Duteronomi
8 “Yonke imiyalo engikuyala ngayo namuhla kufanele niqaphele ukuba niyigcine,+ ukuze niqhubeke niphila+ futhi nande ngempela ningene nilithathe izwe uJehova alifungela okhokho benu.+ 2 Kumelwe uyikhumbule yonke indlela uJehova uNkulunkulu wakho akwenza ukuba uyihambe ngale minyaka engamashumi amane ehlane,+ ukuze akuthobise,+ futhi akuvivinye+ ukuze azi lokho okwakusenhliziyweni yakho,+ ukuthi uyoyigcina yini imiyalo yakhe noma cha. 3 Ngakho wakuthobisa wakuyeka walamba+ futhi wakondla ngemana,+ owawungalazi wena noyihlo ababengalazi; ukuze akwenze wazi ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa kodwa umuntu uphila nangawo wonke amazwi omlomo kaJehova.+ 4 Isiphuku sakho asizange sikugugele, nonyawo lwakho aluzange luvuvukale kule minyaka engamashumi amane.+ 5 Wazi kahle enhliziyweni yakho ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho wayekuqondisa, njengoba nje umuntu eyiqondisa indodana yakhe.+
6 “Kumelwe ugcine imiyalo kaJehova uNkulunkulu wakho ngokuhamba ezindleleni zakhe+ nangokumesaba.+ 7 Ngoba uJehova uNkulunkulu wakho ukungenisa ezweni elihle,+ izwe lezigodi ezinezifufula zamanzi, iziphethu nezintwa zamanzi eziphuma ethafeni elisesigodini+ nasesifundeni sezintaba, 8 izwe likakolweni nebhali nemivini namakhiwane namahalananda,+ izwe leminqumo yamafutha noju,+ 9 izwe ongeke udle kulo isinkwa ngokuntula, ongeke untule lutho kulo, izwe elimatshe alo ayinsimbi nasezintabeni zalo oyokumba kuzo ithusi.
10 “Lapho usudlile wazanelisa,+ kumelwe futhi utuse+ uJehova uNkulunkulu wakho ngenxa yezwe elihle akunike lona.+ 11 Ziqaphele ukuba ungamkhohlwa+ uJehova uNkulunkulu wakho bese ungayigcini imiyalo yakhe nezinqumo zakhe zokwahlulela nezimiso zakhe engikuyala ngazo namuhla;+ 12 funa udle uzanelise, wakhe izindlu ezinhle uhlale kuzo,+ 13 umhlambi wakho wezinkomo nomhlambi wakho wezimvu wande, likwandele nesiliva negolide, nakho konke okungokwakho kwande; 14 inhliziyo yakho iphakame+ bese ukhohlwa uJehova uNkulunkulu wakho, owakukhipha ezweni laseGibhithe, endlini yezigqila;+ 15 owakwenza ukuba udabule leli hlane elikhulu nelesabekayo,+ elinezinyoka ezinesihlungu+ nawofezela nelinomhlabathi owomile ongenawo amanzi; owakukhiphela amanzi edwaleni lensengetsha;+ 16 owakondla ngemana+ ehlane, oyihlo ababengalazi, ukuze akuthobise+ futhi akuvivinye ukuze akwenzele okuhle ezinsukwini zakho zakamuva;+ 17 bese uthi enhliziyweni yakho, ‘Amandla ami nazo zonke izikhwepha zesandla sami kungenzelé lo mcebo.’+ 18 Kumelwe ukhumbule uJehova uNkulunkulu wakho, ngoba nguye okuphe amandla ukuze wenze umcebo;+ ukuze afeze isivumelwano sakhe asifunga kokhokho bakho, njengakulolu suku.+
19 “Futhi uma kwenzeka umkhohlwe uJehova uNkulunkulu wakho futhi empeleni ulandele abanye onkulunkulu ubakhonze ukhothame phambi kwabo, ngiyafakaza namuhla ngokumelene nani ukuthi niyoshabalala ngokuphelele.+ 20 Njengezizwe uJehova azibhubhisayo phambi kwenu, yileyo ndlela eniyoshabalala ngayo, ngoba ningafuni ukulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wenu.+