29 Umuntu oqinisa ikhanda ngemva kokusolwa kaningi +
Uyokwephulwa kungazelelwe, angabe esalapheka. +
2 Lapho abalungile bebaningi, abantu bayajabula,
Kodwa lapho kubusa omubi, abantu bayabubula. +
3 Umuntu othanda ukuhlakanipha wenza uyise ajabule, +
Kodwa ozihlanganisa nezifebe usaphaza ingcebo yakhe. +
4 Ngobulungisa inkosi yenza izwe lizinze, +
Kodwa umuntu ofuna izifumbathiso uyalibhidliza.
5 Umuntu othopha umakhelwane wakhe
Wendlalela izinyawo zakhe inethi. +
6 Isiphambeko somuntu omubi simbekela ugibe, +
Kodwa olungile ukhamuluka ngenjabulo athokoze. +
7 Olungile ukhathalela amalungelo angokomthetho abantu abampofu, +
Kodwa omubi akawakhathaleli. +
8 Abantu abaqhoshayo bokhela idolobhana, +
Kodwa abahlakaniphile banqanda intukuthelo, +
9 Lapho umuntu ohlakaniphile ephikisana nesiwula,
Kuyoba nokuthethisana nokwenzana inhlekisa, ohlakaniphile ngeke afeze lutho. +
10 Abantu abomele igazi bazonda noma ubani omsulwa, +
Futhi bafuna ukubulala oqotho.
11 Isiphukuphuku siyikhipha yonke intukuthelo yaso, +
Kodwa ohlakaniphile uyilawula ngomoya ozolile. +
12 Lapho umbusi enaka inkulumo engamanga,
Zonke izinceku zakhe ziyoba zimbi. +
13 Nakhu umuntu ompofu nocindezelayo abafana ngakho:
UJehova uletha ukukhanya emehlweni abo bobabili.
14 Lapho inkosi yahlulela abantu abampofu ngobulungisa, +
Isihlalo sayo sobukhosi siyokuma siqine njalo. +
15 Induku nokusola kunika ukuhlakanipha, +
Kodwa umntwana ongakhuzwa ubangela unina amahloni.
16 Lapho ababi banda neziphambeko ziyanda,
Kodwa abalungile bayobona ukuwa kwabo. +
17 Yala indodana yakho, iyokwenza uthole ukuphumula;
Iyokwenza ujabule kakhulu. +
18 Lapho kungekho siqondiso sikaNkulunkulu, abantu abazibambi, +
Kodwa bayajabula labo abagcina umthetho. +
19 Inceku ngeke ivume ukuba ilungiswe ngamazwi,
Ngoba nakuba iqonda, ayilaleli. +
20 Uke wambona umuntu onamawala lapho ekhuluma? +
Kukhona ithemba elikhulu ngesiphukuphuku kunangaye. +
21 Uma inceku ibilokhu itotoswa kusukela ebusheni bayo,
Kamuva ngeke ibonise ukubonga.
22 Umuntu ocasuka kalula ubhebhezela ingxabano; +
Noma ubani osheshe athukuthele wenza izono eziningi. +
23 Ukuzidla komuntu kuyomthobisa, +
Kodwa noma ubani onomoya othobekile uyothola udumo. +
24 Umngani wesela uzizonda yena.
Angase abizelwe ukuzofakaza, kodwa angabiki lutho. +
25 Ukwesaba abantu kuwugibe, +
Kodwa othembela kuJehova uyovikelwa. +
26 Abaningi bafuna ukukhuluma nombusi,
Kodwa umuntu ubuthola kuJehova ubulungisa. +
27 Umuntu ongalungile uyanengeka kolungile, +
Kodwa ohamba ngobuqotho uyanengeka komubi. +