthando nenzondo okwaba khona ngaphambi kwabo. 2 Bonke banesiphetho esifanayo, + olungile nomubi, + omuhle nohlanzekile nongahlanzekile, labo abenza umhlatshelo nalabo abangawenzi. Omuhle uyafana nesoni; owenza isifungo uyafana nalowo ongaxhamazeli ekwenzeni isifungo. 3 Lena yinto ecindezelayo eyenzeka phansi kwelanga: Ngenxa yokuthi bonke banesiphetho esifanayo, + izinhliziyo zabantu zigcwele ububi; kukhona ukuhlanya ezinhliziyweni zabo phakathi nokuphila kwabo, bese beyafa!
4 Kukhona ithemba nganoma ubani ophakathi kwabaphilayo, ngoba inja ephilayo ingcono kakhulu kunebhubesi elifile. + 5 Ngoba abaphilayo bayazi* ukuthi bayokufa, + kodwa abafile bona abazi lutho, + futhi abasenawo umvuzo, ngoba ukukhunjulwa kwabo sekulibalekile. + 6 Uthando lwabo nenzondo yabo nomhawu wabo sekushabalele kakade, abasenaso isabelo ezintweni ezenziwa phansi kwelanga. +
7 Hamba, udle ukudla kwakho ngokujabula, uphuze iwayini lakho ngenhliziyo ejabulayo, + ngoba kakade uNkulunkulu weqiniso uyijabulele imisebenzi yakho. + 8 Kwangathi izingubo zakho zingahlale zimhlophe,* ungayeki ukugcoba amafutha ekhanda lakho. + 9 Jabulela ukuphila nomfazi wakho omthandayo + zonke izinsuku zokuphila kwakho okuyize uNkulunkulu akunike zona phansi kwelanga, zonke izinsuku zakho eziyize, ngoba lowo umvuzo* wakho ekuphileni nasemsebenzini wakho onzima owenza kanzima phansi kwelanga. + 10 Noma yini okwazi ukuyenza, yenze ngawo wonke amandla akho, ngoba akukho msebenzi namacebo nalwazi nakuhlakanipha eThuneni, *+ indawo oya kuyo.
11 Kunokunye futhi engikubonile phansi kwelanga, ukuthi abanejubane abaphumeleli njalo emncintiswaneni, nabanamandla abanqobi njalo empini, + nabahlakaniphile ababi nokudla njalo, nongqondongqondo ababi nengcebo njalo, + nalabo abanolwazi abaphumeleli njalo + ngoba isikhathi nezenzakalo ezingalindelekile zibehlela bonke. 12 Ngoba umuntu akasazi isikhathi sakhe. + Njengoba nje izinhlanzi zibanjwa inethi elibi, nezinyoni zibanjwa isicupho, kanjalo namadodana abantu abanjwa isikhathi senhlekelele, lapho siwafica kungazelelwe.
13 Ngabona nalokhu ngokuqondene nokuhlakanipha phansi kwelanga—futhi kwangihlaba umxhwele: 14 Kwakukhona idolobha elincane elinamadoda ambalwa; kwafika inkosi enamandla yamelana nalo, yalihaqa yakha izinqaba ezinkulu ukuze ilwe nalo. 15 Kulo kwatholakala umuntu ohluphekayo kodwa ohlakaniphile, walisindisa idolobha ngokuhlakanipha kwakhe. Kodwa akukho muntu owamkhumbula lowo muntu ohluphekayo. + 16 Ngathi enhliziyweni yami: “Ukuhlakanipha kungcono kunamandla; + nokho ukuhlakanipha komuntu ohluphekayo kuyadelelwa, namazwi akhe awalalelwa.” +
17 Kungcono ukulalela amazwi azolile abahlakaniphile kunokulalela ukumemeza komuntu obusa phakathi kweziphukuphuku.
18 Ukuhlakanipha kungcono kunezikhali zempi, kodwa isoni esisodwa nje kuphela singenza umonakalo omkhulu kokuhle. +
10 Njengoba nje izimpukane ezifile zenza amafutha omenzi wamakha anuke kabi futhi abe namagwebu, kanjalo nobuwula obuncane bonakalisa igama elihle lomuntu obhekwa njengohlakaniphile nohlonishwayo. +
2 Inhliziyo yohlakaniphile imholela endleleni efanele, kodwa inhliziyo yesiphukuphuku isiholela endleleni engafanele. + 3 Kunoma iyiphi indlela isiwula esihamba ngayo, sintula ukuhlakanipha *+ futhi senza wonke umuntu azi ukuthi siyisiwula. +
4 Uma kwenzeka umbusi ekuthukuthelela, ungayishiyi indawo yakho, + ngoba ukuzola kudambisa izono ezinkulu. +
5 Kukhona into ecindezelayo engiyibonile phansi kwelanga, iphutha elenziwa yilabo abasezikhundleni: + 6 Ubuwula bubekwa ezikhundleni eziningi eziphakeme, kodwa abakhaliphile* baqhubeka besezikhundleni eziphansi.
7 Ngibone izinceku zigibele amahhashi kodwa izikhulu zihamba ngezinyawo njengezinceku. +
8 Omba umgodi angase awele kuwo; + nobhodloza udonga lwamatshe angase alunywe inyoka.
9 Oqhephula amatshe angase alimale, nocanda izinkuni angase azichaye engozini.*
10 Uma ithuluzi lensimbi libuthuntu futhi umuntu engaliloli, kuyodingeka asebenzise amandla amaningi. Kodwa ukuhlakanipha kusiza umuntu aphumelele.
11 Uma inyoka iluma lapho ingakathwebuleki, ayikho inzuzo kulowo oyithwebulayo onekhono.
12 Amazwi avela emlonyeni wohlakaniphile ayajabulisa, + kodwa izindebe zesiphukuphuku ziyasilimaza. + 13 Amazwi okuqala aphuma emlonyeni waso awubuwula, + amazwi aso okugcina awukuhlanya okubangela inhlekelele. 14 Kodwa isiwula siyaqhubeka sikhuluma. +
Umuntu akakwazi okuyokwenzeka; ubani ongamtshela ukuthi yini ezokwenzeka lapho engasekho? +
15 Umsebenzi onzima wesiphukuphuku uyasikhathaza, ngoba asikwazi ngisho nokuthola indlela eya edolobheni.
16 Yeka indlela okukubi ngayo ezweni uma inkosi ingumfana, + nezikhulu ziqala ukudla ekuseni! 17 Yeka indlela izwe elijabula ngayo uma inkosi iyindodana yezicukuthwane nezikhulu zidla ngesikhathi esifanele ukuze zithole amandla, hhayi ngenjongo yokudakwa! +
18 Ngenxa yobuvila obukhulu uphahla luyawa, nangenxa yezandla ezivilaphayo indlu iyavuza. +
19 Isinkwa* senzelwe ukwenza abantu bajabule,* newayini lenza ukuphila kube mnandi; + kodwa imali yanelisa zonke izidingo. +
20 Ngisho nasemicabangweni* yakho ungayiqalekisi* inkosi, + nesicebi ungasiqalekisi ekamelweni lakho lokulala; ngoba inyoni* ingase ikudlulise okushilo* noma isidalwa esinamaphiko singase sikuphinde okushiwo.
11 Phonsa isinkwa sakho emanzini, + ngoba uyophinde usithole ngemva kwezinsuku eziningi. + 2 Yipha* abantu abayisikhombisa noma ngisho abangu-8, + ngoba awazi ukuthi iyiphi inhlekelele eyoba khona emhlabeni.
3 Uma amafu egcwele amanzi, ayokwehlisa imvula emhlabeni; uma isihlahla siwela eningizimu noma enyakatho, endaweni esiwela kuyo yilapho esiyolala khona.
4 Obheka umoya ngeke ahlwanyele mbewu, nalowo obheka amafu ngeke avune. +
5 Njengoba nje ungazi ukuthi umoya usebenza kanjani emathanjeni osana olusesiswini* sowesifazane okhulelwe, + awuwazi nomsebenzi kaNkulunkulu weqiniso, owenza zonke izinto. +
6 Hlwanyela imbewu yakho ekuseni, ungasivumeli isandla sakho siphumule kuze kube kusihlwa; + ngoba awazi ukuthi iyiphi eyohluma, ukuthi yilena noma yileya, noma ukuthi ziyohluma zombili yini.
7 Kumnandi ukukhanya, kuhle nokuthi amehlo abone ilanga. 8 Ngoba uma umuntu ephila iminyaka eminingi, makayijabulele yonke. + Kodwa kufanele akhumbule ukuthi izinsuku zobumnyama zingase zibe ziningi; konke okuzolandela kuyize. +
9 Jabula nsizwa ebusheni bakho, inhliziyo yakho mayijabule ezinsukwini zobusha bakho. Hamba ezindleleni zenhliziyo yakho, uye lapho amehlo akho ekuholela khona; kodwa yazi* ukuthi uNkulunkulu weqiniso uyokwahlulela* ngenxa yazo zonke lezi zinto. + 10 Ngakho khipha ukukhathazeka enhliziyweni yakho, ugweme izinto ezilimazayo emzimbeni wakho, ngoba ubusha nobungqabavu bokuphila kuyize. +
12 Ngenxa yalokho, khumbula uMdali wakho Omkhulu ezinsukwini zobusha bakho, + ngaphambi kokuba kufike izinsuku zosizi *+ neminyaka oyothi ngayo: “Angikujabuleli ukuphila”; 2 ngaphambi kokuba ilanga nokukhanya nenyanga nezinkanyezi kube mnyama, + nangaphambi kokuba amafu alethe imvula;* 3 mhla onogada bendlu beba netwetwe,* namadoda anamandla eba buthaka, nabesifazane beyeka ukugaya ngoba sebembalwa, nezintokazi ezibuka ngaphandle emafasiteleni zithola kumnyama; + 4 lapho iminyango eya emgwaqweni isivaliwe, lapho umsindo wokugaya uncipha, lapho umuntu evuswa umsindo wenyoni, nazo zonke izintombi ezihlabelelayo sezizwakalela phansi. + 5 Umuntu usesaba nezindawo eziphakeme, kukhona nezinto ezithusayo esitaladini. Isihlahla som-alimondi siyaqhakaza, + nentethe iyazihudula, namakhephabheri ayaqhuma ngoba umuntu useya endlini azophumula kuyo isikhathi eside, + nabalilayo bazulazula esitaladini; + 6 ngaphambi kokuba intambo yesiliva isuswe, nesitsha segolide siphihlizwe, nembiza esesiphethwini ife, nesondo lokukha amanzi emthonjeni liphihlike. 7 Uthuli lube selubuyela emhlabeni, + njengoba nje kwakunjalo, nomoya* ubuyele kuNkulunkulu weqiniso owawunikeza. +
8 “Yize leze!” kusho umshumayeli. + “Konke kuyize.” +
9 Umshumayeli akagcinanga nje ngokuba ohlakaniphile, kodwa waqhubeka efundisa abantu lokho ayekwazi, + wazindla futhi wafunisisa ukuze ahlanganise* izaga eziningi. + 10 Umshumayeli wafuna ukuthola amazwi ajabulisayo + nokuloba amazwi eqiniso anembile.
11 Amazwi abahlakaniphile anjengezinkandi, *+ nezinkulumo zabo ezikhethwe kahle zinjengezipikili ezishayelwe zaqina; ashiwo evela kumalusi oyedwa. 12 Ngokuqondene nanoma yini enye ngaphandle kwalokhu, ndodana yami, lalela nasi isixwayiso: Ukwenza izincwadi eziningi akupheli, nokuzinikela kakhulu kuzo kuyayikhathaza inyama. +
13 Isiphetho sendaba, njengoba sekuzwakele konke, yilesi: Yesaba uNkulunkulu weqiniso + ugcine imiyalo yakhe, + ngoba lokhu kuyiso sonke isibopho somuntu. + 14 Ngoba uNkulunkulu weqiniso uyokwahlulela yonke imisebenzi, kuhlanganise nakho konke okufihliwe, ukuthi kuhle yini noma kubi. +
Noma, “omhlanganisi.”
NgesiHebheru, “uma.”
Noma, “liyakhanya.”
Noma, “imifudlana yasebusika.”
Noma, “ubuwula obuphindiwe.”
Noma, “ihlathi.”
NgesiHebheru, “amadodana omuzi.”
Noma, “impahla.”
Noma, “intokazi, yebo, izintokazi.”
NgesiHebheru, “amehlo ami ayelucela.”
Noma, “kwakuyisabelo.”
Noma, “uvule amehlo akhe.”
Noma, “isabelo sakhe.”
NgesiHebheru, “nangokushikashikeka kwenhliziyo.”
NgesiHebheru, “sokutshakadula; sokugxumagxuma.”
Noma, “kwahleleka kahle; kwafaneleka.”
Noma kungaba, “kwadlula.”
Noma, “kuyisabelo.”
Noma, “umsebenzi onzima.”
Noma, “uzaca.”
Noma, “omkhulu.”
Noma, “kalula.”
Cishe kubhekiselwa enganeni ehlakaniphile.
Noma, “kwesithunywa.”
Noma, “abazisebenzisayo.”
Noma, “isabelo.”
Noma, “isabelo.”
Noma, “akukhumbule.”
Noma, “ithuna lingakabi elakhe.”
Noma, “ukumela udaba lwakhe.”
Noma kungaba, “kunezinto.”
Noma, “Idumela elihle.” NgesiHebheru, “Igama.”
Noma kungaba, “kuwuphawu lwesiphukuphuku.”
Okuwukuthi, labo abaphilayo.
Noma, “qaphela.”
Noma, “bangatholi lutho.”
Okuwukuthi, lesi esishiwo evesini 16.
Okuwukuthi, lesi esishiwo evesini 17.
Noma, “ikhuluma kabi ngawe.”
NgesiHebheru, “Okumunyu.”
Noma, “incazelo yendaba?”
Noma, “nokwahlulela.”
Noma, “nokwahlulela.”
Noma, “komoya ophefumulwayo; komoya ovunguzayo.”
Noma kungaba, “nobubi babo ngeke bubasindise ababi.”
Noma, “ecasulayo.”
Noma kungaba, “abantu baze bangalali emini noma ebusuku.”
Noma, “bayaqaphela.”
Okuwukuthi, izingubo ezigqamile ezibonisa ukujabula, hhayi izingubo zokulila.
Noma, “isabelo.”
Noma, “eShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
NgesiHebheru, “inhliziyo yaso iyantula.”
NgesiHebheru, “abacebile.”
Noma kungaba, “kufanele aqaphelisise.”
Noma, “Ukudla.”
Noma, “bahleke.”
Noma kungaba, “nasembhedeni.”
Noma, “ungakhulumi kabi.”
NgesiHebheru, “isidalwa esindizayo samazulu.”
Noma, “umyalezo.”
Noma, “Yabela.”
NgesiHebheru, “emathanjeni esibeletho.”
Noma, “khumbula; ungakhohlwa.”
Noma, “uyokwenza ulandise.”
Noma, “eziyinhlekelele.”
Noma kungaba, “eze nemvula.”
Noma, “beqhaqhazela.”
Noma, “namandla okuphila.”
Noma, “ahlele ngononina.”
Noma, “anjengezinduku zokuqondisa.”