UmShumayeli
12 Manje khumbula uMdali wakho Omkhulu+ ezinsukwini zobunsizwa bakho,+ ngaphambi kokuba kufike izinsuku eziyinhlekelele,+ noma kufike iminyaka lapho uyothi khona: “Angijabuli ngayo”;+ 2 ngaphambi kokuba ilanga nokukhanya nenyanga nezinkanyezi kube mnyama,+ namafu abuye, kamuva kube khona imvula; 3 mhla abagcini bendlu+ bethuthumela, namadoda anamandla eye agoba,+ nabesifazane abagayayo+ beyekile ukusebenza ngoba sebembalwa, nezintokazi ezibuka emafasiteleni+ zithole kumnyama; 4 neminyango eya emgwaqweni isivaliwe,+ lapho umsindo wokugaya uncipha,+ futhi umuntu evuswa umsindo wenyoni, nazo zonke izintombi ezihlabelelayo sezizwakalela phansi.+ 5 Futhi, sebesaba into ephakeme nje, kukhona nezinto ezethusayo endleleni. Izihlahla zom-alimondi ziveza izimbali,+ nentethe iyazihudula, futhi amakhephabheri ayaqhuma, ngoba umuntu useya endlini yakhe emi njalo+ nababangalasayo baye bazungeza esitaladini;+ 6 ngaphambi kokuba intambo yesiliva isuswe, nesitsha segolide siphihlizwe,+ nembiza esesiphethwini iphuke, nesondo lamanzi lomthombo liphihlike. 7 Khona-ke uthuli lubuyela emhlabeni+ njengoba nje lwalulapho nomoya+ ubuyela kuNkulunkulu weqiniso+ owawunikeza.+
8 “Yize leze!” kusho umhlanganisi,+ “Konke kuyize.”+
9 Ngaphandle kokuthi umhlanganisi wayebe ohlakaniphile,+ wabuye wafundisa abantu ulwazi ngokuqhubekayo,+ wazindla futhi wafunisisa,+ ukuze ahlele izaga eziningi ngononina.+ 10 Umhlanganisi wafuna ukuthola amazwi ajabulisayo+ nokuloba amazwi eqiniso okuyiwonawona.+
11 Amazwi abahlakaniphileyo anjengezinkandi,+ futhi njengezipikili ezishayelelwe,+ banjalo abazitika ngamaqoqo emisho; anikezwe evela kumalusi munye.+ 12 Ngokuqondene nanoma yini enye ngaphandle kwalokhu, ndodana yami, lalela nasi isixwayiso: Ukwenza izincwadi eziningi akupheli, futhi ukuzinikela kakhulu kuzo kuyayikhathaza inyama.+
13 Isiphetho sendaba, njengoba sekuzwakele konke, yilesi: Mesabe uNkulunkulu weqiniso+ ugcine imiyalo yakhe.+ Ngoba lokhu kuyiso sonke isibopho somuntu. 14 Ngoba uNkulunkulu weqiniso ngokwakhe uyoletha umsebenzi wazo zonke izinhlobo ekwahluleleni maqondana nayo yonke into efihliweyo, ukuthi yinhle yini noma yimbi.+