Numeri
9 UJehova wakhuluma noMose ehlane laseSinayi ngonyaka wesibili wokuphuma kwabo ezweni laseGibhithe, ngenyanga yokuqala,+ wathi: 2 “Manje abantwana bakwa-Israyeli kufanele balungise umhlatshelo wephasika+ ngesikhathi sawo esimisiwe.+ 3 Ngosuku lweshumi nane kule nyanga phakathi kokuhlwa okubili+ kufanele niwulungise ngesikhathi sawo esimisiwe. Kufanele niwulungise ngokuvumelana nazo zonke izimiso zawo nazo zonke izinqubo zawo ezivamile.”+
4 Ngakho uMose wakhuluma nabantwana bakwa-Israyeli ukuba balungise umhlatshelo wephasika. 5 Khona-ke balungisa umhlatshelo wephasika ngenyanga yokuqala, ngosuku lweshumi nane lwenyanga phakathi kokuhlwa okubili, ehlane laseSinayi. Abantwana bakwa-Israyeli benza ngokuvumelana nakho konke uJehova ayemyale ngakho uMose.+
6 Manje kwaba khona abantu ababengcolile ngenxa yomphefumulo+ womuntu okwenza ukuba bangakwazi ukulungisa umhlatshelo wephasika ngalolo suku. Ngakho baziletha phambi kukaMose no-Aroni ngalolo suku.+ 7 Khona-ke labo bantu bathi kuye: “Singcolile ngenxa yomphefumulo ongumuntu. Kungani kufanele sivinjelwe ekuletheni umnikelo+ kuJehova ngesikhathi sawo esimisiwe phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli?” 8 Kulokhu uMose wathi kubo: “Yimani lapho, ngizwe ukuthi yini uJehova azoyiyala ngokuqondene nani.”+
9 Khona-ke uJehova wathi kuMose: 10 “Khuluma nabantwana bakwa-Israyeli, uthi, ‘Nakuba kungase kwenzeke ukuba noma yimuphi umuntu kini noma ezizukulwaneni zenu abe ongcolile ngenxa yomphefumulo+ noma angabi khona ngenxa yohambo olude, naye kumelwe awulungise umhlatshelo wephasika oya kuJehova. 11 Ngenyanga yesibili,+ ngosuku lweshumi nane phakathi kokuhlwa okubili, kufanele abantwana bakwa-Israyeli bawulungise. Kufanele bawudle kanye namaqebelengwane angenamvubelo nemifino ebabayo.+ 12 Akumelwe bavumele noma yini kuwo isale kuze kube sekuseni,+ futhi kufanele bangaphuli thambo kuwo.+ Kufanele bawulungise ngokuvumelana naso sonke isimiso sephasika.+ 13 Kodwa uma umuntu ebehlanzekile noma kungekhona ukuthi ubesohambweni kodwa ekudebeselele ukulungisa umhlatshelo wephasika, khona-ke lowo mphefumulo kumelwe unqunywe kubantu bakubo,+ ngoba ungazange ulethe umnikelo kaJehova ngesikhathi sawo esimisiwe. Lowo muntu uyophendula ngesono sakhe.+
14 “‘Uma kukhona umfokazi ogogobele kini, naye kumelwe awulungise umhlatshelo wephasika oya kuJehova.+ Kufanele enze ngokuvumelana nesimiso sephasika nangokuvumelana nenqubo yalo evamile.+ Kufanele kube nesimiso esisodwa kini, kokubili kumfokazi nakowokuzalwa ezweni.’”+
15 Ngosuku lokumiswa kwetabernakele+ ifu lamboza itabernakele letende lobuFakazi,+ kodwa kusihlwa, okwakubonakala kuwumlilo+ kwaqhubeka kuphezu kwetabernakele kwaze kwaba sekuseni. 16 Yileyo ndlela okwaqhubeka ngayo njalo: Ifu lalilimboza emini, nokwakubonakala kuwumlilo ebusuku.+ 17 Futhi noma nini lapho ifu linyuka phezu kwetende, abantwana bakwa-Israyeli babesuka ngokushesha ngemva kwalokho,+ futhi endaweni lapho ifu lima khona, yilapho nabantwana bakwa-Israyeli babekanisa khona.+ 18 Abantwana bakwa-Israyeli babesuka ngomyalo kaJehova, futhi babekanisa ngomyalo kaJehova.+ Zonke izinsuku ifu elalihlala ngazo phezu kwetabernakele, babeqhubeka bekanisile. 19 Lapho ifu lelula ukuhlala kwalo phezu kwetabernakele izinsuku eziningi, abantwana bakwa-Israyeli nabo babegcina isibopho sabo kuJehova sokuthi kwakungafanele basuke.+ 20 Ngezinye izikhathi ifu laliqhubeka izinsuku ezimbalwa liphezu kwetabernakele. Babeqhubeka bekanisile ngomyalo+ kaJehova, futhi babesuka ngomyalo kaJehova. 21 Ngezinye izikhathi ifu+ laliqhubeka lihlezi kusukela kusihlwa kuze kube sekuseni; ifu lalikhuphuka ekuseni, basuke. Kungakhathaliseki ukuthi ifu lalikhuphuka emini noma ebusuku, nabo babesuka.+ 22 Kungakhathaliseki ukuthi kwakuyizinsuku ezimbili noma inyanga noma izinsuku ezengeziwe ifu elalilula ngazo ukuhlala kwalo phezu kwetabernakele ngokuhlala phezu kwalo, abantwana bakwa-Israyeli babeqhubeka bekanisile futhi babengasuki, kodwa lapho likhuphuka babesuka.+ 23 Babekanisa ngomyalo kaJehova, futhi babesuka ngomyalo kaJehova. Bagcina isibopho+ sabo kuJehova ngomyalo kaJehova ngoMose.+